Imimoya—Kungani Ukuthandwa Kwayo Kukhula?
UFRANS uyinsika yesonto lendawo lobuProthestani. Uma kunomsebenzi wesonto okumelwe wenziwe, uba ngowokuqala onikeza usizo. UWilhelmina naye wesaba uNkulunkulu. “Kumelwe uye esontweni,” uyasho, futhi ahambe. UEsther ngokufanayo uba khona njalo esontweni futhi akavumeli ukuba kudlule usuku engayishongo imithandazo yakhe. Bobathathu banokunye futhi abafana ngakho: Bayizinyanga ezisebenzelana nemimoya.
Lezakhamuzi ezintathu zaseSuriname azizodwa. Emhlabeni wonke kunokuthandwa okukhula ngokushesha kwemimoya. Cabangela lokhu: EUnited States kuphela, omagazini abangaba ama-30 abakunyatheliswa kwabo kuhlanganisiwe kungaphezu kwezi-10 000 000 bagxile ezindimeni ezihlukahlukene zokuxhumana nemimoya. Abantu abalinganiselwa kwabayizi-2 000 000 eNgilandi banesithakazelo kulendaba efanayo. Ukuhlola kwamuva eNetherlands kwabonisa ukuthi abakholelwa ezenzakalweni zobuthakathi batholakala phakathi kwezakhamuzi zasemadolobheni amakhulu, abantu abafunde kakhulu, nakwabancane. Ngaphezu kwalokho, njengoba izakhamuzi zaseAfrika, eAsia, naseLatin America zingavuma, emazweni amaningi imimoya iye yaba ingxenye ebalulekile yokuphila kwansuku zonke. Akumangalisi ukuthi ababhali uJohn Weldon noClifford Wilson encwadini yabo ethi Occult Shock and Psychic Forces baphetha ngokuthi: “Abacwaningi abehlukahlukene babonakala benomuzwa wokuthi sisesikhathini sokuvuselelwa kobuthakathi okungakaze kube khona ngaphambili.”
Yebo, imimoya nobuthakathi—esimweni sokufundwa kwezinkanyezi, iziphonso, ukulumba, ukuxhumana nemimoya, umlingo, ukuchazwa kwamaphupho njalonjalo—kuheha abantu bazo zonke izizinda zokuphila. Kungani?
Phakathi kokunye, amanye amasonto eLobukholwa ayayithalalisa futhi aze ayivumele ngisho nokuyivumela imimoya. Basikisela ukuthi ukuxhumana nemimoya kumane kungenye indlela yokusondela eduze noNkulunkulu.
Ngokwesibonelo, cabangela uIzaak Amelo, umthengisi oneminyaka engama-70 ubudala waseSuriname. Wayeyilungu lomkhandlu wesonto elihloniphekayo iminyaka eyisikhombisa futhi ngesikhathi esifanayo eyinyanga yemimoya eyaziwayo. Uyakhumbula: “Njalo ngoMgqibelo, wonke amalungu omkhandlu wesonto lethu ayehlangana ngaphandle kwedolobha ukuze athintane nemimoya. Sasiqhubeka bonke ubusuku. Lapho sekusa, idiyakoni lalilokhu libheka isikhathi, futhi ngehora lesihlanu, lalisiyala ukuba siyeke. Ngemva kwalokho sasigeza, sishintshe izingubo, futhi siye esontweni—ngesikhathi senkonzo yasekuseni ngeSonto. Kuyo yonke leyominyaka umfundisi akakhiphanga ngisho nezwi elilodwa lokungahambisani nakho.”
Ngemva kokufunda ngobudlelwane phakathi kwemimoya namasonto aseSuriname, uProfesa ongumDashi uR. van Lier uyavuma ukuthi abaningi babheka imimoya “njengenkolo enezelayo.” Ekuhloleni okukhishwe muva nje yiYunivesithi yaseLeiden, uyaphawula futhi ukuthi imimoya iqashelwa ‘njengengxenye yenqubo ebanzi yenkolo emi kuyo eduze nobuKristu.’
Kodwa ungase uzibuze, ‘Ingabe ukwamukelwa kwemimoya amasonto eLobukholwa kuyisiqinisekiso sokuthi ivunyelwe uNkulunkulu? Ingabe ukuxhumana nemimoya kuzokusondeza eduze naye? Lithini ngempela iBhayibheli ngemimoya?’
[Isithombe ekhasini 3]
UIzaak Amelo ukhumbula ukuhlanganyela komkhandlu wonke wesonto ekubhuleni ngemimoya