Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 9/15 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJehova Uyayizonda Inkambo Yokukhohlisa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-39—UMalaki
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Isikhathi Sokuvivinywa Nokuhlungwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Hlobo Luni Lokwehlukanisa UNkulunkulu Aluzondayo?
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 9/15 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

■ Iyini “inzalo kaNkulunkulu” okukhulunywa ngayo kuMalaki 2:15?

Ngokwengxenye lelivesi eliyindida lifundeka kanje, ngokweNW: “Futhi kukhona omunye ongakwenzanga, njengoba wayenomoya owawusasele. Futhi wayefunani lowo? Inzalo kaNkulunkulu.” Ngokusobala “inzalo” ibhekisela esizweni sakwaIsrayeli wasendulo, owayesengozini yokungcoliswa okungokwenkolo ngesikhathi lelivesi lilotshwa.

UMalaki waprofetha phakathi nesikhathi sokuwohloka kokuziphatha kwesizwe. Amanye amadoda akwaIsrayeli ‘ayengaganwa nje kuphela amadodakazi kankulunkulu wabezizwe’ kodwa futhi ayedivosa omkawo bokuqala abangamaJuda, ‘abafazi bobusha bawo,’ ukuze mhlawumbe baganwe abafazi abangamaqaba abasebancane. Nokho, akuwona wonke amadoda akwaIsrayeli enza ‘lesinengiso.’ (Malaki 2:11, 13, 14; Duteronomi 7:3, 4) Ngokusobala ebhekisela kubantu abenqaba ukwaphula isivumelwano sabo somshado nomkhulekeli kaJehova okanye nabo, uMalaki wabhala: “Futhi kukhona omunye ongakwenzanga, njengoba wayenomoya owawusasele.”

‘Umoya’ ungumoya ongcwele kaNkulunkulu, ayewuthululele esizweni. Nokho, amaIsrayeli angalaleli ayemelana nalowomoya futhi ngalokho ewudabukisa. (Isaya 63:10; IzEnzo 7:51-53; qhathanisa nabase-Efesu 4:30.) Amanye amaJuda ayeqotho ngokomuntu siqu emithethweni kaNkulunkulu, futhi ngokulalela kwawo ayewulondolozile ‘umoya owawusasele.’ Labakhulekeli abathembekile abazange bazifunele injabulo yabo siqu yobugovu. Ngalabo uMalaki wabhala: “Wayefunani lowo? Inzalo kaNkulunkulu.” ‘Lenzalo’ yayiyisizwe sikaIsrayeli wasendulo, uMalaki athi ‘sasidalwe uNkulunkulu.’ Lokhu, ‘kudalwa’ kwenzeka lapho uJehova eletha amaIsrayeli esivumelwaneni naye eNtabeni yaseSinayi, ewenza abe ‘yigugu’ “nesizwe esingcwele.” “Inzalo” yangempela ka-Abrahama eyayizobusisa abantu bawo wonke umhlaba yayizoza ngalesizwe.—Malaki 2:10; Eksodusi 19:5, 6; Genesise 22:18.

Nokho, amaIsrayeli kwakudingeka ahlale ehlanzekile ngokwenkolo ngokungaganiselani nabantu bezizwe ezazingamkhulekeli uJehova. Ukungamesabi kwalabobantu uNkulunkulu kwakuyokonakalisa, njengoba kungabonakala esimweni sangesikhathi sikaEzra. Ngalesosikhathi abakwaIsrayeli ‘bazithathela amadodakazi [ezizwe ezazizungezile], bona namadodana, kwaze kwathi inzalo engcwele yaxubana nabantu bezizwe.’ (Ezra 9:2) Khona kanye lokhu “okubi kakhulu” kwenzeka ezinsukwini zikaNehemiya, untanga kaMalaki. Amadoda angamaJuda ayethembekile kuNkulunkulu ayibona ingozi engokomoya esobala kuwo nakubantwana abazalwe emshadweni onjalo. Kwakunengozi yokuba umfazi owayengazinikezele kuJehova akukhukhule ekumkhulekeleni. UNehemiya waze wabika ngisho nokuthi phakathi kwalawomaJuda ayeganiselane nabezizwe, ‘abekho kubantwana bawo ababekwazi ukukhuluma isiJuda.’—Nehemiya 13:23-27.

AmaJuda angathembekile ayefuna injabulo yawo siqu kungakhathaliseki ithonya eliyingozi elingokwenkolo esizweni sawo, “inzalo kaNkulunkulu.” Akumangalisi ukuthi uMalaki waxwayisa: “Ngalokho qaphelani umoya wenu ukuba ningamkhohlisi umfazi wobusha benu”! (Malaki 2:15) AmaJuda athembekile aqaphela umoya wawo, noma isimo sengqondo, ukuze ahlale ethembekile komkawo abangamaJuda. Lamadoda ayebazisa kakhulu ubumsulwa obungokwenkolo ‘besizwe sawo esingcwele.’ Ayethanda ukuba abantwana bawo bafunde iZwi likaNkulunkulu futhi bakhule bethanda uJehova, babe nengxenye ekuqineni oku ngokwenkolo kwesizwe.

AmaKristu azinikezele namuhla adinga ukuba nenkuthalo efanayo ngomoya wawo, noma isimo sengqondo esiwalawulayo. Uma eshadile, adinga ukugwema ukudivosa ngokukhohlisa abangane bawo. Futhi umKristu ongashadile kumelwe alalele iseluleko sikamphostoli uPawulu sokuba ashade ‘kuphela eNkosini,’ angenele umshado nomunye ufakazi kaJehova ozinikezele, wabhapathizwa.—1 Korinte 7:39.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela