Ukwenza Okusemandleni Ethu Ekumemezeleni Izindaba Ezinhle
“Khuthalela [“yenza okusemandleni akho,” NW] ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni.”—2 THIMOTHEWU 2:15.
1, 2. Ikuphi ukukhula ezinhlwini zezikhonzi zesikhathi esigcwele oye wakubona? Yini ebe nengxenye kukho?
“EMINYAKENI embalwa edlule, abaningi bethu babecabanga ukuthi yilabo kuphela abanezimo ezikhethekile abangaphayona,” kubhala iphayona, noma isikhonzi sesikhathi esigcwele, eJapane. “Kubonakala sengathi sasenze iphutha. Sithola ukuthi yilabo kuphela abanezimo ezikhethekile abangenakukwazi ukuphayona.”
2 Lowombono oqondile uye waphumela kokunye ukukhula okuphawuleka kakhulu ezinhlwini zezikhonzi zesikhathi esigcwele phakathi koFakazi BakaJehova eminyakeni yamuva. Namuhla eJapane, abamemezeli boMbuso ababili kwabayisihlanu bahlanganyela ohlotsheni oluthile lwenkonzo yesikhathi esigcwele. Kodwa lomoya wentshiseko awutholakali eJapane kuphela. Ngonyaka wenkonzo odlule, isibalo sabamemezeli emhlabeni wonke sakhula ngamaphesenti ayi-5, kuyilapho isibalo sezikhonzi zesikhathi esigcwele sanda ngamaphesenti angama-22. Ngokusobala, abantu bakaJehova baye bawathatha ngokungathi sína amazwi omphostoli uPawulu: “Khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni.” (2 Thimothewu 2:15) Ingabe lokhu kunjalo ngawe?
“Ukuthanda UNkulunkulu Yilokhu”
3. Ayini amandla ashukumisayo abangela lokhu kukhula?
3 Lapho amaphayona ebuzwa ukuthi kungani eye angenela inkonzo yesikhathi esigcwele, ngokuyisisekelo impendulo yawo iwukuthi kungenxa yothando lwawo ngoJehova uNkulunkulu. (Mathewu 22:37, 38) Yebo, kumelwe kube njalo, ngoba ngaphandle kothando njengesisusa esifanele, noma imuphi umzamo uyoba yize. (1 Korinte 13:1-3) Kuyancomeka ngempela ukuthi amaKristu amaningi kangaka esikanye nawo—eqinisweni, isilinganiso sabamemezeli abangaphezu kwabayisikhombisa ebandleni ngalinye emhlabeni wonke—aye ahlelela ukubonisa uthando lwawo ngoNkulunkulu ngalendlela ekuphileni kwawo.
4. Saba kanjani nothando ngoNkulunkulu? (Roma 5:8)
4 Yebo, sonke thina esiye sanikezela ukuphila kwethu kuJehova sakwenza lokho ngoba simthanda. Lapho sizwa ngothando uJehova neNdodana yakhe, uJesu Kristu, abanalo ngathi, nangezibusiso ezimangalisayo eziyolethwa uMbuso wakhe, izinhliziyo zethu zashukunyiselwa ukuba zimthande. Nansi indlela umphostoli uJohane akubeka ngayo: “Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala.” (1 Johane 4:19) Sisabela ngokwemvelo ngalendlela ngoba yileyondlela esenziwe ngayo. Kodwa ingabe lowomuzwa ofudumele osezinhliziyweni zethu uyikho konke uthando lukaNkulunkulu olukuhilelayo?
5. Luhilelani uthando lukaNkulunkulu? (1 Johane 2:5)
5 Cha, uthando lukaNkulunkulu lusho okwengeziwe. Umphostoli uJohane uyasitshela: “Ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba sigcine imiyalo yakhe; nemiyalo yakhe ayinzima.” (1 Johane 5:3) Yebo, uthando lweqiniso, njengokholo lweqiniso, luboni swa ngesenzo. (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 8:24.) Lufuna ukujabulisa nokuzuza ukuvunyelwa yilowo othandwayo. Yeka indlela enhle kakhulu labo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele abaye bayikhetha ukuze babonise uthando lwabo ngoJehova noJesu Kristu!
6. (a) Luhlobo luni lwabantu oluye lwakwazi ukuphayona? Yini eyenza kwaba nokwenzeka ngabo ukwenza kanjalo? (b) Zikhona yini ezinye izibonelo ezinjalo ozaziyo?
6 Izimo zomuntu ngamunye ziyehluka, futhi kumelwe zicatshangelwe. Nokho uma sibheka labo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele, sithola ukuthi bahlanganisa abantu abakuzo zonke izimo—abancane nabadala, abangashadile nabashadile, abanempilo enhle nebuthakathaka, abanemithwalo yemfanelo yomkhaya nabangenayo, njalonjalo. Umehluko uwukuthi, kunokuba bavumele lezizici zibavimbele, njengomphostoli uPawulu, baye bafunda ukusebenza yize zikhona noma ukuphila nazo. (2 Korinte 11:29, 30; 12:7) Ngokwesibonelo, cabanga ngalomkhaya oyisibonelo.
UEiji ungumdala ebandleni lakubo. Yena nomkakhe sebeneminyaka eyi-12 bephayona ndawonye kuyilapho bekhulisa abantwana abathathu. Bakwenza kanjani? UEiji uthi: “Kwadingeka ukuba siphile ukuphila okuvamile.” Ngisho nabantwana kwadingeka ukuba bafunde ukwamukela ukwenqatshwa kwezinto eziningi ababezifuna. “Nakuba siye saba nezikhathi ezinzima, ngaso sonke isikhathi uJehova uye wakulungiselela esikudingayo.”
Ingabe lokho kuzidela bekufanele? “Njalo ebusuku ngaphambi kokuba sicishe izibani, ngibuka umkami ebhala umbiko wakhe wokushumayela kosuku,” kusho uEiji. “Lapho ngibona umkhaya wami ubeka phambili izithakazelo ezingokomoya ngalendlela, ngiba nomuzwa wokuthi konke kuhamba kahle, futhi ngiba nomuzwa wokuthi kunokuthile engikufezile. Angicabangi ukuthi siyoke sikuyeke ukuphayona ndawonye.” Umkakhe uzizwa kanjani ngakho? Uthi: “UEiji uye wasinakekela kahle kakhulu. Lapho ngimbona ematasa ngezindaba ezingokomoya, ngizizwa nginokwaneliseka kwangaphakathi okujulile. Ngithemba ukuthi singaqhubeka.”
Njengoba ubaba nomama besebenzisa isikhathi esiningi kangaka emsebenzini wokushumayela zonke izinsuku, uye waba yini umphumela kubantwana? Indodana endala manje isebenza esakhiweni seminyaka emine egatsheni leWatch Tower Society. Indodakazi iyiphayona elivamile, futhi indodana esafunda isikole inomgomo wokuba iphayona elikhethekile. Bonke bayajabula ngokuthi abazali babo bangamaphayona.
7. (a) Nikeza izibonelo zabantu obaziyo ngendlela abanqoba ngayo izithiyo zokungenela inkonzo yesikhathi esigcwele. (b) Isiphi iseluleko seBhayibheli abaye basithatha ngokungathi sína.
7 Imikhaya enjengalona ingatholakala phakathi koFakazi BakaJehova emazweni amaningi emhlabeni wonke. Benza umzamo wangempela ukuba balungise izimo zabo ukuze bangenele futhi bahlale enkonzweni yesikhathi esigcwele. Ngezenzo zabo, babonisa lokho uthando lukaNkulunkulu olukushoyo ngempela kubo. Ngobuqotho, balalela umyalo kaPawulu: “Khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni.”—2 Thimothewu 2:15.
“Isisebenzi Esingenamahloni”
8. Kungani uPawulu akhuthaza uThimothewu ukuba ‘enze okusemandleni akhe’ futhi lokho kusho ukuthini?
8 Lapho uPawulu ebhalela uThimothewu lawomazwi, cishe ngo-65 C.E., kakade uThimothewu wayesekhonza esikhundleni esinomthwalo wemfanelo omkhulu ebandleni lobuKristu. UPawulu wambiza ngokuthi ‘ibutho elihle likaKristu Jesu’ futhi wamkhumbuza ngokuphindaphindiwe ngomthwalo wakhe wemfanelo wokufundisa nokuyala abanye. (2 Thimothewu 2:3, 14, 25; 4:2) Nokho, wanxusa uThimothewu: “Yenza okusemandleni akho ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu.” Amazwi athi “yenza okusemandleni akho” ahunyushwe egameni lesiGreki elisho ukuthi “khuphula ijubane.” (Bheka iKingdom Interlinear Translation.) Ngamanye amazwi, uPawulu wayetshela uThimothewu ukuthi ukuze abe nokuvunyelwa uNkulunkulu kwakudingeka athuthukise umsebenzi wakhe, nakuba kakade ayesethwele umthwalo wemfanelo onzima. Ngani? Ukuze abe “isisebenzi esingenamahloni.”
9. Imuphi umfanekiso kaJesu ongasisiza ukuba siqonde amazwi kaPawulu ‘ngesisebenzi esingenamahloni’?
9 Lamazwi okugcina asikhumbuza izinceku ezintathu emfanekisweni kaJesu wamatalenta, njengoba ulotshwe kuMathewu 25:14-30. Lapho inkosi ibuya, kwase kuyisikhathi sokuba ziyise umsebenzi wazo enkosini ukuze zithole ukuvunyelwa yiyo. Inkosi yazitusa izinceku ezazinikezwe amata-’ lenta ayisihlanu namabili ngalokho ezazikwenzile ngezinto ezaziphathiswe zona. Zamenywa ukuba ‘zingene ekuthokozeni kwenkosi yazo.’ Kodwa inceku eyayiphathiswe italenta elilodwa yatholakala ingasenalutho. Eyayinakho kwathathwa, futhi okwayidumaza, yaphonswa “ebumnyameni obungaphandle.”
10. Kungani inceku eyayinikezwe italenta elilodwa yadunyazwa futhi yajeziswa?
10 Izinceku ezimbili zokuqala zasebenza kanzima futhi zandisa izithakazelo zenkosi yazo. Ngempela zaziyizisebenzi ‘ezingenamahloni.’ Kodwa kungani inceku yesithathu yadunyazwa futhi yajeziswa ngisho nakuba ingakulahlanga lokho eyayinikezwe khona? Kungoba ayenzanga lutho olwakhayo ngakho. Njengoba inkosi yaphawula, okungenani yayingafaka leyomali ebhange. Kodwa ngokuyisisekelo okwakuyiphutha kwakuwukuthi yayingenalo uthando loqobo ngenkosi yayo. Yavuma enkosini: “Ngesaba, ngaya ngalithukusa emhlabathini italenta lakho.” (Mathewu 25:25; qhathanisa neyoku-1 Johane 4:18.) Yabheka inkosi yayo ‘njengendoda enokhahlo, elukhuni’ nesabelo sayo njengomthwalo. Yenza okuncane kakhulu ukuze izikhulule kunokuba yenze “okusemandleni” ayo ukuze izuze ukuvunyelwa inkosi.
11. Lowomfanekiso usithinta kanjani namuhla?
11 Namuhla lowomfanekiso uyagcwaliseka. INkosi, uJesu Kristu, isibuyile futhi ihlola umsebenzi wesigaba ‘senceku’ yayo, kanye nalowo wabangane bayo, “isixuku esikhulu” sabanjengezimvu. (Mathewu 24:45-47; IsAmbulo 7:9, 15) Yini iNkosi eyitholayo? Uma sizanelisa ngenkonzo yokugcina icala nje ukuze sizikhulule, khona-ke kungenzeka sitholakale phakathi kwalabo abadumazekile nabaphonswa “ebumnyameni obungaphandle.” Ngakolunye uhlangothi, uma ‘senza okusemandleni ethu,’ okungukuthi, ‘sikhuphula ijubane’ lomsebenzi wethu ngenxa yokuphuthuma kwesikhathi, siyotholakala situswa ‘njengezisebenzi ezingenamahloni’ futhi siyohlanganyela ‘ekuthokozeni kwenkosi yethu.’
Ukuzithiba Nokuzidela Kuyadingeka
12. Iziphi izici eziye zenza amaphesenti aphakeme abamemezeli eJapane angenele inkonzo yesikhathi esigcwele?
12 Ukwanda okuqhubekayo kwezinhlu zamaphayona emazweni ngamazwe emhlabeni wonke kuwubufakazi obusobala bokuthi abantu bakaJehova bebonke ‘benza okusemandleni abo’ ukuba bazibonakalise ‘beyizisebenzi ezingenamahloni.’ Kodwa ingabe wake wazibuza ukuthi kungani amaphesenti amaningi kakhulu abazalwane bakwamanye amazwe ekwazi ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele kunakwamanye amazwe? Lombuzo othakazelisayo wabhekiswa kwamanye amaphayona eJapane. Cabangela lezimpendulo:
“Angicabangi ukuthi kusho ukuthi ukholo, noma uthando, loFakazi abangamaJapane lukhulu kunalolo lwabafowabo bakwamanye amazwe,” kusho isisebenzi saseBethel cishe esesine minyaka engama-30 sisenkonzweni yesikhathi esigcwele. “Kodwa ngikholelwa ukuthi cishe ufuzo lwabantu baseJapane lunengxenye. Ngokuvamile, abantu baseJapane bayalalela; basabela ngokushesha esikhuthazweni.”
“Ngenxa yokuthi cishe kuwo wonke amabandla kunamaphayona amaningi kangaka,” kusho omunye umdala, “umqondo ovamile uwukuthi noma ubani angakwenza.” Abantu baseJapane bayathanda ukwenza izinto ngamaqembu. Banomoya omuhle kakhulu wokusebenza njengeqembu.
Ngokuqinisekile lawa amazwi acabangisayo, futhi uma sizimisele ukuthuthukisa inkonzo yethu kuJehova, kunamaphuzu amaningi avelele okufanele siwacabangele ngokunakekela.
13. Singazuza kanjani endabeni yokulalela nokuzimisela ukusabela esikhuthazweni?
13 Okokuqala nje, kunendaba yokulalela nokuzimisela ukusabela esikhuthazweni. Lapho isiqondiso nesikhuthazo kuvela emthonjeni ofanele, kuhle ukuba sisabele ngokushesha. Kanjalo, kunokuba sibheke lezimfanelo njengeziyizici nje zesizwe, sikhumbula amazwi kaJesu: “Izimvu zami ziyalizwa izwi lami; nami ngiyazazi, ziyangilandela.” (Johane 10:27) Sikhumbula futhi ukuthi esinye isici ‘sokuhlakanipha kwaphezulu’ ‘siwukulalela.’ (Jakobe 3:17) Lezi izimfanelo wonke amaKristu akhuthazwa ukuba azembathe. Ngenxa yesizinda nokuqeqeshwa, abanye bangase bathambekele kakhulu ekucabangeni kokuzibusa nasekubeni nenkani kunabanye. Mhlawumbe lesi isici okumelwe sizithibe kuso futhi ‘siguqule ingqondo yethu’ ukuze siqonde ngokucace ngokwengeziwe ukuthi iyini “intando kaNkulunkulu.”—Roma 12:2.
14. Isiphi isimemo wonke amaKristu azinikezele aye asemukela, futhi yini ehilelekile?
14 NjengamaKristu azinikezele, siye samukela isimemo sikaJesu: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.” (Mathewu 16:24) ‘Ukuzidela’ komuntu ngokwezwi nezwi kusho ‘ukuzikhohlwa ngokuphelele’ futhi ngemva kwalokho ukwamukela ngokuzithandela ukuba ngokaJehova uNkulunkulu noJesu Kristu, sibavumele balawule ukuphila kwethu futhi basitshele lokho okumelwe nokungamelwe sikwenze. Iyiphi indlela engcono yokubonisa ukuthi siye sazidela kunokulandela ezinyathelweni zikaJesu enkonzweni yesikhathi esigcwele?
15. (a) Ukwaneliswa okuncane ngokwezinto ezibonakalayo kuhlangana kanjani nokulandela uJesu? (b) Abafundi bokuqala basabela kanjani esimemweni sikaJesu sokumlandela?
15 Khona-ke kunendaba yokwaneliswa okuncane ngokwezinto ezibonakalayo. Lokhu ngokusobala kuphambene nokuthambekela okuvamile kwezwe, okukhuthaza “inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhukuphila.” (1 Johane 2:16) Kodwa ngendlela yokugcizelela uJesu wathi: “Kunjalo-ke yilowo nalowo kini ongavalelisi nakho konke anakho angebengumfundi wami.” (Luka 14:33) Kungani kunjalo? Ngoba ukuba umfundi kaJesu kusho okungaphezu kokuba yikholwa nje. Lapho uJesu ebiza uAndreya, uPetru, uJakobe, uJohane, nabanye ukuba babe abafundi bakhe ngonyaka wesibili wenkonzo yakhe akaphelelanga nje ekubamemeleni ukuba bamkholelwe njengoMesiya. Kamuva wabamemela ukuba bamlandele futhi benze umsebenzi ayewenza, okungukuthi, umsebenzi wokushumayela wesikhathi esigcwele. Basabela kanjani? “Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela.” UJakobe noJohane baze ‘bashiya noyise uZebedewu emkhunjini kanye nezisebenzi, bamlandela.’ (Marku 1:16-20) Bashiya umsebenzi wabo nabangane babo bangaphambili ngemuva futhi baqalisa ukushumayela isikhathi esigcwele.
16. NjengamaKristu azinikezele, kumelwe sisisebenzisele kukuphi isikhathi namandla ethu? (IzAga 3:9)
16 Ngakho-ke, kulula ukubona ukuthi kungani ukwaneliswa okuncane kuyisici esibaluleke kangaka ekwenzeni okusemandleni ethu enkonzweni kaJehova. Uma sicindezelwe yizinto eziningi ezibonakalayo noma izibopho, singaba njengombusi ocebile osemusha ongasinakanga isimemo sikaJesu sokuba umlandeli wakhe, hhayi ngoba engenakukwenza, kodwa ngoba wayengazimisele ukushiya ngemuva ‘ingcebo yakhe enkulu.’ (Mathewu 19:16-22; Luka 18:18-23) Ngakho kunokuba sichithe isikhathi sethu namandla siphishekela izinto ‘ezizodlula’ ngokushesha, sifuna ukusebenzisa lezizinto eziyigugu ngenjongo yenhlala-kahle yethu yaphakade.—1 Johane 2:16, 17.
17. Kungaliphi izinga umoya wokusebenza njengeqembu ongaba yithonya elihle ngalo?
17 Ekugcineni, kunendaba yomoya wokusebenza njengeqembu. Ngokungangabazeki uAndreya, uPetru, uJakobe, noJohane bathonyana esinqumweni sabo sokwamukela isimemo sikaJesu sokumlandela. (Johane 1:40, 41) Ngokufanayo, iqiniso lokuthi abazalwane bethu abaningi bayakwazi ukuhlelela ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele ekuphileni kwabo okumatasa kumelwe kusishukumisele ukuba sicabange ngesimo sethu siqu ngokungathi sína. Ngakolunye uhlangothi, labo phakathi kwethu kakade abajabulela lelilungelo bangahlanganyela okuhlangenwe nakho kwabo okujabulisayo nabanye, ngaleyondlela bebakhuthaza ukuba nabo bahlanganyele kulezizinhlu. Futhi, yebo izikhonzi zesikhathi esigcwele zingasizana kube nenzuzo efanayo kubo bonke.-Roma 1:12.
18. Singanikela kanjani sonke emoyeni wobuphayona?
18 Ngisho nalabo abazimo zabo zamanje azibavumeli ukuba bangenele inkonzo yesikhathi esigcwele bangenza okuningi eku nezeleni umoya wobuphayona. Kanjani? Ngokusekela nokukhuthaza labo abaphayonayo, ngokubonisa isithakazelo sangempela kulabo abanamandla okwenza kanjalo, ngokuhlela ukuba okungenani ilungu elilodwa lomkhaya wabo liphayone, ngokuhlanganyela emsebenzini wamaphayona asizayo noma nini lapho kunokwenzeka, nango kusebenzela ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele ngokushesha ngangokunokwenzeka. Ngokwenza kanjalo, sonke singabonisa ukuthi ‘senza okusemandleni ethu’ ukuba sikhonze uJehova kungakhathaliseki ukuthi manje sisenkonzweni yesikhathi esigcwele noma cha.
Masikhuthazele Ekwenzeni Okusemandleni Ethu
19. Yini okumelwe sinqume ukuyenza ngenxa yesikhathi?
19 Ngempela, njengoba uJehova esheshisa umsebenzi, manje sekuyisikhathi sokuba ‘senze okusemandleni ethu’ ukuze sibe ‘izisebenzi ezingenamahloni.’ Njengamabutho amahle kaJesu Kristu, sidinga futhi ukuba sibeke eceleni yonke imithwalo engadingekile ukuze sikhonze ngokuphumelelayo futhi sizuze ukuvunyelwa nguye. (2 Thimothewu 2:3-5) Njengoba sisebenza kanzima ukuze sandise ingxenye yethu enkonzweni yoMbuso, singaqiniseka ngokuthi imizamo yethu iyovuzwa ngokucebile. (Heberu 6:10; 2 Korinte 9:6) Kanjalo, kunokuba sibe yizibukeli, ngo mqondo ongokomfanekiso, masikhuthazele ekwenzeni okusemandleni ethu ukuze sishumayele izindaba ezinhle, ekuphenduleni isimemo somhubi: “Mkhonzeni uJehova ngokujabula, nisondele ebusweni bakhe ngokuhuba kwentokozo.”—IHubo 100:2.
Ibhokisi Lokubukeza
◻ Uthando lukaNkulunkulu luhilelani?
◻ Yayiyini inkinga yangempela yenceku yesithathu emfanekisweni kaJesu wamatalenta?
◻ Kusho ukuthini ukuzidela kwethu?
◻ Kungani abalandeli bakaJesu kumelwe ‘bavalelise kukho konke abanakho’?
◻ Singanikela kanjani sonke emoyeniwobuphayona?
[Isithombe ekhasini 18]
‘Phonsani inceku embi ngaphandle’