‘Izabelo Zingehlele Ezindaweni Ezinhle’
Njengoba ilandiswa uD. H. MacLean
NGAHLALA lapho, amahora elandelana, kunelinye Lamaphoyisa Asebukhosini BaseCanada Agibela Amahhashi eceleni kwami. Ngangiyisiboshwa salo. Sasilibangise ekamu eliyijele eMfuleni iChalk, eOntario, eCanada, futhi kwabonakala sengathi uhambo lwesitimela lwamakhilomitha ayizi-2 400 lwalungeke luphele.
Kwakungo-1944, futhi iMpi Yezwe II yayiseqophelweni layo eliphezulu. Kodwa ngangenzani lapha njengoba ngithunyelwa ejele? Nokho, ngokwengxenye enkulu kwakungenxa yalokho uBaba ayengifundise khona kusukela ebuntwaneni kuqhubeke. Ngokuvamile wayephetha noma iyiphi ingxoxo engathi sína ayeyixoxa nami ngokusebenzisa ekuphileni kwakhe siqu amazwi omhubi athi: “Izabelo zingehlele ezindaweni ezinhle.” Khona-ke wayengikhuthaza ukuba ngilwele okuhlangenwe nakho okufanayo.—IHubo 16:6.
Ukukhuliswa Ngokomoya
UBaba wayesangulukiswe izinto ayezibone eminyakeni emine lapho esebenza njengoSayitsheni ngesikhathi seMpi Yezwe I, ikakhulukazi lokho ayekubonile ngokuziphatha kobuzenzisi kwabefundisi. Ngakho ngo-1920, lapho umFundi WeBhayibheli oshisekayo echaza ikhambi likaNkulunkulu ezinkingeni zezwe, amaqiniso eBhayibheli athinta inhliziyo kaBaba futhi wasabela kahle. Umama naye waba nesithakazelo futhi waba inceku kaJehova ezinikezele. Ngakho-ke, mina nodadewethu uKay sathola ithuba lokukhuliswa ngokomoya.
Ngokuhamba kwesikhathi, ubaba wathengisa ibhizinisi lakhe, futhi yena noMama baqala ukuhambela amadolobha ngomsebenzi wabo wokushumayela wesikhathi esigcwele. Khona-ke, phakathi nonyaka wesikole ka-1928, lapho ngineminyaka eyisithupha ubudala uKay eneyisishiyagalombili, sabhaliswa ezikoleni eziyisishiyagalombili ezihlukene! Saqhubeka nalendlela yokuphila kokujikeleza izinyanga eziyi-18 ezalandela. Kodwa lapho kuba nzima ngokwengeziwe ukunikeza imfundo yethu ukunakekela okufanele, abazali bami bathenga isiteshi sikaphethiloli negalaji okwakuxhunywe kuso isitolo esincane esidayisa amakhekhe. Nokho, lezozinyanga eziyi-18 zokuphayona zashiya umuzwa ohlala njalo kimi nodadewethu.
Ikhaya lethu elaliseduze neHalifax, eNova Scotia, laliyikhaya elaliwavulekele njalo amaphayona nababonisi abajikelezayo. Ubaba wayephana futhi ewusizo kulabo ababedinga ukulungiselwa izimoto noma izingxenye zezimoto, kuyilapho umama yena enakekela izidingo zasendlini zezivakashi zethu eziningi. Nginezinkumbulo ezicacile zokuhlangenwe nakho okuqinisa ukholo okwakuxoxwa yilezo zisebenzi zesikhathi esigcwele. Ngiyasikhumbula futhi isikhathi lapho ngineminyaka eyi-18 ubudala futhi omunye wabazalwane abajikelezayo engimema ukuba ngihambe naye amasonto amathathu njengoba ayehambela amabandla aseduze. Lelolungelo engangingalilindele liye lahlala ligxilile engqondweni yami.
Injabulo Phakathi Nokuvinjelwa
Ngo-1940, lapho ngineminyaka eyi-17 kuphela, iziphathimandla zamemezela “Inhlangano yoFakazi BakaJehova,” njengengekho emthethweni nomsebenzi wokushumayela woFakazi wavinjelwa. IThe Watchtower yanyatheliswa ngokuyimfihlo endlini yakithi, kusukela lapho yahanjiswa kuso sonke isifundazwe saseNova Scotia. Ngikhumbula injabulo eyayiba khona lapho isithunywa sizofika phakathi kwamabili namastencil, amaphepha noyinki.
Phakathi nengxenye yokuqala yokuvinjelwa, sahlanganyela njengomkhaya ekusakazweni kwaphakathi kwamabili ezweni kabanzi kwencwajana ekhethekile enesihloko esithi End of Nazism. Kodwa kumelwe ngivume ukuthi inhliziyo yami yayishaya ngamandla njengoba ngangiphuma emotweni ebumnyameni balobo busuku obubandayo. Ubaba wasinikeza iziqondiso eziphuthumayo nezicacile. Khona-ke sahlukana futhi ngamunye wathatha indlela ehlukile.
Ungacabanga ngokukhathazeka esaba nakho lapho uKay engafiki emotweni ngesikhathi esasivumelene ngaso. Ngemva kokulinda isikhathi esingaphezu kwehora, yayingekho into esasingayenza ngaphandle kokuya ekhaya. Okwasikhulula kakhulu ukuthi wayelapho, esilinde ngokukhathazeka. Wayethathwe iphoyisa kodwa hhayi ngenxa yokusakaza izincwadi ezingekho emthethweni. Iphoyisa lalimbonile futhi lamangala ukuthi kungani intombazane enhle yayihamba yodwa emigwaqweni yaseHalifax ngamahora asekuseni ebusika obubandayo. Ngakho lapho licela ukumusa ekhaya, uKay wavuma—wayezihambise zonke izincwajana zakhe nokho. Umkhankaso waphumelela kahle kakhulu futhi wamenyezelwa kulo lonke elaseCanada.
Indlela Engaba Isiboshwa Ngayo
Ngemva kokuqeda esikoleni esiphakeme ngo-1941, ngasebenza umsebenzi wokuziphilisa cishe iminyaka emibili. Khona-ke ngaya emhlanganweni wesigodi eUnited States, lapho ngahlangana noMilton Bartlett, iphayona elishisekayo elinguntanga. Intshiseko yakhe ngeqiniso nenjabulo esobala ngobuphayona kwaba usizo kakhulu esinqumweni sami sokuyeka umsebenzi wokuziphilisa bese ngingenela inkonzo yesikhathi esigcwele ngoMarch 1943.
Njengoba ukuvinjelwa kwakusenamandla, ukushumayela ngeBhayibheli endlini ngendlu kwakuwumdlalo ongokoqobo wokubalekelana namaphoyisa. Esabelweni esisha eCharlottetown, esiQhingini iPrince Edward, ngangishisekela kakhulu ukuphuma ngiye enkonzweni ukuze ngibone indlela abantu ababezosabela ngayo kangangokuba ngakhohlwa ukuqaphela ikheli lalapho ngangihlala khona.
Ngangisahambele izindlu ezimbalwa nje lapho ngibanjwa iphoyisa, elasesha isikhwama sami futhi langibopha. Njengoba ngangingakwazi ukulinika ikheli, ngagcina ejele, lapho ngangingakwazi ukuxhumana nabanye izinsuku ezine. Ngenhlanhla, indodakazi kaFakazi ebandleni yezwa ngandlebenye isikhulu samaphoyisa sikhuluma ngoFakazi osemusha ababembambile, futhi lokhu kwaholela ekubeni abazalwane bangikhokhele ibheyili.
Icala lami lahlehliselwa izinyanga eziningana, futhi khona-ke ngaqhubeka nenkonzo yendlu ngendlu. Ngalesosikhathi nganikezwa esinye isabelo sokuya eGlace Bay, eNova Scotia. Izinyanga ezimbalwa kamuva, ngathola isamanisi lokuba ngivele enkantolo le eCharlottetown. Ngalilungiselela ngokuzimisela icala lami, ngethemba ukunikeza ubufakazi obunamandla ngenkonzo yami.
Umahluleli waneliseka ngokuthi nganginazo zonke izimfanelo zokuba umfundisi wenkolo. Nokho, wenezela ngokuthi, kwakuyisiko ukuthumela oFakazi BakaJehova emakamu asejele ngokuvumelana nemithetho yenkonzo yesizwe. Kungalendlela okwenzeka ngayo ukuba ngibe kulesositimela esasiya ekamu lasejele eMfuleni iChalk, eOntario. Phakathi neminyaka emibili eyalandela, ngathunyelwa emakamu amathathu ahlukene.
Inkululeko—Kodwa Izimpi Ezengeziwe
Ngakhululwa ngo-1946 futhi ngaqala kabusha ukuphayona eGlace Bay. Njengoba ukuvinjelwa koFakazi BakaJehova kwaqedwa, sasikhululekile futhi ukuba senze umsebenzi wethu eCanada sinokuvikelwa okungokomthetho. Indawo eyayihlukile kwakuyisifundazwe samaKatolika akhuluma isiFulentshi saseQuebec, lapho ukushushiswa okungokwenkolo kwakukukhulu khona. Ngaleyondlela kwaqala lokho okwabizwa ngokuthi iMpi yaseQuebec.
NgeSonto, ngoNovember 3, 1946, kwahlelwa umhlangano okhethekile eMontreal, owahanjelwa umongameli weWatch Tower Society kanye nabanye ababevela endlunkulu yaseBrooklyn. Ipheshana elalinesihloko esinamandla esithi Inzondo Evuthayo yaseQuebec ngoNkulunkulu noKristu kanye neNkululeko Iyihlazo Yalo Lonke ElaseCanada lakhululwa, futhi kwahlelwa isimiso sokusakaza ezweni kabanzi. Amaphayona amenyelwa ukuba abhalisele ikilasi elalizolandela laseGileyadi ukuze athole ukuqeqeshwa ukuze ahlonyiselwe ukuphikelela kulomkhankaso owawukhethekile waseQuebec. Ngabhalisa futhi ezinyangeni ezimbalwa ngathola isimemo sokuba sekilasini lesishiyagalolunye laseGileyadi.
Ukuphila Ezweni Elisha
Njengoba ngangizizwa ngilungele iQuebec, ngamangala kakhulu lapho, ngemva kokuthweswa iziqu ngithola isabelo njengombonisi wesifunda eOntario, eCanada, ukuze ngihambele amabandla akhuluma isiNgisi lapho. Nokho lokhu kwakungelutho uma kuqhathaniswa nokushaqeka engaba nakho ezinyangeni eziyisithupha kamuva lapho nginikezwa incwadi evela eNhlanganweni eyayiqukethe isabelo sokuya eAustralia.
Lapho kulelozwe elisha, isabelo sami sokuqala sasiwukukhonza isifunda esasihlanganisa lonke izwe laseNtshonalanga yeAustralia, indawo enkulu engamakhilomitha-skwele ayizi-2 528 000! Esinye isifunda sokuqala engasikhonza engxenyeni ephakathi yeAustralia sasihlanganisa amaphethelo akude abizwa ngokuthi iWilliam Creek. UFakazi okuwukuphela kwakhe lapho wayenesitolo sezimpahla okuwukuphela kwaso esiteshini sikaloliwe. Ngolunye usuku ngamangala lapho ngibona ujenga lwamakamela agitshelwe aboMdabu baseAustralia lusondela kancane esitolo. Babezothenga izimpahla. Ingxoxo yaqhubeka kanje:
Umthengi: Ngifuna amabhuthi.
Umninisitolo: Amakhulu noma amancane?
Umthengi: Amakhulu.
Intengiselwano yaphela kanjalo, futhi umthengi waphuma esitolo edonsa izinyawo eyolayisha amabhuthi akhe ekameleni. Kwangena omunye.
Umthengi: Ngifuna ingubo kalubra (igama lesiAborigine elisho inkosikazi).
Umninisitolo: Mkhulu ngomzimba noma mncane?
Umthengi: Mncane.
Ingubo yakhishwa, yakhokhelwa, futhi yafakwa esikhwameni ukuze ilayishwe ekameleni elilindile.
Nomlingane Womshado
Iminyaka emithathu ngemva kokufika eAustralia, ngashada nentombi enhle yaseBrisbane igama layo linguJune Dobson. Ngemva komshado wethu, saphayona unyaka owodwa ngaphambi kokuba simenyelwe emuva emsebenzini wokujikeleza, kuqala emsebenzini wesifunda kamuva emsebenzini wesigodi.
Ngingakashadi, ngakhonza ezindaweni eziningi ezingaphandle ngihamba ngesithuthuthu. Nokho, manje mina nomkami sasesihamba ngemoto. Umgwaqo ongaphesheya kweThafa elibi iNullarbor, lapho amazinga okushisa ngokuvamile enyuka adlule ama-46° C, wawungalungisiwe cishe indawo engamakhilomitha ayi-1 200 km futhi unothuli olucolekile. Lwalusakazeka, kangangokuthi imoto yayifana nesikebhe esigijima phakathi kwamanzi. Savala ngokucophelela yonke iminyango namafasitela ngetheyiphu evala ngci ukuze uthuli olunamandla noluyingozi lungangeni. Lokhu kwabangela ukuba izinga lokushisa ngaphakathi kwemoto liphakame ngokumangalisayo, kodwa okungenani kwasisindisa ekugubuzelweni insila nothuli.
Phakathi neminyaka yethu emsebenzini wesigodi, salinqamula kaningi izwekazi laseAustralia, sihambela amadolobha amaningi namadolobhakazi futhi sikhonza emihIanganweni yesifunda nganoma iziphi izindlela ezinokwenzeka. Lapho siqala umsebenzi wesigodi ngo-1953, kwakunesigodi esisodwa kuphela eAustralia. Manje sekunezinhlanu.
Ngo-1960 sathola isimemo esasingasilindele—ukuyokhonza eBethel yaseSydney eStrathfield. Umehluko uma kuqhathaniswa nomsebenzi wokujikeleza wawumkhulu, kodwa ekugcineni ngawujwayela umsebenzi wasehhovisi. Nokho, ngokushesha, sabhekana nokunye ukumangala. Ngemva kokukhonza eBethel izinyanga eziyi-18, mina noJune sathola isimemo sokuhlanganyela imfundo entsha yezinyanga eziyi-10 yaseSikoleni saseGileyadi.
Ngokuphambene nokufunda kwami kwangaphambili kwaseGileyadi eNingizimu Lansing, eNew York, manje sasiphakathi eBrooklyn, endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova. Lapho sithola iziqu, sabelwa ukuba sibuyele emuva eAustralia, emsebenzini wokujikeleza futhi. Sakhonza kuleyondima kwaze kwaba u-1981, lapho samenyelwa futhi eBethel yaseSydney. Lapho sakwazi ukuhlanganyela emsebenzini omkhulu wokuthutha lonke ihhovisi legatsha, ifektri, nomkhaya weBethel ukusuka eStrathfield ukuya ezakhiweni ezakhiwe kabusha eIngleburn, cishe amakhilomitha angama-48 ukusuka phakathi eSydney.
“Ezindaweni Ezinhle”
Lapha umsebenzi wami emnyangweni wenkonzo uyinjabulo yansuku zonke. Njengoba ngazi ngokoqobo abazalwane nodade abaningi kakhulu abavela kulo lonke izwekazi ngenxa yeminyaka eminingi emsebenzini wesigodi, ngizizwa ngikanye nababonisi besifunda njengoba imibiko yabo ifika isonto ngalinye. Imibiko yababonisi besigodi ingibuyisela emuva ezindaweni zokuhlangana nasemaHholo Emihlangano kanye nawo wonke umoya womhlangano wesifunda. Sinomkhaya waseBethel wabangaphezu kwe-110, sihlala endaweni ecishe ibe semaphandleni esuswe ngokwanele emsindweni nasemoyeni ongcolile wedolobha, mina nomkami sinomuzwa wokuthi ukuphila eBethel ukuba “sezindaweni ezinhle.” ngokuphelele
Ntambama ngolunye usuku lwasekwindla ngoMay 1984, umqondisi weKomiti Yegatsha, uH. V. Mouritz, wangitshela ngesizotha ukuthi iNdikimba Ebusayo yayingimise ukuba ngikhonze njengelungu leKomiti Yegatsha lase-Australia. Umuzwa wami ngaleyontambama wawufana ncimishi nenganginawo ngo-1947 lapho ngifunda incwadi eyayingabela ukuba ngikhonze kulelizwe elijabulisayo elingezansi.
Ukubukeza iminyaka yami yokuphila engama-65 enhlanganweni kaJehova kuwukuzwa ukugcwaliseka kweHubo 16:6 kumuntu siqu. Ngempela “izabelo” zingehlele “ezindaweni ezinhle.” Ukuba kwakumelwe ngikuhlele kabusha ukuphila kwami, ngempela ngangizokhetha inkambo engiyithathile ngaphandle kokungabaza. Awukho omunye umphumela ongajabulisa ngaphezu kwalona—nokuhlangenwe nakho okunomvuzo okufana nalokhu.