Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 10/1 kk. 10-15
  • Ingabe Uyaneliswa Amalungiselelo KaJehova Angokomoya?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyaneliswa Amalungiselelo KaJehova Angokomoya?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inhlekelele Yehlela Abanganeliswa
  • Inala Yokudla Okungokomoya
  • Ukusuka Ogwadule Olungokomoya Kuya Epharadesi Elingokomoya
  • Umuthi ‘Onamahlamvu Angabuni’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Thola Ukulondeka Phakathi Kwabantu BakaNkulunkulu
    Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade
  • “Isibusiso Kuze Kungabikho Ukuswela”
    Lukhumbule Njalo Usuku LukaJehova
  • Obani Abayosinda Osukwini LukaJehova?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 10/1 kk. 10-15

Ingabe Uyaneliswa Amalungiselelo KaJehova Angokomoya?

“Ningivivinye ngalokhu, usho uJehova-Sebawoti, uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.”—MALAKI 3:10.

1. Yimaphi amalungiselelo izidalwa eziningi eziphilayo ezaneliswa yiwo?

UMA uyeka ukuphefumula, uyokufa ngemizuzu embalwa. Uma uyeka ukuphuza amanzi, uyokufa ngezinsuku ezimbalwa. Uma uyeka ukudla ukudla, uyokufa ngamasonto ambalwa. Uma uyeka ukuzondla ngamalungiselelo kaJehova angokomoya, khona-ke uma ufa, uyobe ufe phakade. UJehova ulungiselela umoya, amanzi, nokudla okudingwa yizo zonke izidalwa eziphilayo. Ngakho, umhubi uthi kuJehova: “Uyavula isandla sakho, usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.” (IHubo 145:16) Isifiso sezinto eziningi eziphilayo saneliswa ngamalungiselelo ezinto ezibonakalayo. Kodwa akunjalo ngezidalwa ezingabantu.

2. Siyini isifiso senhliziyo yomuntu, futhi yiliphi ilungiselelo elidingekayo ukuze sifezeke?

2 UJesu wakuveza lokhu lapho ethi: “Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.” (Mathewu 4:4) Indalo ephansi ayinawo umqondo wobuphakade, kodwa umuntu unawo, njengoba umShumayeli 3:11 esho: “Ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo.” Noma njengoba iRevised Standard Version ikubeka: “Ufake ubuphakade engqondweni yomuntu.” Ngakho, isifiso somuntu esiqotho siwukuphila isikhathi esinganqunyiwe, ngisho naphakade. Umoya, amanzi, nesinkwa kukodwa akwanele ukuba kufeze leyonjongo. Ukuphila phakade kudinga amalungiselelo angokomoya asekelwe ‘kuwo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ Namuhla, atholakala encwadini eyodwa, iBhayibheli, futhi okutholakala kuyo akupheli—konke okudingayo, okungaphezu kongakuthwala. Lenqolobane ihlala igcwele.

3. Yini uJesu ayiphawula njengebaluleke kakhulu, futhi iyiphi imfihlo eyafundwa uPawulu?

3 UJesu wasifundisa ukuba sithandazele ukudla okungokwenyama okudingekayo: “Usiphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla.” Kodwa masinyane ngemva kwalokho wabeka izinto ezingokomoya kuqala lapho ethi: “Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe.” (Mathewu 6:11, 33) Ukudla okungokwenyama kusigcina siphila usuku olulodwa ngesikhathi; ukondliwa okuqhubekayo okungokomoya kungasigcina siphila konke ukuphila kwethu, ngisho naphakade. Ngakho ungakhathazeki ngezinto ezingokwenyama. UPawulu wayengakhathazeki. Wakhuluma ngemithombo engokomoya eyamenza waneliseka kungakhathaliseki ukuthi zinjani izimo ezingokwenyama, ethi: “Ngifundisiwe: ukusutha, nokulamba, ukubusa, nokuswela. Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.”—Filipi 4:12, 13.

Inhlekelele Yehlela Abanganeliswa

4. Imaphi amalungiselelo ayenganele ngabantu ababili bokuqala, futhi yini eyengeziwe abayifuna?

4 Nokho, abaningi abaneliswa amalungiselelo kaJehova. Abazali bethu bokuqala abaneliswanga. Babehlala ensimini eyipharadesi—amehlo abo ayejabulela indawo enhle, izimbali ezinephunga elimnandi zazinukisa umoya ababewuphefumula, ukudla okumnandi kwakuqabula izinzwa zabo zokunambitha, umculo wezinyoni wawujabulisa izindlebe zabo. Ngaphezu kwalokho, babenomsebenzi othakazelisayo wokunakekela lensimu, kanye nesibusiso sokugcwalisa umhlaba ngenzalo ephelele. Kodwa babengamagovu. Lokho uNkulunkulu ayebanike khona kwakunganele. Babefuna okwengeziwe. Babefuna ukuzinqumela ngokwabo ukuthi yini elungile yini engalungile. Khona-ke banquma, futhi isinqumo sokuqala abasenza saholela enhlekeleleni, kwaphumela ekulahlekelweni yikho konke, bona ngokwabo nenzalo yabo.—Genesise 3:1-7, 16-19.

5. UJehova wawabusisa ngani amaIsrayeli, futhi asabela kanjani?

5 AmaIsrayeli alandela isibonelo sabo esibi. UNkulunkulu wawakhulula ebugqilini eGibithe, wawenza isizwe, wawanika uMthetho ophelele, wawahola ohambweni lwawo lwasehlane, wawanika izingubo ezingazange ziguge, futhi wawasekela ngokumangalisayo ngemana elehla ezulwini nangamanzi aphuma edwaleni. Kodwa awaneliswanga amalungiselelo kaJehova. (1 Korinte 10:1-5) Njengoba ayehamba ehlane, ayekhononda njalo.—Eksodusi 13:21, 22; Numeri 11:1-6; Duteronomi 29:5.

6. Iyiphi inkambo eyaletha imbubhiso kumaIsrayeli njengesizwe?

6 Aqhubeka ekhononda emva kokuba esehleli eZweni Lesithembiso—izwe elivundile, elinamanzi amaningi “elivamé ubisi nezinyosi.” Esalokhu engabongi, esalokhu enganelisiwe amalungiselelo kaJehova, ashiya ukukhulekelwa kwakhe, aphendukela ekukhulekeleni ubulili, anikela ngabantwana bawo kuMoloki, futhi azilethela imbubhiso njengesizwe. Ebuyisiwe ekuthunjweni kwaseBabiloni, alandela amasiko ezizwe lawo enza iZwi likaNkulunkulu laba yize. Agcina ngokubulala uMesiya wawo othenjisiwe, uKristu Jesu.—Duteronomi 6:3; 8:7-9; AbAhluleli 10:6; 1 AmaKhosi 14:22-24; 2 AmaKhosi 21:1-16; Isaya 24:1-6; Mathewu 15:3-9; 27:17-26.

7. Abefundisi beLobukholwa banamuhla baye baqhubeka kanjani enkambweni efanayo neyabapristi abangathembekile besikhathi sikaMalaki?

7 Kuze kube yilolusuku isintu ngokuvamile siye saqhubeka sikhetha izimfundiso zenkolo ezingamanga. Abefundisi badelela igama likaJehova, abalisebenzisi nokulisebenzisa. Bamhlazisa ngezimfundiso ezingasekelwe ngokombhalo njengoZiqu-Zintathu, umphefumulo ongafi, nokuhlushwa phakade emlilweni wesihogo. Izimfundiso zabo azingcolisiwe nje kuphela amanga athathwa eBabiloni naseGibithe lasendulo kodwa futhi, ezikhathini eziningi, zifakwe ubuthi bokuphika isihlengo sikaKristu nokwamukela ukuziphendukela kwemvelo. Baphuca uJehova udumo olumfanele, njengoba nje kwenza abapristi osukwini lukaMalaki.—Malaki 1:6-8; 3:7-9.

8. (a) Yisiphi isimemo abapristi bosuku lukaMalaki nabaholi benkolo banamuhla abasenqabayo? (b) Obani abasabela esimemweni, futhi kwaba namuphi umphumela?

8 Emuva lapho, amaIsrayeli akhuthazwa ukuba azihlanze futhi abuyele kuJehova. UJehova wathi: “Buyelani kimi, ngiyakubuyela kini.” Waqhubeka wawamema: “Ningivivinye ngalokhu, usho uJehova-Sebawoti, uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.” (Malaki 3:7, 10) Insali kuphela yesizwe sakwaJuda eyabuyela; namuhla, insali ethembekile kaIsrayeli ongokomoya iye yaphuma ezinkolweni zamanga zalelizwe. Yona, kanye nesixuku esikhulu esikhulayo sabakhulekeli abanjengezimvu, badumisa uJehova njengoFakazi bakhe. (Johane 10:16) UJehova uye wagcina isithembiso sakhe kubo, futhi ‘wavula amafasitele asezulwini, wabathululela isibusiso kunokwaneleyo’—idili loqobo lokudla okungokomoya.—Isaya 25:6.

Inala Yokudla Okungokomoya

9. Yimaphi amalungiselelo angokomoya atholakalayo namuhla, ngayiphi indlela, futhi kuba namuphi umphumela?

9 “Inceku ethembekileyo neqondayo” uJesu ayibikezelela usuku lwethu imatasa ilungiselela inala yokudla okungokomoya. (Mathewu 24:45) Ngonyaka odlule kuphela, emazweni angama-208 neziqhingi zolwandle, ngezilimi ezingaba ama-200, oFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi ezintathu benza ukuba lamalungiselelo angokomoya atholakale ngokuhambela izindlu ngezindlu nangokusakaza amakhulu ezigidi ezincwadi, omagazini, namaBhayibheli. Abaningi bahlanganyela kulokhu kudla okungokomoya futhi baneliswa: Abasha abangaphezu kwezi-225 000 babhapathizwa onyakeni owodwa!

10. Imaphi amalungiselelo atholakalayo okulandela iseluleko sikaPawulu sokuhlangana ndawonye?

10 Futhi amalungiselelo kaJehova angokomoya aye enziwa atholakala ngemihlangano yesigodi, imihlangano yesifunda, nangemihlangano emihlanu yamasonto onke eqhutshwa njalo emabandleni oFakazi BakaJehova angaba yizi-52 000—wonke ngokulalela umyalo kaPawulu okumaHeberu 10:25 ‘wokungakuyeki ukuhlangana kwethu.’

11. Yini efanekisela indlela efiselekayo ukudla okungokomoya okumelwe kulungiswe ngayo?

11 Uma owesifazane ememela izivakashi esidlweni, akamane nje abilise iqatha lenyama abese eliphonsa esitsheni. Usebenzisa izithako nezinongo ukuze kunambitheke kamnandi nemihlobiso ukuze kukhange emehlweni. Ukubukeka kwakho nephunga lakho kwanele ukwenza umlomo uconse amathe. Yileyondlela amalungiselelo kaJehova angokomoya aye enziwa ngayo—hhayi ngendlela eyomile, yokukha phezulu, kodwa ngendlela emnandi ejabulisa ingqondo nethinta inhliziyo. UmKristu ngamunye kufanele alandele lesosibonelo. “Indlebe ayivivinyi yini amazwi njengolwanga lunambitha ukudla?”—Jobe 12:11.

12. Yiziphi izibonelo esinazo zokudla okungokomoya okulungiselelwa ngendlela econsisa amathe?

12 Esifundweni sayo sokuqala Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini igcizelela ukusebenzisa amagama ajabulisayo. USolomoni akasebenzisanga nje kuphela amagama afanele kodwa futhi najabulisayo. (UmShumayeli 12:10) IHubo 45:2 labikezela ngoMesiya, uJesu Kristu: “Ubuhle buthululelwe ezindebeni zakho.” Kwaba njalo. Izilaleli zakhe zamangala “ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe.” Zanamathela kuye ukuze zimuzwe, zazifika ethempelini kuseyisikhathi ukuba zimuzwe, zamlalela ngenjabulo, zazimangazwa indlela yakhe yokufundisa. Izikhonzi ezazithunywe ukumbamba zathi: “Akuzange kukhulume-muntu njengalokhu kukhuluma lowomuntu.” (Luka 4:22; 19:48; 21:38; Marku 12:37; Mathewu 7:28; Johane 7:46) Incwadi Yokuchasisa yalungiselelwa ukuba isisize sikhulume amazwi ajabulisayo eqiniso. Ingabe uyisebenzisa ngokugcwele?

13. Eyabase-Efesu 5:15-17 igcizelela kanjani ‘ngokuthengisisa isikhathi,’ futhi kungani lokhu kugcizelelwa?

13 Eyabase-Efesu 5:15-17 iyaseluleka: “Ngakho bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo, nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi. Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi.” Igama lesiGreki lapha elihunyushwe ngokuthi “isikhathi” alisho isikhathi ngomqondo nje ovamile kodwa lisho isikhathi esimisiwe, isikhathi esifanele injongo ethile. Isenzo sesiGreki esihunyushwe ngokuthi “nithengisise” siyimpambosi yokwenzisisa, “futhi kulomongo wendaba sisho ‘ukuthenga kakhulu’; okungukuthi, ukuhlwitha noma iliphi ithuba elivelayo.”a Ingabe uyasihlwitha isikhathi esithile esimisweni sakho ukuze uzenze uhlakaniphe ngokuhlanganyela emalungiselelweni kaJehova angokomoya? Kufanele wenze kanjalo. Sonke sifanele. Ngani? “Ngokuba izinsuku zimbi.”

Ukusuka Ogwadule Olungokomoya Kuya Epharadesi Elingokomoya

14. Iliphi ivesi leBhayibheli elisebenza njengesibonelo sasiphi isici seNew World Translation Reference Bible yethu yesiNgisi?

14 Ilungiselelo elingokomoya elivelele yiNew World Translation of the Holy Scriptures—With References, eyakhishwa ngo-1984. Inezici eziningi ezenza sikwazi ukusebenzisa ‘isikhathi esithengisisiwe’ ukuze sandise ulwazi lwethu.b Esinye isibonelo izikhombo zayo. Cabanga ngeHubo 1:3, elikhuluma ngesimo somuntu ozindla ngomthetho kaNkulunkulu ubusuku nemini. Lelovesi lifundeka kanje: “Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi, othela isithelo sawo ngesikhathi sawo, oqabunga lawo lingabuni, nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.” Kunokwengeziwe, okuningi kakhulu kulelivesi kunalokho okungabonwa umfundi omane afunde ngokushesha adlule.

15. Yimiphi imibuzo ephakanyiswayo ngomuthi weHubo 1:3, futhi ikuphi ukukhanyiselwa uIsaya 44:4 akunikezayo?

15 Siza uqaphele: Umuthi utshaliwe: Ubani owutshalile? Ungasemifuleni, eminingi. Ingabe umuthi owodwa ukhula ngasemifuleni eminingi? Cha. Ngakho funa ukwazi. Uyini lomuthi? Izikhombo zivula amehlo engqondo yethu. Izikhombo zinguIsaya 44:4; 61:3, noJeremiya 17:8. UIsaya 44:4 uthi abantu bakhe bayoba njengemithi “ngasemifudlaneni yamanzi.” Imifudlana yamanzi eminingi? Yebo! Imifudlana iyimisele yokunisela enisela imithi ensimini!

16. Ikuphi ukucacisa okwengeziwe okunikezwa uIsaya 61:3 noJeremiya 17:8?

16 UIsaya 61:3 ubiza eminye yalemithi ngokuthi “imithi yokulunga nokutshaliwe nguJehova ukuba adunyiswe.” UJehova nguye otshala futhi anisele lemithi, futhi nguye odunyiswa ngezithelo ezithelwa yilemithi! UJeremiya 17:8 ufanisa umuntu ozindla ngomthetho kaNkulunkulu ubusuku nemini ‘nomuthi otshalwé ngasemanzini, ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni, ongesabi lapho kufika ukushisa, amaqabunga awo abe-luhlaza, angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu, anganqamuki ukuthela izithelo.’ Amaqabunga awo awabuni; yonke into oyenzayo iyaphumelela!

17. Yimuphi umfanekiso manje ovelayo ngokuqondene neHubo 1:3, futhi thina senza yiphi ingxenye kuwo?

17 Manje inkungu iyasa emehlweni ethu! IHubo 1:3 lakha umfanekiso omuhle. Labo abazindla ngomthetho kaNkulunkulu ubusuku nemini bafana nemithi etshalwe ngasemithonjeni yamanzi engashi. Abaseyona ingxenye yezinhlangano zezwe eziwugwadule ngokomoya kodwa manje bahlanganyela nenhlangano kaNkulunkulu eyondliwa ngenala yamanzi eqiniso aqabulayo. Ngempela, basepharadesi elingokomoya, bayaqatshulwa ngokomoya, futhi bathela isithelo esingokomoya kube udumo kuJehova. Cabanga nje! UNkulunkulu usebenzisa oFakazi bakhe ukuqondisa abantu ebasusa ezinhlanganweni zezwe eziwugwadule, ezomile ebaletha epharadesi elingokomoya eliqabulayo, eliniselwe ngokwanele.

18. Abanye basabela kanjani lapho bebona abanye benza kahle kakhulu ekufakazeni, futhi kungase kube kungani behluleka?

18 Ukuze sifeze lomsebenzi ngokuphumelelayo, kumelwe siqeqeshe izingqondo nezinhliziyo zethu ukuze sisebenzise wonke amalungiselelo kaJehova angokomoya. Abanye bezwa abanye bechaza imibhalo yeBhayibheli bese bethi: “Ngifisa sengathi ngabe bengilazi njengaye iBhayibheli!” Kodwa uma labo beziqeqeshela ukutadisha iBhayibheli, nabo futhi bangathuthuka olwazini lweBhayibheli. Abanye bezwa abanye befakaza eminyango bese bethi: “Ngifisa sengathi ngingafakaza eminyango njengaye!” Kodwa uma beziqeqeshela ukuhlanganyela njalo enkonzweni yasensimini, besebenzisa incwadi Ukubonisana NgemiBhalo, nabo futhi bangaba oFakazi abanekhono ngokwengeziwe. Abanye bezwa abanye benikeza izinkulumo zeBhayibheli bese bethi: “Ngifisa sengathi nginganikeza izinkulumo njengaye.” Kodwa, nalapha, uma laba beziqeqesha ukuba balungiselele kahle izinkulumo zabo, bezuza ngokugcwele ezifundweni zeNcwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini, nabo futhi bayothuthuka ekhonweni lokukhuluma.

19. Siyini isihluthulelo sokuthuthukisa amakhono ethu okufakaza?

19 Manje, ukufisa kuhle, kodwa ukufisa ngaphandle kokusebenza akuwenzi umsebenzi. Umsebenzi ofeza isifiso. Ziqeqeshe ukuba uthengisise isikhathi, futhi wenze umsebenzi owenza isifiso sifezeke. Uma ungasisebenzisi isicubu siyoxhwala. Uma ungalisebenzisi ikhono, liyophupha. Uma ungayisebenzisi ingqondo yakho, ikhono lokucabanga liyophupha. Uma ungalusebenzisi ulwazi, uyolahlekelwa yilolo onalo. Kukho konke, umthetho uthi, “Kusebenzise noma kukulahlekele.” ‘Umqondo uqeqeshwa ngokujwayela ukuwusebenzisa.’ Khona-ke “amasu ayakukulinda, ukuqonda kukugcine.”—Heberu 5:14; qhathanisa neNW; IzAga 2:11.

20. Ngokusebenzisa amalungiselelo kaJehova angokomoya, yini esiyoyigwema, futhi yini esiyoyizuza?

20 Ngakho sebenzisa amalungiselelo kaJehova angokomoya. Jabula kanye nabanelisiwe bakhe. Balekela indlala ayabikezelwa uAmose: “Bhekani izinsuku ziyeza, isho iNkosi uJehova, lapho ngiyakuthuma indlala ezweni, kungabi-yindlala yesinkwa, kungabi ngukomela amanzi, kepha kube-ngeyokuzwa amazwi kaJehova.” (Amose 8:11) Hlanganyela nalabo abadlayo bajabule, hhayi nalabo abenqaba ukudla bajabhe: “Isho kanje iNkosi uNkulunkulu, ithi: Bhekani, izinceku zami ziyakudla, kepha nina niyakulamba; bhekani, izinceku zami ziyakuphuza, kepha nina niyakoma; bhekani, izinceku zami ziyakuthokoza, kepha nina niyakujabha.”—Isaya 65:13.

[Imibhalo yaphansi]

a Bheka iThe New International Dictionary of New Testament Theology, Umqulu 1, ikhasi 268, nguColin Brown.

b Ungase ungabi nayo ngolimi lwakho okwamanje, kodwa ngokungangabazeki uyothola isithakazelo esibonelweni esingenhla sokusetshenziswa kwayo.

Uyakhumbula?

◻ Isizwe sakwaIsrayeli sakubonisa kanjani ukunganeliswa kwaso amalungiselelo kaJehova?

◻ Ugcwaliseke kanjani uMalaki 3:10 koFakazi BakaJehova?

◻ Iyini incazelo eyisisekelo yeHubo 1:3?

◻ Kungani kubalulekile ukusebenzisa izinto esizifunde ngenxa yamalungiselelo kaJehova angokomoya?

[Isithombe ekhasini 15]

Labo abazindla ngomthetho kaJehova banjengemithi etshalwe ngasemthonjeni wamanzi ongashi

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela