Ukuba Ongashadile Kodwa Ophelele Ngenxa Yenkonzo KaNkulunkulu
“Naye onikela ngobumsulwa bakhe emshadweni, wenza kahle, kepha onganikeli ngabo emshadweni uyokwenza kangcono.”—1 KORINTE 7:38, NW.
1. Umshado uye wabonakala kanjani uyisibusiso?
UJEHOVA akazange alindele ukuba umuntu wokuqala ahlale yedwa. Kunalokho, uNkulunkulu wenzela uAdamu, ukhokho wohlanga lwesintu, umngane womshado. (Genesise 2:20-24; IzEnzo 17:26) Futhi yeka isibusiso umshado owabonakala uyiso! Wanikeza ubungane, wenza ukusizana kwaba nokwenzeka, waba yilungiselelo elihloniphekile lokuveza inzalo, futhi wanikela kakhulu enjabulweni yomuntu. Phela, ngisho nabampofu nabacindezelekile bangakujabulela lokho okungekho mali engakuthenga—uthando lwasemshadweni!—IsiHlabelelo SeziHlabelelo 8:6, 7.
2, 3. (a) Imuphi umbono enye incwadi yenkolo enawo ngokushada nokungashadi? (b) NgokomBhalo, umshado kumelwe ubhekwe kanjani?
2 Nokho, abanye babheka umshado ngendlela ehlukile. Enye incwadi yenkolo ithi: “ESontweni laseNtshonalanga ukungashadi kuwumthetho wesonto obekelwa abefundisi ovimbela abashadile ukuba bangagcotshwa nalabo abangaphansi kwezibopho ezingcwele ukuba bangashadi. Kuhlanganisa isibopho sokugcina ubumsulwa obuphelele ngaphansi kwesifungo. Izizathu zalokhu yilezi: ukuze labo abagcotshiwe bakwazi ukukhonza uNkulunkulu benenjongo eyodwa ngokwengeziwe (1 Kor. 7:32), nokuthi ngokuphila ukuphila kokuzibamba bagcina isimo sobumsulwa, esingcwele nesiphakeme kunaleso sokushada. ETestamenteni Elisha ongashadile noma isimo sobumsulwa sikhushulelwa obizweni oluphakeme kunolwalowo oshadile.”—The Catholic Encyclopedia, eyahlanganiswa uRobert C. Broderick.
3 Ingabe kungenzeka ngempela ukuthi ukungashadi okuphoqelelwe ‘kungcwele futhi kuphakeme kunokushada’? Akunjalo ‘ngokweTestamente Elisha,’ kuyiJerusalem Bible yamaKatolika ethi: “UMoya uye washo ngokucacile ukuthi ngezikhathi zokugcina kuyoba nabathile abayoshiya ukholo futhi bakhethe ukulalela imimoya nezimfundiso ezidukisayo ezivela koDeveli; futhi imbangela yalokhu ingamanga aqanjwa abazenzisi abanembeza babo bashiswé njengokungathi ngensimbi eshisayo: bayothi ukushada kunqatshelwe, futhi bashaye imithetho yokuyeka ukudla uNkulunkulu akudalela ukuba kwamukelwe ngokubonga yibo bonke abakholwayo nabalaziyo iqiniso.” (1 Thimothewu 4:1-3) Eqinisweni, umshado uyisipho esivela kuNkulunkulu, futhi muhle.—Ruthe 1:9.
4. Ngokucabangela eyoku-1 Korinte 7:38, yimiphi imibuzo ephakamayo?
4 Nakuba umshado uyisipho esivela kuNkulunkulu, umphostoli uPawulu wabhala: “Naye onikela ngobumsulwa bakhe emshadweni wenza kahle, kepha onganikeli ngabo emshadweni uyokwenza kangcono.” (1 Korinte 7:38, NW) Kungani uPawulu abonisa ukuthi kwakungaba ngcono ukuhlala ungashadile? Kufanele yini umuntu ongashadile azizwe engaphelele? Futhi ingabe ukungashadi kunomvuzo?
Isici Esibalulekile Sokuphila KobuKristu
5. Yini efanele ibe yisici esibalulekile sokuphila kobuKristu?
5 Ukukhonza uJehova kufanele kube yisona sici esibalulekile sokuphila kwethu kobuKristu, kungakhathaliseki ukuthi sishadile noma asishadile. Inkonzo engcwele eyenzelwa uNkulunkulu ngenjabulo inikeza ubufakazi bokunamathela kwethu kuye njengoMbusi Wendawo Yonke. Ukuthobeka ngenhliziyo yonke nokuhlanganyela ngentshiseko enkonzweni yobuKristu kuyizindlela zokubonisa lokho kunamathela. (1 Johane 5:2, 3; 1 Korinte 9:16) Kokubili inkonzo nezinye izenzo zokuthobeka ezivumelana nentando yaphezulu kungafezwa uma umuntu engashadile.
6. Kungakhathaliseki ukuthi sishadile noma asishadile, inkonzo yentshiseko isivumela ukuba senzeni?
6 Abavangeli manje benza umsebenzi wokushumayela ngoMbuso kube udumo kuJehova. Futhi kungakhathaliseki ukuthi sishadile noma asishadile, inkonzo yentshiseko isinikeza ithuba lokugxilisa okungenani enye impahla yethu siqu namakhono enkonzweni kaNkulunkulu. Kodwa kumelwe sisebenzise futhi silawule izimo zethu ukuze singalokothi sibeke inkonzo endaweni engaphansi kwebalulekile ekuphileni kwethu. Kumelwe ‘sifune uMbuso kuqala.’ (Mathewu 6:33) Kukhona injabulo ekugxiliseni ukunakekela ezithakazelweni zaphezulu kunasezithakazelweni zomuntu siqu.
Ukuphelela Ngenxa Yenkonzo
7. Isiphi isibonelo esibonisa ukuthi umKristu ongashadile angaba ophelele ngenxa yenkonzo?
7 AmaKristu angaphelela ngenxa yenkonzo, eshadile noma engashadile. Ngakho isimo sokungashadi siyisisekelo esingadingi ngempela ukuguqulwa. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 7:24, 27.) IZwi likaNkulunkulu alinawo umbono wezizwe ezithile wokuthi indoda ayilifinyeleli izinga layo eligcwele uma ingashadile. UJesu Kristu wafa engashadile, futhi umakoti ongokomoya wasezulwini ukuphela komfazi uJehova agunyaza uJesu ukuba abe naye. (IsAmbulo 21:2, 9) Kodwa, iNdodana kaNkulunkulu, nakuba yayingashadile njengomuntu, yayiyisibonelo esiphambili somuntu ophelele ngenxa yenkonzo.
8. Njengoba uPawulu ebonisa, ukungashadi kuvumelani?
8 Eqinisweni, ukuba ongashadile kunikeza inkululeko enkudlwana yomuntu siqu nesikhathi senkonzo. Etusa ukungashadi, uPawulu wathi: “Ngifuna ukuba ningabi-nakukhathazeka. Ongaganiwe ukhathalela okweNkosi ukuba angayithokozisa kanjani iNkosi . . . Nongaganile oyintombi ukhathalela okweNkosi.” (1 Korinte 7:32-34) Lokhu kusebenza kumaKristu angashadile nakulabo ababeshadile kodwa abazimo zabo ziye zaguquka, zibabuyisela esimweni sokungashadi.—Mathewu 19:9; Roma 7:2, 3.
9. Isibonelo sikaJesu sibonisa kanjani ukuthi ukungashadi akwenzi umuntu abe ongaphelele ngenxa yenkonzo yobuKristu?
9 Ukufinyelela ukuvuthwa okungokomzimba, okungokwengqondo, nokungokomoya kunikeza ukuphelela ngenxa yenkonzo kaNkulunkulu. UJesu Kristu wayengamdingi umlingane womshado ukuze aphelele ngenxa yendima yokuba yisiKhonzi SikaNkulunkulu esiyiNhloko nalowo futhi okwakuyolungiselelwa ngaye isihlengo. (Mathewu 20:28) Engashadile, uJesu wayekhululekile ukugxilisa wonke amandla akhe enkonzweni yakhe. Isimo sakhe sokungashadi sasihluke ngokuphelele enqubweni yamaJuda, okwakugcizelelwa kuyo umshado nokuba nabantwana. Nokho, uJesu wayekufanelekela ngokugcwele ukufeza umsebenzi wakhe awunikwe uNkulunkulu. (Luka 3:23; Johane 17:3, 4) Ngakho, ukuba ongashadile akwenzi umuntu abe ongaphelele ngenxa yenkonzo yobuKristu.
Abantu Abashadile ‘Bahlukene Phakathi’
10. Ngenxa yesibopho sokuba “nyamanye,” yini uPawulu ayisho ngabashadile uma beqhathaniswa nalabo abangashadile?
10 Ngokuphambene nabantu abangashadile, amaKristu ashadile kufanele aphishekele inkonzo eqaphela isibopho sawo sokuba “nyamanye.” (Mathewu 19:5, 6) Ngenxa yalesosibopho nemithwalo yaso yemfanelo ehlukahlukene, uPawulu wathi abantu abashadile ‘bahlukene phakathi.’ Wabhala: “Ngifuna ukuba ningabi-nakukhathazeka. Ongaganiwe ukhathalela okweNkosi ukuba angayithokozisa kanjani iNkosi. Kepha oganiweyo ukhathalela okwezwe ukuba angathokozisa kanjani umkakhe, wahlukene phakathi. Nongaganile oyintombi ukhathalela okweNkosi, ukuze abe-ngcwele emzimbeni nasemoyeni; kepha oganileyo ukhathalela okwezwe ukuba angayithokozisa kanjani indoda yakhe. Ngisho lokhu ukuba kube-lusizo kinina; akusikho ukuba nginigaxe ngentambo kepha ukuba nihambe ngokufaneleyo, nibambelele eNkosini ngokungaphazameki.”—1 Korinte 7:32-35.
11. Yini uPawulu ayeyibonisa kwaboku-1 Korinte 7:32-35?
11 Ngokusobala, ukuze baphile ukuphila okungaphazamisekile, uPawulu watusa ukungashadi. Kungenzeka ukuthi yena ngokwakhe wayewumfelwa ongazange akhethe ukushada futhi. (1 Korinte 9:5) Noma kunjalo, wayazi ukuthi kukhona ukuhlupheka okuhlangene nokushada kulelizwe. Wayebonisa inkululeko amaKristu angashadile angayijabulela uma iqhathaniswa nendlela izithakazelo zamakholwa ashadile ezihlukene phakathi ngayo phakathi kwezindaba ezingokwenyama nezingokomoya. Umuntu oshadile akanalo igunya eliphelele emzimbeni wakhe, ngoba umlingane wakhe unyamanye naye futhi ngalesosizathu ulawula umzimba wakhe. (1 Korinte 7:3-5) Eqaphela lokhu, uPawulu washo ngokufanelekile ukuthi umKristu ongashadile uyakwazi ukuba ngcwele, okungukuthi, ukuba ohlukaniselwe ngokuphelele futhi ogcinelwe ukusetshenziswa uJehova uNkulunkulu ngokuqondile, kokubili ngokomzimba nangokomoya.
12. Engenamlingane womshado, yini umuntu ongashadile angayenza?
12 Ukuthambekela okungokomoya noma okungokwengqondo komKristu ongashadile, kumshukumisela ukuba enze inkonzo yoMbuso kaNkulunkulu yenkuthalo nengaphazamisekile. Engenamlingane olawula ingxenye yomzimba wakhe, angalandela umoya, noma ukuthambekela kwengqondo yakhe nenhliziyo. Anganakekela ngokukhethekile inkonzo kaJehova ngawo wonke umzimba nengqondo yakhe. Ngakho owesilisa noma owesifazane ongashadile angabhekisa ukunakekela kwakhe kangcono ekuthokoziseni iNkosi kuphela ngenkululeko enkulu yomuntu siqu. Akunakufaneleka ukuba sigxeke lokho uPawulu akusho, ngoba uJehova wakubona kufanelekile ukuba kubhalwe ukuze kwelulekwe thina.
Umuntu Oshadile Akaphelele?
13, 14. Iyiphi inkambo eyiphutha elulaza isibopho sokuba “nyamanye” futhi engenza umuntu oshadile abe ongaphelele ngenxa yenkonzo yobuKristu?
13 Enomqondo oyiphutha wokuthi angenza okwengeziwe enkonzweni kaNkulunkulu, amanye amaKristu angase agudluzele umshado wawo endaweni engabalulekile ekuphileni. Ngokwesibonelo, umfazi angase aqale ukwenza izinto ngaphandle komyeni wakhe ngezindlela eziphawulekayo. Indoda ingase ibe matasa kakhulu ngemisebenzi yebandla. Ngaphansi kwezimo ezinjalo, bangase baphethe ngokuthi benza kahle kakhulu enkonzweni kaJehova. Nokho, eqinisweni kungenzeka bathatha inkambo elulaza isibopho sokuba “nyamanye.” Uma kunjalo, lokho ngeke kumjabulise uJehova.
14 Eqinisweni, ukungasinaki isipho sokuba “nyamanye” kungenza umuntu oshadile abe ongaphelele ngenxa yenkonzo yobuKristu. Umshado awunezeli ekupheleleni ngokwenkonzo kodwa unciphisa ukunaka komuntu obekunganikwa inkonzo. (Qhathanisa noLuka 14:16, 17, 20.) Kodwa, uma abantu abashadile bezothokozisa uNkulunkulu futhi baphelele njengezikhonzi zakhe, kumelwe baphile ngokuvumelana nezibopho zabo zomshado.
Ukungashadi Ngenxa YoMbuso
15. (a) AmaKristu angashadile kufanele ahlakulele yiphi imfanelo? (b) Yiliphi iphuzu eliyisisekelo ngokushada nokungashadi uPawulu aliveza kwaboku-1 Korinte 7:36, 37?
15 Nakuba izikhonzi zikaJehova ezishadile kufanele ziphile ngokuvumelana nezibopho zazo zomshado, amaKristu angashadile kufanele ahlakulele ukwaneliseka ekupheleleni kwawo kokungashadi. Njengoba uPawulu asho: “Kepha ngithi kwabangaganiwe nakubafelokazi: Kuhle kubona, uma behlala benjengami [bengashadile]. Uboshelwe kumfazi na? Ungafuni ukukhululeka. Ukhululekile kumfazi na? Ungamfuni umfazi.” (1 Korinte 7:8, 27) Ngosizo lukaJehova, njengomuntu ongashadile, hlakulela isimo sokuzinza uNkulunkulu asenza sibe nokwenzeka. Noma yiluphi ushintsho lwesimo akufanele lube yinto ebilindelekile, lube ngenxa nje yesiko noma ukusabela ekucindezeleni kontanga. Kunalokho, kumelwe lube ngenxa yesidingo esingokomBhalo, ngoba uPawulu wathi: “Uma noma ubani ecabanga ukuthi uziphatha ngokungafanele ebumsulweni bakhe, uma esedlulile ekuqhumeni kwenkanuko yobusha, uma kumelwe ukuba kwenzeke kanjalo, akenze akubonayo; akoni; makashade. Kepha omiyo eqinile enhliziyweni yakhe, engenasidingo, kodwa enamandla phezu kwentando yakhe futhi enzé lesisinqumo enhliziyweni yakhe, ukugcina ubumsulwa bakhe, uyokwenza kahle.”—1 Korinte 7:36, 37, NW.
16. (a) Kusho ukuthini ukuba ‘odlulile ekuqhumeni kwenkanuko yobusha’? (b) Yini umKristu ohlala engashadile okufanele aqiniseke ngayo?
16 Kanjalo uPawulu wabonisa ukuthi kwakungeke kube okungalungile ukushada uma umuntu ephatha ubumsulwa bakhe ngendlela engafanele, nakuba ngokungangabazeki umphostoli wayengabhekisele esonweni esingathi sína. Njengoba ayeshilo ngaphambili, “Kuhle ukuganana kunokusha.” (1 Korinte 7:9) Yiqiniso, wayebhekisele ekushadeni ngaphansi kwalezozimo uma umuntu “esedlulile ekuqhumeni kwenkanuko yobusha,” esedlulile esikhathini lapho isithakazelo sobulili siqala ukuba namandla. Uma umuntu ovuthiwe “enamandla phezu kwentando yakhe” futhi eye wenza isinqumo esiqinile enhliziyweni yakhe sokuba ahlale engashadile, uyokwenza kahle. Ukungashadi okuphumelelayo akusho ukucindezela isifiso sokushada nokuphila komkhaya esibeleselayo nesinamandla. Kunalokho, umKristu okhetha ukuhlala engashadile kufanele aqiniseke ngokugcwele enhliziyweni ukuthi ukulondoloza ukungashadi kulungile kuye futhi kufanele azimisele ukwenza noma yimiphi imizamo edingekayo yokugcina lesosimo ngenhlanzeko. UmKristu owenza kanjalo uyoba neziphazamiso ezimbalwa nenkululeko enkulu yokukhonza iNkosi.
17. NgokukaJesu, kungani abanye behlala bengashadile?
17 AmaKristu angashadile ayosizakala ukuba alondoloze isimo sokungashadi uma ehlakulela umqondo kaJesu Kristu. Nakuba wayengashadile ngaphansi kwesiko elaligcizelela umshado, wagxilisa isikhathi sakhe neziphiwo enkonzweni yakhe engenakuphindwa. NjengoJesu, umKristu ongashadile angajabula esiphweni sokungashadi uNkulunkulu asipha labo abasamukelayo. Ngokuqondene nalokhu, uJesu wathi: “Akusibo bonke abangalamukela lelizwi, kuphela abakunikiweyo. Ngokuba kukhona abathenwa abazalwa benjalo kwasesiswini sikanina; kukhona nabathenwa abathenwé ngabantu; kukhona futhi abathenwa abazithenileyo ngenxa yombuso wezulu. Ongakwamukela lokho akwamukele.”—Mathewu 19:11, 12.
18. Yini evimbela “abathenwa” ngenxa yoMbuso ukuba bashade?
18 UJesu akashongo ukuthi umuntu ongashadile ungcono kunomuntu oshadile. Akazange akhuthaze ukungashadi ukuze nje umuntu abe nokuphila okukhululekile, futhi ngokuqinisekile akazange akutuse ukuze umuntu ongashadile anake abaningi bobulili obuhlukile. Cha, kodwa labo abazenza bona ngokwabo “abathenwa” ngenxa yoMbuso bangabantu abaqotho ngokokuziphatha abakwamukelayo lokhu ezinhliziyweni zabo. Yini ebavimbela ukuba bashade? Akukhona ukukhubazeka okuthile okungokomzimba kodwa isifiso esinamandla sokuzikhandla ngokugcwele ngangokunokwenzeka enkonzweni kaNkulunkulu. Lenkonzo ibaluleke ngokukhethekile manje njengoba uMbuso wamiswa ezulwini ngo-1914 futhi “lelivangeli lombuso” kumelwe lishunyayelwe emhlabeni kabanzi ngenjongo yobufakazi ngaphambi kwesiphelo esisondela ngokushesha salesimiso sezinto esilahliwe.—Mathewu 24:14.
Tusa AmaKristu Angashadile
19. Ngokuqondene nalabo abahlala bengashadile ngenxa yoMbuso, yini okufanele yenziwe yiwo wonke amaKristu?
19 Wonke amaKristu kufanele atuse futhi akhuthaze labo abahlala bengashadile ngenxa yoMbuso. Eqinisweni, ukungashadi kusho ‘ukubambelela eNkosini ngokungaphazameki.’ (1 Korinte 7:35) Abazali bayokwenza kahle ukufundisa abantwana babo lokho iBhayibheli elikushoyo ngesimo sokungashadi nezinzuzo zakho ngenxa yenkonzo kaJehova. Sonke singakhuthaza esikholwa nabo abangashadile futhi akumelwe silokothe senze buthaka isinqumo sabo sokuhlala bengashadile ngenxa yoMbuso.
20. Uma ungumKristu ongashadile, yini okufanele uyenze?
20 AmaKristu angashadile angajabula njengezikhonzi zikaNkulunkulu eziphelele. Kulezikhathi zomvuthwandaba, ayajabula ukuhlanganyela emsebenzini ophuthumayo wokushumayela ngoMbuso. Ngakho-ke, uma ungashadile, jabula ngokusetshenziswa uJehova njengesikhonzi esingumKristu esiphelele esingashadile. ‘Fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela, nikhanya njengezinkanyiso ezweni, nibambelele ezwini lokuphila.’ (Filipi 2:12-16) Gxilisa ukunakekela kwakho ezithakazelweni zoMbuso njengoba uhlala usebunyeni nobuzalwane bomhlaba wonke boFakazi BakaJehova futhi ufeze inkonzo yobuKristu. Ukwenza kanjalo njengomuntu ongashadile kuyindlela yokuphila enomvuzo, njengoba sizobona.
Zithini Izimpendulo Zakho?
◻ Yini okufanele ibe isici esibalulekile ekuphileni kobuKristu?
◻ Kungani izinceku zikaJehova ezingashadile zingaba eziphelele ngenxa yenkonzo yobuKristu?
◻ Kungayiphi indlela umuntu oshadile engaba ongaphelele?
◻ Kusho ukuthini ukuba “umthenwa” ngenxa yoMbuso?
◻ Kungani kufanele sikhuthaze amaKristu angashadile?
[Isithombe ekhasini 10]
Nakuba ayengashadile, umphostoli uPawulu wayephelele
[Isithombe ekhasini 12]
UJesu wayeyisibonelo esiphambili somuntu ophelele ngenxa yenkonzo
[Isithombe ekhasini 15]
Ingabe uyabatusa labo abahlala bengashadile ngenxa yoMbuso?