Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 2/1 kk. 28-29
  • Isizathu Sokuba Ube Nesithakazelo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isizathu Sokuba Ube Nesithakazelo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lapho Abaningi Bengasibonisanga Isithakazelo
  • Labo Ababengenasithakazelo Ngosuku LukaJesu
  • Bonisa Isithakazelo—Kusho Ukuphila Kwakho!
  • Kungani OFakazi BakaJehova Bekhuluma Nabantu Asebake Basho Ngaphambili Ukuthi Abathandi Ukuxoxa Nabo?
    Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Lungiselela Ukukhululelwa Ezweni Elisha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ukuhlala Silindile Sekuphuthuma Nakakhulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 2/1 kk. 28-29

Isizathu Sokuba Ube Nesithakazelo

‘UBE nesithakazelo kuphi?’ Oshintshweni olukhulu kakhulu oluzokwenzeka emlandweni wesintu! Uhulumeni omusha ngokuphelele omiswe uNkulunkulu usuzoqala ukubusa emhlabeni. (Daniyeli 2:44) Ukubusa kwawo kuyothinta wonke amadoda, abesifazane, nabantwana—ngokuhle noma ngokubi. Lolushintsho olumangalisayo luzokwenzeka phakathi nesizukulwane esiphawulwe kuMathewu 24:34. Ngakho-ke, isigijimi esimayelana naloloshintsho sidinga isithakazelo esiqotho nesangempela sabo bonke abantu. Ngempela, bekuyoba okungalungile ukuthi, ‘Anginasithakazelo.’

Lapho Abaningi Bengasibonisanga Isithakazelo

Usuku lwethu lwanamuhla alusona isikhathi sokuqala ukuba kumenyezelwe isigijimi esibalulekile nesiphuthumayo okwakumelwe sivuse isithakazelo salabo ababemenyelwe ukusilalela. Usuku lukaNowa lwalungesinye isikhathi esinjalo. Ngenxa yobuntu bomuntu obubi, bokuziphatha okubi, nobobudlova ngalesosikhathi, uJehova uNkulunkulu wahlosa ukubhubhisa isintu ngozamcolo wembulunga yonke. (Genesise 6:5-7, 13) Nokho, ngaphambi kokuba abhubhise labo abangamesabi uNkulunkulu, walungiselela ukuba uNowa, umshumayeli wokulunga, abaxwayise ngoZamcolo owawuzofika nenkambo ababeyidinga ukuze baphishekele ukugcineka bephila. Nakuba lesosigijimi sasibaluleke kangako, abantu abezwa ngaso “abazanga.” (Mathewu 24:39; Luka 17:26, 27; 2 Petru 2:5) Babenganaki, bengakhathali—babemane nje bengenasithakazelo! Ngenxa yalokhu, balahlekelwa yikho konke.

Cishe isimo esifanayo sasikhona ezinsukwini zezakhamuzi zemizi yaseSodoma naseGomora eyayinedumela lokuziphatha okubi. Nakuba babexwayisiwe ngokubhujiswa kwabo okwakusondela ngenxa yobubi babo obuphindiwe, abazange balalele. Nabo futhi babengenasithakazelo kunoma ubani owayengaphazamisa indlela yabo yokuphila. Indoda uLoti yiyo yodwa eyayingahlanganyeli.—Genesise 18:20-30; 19:1-29; Luka 17:28-30.

Kanjalo, isigijimi sasingathandeki ezakhamuzini zalemizi. Mhlawumbe zazikhathalela kakhulu okwakuyocatshangwa omakhelwane bazo ngazo uma zazibonisa isithakazelo. Noma mhlawumbe zazesaba ukuthi kwakuyofuneka zenze ushintsho ekuphileni kwazo ezazingazimisele ukulwenza. Ngokusobala, zazijabulela indlela yazo yokuphila kokuyekelela. (Juda 7) Ngakho kwaze kwaba usuku ukubhujiswa kwazo okwafika ngalo, azisolanga lutho futhi azizange ziqonde ukuthi yini eyayisizokwenzeka.

Labo Ababengenasithakazelo Ngosuku LukaJesu

Lapho iNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, isemhlabeni, yathuma abalandeli bayo ukuyomemezela izindaba ezinhle ngohulumeni kaNkulunkulu wasezulwini. (Mathewu 10:7) Eqinisweni, yafundisa abafundi bayo indlela okwakumelwe banikeze ngayo lesigijimi esingajwayelekile nesibalulekile endlini ngayinye nokuthi yiziphi izinyathelo okwakumelwe bazithathe lapho abaninindlu behluleka ukubonisa isithakazelo sangempela. Mlalele njengoba eqhubeka eqeqesha abafundi bakhe: “Ekungeneni kwenu endlini niyibingelele. Uma indlu ifanele, ukuthula kwenu makuze phezu kwayo; kodwa uma ingafanele, ukuthula kwenu makubuyele kini. Yilowo nalowo ongayikunamukela engawezwa amazwi enu, anothi niphuma kuleyondlu noma kulowomuzi, nivuthulule uthuli ezinyaweni zenu.”—Mathewu 10:12-14.

Phawula ukuthi uJesu wayala abafundi bakhe ukuba ‘bavuthulule uthuli ezinyaweni [zabo]’ lapho bephuma emzini noma edolobheni lapho sasingekho ngokuphelele isithakazelo eMbusweni kaNkulunkulu. Wayesho ukuthini ngaleseluleko? Ukuvuthulula komuntu uthuli ezinyaweni zakhe kwakubonisa ukuzikhulula emthwalweni wemfanelo noma ecaleni lemiphumela eyayizovelela umninikhaya ngenxa yokuntula isithakazelo esigijimini sikaNkulunkulu. Kwakubonisa ukuthi abalandeli bakaJesu babehlukana futhi beshiya ngokuthula leyondlu noma umuzi nemiphumela ekugcineni eyayizokhishwa nguNkulunkulu.

Bonisa Isithakazelo—Kusho Ukuphila Kwakho!

Kungokuthakazelisayo ukuphawula ukuthi uJesu Kristu wafanisa ukusabela kosuku lwethu nalokho kwezinsuku zikaNowa, nezeSodoma neGomora. (Mathewu 24:37-39; Luka 17:26-30) Ukuziphatha okubi nobudlova kwakuvelele kokubili ezinsukwini zikaNowa nasezinsukwini zikaLoti. Ngempela, indoda elungileyo uLoti yahlupheka futhi yaphatheka kabi lapho iqaphela ukungabi namthetho nokuhamba ngamanyala kwezakhamuzi zaseSodoma naseGomora.—2 Petru 2:6-8.

Nokho, lapho uJesu ebhekisela osukwini lukaNowa nasosukwini lukaLoti, wayengagxilisi ukunakekela kwethu ekuziphatheni okubi nasebudloveni bangalezozikhathi, kodwa, kunalokho, eminakweni yansuku zonke—ukudla, ukuphuza, ukuganwa, ukwendiswa, ukuthenga, ukuthengisa, ukwakha, nokutshala. Waphawula ukuthi abaningi babengeke basabele esigijimini sezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kodwa babeyobambeka ezindabeni zansuku zonke zokuphila futhi kanjalo bangasibonisi isithakazelo kulokho uJehova ahlose ukukwenza. Lesigijimi sinokubaluleka kokuphila noma ukufa. Ukwehluleka ukulalela kuyokulahlekisela kakhulu. Ukunganaki noma ukungasibonisi isithakazelo kuyisono esingathi sína.—Qhathanisa noMathewu 6:31, 32.

Singesingathi sína kangakanani? UJesu waqhubeka echaza: “NgoSuku Lokwahlulela uNkulunkulu uyobonisa umusa owengeziwe kubantu baseSodoma naseGomora kunakubantu bakulowomuzi” abangazange balalele noma babonise isithakazelo. (Mathewu 10:15, Today’s English Version) Uma umuntu ebonisa isithakazelo, elalela, futhi ekholelwa esigijimini, ngisho noma kungenzeka eziphethe kabi futhi enobudlova, angakwazi ukushintsha ubuntu bakhe futhi athole umusa emehlweni kaJehova ukuze afaneleke njengesikhonzi soMbuso, ngisho nanjengoba kwenza amaKristu okuqala eKorinte.—1 Korinte 6:9-11.

Kuzo zonke izingxoxo zakhe nabafundi bakhe, uJesu Kristu wabakhuthaza ukuba balalele, balethe ukunakekela, babonise isithakazelo esigijimini esibalulekile soMbuso kaNkulunkulu. Ukuze avuse ukunakekela kwalabo ayekhuluma nabo, wayala: “Anobheka ukuba nizwa kanjani.” “Onezindlebe zokuzwa makezwe.” “Ngizweni nonke, niqonde.” “Yizwani, niqonde.”—Luka 8:18; Marku 4:9; 7:14; Mathewu 15:10.

Ngakho-ke, esikhathini esizayo lapho omunye woFakazi BakaJehova ehambela ekhaya lakho, kuyoba ngokwenzuzo yakho ukuthi: ‘Ngena, nginesithakazelo.’

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela