Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w89 3/1 k. 18
  • UJehova Usekela Izinceku Zakhe Ezithembekile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJehova Usekela Izinceku Zakhe Ezithembekile
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Iminyaka Engaphezu Kuka-50 ‘Yokuwela’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • UJehova Ubavuza Ngokucebile Labo Abagcina Indlela Yakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • “Abayikukwahlula”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • UJehova Wangiqinisa Ejele Lasogwadule
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
w89 3/1 k. 18

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

UJehova Usekela Izinceku Zakhe Ezithembekile

UJESU wathi: “Inceku ayinkulu kunenkosi yayo. Uma bengizingele mina, nani bayakunizingela.” (Johane 15:20) Kodwa izinceku zikaJehova ezithembekile ziyaqinisekiswa ngokuthi uyozisekela. (IHubo 18:2; Nahume 1:7) Ezweni laseAfrika lapho umsebenzi wokuthula woFakazi BakaJehova uvinjelwe ngokunamandla khona, uJehova wazisekela izinceku zakhe lapho zibhekene nokushaywa nokuboshwa, njengoba umbiko olandelayo ubonisa:

“Umbonisi wesifunda kanye nabazalwane abane bendawo baboshwa ngokungemthetho futhi bafakwa endlini encane ngokuvamile egcinelwe izinja ezidukile,” kusho umbiko. “Bagcinwa lapho izinsuku eziyi-123 begqoke nje izingubo zabo zangaphansi futhi bengavunyelwe ngisho nokuya endlini yangasese.” Ilungu elithile lePhalamende lezwa ngalezizimo zonya futhi laqala ukufaka isimangalo, futhi ekugcineni, ngemva kwezinsuku eziyi-123, abazalwane bakhululwa. UJehova wabasekela labazalwane abathembekile ngomoya wakhe.

Okunye okuhlangenwe nakho okuvela kulelizwe elifanayo kubonisa umphumela onenzuzo womsebenzi wethu wokushumayela.Umbiko uyalandisa: “Kwelinye idolobhana, abantu babenedumela lobudlova nokuvukela. Nokho, ngemva kokushumayela koFakazi BakaJehova lapho, abaningi baqala ukuhlonipha iziphathimandla zendawo futhi baqala ukuhlanganyela emsebenzini womphakathi wasemigwaqweni owenziwa masonto onke.” Enye inkosi yendawo yafuna ukwazi isizathu salolushintsho esimweni sengqondo sabantu futhi yatshelwa: “Kwakungenxa yemfundiso ‘yomfundisi’ woFakazi BakaJehova.” “Ngolunye usuku lenkosi yangimemela emzini wayo,” kusho uFakazi, “futhi yangikhuthaza ukuba ngiqhubeke nalomsebenzi omuhle. Yanginika isipho senkukhu enkulu ukuba ngiyidle nomkhaya wami.” Kwesinye isenzakalo, imeya yendawo yafika izovakashela umzalwane, futhi umzalwane wayamukela futhi wayinikeza ubufakazi. Imeya “yacela omagazini abathile futhi yathi, ‘Asiboni ukuthi kunengozi eniyenzayo. Qhubekani nenza izicelo. Asinasizathu sokunibopha. Ngicabanga ukuthi ngokushesha nje uMbuso uzoyisingatha inkinga yenu.’”

Iphayona elikhethekile liyabhala: “Ngemva kokumangalelwa unobhala weqembu lezombangazwe, inkosi yendawo yayaleza ukuba ngiboshwe futhi ngigqunywe ejele esitokisini esingcoliswe imishobingo yezilwane nomquba. Ngagcinwa kulobubumnyama izinsuku ezinhlanu. Endleleni ngiya lapho, ngakhuleka kuJehova futhi ngakhumbula iHubo 50:15. Onogada balapho babengizwela futhi bangawuvali ngokuphelele umnyango ukuze ngikwazi ukuhogela umoya ohlanzekile. Ngemva kwezinsuku ezinhlanu kulelijele, ngavivinywa, lapho benginika imbuzi ukuba ngiyiyise enkosini yendawo ngingagadiwe. Njengoba ngingabalekanga, nganikezwa inkululeko nsuku zonke kusukela ngo-3:00 p.m. kuya ku-7:00 p.m. Ngangikwazi ukuhlangana nabazalwane, futhi sishumayele ndawonye. Ngisho nakuba ngagula phakathi nalesikhathi esinzima nezitha zami zithemba ukuthi ngizokufa, uJehova akazange angishiye nanini. Lokhu okuhlangenwe nakho kuye kwangisondeza eduze noJehova, futhi ngiyaqiniseka ukuthi ushushiso alusoze lwangehlukanisa nabantu bakaJehova.”—Qhathanisa namaRoma 8:35-39.

OFakazi BakaJehova bayayazisa indlela uNkulunkulu abasekela ngayo ezikhathini zobunzima. Bayabazisa futhi nalabo abababonisa umusa njengoba beqhubeka nalomsebenzi osindisa ukuphila obaluleke kakhulu wokushumayela izindaba ezinhle. UJehova akasoze awukhohlwa umusa onjalo.—Mathewu 25:40.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela