Yandisa Ukuthula Kwakho Ngolwazi Oluqondile
“Makwandiswe kini umusa nokuthula ngokumazi uNkulunkulu noJesu iNkosi yethu.”—2 PETRU 1:2.
1, 2. (a) Kungani ubuhlobo obunokuthula noNkulunkulu bungafaniswa nomshado? (b) Singakuqinisa kanjani ukuthula kwethu noNkulunkulu?
NGEZINDLELA ezithile, ubuhlobo obunokuthula oba nabo noJehova uNkulunkulu ekubhapathizweni kwakho bunjengomshado. Nakuba usuku lomshado lujabulisa, lumane luyisiqalo sobuhlobo obuyigugu. Ngomzamo, isikhathi, nokuhlangenwe nakho, ubuhlobo bomshado buyothandeka ngisho nangokwengeziwe, bube yisikhoselo ngezikhathi zosizi. Ngakho, ngokufanayo, ngenkuthalo nangosizo lukaJehova, ungakwandisa ukuthula kwakho naye.
2 Umphostoli uPetru wachaza indlela labo “abazuzile ukukholwa” ababengaqinisa ngayo ukuthula kwabo noNkulunkulu. Wabhala: “Makwandiswe kini umusa nokuthula ngokumazi [“ngolwazi oluqondile,” NW] uNkulunkulu noJesu iNkosi yethu.”—2 Petru 1:1, 2.
“Ulwazi Oluqondile NgoNkulunkulu”
3. Kusho ukuthini ukuba nolwazi oluqondile lukaJehova noJesu?
3 Igama lesiGreki elisho “ulwazi oluqondile” (e·piʹgno·sis) elisetshenziswe kulomongo lisho ulwazi olujulile, oluhle kakhulu. Isenzo singabhekisela olwazini olutholakala ngokuhlangenwe nakho komuntu siqu futhi sihunyushwé ngokuthi ‘ukwazi ngokugcwele’ kuLuka 1:4, NW. Isazi esingumGreki uCulverwel sichaza ukuthi kuye leligama lisho “ukujwayelana kangcono nento engangiyazi ngaphambili; ukubheka into engangiyiboné ngaphambili endaweni ekude ngokuqonde ngokwengeziwe. ” Ukuzuza ‘ulwazi oluqonde’ kanjalo kuhilela ukwazi uJehova noJesu ngokuseduze kakhulu njengabantu, ukujwayelana kangcono nezimfanelo zabo.
4. Singalwandisa kanjani ulwazi lwethu lukaNkulunkulu, futhi kungani lokhu kuthuthukisa ukuthula kwethu naye?
4 Izindlela ezimbili zokuzuza lolulwazi zingemikhuba emihle yesifundo somuntu siqu nokuba khona njalo emihlanganweni yabantu bakaNkulunkulu. Ngalezindlela uzoyazi kahle ngokwengeziwe indlela uNkulunkulu enza ngayo nalokho okusemqondweni wakhe. Uzokwakha engqondweni yakho umbono wobuntu bakhe oqonde ngokwengeziwe. Kodwa ukumazi ngokuseduze uNkulunkulu kusho ukulingisa nokufuza lowombono. Ngokwesibonelo, uJehova wachaza umuntu owayebonisa ukungabi nabugovu okunjengokukaNkulunkulu, wayesethi: “Angithi lokhu kungukungazi mina na?” (Jeremiya 22:15, 16; Efesu 5:1) Ukulingisa uNkulunkulu ngokuseduze ngokwengeziwe kwandisa ukuthula kwakho naye ngoba uyathuthuka ekwembatheni umuntu omusha, “owenziwamusha abenokwazi ngokomfanekiso walowo owamdalayo.” Uthokozisa ngokwengeziwe kuNkulunkulu.—Kolose 3:10.
5. (a) Ulwazi oluqondile lwamsiza kanjani omunye wesifazane ongumKristu? (b) Singamlingisa ngaziphi izindlela uJehova ngokuseduze ngokwengeziwe?
5 Omunye wesifazane ongumKristu othiwa uLynn wakuthola kunzima ukuthethelela ngenxa yokungezwani nomKristu akanye naye. Kodwa isifundo esihle somuntu siqu sikaLynn sambangela ukuba ahlole isimo sakhe sengqondo. Wavuma: “Ngazikhumbuza ngohlobo lukaNkulunkulu uJehova ayi-10, indlela angabambi ngayo amagqubu ngazo. Ngacabanga ngazo zonke izinto ezincane esizenza kuJehova usuku ngalunye, nokho akasibambeli igqubu. Lendaba yami nodadewethu ongumKristu yayincane kakhulu ngokuqhathaniswa. Ngakho noma nini lapho ngimbona, ngangizitshela ukuthi, ‘UJehova umthanda njengoba ethanda mina.’ Lokhu kwangisiza ukuba ngiyikhohlwe inkinga.” Ingabe nawe uyazibona izici odinga ukulingisa kuzo uJehova ngokuseduze ngokwengeziwe?—IHubo 18:35; 103:8, 9; Luka 6:36; IzEnzo 10:34, 35; 1 Petru 1:15, 16.
Ulwazi Oluqondile NgoKristu
6. UJesu Kristu wabonisa kanjani ukuthi umsebenzi wokushumayela wawubaluleke kakhulu kuye?
6 Ukuba nolwazi oluqondile ngoKristu kudinga ukuba “nomqondo kaKristu” nokumlingisa. (1 Korinte 2:16) UJesu wayewummemezeli weqiniso oshisekayo. (Johane 18:37) Umoya wakhe wokushisekela ukushumayela wawungaphazanyiswa ukubandlululana emphakathini. Nakuba amanye amaJuda ayewazonda amaSamariya, wafakaza kowesifazane ongumSamariya emthonjeni. Phela, kungenzeka ukuthi ngisho nokuxoxa nje isikhathi eside obala nanoma yimuphi owesifazane kwakungamukeleki!a Kodwa uJesu akazange avumele imizwa yomphakathi imvimbele ekunikezeni ubufakazi. Umsebenzi kaNkulunkulu wawuqabula. Wathi: “Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngifeze umsebenzi wakhe.” Injabulo yokubona ukusabela kwabantu, njengowesifazane ongumSamariya nabantu abaningi bendawo, kwakuqinisa uJesu njengokudla.—Johane 4:4-42; 8:48.
7. (a) Ulwazi ngoJesu kumelwe lusishukumisele ukuba senzeni? (b) Ingabe uNkulunkulu ulindele ukuba zonke izinceku zakhe zenze isilinganiso esifanayo sokushumayela? Chaza.
7 Ingabe uzizwa njengoJesu? Yiqiniso, ukuqalisa ingxoxo ngeBhayibheli nomuntu ongamazi kunzima ngabaningi futhi ngokuvamile abanye emphakathini abakufuni. Nokho, ukuze sibe nesimo sengqondo esifana naleso uJesu ayenaso, asinakulibalekela leliqiniso: Kumelwe sifakaze. Yebo, akubona bonke abangenza isilinganiso esifanayo sokushumayela. Lokhu kuhlukahluka ngokwamakhono nezimo zethu. Ngakho ungabi nomuzwa wokuthi uNkulunkulu akaneliswa yinkonzo yakho engcwele. Nokho, ulwazi lwethu ngoJesu kumelwe lusishukumisele ukuba senze okusemandleni ethu. UJesu wayitusa inkonzo yomphefumulo wonke.—Mathewu 13:18-23; 22:37.
Isidingo Sokuzonda Ububi
8, 9. Yiziphi ezinye zezinto uNkulunkulu azizondayo, futhi singayibonisa kanjani inzondo efanayo?
8 Ulwazi oluqondile lusisiza futhi ukuba siqaphele izinto uJesu noJehova abazizondayo. (Heberu 1:9; Isaya 61:8) “Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uJehova, yebo, eziyisikhombisa eziyizinengiso emphefumulweni wakhe: amehlo azidlayo, nolimi lwamanga, nezandla ezichitha igazi elingenacala, nenhliziyo eceba imicabango emibi, nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini, nofakazi wamanga ophafuza inkohliso, obanga ukuxabana phakathi kwabazalwane.” (IzAga 6:16-19) Lezi zimo zengqondo nezindlela zokuziphatha “ziyizinengiso emphefumulweni wakhe.” Igama lesiHeberu elihunyushwe lapha ngokuthi “ziyizinengiso” livela egameni elisho “ukwenyanya, ukucanulwa,” “ukuzonda, njengalokho okukucasula ngokuphelele; ukunengwa, ukuzonda ngokucasukela.” Ngakho ukuze sibe nokuthula noNkulunkulu, kumelwe sibe nenzondo efanayo.
9 Ngokwesibonelo, gwema “amehlo azidlayo” kanye nanoma yiziphi izimpawu zokuqhosha. Ngemva kokubhapathizwa abanye baye baba nomuzwa wokuthi abasaludingi usizo lwasikhathi sonke lwalabo ababafundisa. Kodwa amaKristu amasha kumelwe alwamukele ngokuzithoba usizo njengoba eqina eqinisweni. (Galathiya 6:6) Futhi, gwema ukuhleba, okungabangela kalula “ukuxabana phakathi kwabazalwane.” Ngokusakaza amahemuhemu angenamusa, ukugxeka ngokungafanele, noma amanga siyobe ‘asichithi’ igazi elingenacala, kodwa eqinisweni singalonakalisa idumela elihle lomunye umuntu. Asinakuba nokuthula noNkulunkulu uma singenakho ukuthula nabazalwane bethu. (IzAga 17:9; Mathewu 5:23, 24) EZwini lakhe uNkulunkulu uthi futhi ‘uyazonda ukwahlukana.’ (Malaki 2:14, 16) Ngakho-ke, uma ushadile, ingabe wena usebenzela ukugcina umshado wakho uqinile? Ingabe ukuncokola ngothando nokuzinika amalungelo okungewona awakho ngomngane womshado womunye umuntu kuyenyanyeka kuwe? Ingabe wena, njengoJehova, uyakwenyanya ukuziphatha okubi kobulili? (Duteronomi 23:17, 18) Ukuzonda imikhuba enjalo akulula, njengoba ingase ikhange inyama yethu enesono, futhi izwe liyayijabulela.
10. Singayihlakulela kanjani inzondo yobubi?
10 Njengosizo lokuhlakulela inzondo ngobubi, gwema ukujatshuliswa amabhayisikobho, izinhlelo zeTV noma izincwadi eziqokomisa imimoya, ukuziphatha okubi kobulili, noma ubudlova. (Duteronomi 18:10-12; IHubo 11:5) Ngokwenza ububi bubonakale ‘bungebubi kangako’ noma buyihlaya, ukuzilibazisa okungalo kuqeda imizamo yokuhlakulela inzondo kaNkulunkulu ngabo. Ngakolunye uhlangothi, umthandazo oqotho uyosiza, ngoba uJesu wathi: “Nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.” (Mathewu 26:41) Ngokuqondene nokubhekana nesifiso senyama esinamandla, omunye umKristu wathi: “Ngizenza ngithandaze. Ngezinye izikhathi ngizizwa ngingakufanelekele ukuya kuJehova, kodwa ngokuzenza ngikwenze, ngokunxusa kuye, ngithola amandla engiwadingayo.” Uyoqonda kangcono ukuthi kungani uJehova enengwa ububi uma ubukeza engqondweni yakho imiphumela yabo ebuhlungu.—2 Petru 2:12, 13.
11. Yiziphi izinto ezingasikhathaza ngezinye izikhathi?
11 Naphezu kokuba nokuthula noNkulunkulu, ngezinye izikhathi uyokhathazwa ukucindezela nezilingo zansuku zonke ngisho nawubuthakathaka bakho siqu. Khumbula, uye wazenza isisulu esikhethekile sikaSathane. Yena ulwa nalabo abagcina imiyalo kaNkulunkulu futhi abangoFakazi BakaJehova! (IsAmbulo 12:17) Khanoke, umgakulondoloza kanjani ukuthula kwakho kwangaphakathi?
Ukubhekana Nezinhlupheko Eziphazamisa Ukuthula
12. (a) Siyini isizinda seHubo 34? (b) ImiBhalo iyichaza kanjani imizwa kaDavide phakathi nalokho okuhlangenwe nakho?
12 “Ziningi izinhlupheko zolungileyo,” kuloba uDavide kumaHubo 34:19. Ngokombhalo ongenhla walelihubo, uDavide waliloba ngemva kokusinda ngokulambisa ekufeni. Ebalekela iNkosi uSawule, uDavide wafuna isiphephelo kuAkhishi, inkosi yamaFilisti yaseGati. Izinceku zaleyonkosi zamqaphela uDavide, futhi zikhumbula ukulwela kwakhe uIsrayeli izimpi esikhathini esidlule, zakhononda kuAkhishi. Lapho uDavide eyizwa lengxoxo, “wabeka lawomazwi enhliziyweni yakhe, wamesaba kakhulu uAkhishi inkosi yaseGati.” (1 Samuweli 21:10-12) Kakade, lena kwakuyindawo uGoliyati ayehlala kuyo, futhi uDavide wayebulalé iqhawe labo—wayephethe ngisho nenkemba yesiqhwaga! Ingabe manje babezosebenzisa lenkemba enkulu ekunqumeni ikhanda lakhe? Yini ayenza?—1 Samuweli 17:4; 21:9.
13. Yini uDavide ayenza phakathi nalokhu kuhlupheka, futhi singasilandela kanjani isibonelo sakhe?
13 UDavide wanxusa uNkulunkulu ngokukhala kamunyu ecela usizo. UDavide wathi: “Nasi isihlupheki esakhala, uJehova wezwa, wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.” Futhi wathi: “Wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.” (IHubo 34:4, 6, 15, 17) Ingabe nawe usuyakwazi ukunxusa uJehova, uthulule inhliziyo yakho phakathi nezikhathi zokukhathazeka? (Efesu 6:18; IHubo 62:8) Nakuba usizi lwakho ngokukhethekile lungase lungafani nolukaDavide, usazothola ukuthi uNkulunkulu uzokunikeza usizo ngesikhathi esifanele. (Heberu 4:16) Kodwa uDavide wenza okungaphezu kokuthandaza.
14. UDavide wawasebenzisa kanjani “amasu,” futhi yini uNkulunkulu ayilungiselele ukuze asisize senze okufanayo?
14 “Waguquka [uDavide] ingqondo phambi kwabo, wazenza ohlanyayo. . . . UAkhishi wayesethi ezincekwini zakhe: Bheka, uyabona ukuthi lomuntu uyahlanya; nimletheleni kimi na?” (1 Samuweli 21:13-15) UDavide wacabanga isu aphunyuka ngalo. UJehova wabusisa imizamo yakhe. Ngokufanayo, lapho sibhekene nezinkinga ezixakayo, uJehova ulindele ukuba sisebenzise amandla ethu engqondo futhi singalindeli nje ukuba asixazululele zonke. Uye wasinikeza iZwi lakhe eliphefumlelwe, ‘elizonika abangenalwazi ukuhlakanipha, . . . ukwazi namasu.’ (IzAga 1:4; 2 Thimothewu 3:16, 17) UNkulunkulu uye walungiselela futhi abadala bebandla, abangasisiza sazi indlela yokulondoloza izindinganiso zikaNkulunkulu. (1 Thesalonika 4:1, 2) Ezikhathini eziningi, lamadoda angakusiza ekuhloleni izincwadi zeWatch Tower Society ukuze uthole usizo ekwenzeni isinqumo esiqondile noma ekubhekaneni nenkinga.
15. Kungani iHubo 34:18 liduduza?
15 Ngisho noma inhliziyo yethu ibuhlungu ngenxa yobuthakathaka noma amaphutha ethu siqu,uma sinesimo esiqondile sengqondo, singakulondoloza ukuthula kwethu noNkulunkulu. UDavide wabhala kumaHubo 34:18: “UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo.” Uma sicela ukuthethelelwa futhi sithatha noma iziphi izinyathelo ezidingekile ukuze silungise izindaba (ikakhulukazi ezimweni zokona okungathi sína), uJehova uyohlala eseduze nathi, esisekela ngokomzwelo.—IzAga 28:13; Isaya 55:7; 2 Korinte 7:9-11.
Ulwazi Lomuntu Siqu Lunikeza Ukuthula
16. (a) Iyiphi enye indlela esizuza ngayo ulwazi oluqondile lukaNkulunkulu? (b) Chaza amazwi kaDavide: “Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle”?
16 Enye indlela esizuza ngayo ulwazi oluqondile ngoNkulunkulu, ngaphandle kokungenisa ukwaziswa okungokomoya, ingokuthola kwethu usizo lwakhe lothando ngokomuntu siqu. (IHubo 41:10, 11) Ukukhululwa osizini akusho ngaso sonke isikhathi ukuphela kwenkinga ngokushesha nangokuphelele; kungase kudingeke ukuba uqhubeke uyikhuthazelela. (1 Korinte 10:13) Nakuba ukuphila kukaDavide kwasindiswa eGati, wayelokhu engumbaleki iminyaka eminingi, ebhekana nezingozi ngezingozi. Kukho konke, uDavide wakuzwa ukunakekela nokusekela kukaJehova. Wayekuphishekele futhi wakuthola ukuthula noNkulunkulu, futhi wathola ukuthi labo abenza kanjalo “abayikuswela-lutho oluhle.” Eqaphela ngokuhlangenwe nakho komuntu siqu indlela uJehova ayemsekele ngayo phakathi nokuhlupheka, uDavide wayengathi: “Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe umuntu ophephela kuye.”—IHubo 34:8-10, 14, 15.
17. Phakathi nokuhlupheka, yimuphi umphumela ukuphephela kuJehova okwaba nawo ngomunye umkhaya?
17 Ukuphephela kuJehova phakathi nezikhathi ezinzima kuyokwenza nawe ukuba ‘uzwe ubone ukuthi uJehova muhle.’ Ngenxa yengozi, umKristu waseNtshonalanga ePhakathi yeUnited States walahlekelwa umsebenzi oholela kahle ayeseneminyaka eyi-14 ekuwo. Njengoba yayingekho imali ababeyithola, yena nomkhaya wakhe banxusa uNkulunkulu. Nokho, ngesikhathi esifanayo banciphisa izindleko, bakhothoza emasimini aseduze, futhi badoba izinhlanzi ukuze bathole ukudla. Ngosizo lwabathile ebandleni nangokwenza umsebenzi oyitoho lapho utholakala, lomkhaya wabantu abane waphumelela. Ngemva konyaka kwenzeke ingozi, umama wakhumbula: “Singazikhohlisa ngokucabanga ukuthi sithembele kuJehova, kuyilapho eqinisweni sithembele emakhonweni ethu siqu, umngane wethu womshado, noma umsebenzi wethu. Nokho, safunda ngempela ukuthembela ku Ye. Lezi ezinye izinto zingathathwa, kodwa uJehova akazange asishiye—ngisho nomzuzwana. Nakuba simpofu, ubuhlobo bethu noJehova njengomkhaya buseduze ngokwengeziwe.”
18. Yini ezokwenza ukwazi ukukhuthazelela ngisho nezinkinga eziphikelelayo?
18 Yebo, ubunzima obungokwezimali bungase buphikelele. Noma umuntu angase ahlushwe ukugula okungokomzimba okuhlala njalo; ukungezwani nomunye umuntu; ukuphazamiseka ngokomzwelo, njengokucindezeleka; noma enye yezinye izinkinga eziningi. Nokho, ngokumazi ngempela uNkulunkulu, uyoba nokholo ekusekeleni kwakhe. (Isaya 43:10) Lelithemba elingenakwephulwa liyokusiza ukuba ukhuthazele futhi ube “nokuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke.”—Filipi 4:7.
19. Sazi kanjani ukuthi uJehova akakuthathi kancane ukuhlupheka kwethu?
19 Lapho ubhekene nokuhlangenwe nakho okuwusizi, ungalokothi ukhohlwe ukuthi uJehova uyakwazi okukuhluphayo. Ehutsheni elaqanjwa futhi lapho ekhumbula okuhlangenwe nakho kwakhe eGati, uDavide wanxusa uJehova: “Yitha izinyembezi zami egabheni lakho; azikho encwadini yakho na?” (IHubo 56:8) Ngokuqinisekile, uNkulunkulu wasilalela isicelo sikaDavide. Yeka indlela okududuza ngayo ukwazi ukuthi uNkulunkulu wayezoqoqa lezozinyembezi ezazibangelwe ukuhlupheka nokukhathazeka futhi, ngomqondo ongokomfanekiso, azithele egabheni, njengoba nje umuntu engathela esitsheni esinjalo iwayini eliyigugu noma amanzi aphuzwayo! Izinyembezi ezinjalo zaziyokhunjulwa njalo, yebo, zilotshwe encwadini kaNkulunkulu. Yeka indlela okuthandeka ngayo ukukhathalela kukaJehova!
20. Singakwandisa kanjani ukuthula kwethu noNkulunkulu?
20 Ngakho ukubhapathizwa kwakho kumane kuyisiqalo nje sobuhlobo obunokuthula noNkulunkulu. Ngokujwayelana kangcono nezimfanelo zikaNkulunkulu nezikaJesu, nangokuthola ukusekela kukaJehova ngokomuntu siqu phakathi nokuvivinywa, uyokwandisa ukuthula kwakho noNkulunkulu. Akukhona nje kuphela ukuthi uyoba nobuhlobo noJehova obuba isikhoselo sokulondeka manje kodwa futhi uyoba nethemba eliyigugu lokuphila phakade ePharadesi, lapho uyothola khona ‘ukuthokoza ngokuthula okukhulu.’-IHubo 37:11, 29.
[Umbhalo waphansi]
a NgokweTalmud, abefundisi basendulo baxwayisa ngokuthi umfundi “akumelwe axoxe nowesifazane emgwaqweni.” Uma lelisiko laIivelele osukwini lukaJesu, kungaba isizathu esenza abafundi bakhe “bamangala ngokuba ekhuluma nowesifazane.”—Johane 4:27.
Uyakhumbula?
◻ Singaluzuza ngaziphi izindlela ulwazi oluqondile ngoNkulunkulu noJesu?
◻ Ukulingisa uNkulunkulu noJesu kuzosibangela ukuba senzeni?
◻ Siyilingisa kanjani inzondo kaNkulunkulu ngokubi?
◻ Singakulondoloza kanjani ukuthula naphezu kobunzima?
[Isithombe ekhasini 17]
UJesu wenqaba ukuvumela ukubandlululana emphakathini’ kumvimbele ekunikezeni kwakhe ubufakazi. Ingabe uyayilingisa Intshiseko yakhe yokushumayela?
[Izithombe ekhasini 18]
Lapho ebhekene nenkinga engathi sína uDavide wanxusa uJehova . . . . . . futhi wasebenzisa amasu ukuze ahlele indlela yokuphunyuka. UJehova wawuzwa umthandazo kaDavide