Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 7/1 kk. 8-9
  • Ukusuka Emzini KaJayiru Nokuvakashela ENazaretha Futhi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukusuka Emzini KaJayiru Nokuvakashela ENazaretha Futhi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuphuma Emzini KaJayiru Nokuvakashela ENazaretha Futhi
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Wenza Izimangaliso, Kodwa Ngisho NaseNazaretha Ababi Nokholo Kuye
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Izimangaliso ZikaJesu—Yini Ongayifunda Kuzo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • UJesu Uvusa Abafileyo
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 7/1 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Ukusuka Emzini KaJayiru Nokuvakashela ENazaretha Futhi

UJESU ubenosuku olumatasa—uhambo lwasolwandle esuka eDekapholi, ukwelapha owesifazane onesifo sokopha, nokuvusa indodakazi kaJayiru. Kodwa usuku alukapheIi. Ngokusobala njengoba uJesu ephuma emzini kaJayiru, amadoda amabili ayizimpumputhe ayamlandela, ememeza ethi: “Sihawukele, Ndodana kaDavide.”

Ngokubiza uJesu ngokuthi “Ndodana kaDavide,” lamadoda abonisa ukholo ekutheni uJesu uyindlalifa yesihlalo sobukhosi sikaDavide, kanjalo-ke unguMesiya othenjisiwe. Nokho, kubonakala sengathi uJesu akakunaki ukucela kwawo usizo, mhlawumbe ukuze avivinye ukuphikelela kwawo. Kodwa lamadoda awayeki. Alandela uJesu lapho ehlala khona, futhi lapho engena endlini, ayamlandela.

Lapho uJesu uyabuza: “Niyakholwa yini ukuthi ngingakwenza lokhu na?”

Aphendula ngokuqiniseka athi: “Yebo, Nkosi.”

Ngakho, ethinta amehlo awo, uJesu uthi: “Makwenzeke kini njengokukholwa kwenu.” Ngaso lesosikhathi ayabona! Emva kwalokho uJesu uyawayalisisa: “Qaphelani ukuba kungaziwa-muntu.” Kodwa egcwele injabulo, awawunaki umyalo kaJesu futhi akhuluma ngaye yonke indawo.

Lapho lamadoda ephuma, abantu baletha indoda enedemoni eselayenza isimungulu. UJesu ukhipha idemoni, futhi ngaso lesosikhathi indoda iqala ukukhuluma. Izixuku ziyamangala ilezimangaliso, zithi: “Akuzange kubonwe okunjé kwaIsrayeli.”

AbaFarisi nabo bakhona. Abanakuziphika izimangaliso, kodwa ngenxa yokungabi nalukholo kwabo okukhohlakele, baphinda bambeka icala maqondana nomthombo wezenzo zikaJesu zamandla, bethi: “Ukhipha amademoni ngenkosi yamademoni.”

Masinyane ngemva kwalezenzakalo, uJesu uphindela edolobheni lakubo eNazaretha, manje uhamba nabafundi bakhe. Esikhathini esingangonyaka ngaphambili, wayevakashele esinagogeni futhi wafundisa khona. Nakuba abantu babeqale bamangala ‘ngamazwi akhe omusa,’ kamuva bacasulwa ukufundisa kwakhe futhi bazama ukumbulala. Manje, ngomusa, uJesu wenza omunye umzamo wokusiza omakhelwane bakhe bakuqala.

Lapho ekwezinye izindawo abantu babuthana kuJesu, ngokusobala lapha abenzi kanjalo. Ngakho, ngosuku lweSabatha, uya esinagogeni uyofundisa. Abaningi balabo abamlalele bayamangala. Bayabuza: “Lo ukuthathaphi lokhukuhlakanipha nalawamandla na? Lo akasiyo indodana yombazi na? Unina kathiwa uMariya, nabafowabo asithi uJakobe, noJosefa, noSimeyoni, noJuda, na? Nawodadewabo abakho yini bonke lapha kithi na? Pho, lo ukuthathaphi konke lokhu na?”

‘UJesu uyindoda yakulendawo njengathi,’ bayazindla. ‘Simbonile ekhula, futhi siyawazi umndeni wakubo. Angaba kanjani uMesiya?’ Ngakho naphezu kwabo bonke ubufakazi—ukuhlakanipha kwakhe okukhulu nezimangaliso—bayamenqaba. Ngisho nezihlobo zakhe, ngenxa yokujwayelana naye eduze, ziyakhubeka ngaye, okubangela ukuba uJesu aphethe ngokuthi: “Umprofethi kadelelwa ngaphandle kwasezweni lakubo nasendlini yakwabo.”

Yebo, uJesu uyamangala ngokuntula kwabo ukholo. Ngakho akenzi zimangaliso lapho ngaphandle kokubeka izandla phezu kwabambalwa abagulayo nokubaphulukisa. Mathewu 9:27-34; 13:54-58; Marku 6:1-6; Isaya 9:7.

◆ Ngokubiza uJesu ngokuthi ‘iNdodana kaDavide,’ yini amadoda ayizImpumputhe abonisa ukuthi ayayikholelwa?

◆ Iyiphi incazelo ngezimangaliso zikaJesu abaFarisi abavumelana ngayo?

◆ Kungani kuwukubonisa umusa ngoJesu ukuphindela ayosiza labo abaseNazaretha?

◆ Iyiphi indlela uJesu amukelwa ngayo eNazaretha, futhi ngani?

[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 9]

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela