Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Ukuhlangana Kwesibili Okujabulisayo EBrazil
Izithunywa zevangeli ezingama-63 kwezingama-67 ezaqeqeshwa eGileyadi, manje ezikhonza eBrazil zabuthana ehhovisi legatsha futhi zathatha lesithombe esiqopha umlando. Lokhu kuhlangana okujabulisayo kwakungomhla ka-18 November, 1986, ngesikhathi kuhambele uA. D. Schroeder, ilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York.
Kwakuyiminyaka engama-41 edlule cishe ngosuku olufanayo—ngoNovember 17, 1945—lapho ababili bekilasi lokuqala elathola iziqu eWatchtower Bible School of Gilead beza eBrazil. Ngomunye wabo, uCharles Leathco (ongemuva, ngakwesobunxele), lokhu kwakuwukuhlangana okukhethekile ngoba yena noCharlotte Schroeder owayevakashile babesekilasini elilodwa eGilead, futhi uMzalwan’ uSchroeder wayengomunye wabaqeqeshi babo.
Kusukela kulelokilasi lokuqala, ingqikithi yezithunywa zevangeli ezingama-258 ziye zeza eBrazil. Phakathi kwazo kwa kungabomdabu baseBrazil abayi-16. Omunye wabo, uAugusto Machado (ophambili ngakwesobunxele), wayefunde iqiniso kwesinye isithunywa sevangeli sangaphambili, waya eGilead, wabuyela eBrazil. Usekhonze ehhovisi legatsha iminyaka engama-30 edlule, futhi manje ungumxhumanisi weKomiti Yegatsha. Ngisho nakuba eziningi zezithunywa zevangeli zingasakhonzi ensimini yezithunywa zevangeIi, umsebenzi omuhle eziwenzile usasele. Ngo-1945 kwakukhona abamemezeli boMbuso abangama-394 kuphela kulelozwe; manje iBrazil isidlulile eqophelweni lezi-200 000, ibika inani eliphakeme labamemezeli abayizi-201 226 ngoFebruary 1987.
Yeka injabulo okwakuyiyo ngezithunywa zevangeli zaseBrazil, esezikhulile nezisezintsha, ukukhumbula wonke umsebenzi omangalisayo weminyaka engama-41 edlule kulokhu kuhlangana okujabulisayo.