Ukuphila NeNkonzo KaJesu
UJesu—Isisulu Sokuphikiswa
NGOKUSHESHA ngemva kokuba emukelwe ekhaya likaSimoni, uJesu uqalisa uhambo lwesibili lokushumayela eGalile. Ohambweni lwakhe lokuqala lwensimu, wayehamba nabafundi bakhe bokuqala, uPetru, uAndreya, ujakobe, nojohane. Kodwa manje uhamba nabaphostoli abayi-12, kanye nabesifazane abathile. Laba bahlanganisa uMariya Magdalena, uSusana, nojowana, ondoda yakhe iyinduna yeNkosi uHerode.
Njengoba izinga lenkonzo kaJesu likhula, kungokufanayo nokuphikisa ngokuphathelene nomsebenzi wakhe. Umuntu onamademoni, futhi oyimpumputhe noyisimungulu, ulethwa kuJesu. Lapho uJesu emphulukisa, ukuze akhululeke ekulawulweni amademoni futhi akwazi kokubili ukukhuluma nokubona, izixuku ziyamangala. Ziqala ukuthi: “Lo kasiyo indodana kaDavide na?”
Izixuku zihlangana ngamanani amakhulu emzini okuhlala kuwo uJesu kangangokuba yena nabafundi bakhe abakwazi ngisho nokudla ukudla. Ngaphandle kwalabo abacabanga ukuthi mhlawumbe ‘uyiNdodana kaDavide’ ethenjisiwe, kunababhali nabaFarisi abasuke eJerusalema bezomphikisa. Lapho izihlobo zikaJesu zizwa ngesiphithiphithi esikhona ngaye, zizombamba. Ngenxa yasiphi isizathu?
Nokho, abafowabo siqu bakaJesu abakakholwa ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu. Futhi, isiphithiphithi nesiyaluyalu somphakathi aye wasibangela asimfanele uJesu abamazi esakhula eNazaretha. Khona-ke bakholelwa ukuthi umqondo kaJesu uphazamiseke ngokungathi sí-na. Baphetha ngokuthi, “uyahlanya” futhi bafuna ukumbamba bammukise.
Nokho ubufakazi bokuthi uJesu uphulukise umuntu okhwelwe ngamademoni busobala. Ababhali nabaFarisi bayazi ukuthi abanakubuphika ubuqiniso balokhu, nobezinye izimangaliso zikaJesu. Ngakho ukuze baphikise uJesu batshela abantu: “Lo uwakhipha amademoni ngoBelzebule kuphela, umbusi wamademoni.”
Ekwazi abakucabangayo, uJesu ubiza ababhali nabaFarisi futhi athi: “Yilowo nalowombuso owahlukene wodwa uyakuchitheka, nalowomuzi nokuba indlu eyahlukene yodwa ingeme. Uma uSathane emkhipha uSathane, wahlukene yedwa. Pho, umbuso wakhe uyakuma kanjani na?”
Yeka umqondo! Njengoba abaFarisi bezisholo ukuthi abantu abasezikhundleni zabo baye bakhipha amademoni, noJesu uyabuza: “Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na?” Ngamanye amazwi, ukumangaiela kwabo uJesu kumelwe kusebenze ngokufanayo kubo njengakuye. Khona-ke uJesu uyaxwayisa: “Kepha uma mina ngikhipha amademoni ngomoya kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile phela kini.”
Ukuze abonise ukuthi ukukhipha kwakhe amademoni kuwubufakazi bamandla akhe phezu kukaSathane, uJesu uthi: “Umuntu angangena kanjani endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso, na? Ongenami umelene nami; ongabuthi nami uyahlakaza.” Ngokusobala abaFarisi bamelene noJesu, bezibonakalisa bengamanxusa kaSathane. Bahlakazela amaisrayeli kude naye.
Ngokomphumela, uJesu uxwayisa labaphikisi abonakele ngokuthi “ukuhlambalaza uMoya akuyikuthethelelwa.” Uyachaza: “Yilowo nalowo okhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu uyakuthethelelwa; kepha lowo okhuluma elimelene noMoya oNgcwele akayikuthethelelwa nakulelizwe nakwelizayo.” Labo babhali nabaFarisi baye benza lesosono esingenakuthethelelwa ngokusho ngokweyisa ukuthi lokho ngokusobala okuwumsebenzi omangalisayo womoya ongcwele kaNkulunkulu ku ngokukaSathane. Mathewu 12:22-32; Marku 3:19-30; Johane 7:5.
◆ Uhambo lukaJesu lwesibili lwaseGalile luhluke kanjani kolokuqala?
◆ Kungani izihlobo zikaJesu zizama ukumbamba?
◆ AbaFarisi bazama kanjani ukuphikisa izimangaliso zikaJesu, futhi uJesu ubachitha kanjani?
◆ Cala lini labo baFarisi abanalo, futhi ngani?