Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 11/15 kk. 8-9
  • Isihawu Ngabahluphekayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isihawu Ngabahluphekayo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uzwela Ngabahluphekayo
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • UJesu Welapha Intombazane Nendoda Eyisithulu
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indlela Okuyophela Ngayo Ukukhubazeka
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Ingabe ‘Unomqondo KaKristu’?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 11/15 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Isihawu Ngabahluphekayo

NGEMVA kokusola abaFarisi ngenxa yamasiko abo okuzifunela udumo, uJesu uyahamba nabafundi bakhe. Mhlawumbe uyakhumbula ukuthi esikhathini esingeside ngaphambili, umzamo wakhe wokuhamba nabo beyophumula isikhashana waphazamiseka lapho izixuku zibathola. Manje, enabafundi bakhe, uya ezifundeni zaseTire naseSidoni, eziqhele ngamakhilomitha amaningi ukuya ngasenyakatho. Lolu ngokusobala ukuphela kohambo olweqa imingcele yakwaIsrayeli uJesu aluhamba nabafundi bakhe.

Ngemva kokuthola indlu ababezohlala kuyo, uJesu ubatshela ukuthi akafuni ukuba noma ubani azi ukuthi bakuphi. Nokho, ngisho nakulendawo engeyona eyakwaIsrayeli, akanakukugwema ukwaziwa. Owesifazane ongumGreki, ozalelwe khona lapha eFenike yaseSiriya, uyamthola futhi uqala ukunxusa: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide! Indodakazi yami ikhwelwe kabi yidemoni.” Nokho, uJesu akaphenduli ngazwi.

Ekugcineni, abafundi bakhe batshela uJesu: “Mmukise, ngokuba uyakhala emva kwethu.”

Echaza isizathu sokungamnaki kwakhe uJesu uthi: “Angithunyelwanga kwabanye, kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu yakwaIsrayeli.”

Nokho, owesifazane akapheli amandla. Uya kuJesu, afike azithobe phambi kwakhe, futhi ancenge, “Nkosi, ngisize.”

Yeka ukuthi inhliziyo kaJesu kufanele ukuba ithinteka kanjani yisicelo esiqotho sowesifazane! Nokho, ubhekisela futhi emthwalweni wakhe wemfanelo wokuqala, ukukhonza abantu bakaNkulunkulu bakwaIsrayeli. Ngesikhathi esifanayo, ngokusobala ukuze avivinye ukholo lwakhe, ukhuluma ngendlela yobandlululo amaJuda abheka ngayo labo bezinye izizwe, ethi: “Akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni.”

Ngezwi lakhe elinesihawu nesimo sobuso, uJesu ngokuqinisekile uveza imizwa yakhe yesihe kwabangemaJuda. Uthambisa ngisho nokuqhathaniswa kwabeZizwe nezinja okunobandlululo ngokubhekisela kubo ‘njengezinjana,’ noma imidlwane. Esikhundleni sokuthukuthela, owesifazane uthathela ekubhekiseleni kukaJesu obandlululweni lwamaJuda futhi aphawule ngokuthobeka: “Yebo, Nkosi; kepha nezinjana zidla imvuthuluka ewa etafuleni labaninizo.”

“O, mame, kukhulu ukukholwa kwakho,” kuphendula uJesu. “Makube-kuwe njengokuthanda kwakho.” Futhi kuyenzeka! Lapho ebuyela ekhaya lakhe, uthola indodakazi yakhe isembhedeni, iphulukiswe ngokuphelele.

Ukusuka esifundeni saseSidoni esingasogwini, uJesu nabafundi bakhe badabula izwe baya ngasesizalweni soMfula iJordani. Ngokusobala bawela iJordani kwenye indawo engaphezu koLwandle lwaseGalile futhi bangena esifundeni saseDekapholi, ngasempumalanga yolwandle. Lapho bakhwela intaba, kodwa izixuku ziyabathola futhi ziletha kuJesu izinyonga, abakhubazekile, izimpumputhe, nezimungulu, nabaningi ababenezifo ezithile nabayizilima. Bababeka kahle ezinyaweni zikaJesu, futhi uyabaphulukisa. Abantu bayamangala njengoba bebona izimungulu zikhuluma, izinyonga zihamba, nezimpumputhe zibona, futhi badumisa uNkulunkulu kaIsrayeli.

Enye indoda eyisithulu futhi ingakwazi ukukhuluma inikezwa ukunakekela okukhethekile kukaJesu. Izithulu ngokuvamile zidumazeka ngokushesha, ikakhulukazi uma zisesixukwini. Mhlawumbe uJesu uyakubona ukungakhululeki kwalendoda. Ngakho ngesihawu uJesu uyayisusa ezixukwini engabonwa-muntu. Lapho bebodwa, uJesu uyibonisa lokho azoyenzela khona. Ufaka iminwe yakhe ezindlebeni zalendoda futhi, ngemva kokufela amathe, uthinta ulimi lwayo. Khona-ke ebheka ngasezulwini, uJesu uyabubula futhi uthi: “Vuleka.” Ngalokho, amandla okuzwa alendoda ayabuyiselwa, futhi iyakwazi ukukhuluma kahle.

Lapho uJesu esenzé lokhu kuphulukisa okuningi, izixuku zisabela ngokwazisa: “Wenzé kahle konke; nezithulu uzenza zizwe, nezimungulu zikhulume.” Mathewu 15:21-31; Marku 7:24-37.

◻ Kungani uJesu engamphulukisi ngokushesha umntwana wowesifazane ongumGreki?

◻ Ngemva kwalokho, uJesu ubayisaphi abafundi bakhe?

◻ UJesu uyiphatha kanjani ngesihawu indoda eyisithulu futhi engakwazi ukukhuluma?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela