Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Ukulungiselela Ukubhekana Noshushiso
NGEMVA kokuyala abaphostoli bakhe ngezindlela zo ku feza umsebenzi wokushumayela, uJesu ubaxwayisa ngabaphikisi. Uthi: “Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi . . . Xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini, banishaye emasinagogeni abo. Niyakuyiswa nangaphambi kwababusi namakhosi ngenxa yami.”
Naphezu koshushiso olunzima abalandeli bakhe abazobhekana nalo, uJesu uthembisa ngendiela eqinisekisayo: “Nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma kanjani nokuthi niyakuthini, ngokuba niyakuphiwa ngaso lesosikhathi eniyakukukhuluma. Ngokuba akuyinina enikhulumayo kodwa uMoya kaYihlo okhuluma kini.”
UJesu uyaqhubeka: “Kepha umuntu uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntanakhe; abantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale.” Uyanezela: “Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami; kodwa okhuthazelayo kuze kube-sekupheleni lowo uyakusindiswa.”
Ukushumayela kubaluleke kakhuiu, ngakho uJesu ugcizelela isidingo sokuhlakanipha ukuze bahlale bekhululekile ukuqhubeka nomsebenzi. Uthi: “Nxa benizingela komunye umuzi, anobalekela komunye; ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwaIsrayeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.”
Kuyiqiniso ukuthi uJesu wanikeza lesiyalezo, isixwayiso, nesikhuthazo kubaphostoli bakhe abayi-12, kodwa futhi sasingesalabo ababeyohlanganyela ekushumayeleni emhlabeni wonke ngemva kokufa nokuvuka kwakhe. Lokhu kuboniswa yiqiniso lokuthi wathi abafundi bakhe ‘babeyozondwa abantu bonke,’ hhayi nje amaisrayeli kuphela abaphostoli ababethunywé ukuba bashumayele kuwo. Futhi, ngokusobala abaphostoli abazange bayiswe phambi kwababusi namakhosi lapho uJesu ebathuma emkhankasweni wabo omncane wokushumayela. Ngaphezu kwalokho, ngalesosikhathi abakholwayo abazange bakhashelwe ekufeni amalungu omkhaya.
Ngakho lapho ethi abafundi bakhe babe ngeke baqede ukushumayela kwabo “ingakafiki iNdodana yomuntu,” uJesu ngokwesiprofetho wayesitshela ukuthi abafundi bakhe babengeke baqede wonke umhiaba owakhiwe ngokushumayela ngoMbuso kaNkulunkulu omisiwe ngaphambi kokuba iNkosi ekhazinyulisiwe uJesu Kristu ifike njengomkhiphi wesahlulelo sikaJehova eArmagedoni.
Eqhuba iziyalezo zakhe zokushumayela, uJesu uthi: “Umfundi kaphezu komfundisi, nenceku kayiphezu kwenkosi yayo.” Ngakho abalandeli bakaJesu kumelwe balindele ukuthola ukuphathwa ngonya noshushiso njengaye ngenxa yokushumayela ngoMbuso kaNkulunkulu. Nokho uyayala: “Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.”
UJesu wabeka isibonelo kulendaba. Wakhuthazelela ukufa ngesibindi kunokuba ahlehle ekwethembekeni kwakhe kuLowo onamandla onke, uJehova uNkulunkulu. Yebo, uJehova ongenakubhubhisa nje kuphela “umphefumulo” womuntu (kulokhu kusho amathemba omuntu esikhathi esizayo njengomphefumulo ophilayo) kodwa angamvusa ngisho nakwabafileyo umuntu ukuba ajabulele ukuphila okuphakade. Yeka uBaba wasezulwini onothando, onozwela uJehova anguye!
Ngokulandelayo uJesu ukhuthaza abafundi bakhe ngomfanekiso oqokomisa ukunakekela kothando kukaJehova ngabo. Uyabuza: “Akuthengwa yini imizwilili emibili ngendibilishi na? Kepha akuyikuwa phansi namunye kuyo ngaphandle kukaYihlo. Kodwa kini zibaliwe nezinwele zonke zekhanda lenu. Ngakho maningesabi; nina niyayidlula imizwilili eminingi.”
Isigijimi soMbuso uJesu athuma abafundi bakhe ukuba basimemezele siyokwahlukanisa imikhaya, njengoba amanye amalungu omkhaya esamukela futhi amanye esenqaba. “Ningasho ukuthi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni,” uyachaza. “Angizanga ukuletha ukuthula kepha inkemba.” Ngakho, ukuze ilungu lomkhaya lamukele iqiniso leBhayibheli lidinga isibindi. UJesu uyaphawula: “Othanda uyise nonina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele.”
Ephetha iziyalezo zakhe, uJesu uchaza ukuthi labo abamukela abafundi bakhe bayamamukela naye. “Yilowo nalowo oyakuphuzisa abemunye kulaba abancinyane, ngisho inkezo eyodwa yamanzi aqandayo ngegama lomfundi, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.” Mathewu 10:16-42.
◆ Yiziphi izixwayiso uJesu azinikeza abafundi bakhe?
◆ Yisiphi isikhuthazo nenduduzo abanikeza yona?
◆ Kungani iziyalezo zikaJesu zisebenza futhi kumaKristu anamuhla?
◆ Kungayiphi indlela umfundi kaJesu engengaphezu komfundisi wakhe?