Yini UNkulunkulu Akwenzele Yona?
ABANYE bangase bathi: ‘Lutho! Kumelwe ngisebenze kanzima ngizinakekele.’ Uma leyo kuyindlela ozizwa ngayo, ake ucabange kancane. Waba khona kanjani?
Ezinyangeni eziyisishiyagalolunye ngaphambi kokuba uzalwe, amangqamuzana amancane amabili aphilayo ahlangana ngaphakathi kunyoko. Womabili akha ingqamuzana elisha elihlukile.
Elikhulu kulamangqamuzana amabili aphilayo kwakuyiqanda, elalivela kunyoko. Ingqamuzana eliphilayo elincane kwakuyisidoda esivela kuyihlo—sisincane kangangokuthi, ngokwencwadi kaSheila Kitzinger iThe Experience of Childbirth, uma izidoda ezakha bonke abantu abasemhlabeni bezingabekwa esinye eceleni kwesinye, ‘bezinganela indawo engaphezudlwana kancane kwamasentimitha ayi-2,5.’ Kodwa lapho isidoda sikayihlo singena eqandeni likanyoko, umklamo wakho wezakhi zofuzo wasunguleka futhi unyoko wakhulelwa!
Izinqubo zokukhula eziyinkimbinkimbi kakhulu zabe seziqala. ‘Zaziyinkimbinkimbi kangangokuthi, emva kweminyaka engaphezu kweyikhulu yokuhlola, ososayensi abakakwazi nakancane ukuzichaza,’ kubhala uAndrea Dorfman kuyiScience Digest.
Enza isibonelo sezinqubo zokukhula ezidida ososayensi, umbhali ofanayo uyaphawula: “Ukulawuleka kokukhula kuyindaba eyinkimbinkimbi ngokufanayo. Ngokwesibonelo, izingalo, eyangakwesokudla neyangakwesobunxele, zikhula ngokwahlukana yileyo ehlumeleni lesicubu eliyimilimitha ubude, kodwa zigcina zinobude obulinganayo. Izingqamuzana zazi kanjani ukuthi kufanele ziyeke nini ukwanda? . . . Kubonakala sengathi isitho ngasinye sinendlela yangaphakathi yokulawula ukukhula.” Asijabuli ngokuthi kunjalo?
Yini ebangela nelawula ukukhula kuzo zonke izinto eziphilayo? Amandla angenangqondo okuthiwa imvelo? Inqubo yokufunisela ebizwa ngokuthi ukuziphendukela kwemvelo? Akucacile yini ukuthi lezizinhlobo zokuphila eziyinkimbinkimbi ngokumangalisayo, ezihlukene ngokusabekayo, nezinhle kangaka kulonozungezilanga ojabulisayo zingaba kuphela umsebenzi woMdali onamandla onke? Ngenxa yalokho, akumelwe yini sizizwe simbonga ngokujulile ngalokho asenzele khona?
Ubufakazi Obungapheli Bezimangaliso Zendalo
Nsuku zonke—ngisho nangawo onke amahora—siyazuza ezimangalisweni zendalo. Ngokwesibonelo, kwenzekani lapho silala? Imisebenzi yengqondo neyezicubu iyancipha ngokuzenzekelayo. Lokhu akwenzeki ngokuthanda kwethu, ngoba ngokuvamile silala singaqaphele. Futhi yeka ukuthi kuqabula kanjani ukulala okuhle! Abanye bangahlala amasonto bengadli, kodwa labo abahlala izinsuku ezingaphezu kwezintathu bengalali baba nenkinga enkulu ekucabangeni, ekuboneni, nasekuzweni.
Lapho usuvukile ekuseni, mhlawumbe othile ukulethele ikhofi elifakwe ushukela. Ushukela, kuqala owawuyivela kancane futhi ubiza, manje usumningi kangangokuthi asivamile ukucabanga ngawo. Kodwa wenziwa kanjani? Wakheka ezitshalweni ngenqubo okuthiwa yiphotosynthesis—ukuhlangana kwelanga namanzi nesikhutha. Ngaso lesosikhathi, kukhishwa umoya-mpilo (oxygen) odingwa yizo zonke izidalwa eziphilayo emhlabeni. Lenqubo okuthiwa yiphotosynthesis ingeyinkimbinkimbi kakhulu ososayensi abangakayiqondi ngokugcwele. “Iphotosynthesis yona ifinyelelwa kanjani?” kubuza incwadi iThe Plants. (Life Nature Library) “Lokhu kunjengokubuza ukuthi ukuphila kuqala kanjani—asazi.”
Mhlawumbe njengoba uphuza ikhofi lakho, ukhumbula uhlelo lwethelevishini lwangayizolo kusihlwa. Ngeso lengqondo yakho ungaphinda futhi ubone lezozigcawu ezijabulisayo. Zidluliselwe kanjani engqondweni yakho, zagcinwa khona njengokungathi zigcinwe ebhandeni lefilimu, wase uzikhumbula ukuze ukwazi ukuxoxela abanye? Kuyamangalisa, akunjalo? Umuntu wakuthola kanjani ukuhlakanipha kokwenza izinto ezimangalisayo azifezayo? Ngokuqinisekile akakutholanga ezilwaneni. Ingabe ayimangalisi ingqondo yomuntu?
Usuku lusaqala. Kodwa yeka ukuthi sekunokuningi kangakanani esingambonga ngakho uMdali! Kodwa kusenokuningi ngokwengeziwe.