Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Izakhiwo Ezinwetshiwe Zilungele Ukwanda KoMbuso
USUKU lokunikezelwa kwezakhiwo ezisanda kunwetshwa zegatsha loFakazi BakaJehova lwaluwusuku olujabulisa kakhulu esiqhingini saseCaribbean eJamaica. Lokhu kunwetshwa kuye kwaba okudingekile ngenxa yesibusiso sikaJehova emizamweni yokwethembeka yabazalwane ekushumayeleni izindaba ezinhle kulesiqhingi esihle esishisayo.
Emuva ngawo-1946 kwamiswa ikhaya lezithunywa zevangeli eJamaica. Njengoba izithunywa zevangeli zazihola emsebenzini, ukwanda kwabamemezeli kwakushesha, kangangokuthi eminyakeni nje eyishumi isilinganiso soFakazi ababika nyanga zonke sanyuka sisukela kwabangama-732 kuya kwabayizi-3 216. Kwadingeka izakhiwo ezintsha, ukuze kunakekeiwe lokhu kwanda.
Ngo-1954 kwatholakala indawo enhle futhi ukwakhiwa kwesakhiwo esiqinile esiyizitezi ezimbili kwaqala emaphethelweni edolobha laseKingston. Saqedwa ngoMay 1958. Ngalowonyaka isibalo sa bamemezeli sase sinyuke saba inani eliphakeme labayizi-4 367.
‘Ukutshala nokunisela’ kwaqhubeka futhi uJehova “wakhulisa,” kangangokuthi ngo-1983 isibalo sabamemezeli sanyuka saba ngaphezu kwabayizi-7 000, kwadala isidingo sokunwetshwa okwengeziwe. (1 Korinte 3:6) IKomiti Yegatsha, ngokuvunyelwa iNdikimba Ebusayo, yanquma ukwandisa izakhiwo ezikhona. Abazalwane abangaphezu kwama-250 abavela kuso sonke isiqhingi beza bazosiza. Izisebenzi eziyizingcweti nezingezona zanikela ngokuzithandela ngezinkonzo zazo njengabakhi, ababazi, abasebenza ngogesi nabasebenza ngamapayipi. Iminyaka yabo yayiphakathi kweyi-10 kuya kwengama-86. Abanye banikela esakhiweni ngemali, abanye banikela ngokudla kwezisebenzi, kanti abanye bavula amakhaya abo ukuze balungiselele izisebenzi ezivela kude izindawo zokuhlala. Ngonyaka owodwa isakhiwo, esihlanganisa ukunezelwa kwesitezi sesithathu esinamakamelo ayisihlanu nendawo yokuzijabulisa, ikamelo elisesitezi sesibili, nendawo yokugcina izimpahla engamamithaskwele angama-37, saqedwa, salungela ukusetshenziswa amalungu omkhaya waseBethel ayi-11.
UMilton Henschel, ilungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova, wanikeza inkulumo yokunikezela ngoFebruary 22, 1986. Wakhuluma ngesihloko esithi “Udwendwe Lokunqoba.” (2 Korinte 2:14) Labo ababelalele isimiso sokunikezela babeyizi-2 949. Kulaba, abangama-380 babeseHholo LoMbuso nakwezinye izingxenye zesakhiwo, futhi abanye babehlanganiswe ngocingo nangomsakazo kwamanye amaHholo oMbuso asedolobheni nasehholweni lesikole.
Iningi lalabo ababemenyelwe eHholo LoMbuso legatsha kwakungabazalwane nodade abase beneminyaka engama-30 noma ngaphezulu beseqinisweni. Kwezwakala amazwi amaningi okwazisa ngengxenye enhle eyenezelwe esakhiweni. Sithemba ukuthi abaningi ngokwengeziwe ‘besixuku esikhulu’ ‘sezinye izimvu’ basazozihlanganisa nodwendwe lokunqoba njengoba izakhiwo ezintsha zegatsha zisetshenziswa ekunakekeleni ukwanda koMbuso eJamaica.