Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 11/15 kk. 3-4
  • Ingabe Inkolo Izanelisile Izidingo Zethu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Inkolo Izanelisile Izidingo Zethu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Noma Iyiphi Inkolo Ilungile?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ukuphela Kwenkolo Yamanga Kuseduze!
    Ukuphela Kwenkolo Yamanga Kuseduze!
  • Kungani Kumelwe Ube Nesithakazelo Kwezinye Izinkolo?
    Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu
  • Ukubhekisisa Inkolo
    I-Phaphama!—1989
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 11/15 kk. 3-4

Ingabe Inkolo Izanelisile Izidingo Zethu?

UMARIA wayeyindelakazi engumRoma Katolika iminyaka engama-21. Wakhulela lapho inkolo yayithandwa khona kakhulu. Ingani, ngisho esengumntwana, wayevuka ebusuku athandazele abanye. Nokho, ekugcineni, ubumpofu, ukuhlupheka, nokwahlulela ngokungalungi okwakungapheli naphezu kwethonya lenkolo lezinkulungwane zeminyaka, kwamenza wazibuza: ‘Ingabe ngempela inkolo iye yazanelisa izidingo zethu?’

Izinkolo eziningi ziphakamisa imiqondo ephakeme nezimiso zokuziphatha okuhle. Kodwa ngokuvamile inkolo ibhekwa njengembangela yezinkinga, ezenezela ebunzimeni bethu, esikhundleni sokwanelisa izidingo zethu. Ngokwesibonelo, cabangela lokhu kukhulumela kwezingqapheli zezenkolo: “Isizathu sangaphakathi sonya lobulwane singokwenkolo.” (National Review) “Isisusa esiyinhloko sempi asisekhona ukuhaha kodwa inkolo.” (Toronto Star) “INhlekelele ‘yonke yayenziwe amaKristu abhapathiziwe.’”—The Tampa Tribune.

Ingabe kuyamangalisa ukuthi abantu abakunaki ukuzisholo kwenkolo ukuthi ingumenelisi wezidingo zethu? Baye bazibona izithelo zayo. Ngokwesibonelo, “kwakuwubuShinto, inkolo yaseJapane, engazange nje kuphela isekele iqembu lempi ngenhliziyo yonke kodwa yanikeza ngisho nezizathu zayo,” kusho iThe Christian Century. Zingaki izinkolo eziye zenza khona lokho—‘zasekela ngenhliziyo yonke iqembu lempi’! Cabanga ngokubulawa kwabantu abaningi nezenzo zokuphindisela okwenziwe ngamaBuddha namaHindu eSri Lanka, ukubulala nobudlova okuhilela amaKatolika namaProtestani eIreland—phela, uhlu lubonakala lungenakuqedwa! “AmaHindu, amaMoslem, amaSikh namanye amahlelo abebulalana wodwa emakhulwini amaningi eminyaka eNdiya,” kukhala iU.S.News & World Report.

Abanye bangase bangayiboni inkolo njengethonya lokubi, kodwa ngokuqinisekile abayibheki njengethonya elinamandla lokuhle. INational Catholic Reporter yakhuluma “ngokwehluleka kwesonto elingokwesiko ukubhekana ngokwanelisayo nezifiso nezidingo zabantu.” Futhi iphephandaba iLiberty lathi umphakathi ubonakala sengathi ubheka umfundisi “njengombusisi umngcwelisi nomuphi” ovela kuphela ngezikhathi zemikhosi. Lanezela: Ezingqondweni zabantu abaningi ungumfundisi wesimo esikhona. Ingabe nawe uye wayibheka kanjalo inkolo—njengaleyo okungenakwenzeka ukuba isilimaze kodwa futhi njengaleyo okungenakwenzeka ukuba isisize kangako?

Inkolo namuhla injengoba yayinjalo lapho uJesu esemhlabeni. Wathi abaholi benkolo bosuku lwakhe babedumisa uNkulunkulu ngezindebe zabo zomlomo kuphela. Umphumela wemisebenzi yabo waba ukuthi benezela emithwalweni yabantu esikhundleni sokwanelisa izidingo zabo. Wathi: “Babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu.” (Mathewu 23:4) Namuhla, inkolo ithembisa okuningi kodwa ibonakala ifeza okuncane kakhulu. Ngakho ingabe sikhona isizathu sokukholelwa ukuthi inkolo ingazenelisa izidingo zethu?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela