Isipho Sabantwana Esiyinqaba
AMAZWI aqotho abantwana ngokuvamile enza abantu abadala bame futhi bacabange. Kwesinye isenzakalo, ngemva kokubona uJesu enza ezinye zezimangaliso zakhe, abafana baqala ukukhamuluka: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide!” Kwabacasula lokhu abaholi benkolo. Bephuphuthekiswe umona, babengenakuqonda ukuthi uJesu wayewumzukulu onguMesiya weNkosi uDavide. Kodwa uJesu wabaphendula futhi wathi: “Anizange nifunde yini ukuthi: Emlonyeni wezingane nowabancelayo [uNkulunkulu] uzilungisele indumiso, na?” (Mathewu 21:15, 16) Namuhla, uNkulunkulu usasebenzisa ‘umlomo wezingane’ ekusizeni labo abazingqondo zabo ziphuphuthekiswe yimfundiso yamanga.—2 Korinte 4:4.
◻ UDaleen, oneminyaka eyi-12, wazibonakalisa eyintombazane ethembekile esikoleni. Ngolunye usuku wabelwa ukugcina afunda nabo bematasa njengoba uthisha wakhe ayenza omunye umsebenzi. Yini ayezoyenza? “Nganquma ukuchazela engifunda nabo ukuthi abantu abalungile bazophila emhlabeni phakade nokuthi akubona bonke abantu abazoya ezulwini,” kusho uDaleen. Ngemvume kathisha, uDaleen wanikeza ukwaziswa kwakhe ekilasini ngohlobo lwengxoxo nomfundi owayezithandele. Wafunda imiBhalo eminingi, kuhlanganise neHubo 37:29 “Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.” Kwasabelwa kanjani? UDaleen uthi, “Uthisha wayeka umsebenzi wakhe futhi walalelisisa njengabantwana. Kamuva wangibonga, futhi abantwana abambalwa babuza imibuzo.”
◻ ULillian, oneminyaka eyi-5, nabazali bakhe babehlala endaweni eqhele ngamakhilomitha ayi-19 edolobheni elincane laseNingizimu Afrika ababeya kulo njalo ngenjongo yemihlangano futhi bahlanganyele ekushumayeleni endlini ngendlu. Ngolunye usuku ngeSonto, ngenxa yenkinga yemoto, abazali bakhe banquma ukungayi. “Kungani singayi koshumayela?” kubuza uLillian. Enganelisiwe yisizathu, wathi: “Mina ngeke kungivimbele lokho.” Kamuva umama waphawula ukuthi uLillian nesikhwama sakhe sokufakaza kwakunyamalele. Intombazane encane yayimatasa ivakashela amakhaya aseduze, iphisana ngezincwadi zeBhayibheli—kuhlanganise neBhayibheli likanina! Enye inkosikazi esikhulile yahlabeka umxhwele kakhulu ngokuchaza kukaLillian iPharadesi elizayo kangangokuthi kamuva yamukela isifundo seBhayibheli kumama kaLillian. Ekugcineni lona wesifazane waba umkhulekeli kaJehova ozinikezele.
Yebo, uNkulunkulu usasebenzisa ‘imilomo yezingane’ ekuzilungiseleni indumiso. Ubuqotho bazo bungazithinta ngokujulile izinhliziyo zabantu abadala. Ngokufanelekileyoke, abantwana kanye nabantu abadala bahlanganisiwe esimemweni esihle: “Mdumiseni uJehova emhlabeni, . . . nani-zinsizwa nezintombi, nani-maxhegu nabafana. Mabadumise igama likaJehova, ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme.”—IHubo 148:7, 12, 13.