Izifundo Ezivela EmiBhalweni: Mika 1:1–7:20
Ukulunga Negama LikaJehova Kuyaphakanyiswa
UMPROFETHI uMika wayephila ekhulwini lesishiyagalombili leminyaka B.C.E., isikhathi sokukhulekelwa kwezithombe nokungalungi kwaIsrayeli nakwaJuda. Izimo zangalesosikhathi zifana ncamashí nalezo namuhla ezande kangangokuthi izigijimi nezixwayiso zikaMika ziyasifanelekela isikhathini sethu. Futhi izindaba ezinhle azinikeza nazo zisinikeza ithemba langempela ezweni elibuswa uSathane.—1 Johane 5:19.
Mhlawumbe isigijimi sikaMika sifingqwe kahle kakhulu ezinkulumweni ezintathu ezilandelayo: “Wo . . . kwabenza okubi.” “UJehova ufunani kuwe, kungabi-ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?” “Thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu . . . kuze kube-phakade naphakade.”—Mika 2:1; 6:8; 4:5.
Ukukhulekela Izithombe Kuyalahlwa
UJehova akababekezeleli phakade abenzi bokubi. Ukukhulekela izithombe nobudlova kwandile kwaIsrayeli nakwaJuda. Khona-ke, uJehova unjengofakazi omelene nabo. Izithombe zabo zizophahlazwa. Abakhulekela izithombe bazoba ‘nempandla njengenqe’ futhi bazodingiswa.—1:1-16.
Kwabathembekile, uJehova uzibonakalisa enguNkulunkulu wethemba. Ababusi abanonya abaceba amacebo balahlwa njengamasela nabaphangi. Bayofikelwa inhlekelele. Nokho ‘ensalini yakwaIsrayeli’ kwenziwa isithembiso sokubuyiselwa. “Ngiyakubabeka ndawonye . . . njengomhlambi edlelweni lawo,” kusho uJehova.—2:1-13.
UJehova ulindele ukuba labo abathwele imithwalo yemfanelo phakathi kwabantu bakhe benze ukulunga. Kubaholi abacindezelayo bakwaIsrayeli, kuthiwa: “Akusikho okwenu ukwazi ukulunga nina enizonda okuhle, nithanda okubi, enebula kubo isikhumba sabo, nenyama yabo emathanjeni.” UMika, ‘egcwele amandla ngoMoya kaJehova ngokulunga, nangobuqhawe,’ umemezela izahlulelo zikaNkulunkulu ngokumelene nabo. Uthi, abaholi abangalungile, bahlulela ngokufunjathiswa, abapristi bafundisa ngenkokhelo, futhi abaprofethi babhula ngemali. Khona-ke, iJerusalema ‘liyoba yincithakalo.’—3:1-12.
Isigijimi Sethemba
Ukukhulekela kweqiniso kuyokwenziwa emhlabeni wonke. UMika uprofetha ukuthi “ezinsukwini ezizayo,” abantu bezizwe eziningi bayofundiswa ngezindlela zikaJehova. UNkulunkulu uyokwahlulela, futhi impi ngeke iphinde ibe khona. Abakhulekeli beqiniso ‘bayakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wabo kuze kube-phakade naphakade.’ Naphezu kokuthunjwa nobuhlungu, abantu bakhe bayokhululwa ezandleni zezitha zabo.—4:1-13.
Singathembela kuMkhululi kaNkulunkulu othenjisiwe. Umbusi ovela eBetlehema uyokwelusa ngamandla kaJehova. Kubikezelwa ‘ukophulwa kuma-Asiriya.’ Insali yabakhulekeli beqiniso iyoba njengamazolo aqabulayo nanjengezihlambi, futhi ziyosishulwa zonke izinhlobo zenkolo yamanga nobudemoni.—5:1-15.
Ukulunga KukaJehova Kuyochuma
UJehova ulindele ukuba abantu bakhe banamathele ezindinganisweni zakhe zokwahlulela ngokulunga nezokulunga. Wenzeni lé emenza afanelwe ukukhulekelwa okungcolile? Uye wenzela abantu bakhe okuhle. ‘UJehova ufunani kungabi-ngukwenza ukulunga, ukuthanda umusa, uhambe noNkulunkulu ngokuthobeka, na?’ Uma beqhubeka nobudlova nokucindezela kwabo okubi, bangalindela kuphela isahlulelo sakhe esibuhlungu.—6:1-16.
Kumelwe sithembele ekulungeni nasemseni kaJehova. Ngisho namalungu omkhaya ayoba yizitha. Kodwa uMika uthi: “Ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami; uNkulunkulu uyakungizwa.” Umprofethi uthembela ekulungeni kukaJehova, azi ukuthi uNkulunkulu “akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube-phakade, ngokuba wenamela umusa.”—7:1-20.
Izifundo esizifundayo namuhla: UJehova ulindele ukuba abantu bakhe benze ukulunga. Ngokuphathelene nokusebenzelana ngezamabhizinisi, umKristu kumelwe azibuze ngokufanelekile: “Ukhona ohlanzekile onesilinganiso esibi nesikhwama sezisindo ezikhohlisayo?” (6:11) Kulezinsuku zokugcina, bonke abantu bakaJehova kumelwe banikele ebunyeni benhlangano yakhe yasemhlabeni futhi bamukele ukufundiswa ezindleleni zakhe zokuthula. Kumelwe senze konke okusemandleni ethu ukuze siphakamise igama likaJehova futhi sithuthukise ukukhulekela kweqiniso.—2:12; 4:1-4.
[Ibhokisi ekhasini 14]
IZINGCAPHUNO ZEBHAYIBHELI ZIYAHLOLWA
○ 1:16—KwaIsrayeli, impandla yayihlanganiswa nehlazo, ukuzila, nosizi. (Isaya 3:24-26; 15:2, 3; Jeremiya 47:5) Ezinye izizwe ezingamaqaba zazikwenza umkhuba ukuphuca amakhanda azo ngesikhathi sosizi ngenxa yokufa kwesihlobo. Nakuba impandla engokwemvelo yayingacatshangelwa njengengahlanzekile ngaphansi koMthetho, amaIsrayeli kwakungamelwe aphuce amakhanda awo lapho ezila ngenxa yokuthi ‘ayengabantu abangcwele kuJehova.’ (Duteronomi 14:1, 2) Nokho, uMika watshela uIsrayeli noJuda ukuba baphuce izinwele zabo ngenxa yenkambo yabo yokukhulekela izithombe eyisono eyayibenza bangafaneleki njengabantu abangcwele neyayibenza bona kanye nenzalo yabo bafanelwe ukuthunjwa. Igama lesiHeberu elihunyushwe lapha ngokuthi ‘inqe’ lingabhekisela okhozini oluxubene nebhubesi, olunamaqubu athambile amhlophe ekhanda lalo. Nakuba lungesilo elohlobo olufanayo nenqe, lucatshangelwa njengoluwumkhaya ofanayo.
○ 2:12—Lamazwi athola ukugcwaliseka kwawo kosuku lwanamuhla kuIsrayeli ongokomoya. (Galathiya 6:16) Ikakhulukazi kusukela ngo-1919 kuqhubeke, insali egcotshiwe yavulelwa indlela yokuphuma ekuthunjweni kwayo yiBabiloni Elikhulu elingokwenkolo. (IsAmbulo 18:2) Njengoba uMika abikezela, baqoqwa ‘njengezimvu zaseBosira, njengomhlambi phakathi kwedlelo lawo.’ Njengoba “isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu’ siye sahlangana nabo kusukela ngo-1935, ngempela ‘kuye kwenziwa ukukhamuluka okuvela kubantu.’—IsAmbulo 7:9; Johane 10:16.
○ 3:1-3—Lapha kunomehluko oshaqisayo phakathi kukaJehova, uMalusi olungile, kanye nabaholi abanonya babantu bakhe basendulo ngosuku lukaMika. Laba behluleka ekuthunyweni kwabo kokuvikela umhlambi ngokwenza ukulunga. Bacindezela ngonya umhlambi ongokomfanekiso hhayi nje kuphela ngokuwuphundla kodwa futhi ‘nokuwebula isikhumba sawo’—njengezimpisi. Abelusi abonakele baphuca abantu ukulunga, bebabeka ngaphansi kwezenzo ‘zegazi.’ (3:10) Ngezahlulelo ezisontekile, abantu abangenakuzivikela baphangwa amakhaya abo nokuphila kwabo.—2:2; qhathanisa noHezekeli 34:1-5.
○ 4:3—‘Lezizwe eziningi’ ‘nezizwe ezinamandla’ akumelwe zihlanganiswe nezizwe zezombangazwe kanye nohulumeni. Kunalokho, lezi zingabantu ngabanye abavela kuzo zonke izizwe, abantu abashiya ubuzwe babo futhi baphendukele enkonzweni yobunye entabeni kaJehova yokukhulekela kweqiniso. (Isaya 2:2-4) UJehova ‘uyahlulela anqume’ ngendlela engokomoya ngenxa yalaba abakholwayo abamelela uMbuso wakhe. Lababantu ‘besixuku esikhulu’ bazivumelanisa nezahlulelo zaphezulu, imikhonto yabo beyenza amakhuba futhi kanjalo baphile ngokuthula noFakazi BakaJehova abakanye nabo.
○ 5:2—Cishe iBetlehema-Efratha labizwa kanjalo ngenxa yokuthi kwakunemizi emibili eyayibizwa ngokuthi iBetlehema. UMika ukhuluma ngalelo elikwaJuda, ngaseningizimu Jerusalema. Omunye umuzi wawuphezulu enyakatho, kwaZebuloni. (Joshuwa 19:10, 15) Elithi “Efrati,” noma “Efratha,” laliyigama lakuqala leBetlehema lakwaJuda noma indawo eyayilizungezile. (Genesise 48:7; Ruthe 4:11) Lelogama eliningilizayo ligcizelela ukushaya emhloleni kwezithembiso zikaNkulunkulu ezingokwesiprofetho ngokuphathalene noMesiya.
○ 6:8—UMika wayengalulazi ukubaluleka kweminikelo yokuhlawulela izono kodwa wayeqokomisa lokho okwakubaluleke ngempela emehlweni kaJehova. (Qhathanisa noDuteronomi 10:12.) Ukuze iminikelo yamukeleke kuJehova, isoni kwakumelwe sibonakalise izimfanelo zokulunga, umusa, nokuthobeka. Namuhla, uJehova ubheka okufanayo enkonzweni yethu.—1 Korinte 13:4-8.
○ 7:4—Ubobe nameva izitshalo ezingaklebhula ingubo futhi ziwengule inyama. UMika lapha wayechaza umonakalo ongokokuziphatha wesizwe osukwini lwakhe. Ngakho ngokusobala wayesho ukuthi ngisho nokungcono kakhulu phakathi kukaIsrayeli odukile kwakulimaza noma kubuhlungu njengobobe noma iva kunoma ubani osondela kakhulu eduze kwakho.
[Isithombe ekhasini 15]
UMika wabikezela indawo yokuzalwa kukaJesu