Imibuzo Evela Kubafundi
■ Kushiwo ukuthini kweyesi-2 Samuweli 18:8, ethi: “Ihlathi laqeda abantu abaningi ngalolosuku kunabadliwa yinkemba”?
Indodana enhle yeNkosi uDavide uAbisalomu yathatha ubukhosi futhi yaphoqelela uyise ukuba abalekele ejerusalema. Ngemva kwalokho, ehlathini lwakwaEfrayimi (mhlawumbe empumalanga noMfula ijordani) impi yabambana phakathi kwamabutho ka-Abisalomu nalabo ababethembekile enkosini eyayigcotshwe uJehova, uDavide. Indaba ekweyesi-2 Samuweli 18:6, 7 ibika ukuthi empini eyayishisa abantu bakaDavide babulala izihlubuki eziyizi-20 000. Ngokwengxenye, ivesi elilandelayo liyanezela: “Ihlathi laqeda abantu abaningi ngalolosuku kunabadliwa yinkemba”
Abanye baye basikisela ukuthi lokhu kubhekisela ekudliweni kwamabutho ayizihlubuki yizilo zasendle ezazihlala ehlathini. (1 Samuweli 17:36; 2 AmaKhosi 2:24) Kodwa akushiwo ukudliwa yizilwane ngokoqobo njengoba “nenkemba” ingadlanga ngokoqobo labo ababulawa empini, Empeleni, impi “yahlakazeka khona ezweni lonke,’ Ngakho incazelo efanelekile iwukuthi abantu abaxoshiwe baka-Abisalomu, ababebaleka ngokwesaba ehiathini elinamatshe, mhlawumbe bawela emigodini nasemihosheni efihlekile, futhi babambeka ehlathini elicinene. Ngokuthakazelisayo, umiando uyaqhubeka ulandisa ukuthi uAbisalomu ngokwakhe waba isisulu sehlathi , Ngokusobala ngenxa yezinwele zakhe ezinde, Ikhanda lakhe labambeka emthini omkhulu, okwamshiya eyisisulu esingenakuzisiza ekuhlaseleni okubuialayo ku kaJowabe namadoda akhe, Isidumbu sika-Abisalomu ‘salahlwa emgodini omkhulu ehiathini, futhi kwabekwa inqwaba enkulu kakhulu yamatshe phezu kwakhe.’—2 Samuweli 18:9-17,