Ingabe Uzimisele Ukulalela UNkulunkulu?
LAPHO sifunda iBhayibheli, sikuqaphela ngokushesha ukuthi isimo sabantu ekhulwini lokuqala leminyaka sasifana nesethu ngezindlela eziningi. Kwakukhona ukuziphatha okubi nokungathembeki okukhulu, ikakhulukazi phakathi komakhelwane bamaIsrayeli ababengazithibi, kubo ukuziphatha okubi ngokuvamile kwakuyingxenye yenkolo. Ukuphila kwakungenakho ukuqiniseka ngabantu abampofu, futhi kwakukhona izinkinga ezingokwezombangazwe. Ngonyaka ka-66 C.E., i-Israyeli neRoma zazihileleke empini ephelele. Ngalezonsuku, njengoba kunjalo manje, abantu babedinga usizo.
Ngokwenkolo, ukufana phakathi kwalezonsuku nesikhathi sethu kuningi. Abaholi benkolo bobuJuda babengabazenzisi. (Mathewu 23:15; Luka 20:46, 47) Ezweni labangemaJuda, izimo zengqondo zenkolo zaziwuchungechunge olusukela enkolelweni yefilosofi yamaGreki yasendulo kuya ekukholelweni ezeni nomuzwa wokushisekela inkolo ngokweqile. (Qhathanisa nezEnzo 14:8-13; 19:27, 28) Ngisho nasebandleni lobuKristu elisha ngokuqhathaniswa namanye, izinto zazingalungile. Ekupheleni kwekhulu leminyaka, umphostoli uJohane waxwayisa: “Abakhohlisi abaningi baphumele ezweni.” (2 Johane 7) Yebo, nasemuva lapho, kwakunikezwa iseluleko mbumbulu endabeni yenkolo. Nokho, usizo olunokwethenjelwa lwalukhona.
Ingabe Wawuyomlalela UJesu?
UJesu nguyena owayenikeza iseluleko esizwakalayo ngalezonsuku. Sasishukumisa kangangokuthi sifunda lokhu ngemiphumela yaso: “Izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe.” (Mathewu 7:28) Kodwa bambalwa kulezozixuku abakulalela ngempela lokho ayekusho. UJesu wenza imisebenzi yezimangaliso futhi wabeka isibonelo esihle sokuphila nokuziphatha kokwesaba uNkulunkulu. Nokho, ngisho nabaholi abacatshangelwa njengabafunde kangcono benqaba ukubona inzuzo yalokho ayekusho. Ngani?
Ngezinga elikhulu, kwakuyindaba yobandlululo. Abanye bambukela phansi uJesu ngenxa yokuthi wayevela eNazaretha. Abanye bamenqaba ngenxa yokuthi akazange afunde kwesinye sezikole zabo nokuthi wayengahlobene nesigaba esibusayo. (Johane 1:46; 7:12, 15, 47, 48) Ngaphezu kwalokho, uJesu akazange ngaso sonke isikhathi akhulume lokho abantu ababefuna ukukuzwa. Wakhuluma iqiniso kuphela, futhi abaFarisi, ngokwesibonelo, ngokuvamile amazwi akhe ayebacasula. (Mathewu 15:12-14) Ngempela, ngemva kokuba eseshumayele iminyaka emithathu nengxenye, abaholi benkolo bobuJuda bambulala. (Luka 23:20-35) Yeka ithuba elihle abalilahla, kwazise uJesu ‘wayenamazwi okuphila okuphakade’!—Johane 6:68.
Uma wawuphila eJerusalema ngalesosikhathi, ingabe wawuyolandela abaholi benkolo kanye nesixuku? Noma ingabe wawuyoba nomqondo ovuleke ngokwanele ukuba uthole umqondo walokho uJesu ayekusho? Uma kunjalo, wawuyoba njengowesifazane ophawulekayo uJesu ahlangana naye ohambweni lwakhe.
Umuntu Owalalela
Wahlangana nalo wesifazane ngenkathi edabula eSamariya. Wayehleli phansi eceleni komthombo ukuze aphumule, owesifazane weza ezokha amanzi esahleli lapho. Asilazi igama lakhe, kodwa iBhayibheli lilandisa ukuthi uJesu, naphezu kokukhathala, wasebenzisa lelothuba ukuze akhulume naye ngenkolo.—Johane 4:5-15.
Manje, zaziziningi izizathu ezazingabangela lowesifazane ukuba angakunaki ukuqalisa kukaJesu ingxoxo. Wayengowenkolo ehlukile—indlela yamaSamariya yokukhulekela yayihlukile kweyamaJuda. Futhi, amaJuda ayewabukela phansi amaSamariya futhi enqaba ukudlelana nawo. Khona-ke, ngokufanayo, amadoda angamaJuda ngokuvamile ayengakhulumi nowesifazane ayengamazi. (Johane 4:9, 27) Ngokungaphezulu, lowesifazane wayephila ukuphila kokuziphatha okubi, futhi kungenzeka ukuthi wayengathukuthela uma ecabanga ukuthi angase agxekwe noma izono zakhe zichaywe.—Johane 4:18.
Nokho, leyo akuyona indlela asabela ngayo. Kunalokho, wabuza imibuzo enengqondo lapho esabela enkulumweni kaJesu yokuhlakanipha evusa isithakazelo. Njengoba ingxoxo yayithuthuka, waqunga isibindi wakhuluma ngendaba enzima, ebhekisela ekwehlukaneni okungokwenkolo okwakukhona phakathi kwamaJuda namaSamariya. UJesu waphendula ngomusa kodwa ngokungagunci, etshela owesifazane: “Nina nikhuleka kweningakwaziyo, thina sikhuleka kwesikwaziyo.” (Johane 4:19-22) Kodwa akazange acasuke. Umqondo wakhe ovulekile wawukulungele ukulalela okwengeziwe.
Ngakho uJesu waqhubeka nesimemezelo esibalulekile: “Kodwa isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso; ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo. UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bafanele ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.” (Johane 4:23, 24) Kamuva, lowesifazane onomqondo ovulekile wabonisa ukwazisa ngokutshela omakhelwane bakhe ngentshiseko lokho ayekuzwile. Nabo bafuna ukwaziswa okuqhubekayo ngokulalela amazwi kaJesu.—Johane 4:39-42.
Yini esingayifunda kulokhu? Nokho, uma sihlala endaweni lapho kunobandlululo olunamandla lwezinhlanga, lwezizwe, lwezinkolo, sisabela kanjani lapho othile wohlanga oluhlukile, isizwe, noma inkolo ekhuluma nathi? Ingabe siyenqaba ukukhuluma lapho izinto okuxoxwa ngazo zingase zisiveze singabanephutha? Noma, sizimisele okungenani ukukhuluma njengowesifazane ongumSamariya?
Ingabe Wawuyomlalela UPawulu?
Omunye owanikeza iseluleko esihle phakathi nekhulu lokuqala leminyaka kwakungumphostoli uPawulu. Ngesinye isikhathi uPawulu naye wake waba nomqondo ovalekile. Wavuma: “Kade ngingohlambalazayo, nozingelayo, nohluphayo; kodwa ngahawukelwa ngokuba ngakwenza ngokungazi, ngokungakholwa.” (1 Thimothewu 1:13) Nokho, walamukela iqiniso eliphathelene noJesu Kristu futhi walahla ubandlululo lwakhe. Isibonelo sakhe sibonisa ukuthi iqiniso leBhayibheli lingasiza ‘ekubhidlizeni izinqaba’ enhliziyweni uma izinto ezinjalo ziyingozi enhlala-kahleni yethu.—2 Korinte 10:4.
Lapho esengumKristu, uPawulu waqhubeka ngesibindi esakaza izindaba ezinhle ayezifundile. Futhi njengoba kwakungalindeleka, wahlangabezana nesimo esifanayo sokuba nomqondo ovalekile naye ngokwakhe ake aba naso—kodwa hhayi ngaso sonke isikhathi. EBereya, enyakatho yeGrisi, wathola abantu abanezinhliziyo ezithobekile ababeka isibonelo esihle sendlela yokulalela iseluleko. Laba balizwa iqiniso emazwini kaPawulu. Ngakho, “balamukela izwi ngenhliziyo yonke.” Kodwa babenomqondo ovulekile, bengadukiswa kalula. “Bahlolisisa imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezozinto.” (IzEnzo 17:11) Bakuthanda lokho ababekuzwile, nakuba bahlola ukuvunyelwa kwakho yiBhayibheli ngaphambi kokuba bakwamukele ngokuphelele.
“Vivinyani Konke”
Osukwini lwethu, oFakazi BakaJehova bachitha isikhathi esiningi belwela ukuhlanganyela izindaba ezinhle zoMbuso nomakhelwane babo abangabezinye izinkolo. Ikuphi ukusabela oFakazi abakutholayo? Abantu abaningi abanobungane bayakujabulela ukubamukela. Kodwa abaningi bayenqaba, futhi abaningi bayathukuthela ngisho nokuthukuthela ngenxa yokuhambela koFakazi.
Lokhu kuyadabukisa, ngoba lokho oFakazi BakaJehova abafuna ukukhuluma ngakho kuthiwa “izindaba ezinhle” eBhayibhelini. (Mathewu 24:14, NW) Ngaphezu kwalokho, bakhuthaza isimo sengqondo somphostoli uPawulu, owathi: “Vivinyani konke, nibambisise okuhle.” (1 Thesalonika 5:21) Ngokuqinisekile, ngisho noma umuntu enemibono eqinile, njengabantu baseBereya nowesifazane ongumSamariya, kufanele abe nomqondo ovuleke ngokwanele ukuba akhulume ngoNkulunkulu nabanye.
Kungani Kufanele Ube Nomqondo Ovulekile?
Ngokujabulisayo, amakhulu ezinkulungwane zabantu unyaka ngamunye enza lokho kanye. Abaningi bafunda ukuqaphela ukuhlakanipha okuqukethwe eBhayibhelini, futhi imiphumela ingokoqobo, izinguquko ezihlala njalo ekuphileni kwabo. Abanye ngaphambili babenjengoJanet, owesifazane osemusha onomlando omude wokusebenzisa kabi izidakamizwa notshwala ekugcineni owashukunyiselwa ukuba azame ukuzibulala. Namuhla, uJanet ungumuntu ojabulayo ongumKristu. Ukutadisha kwakhe iBhayibheli kwamsiza ukuba azuze amandla okulandela iseluleko sikaPawulu: “Masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya.”—2 Korinte 7:1.
UVernon wayengumlutha wotshwala, futhi umshado wakhe wawusengozini yokuchitheka. Kodwa ukulandela iseluleko seBhayibheli kwamenza wakwazi ukunqoba lenkinga futhi wabuyisana nonkosikazi wakhe. (1 Korinte 6:11) UDebra wayenobandlululo olunamandla lohlanga. Kodwa isifundo seBhayibheli nokuhlangana nabantu abangamaKristu kwamsiza ukuba alungise ukucabanga kwakhe. (IzEnzo 10:34, 35) Futhi ubani owayengakholelwa izinguquko ezazingenzeka ekuphileni kwesifebe esisesisha saseNetherlands ngenkathi, ngolunye usuku, sivuma ukwamukela ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova? Ngokushesha, sabe sesingumKristu obhapathiziwe ophila ukuphila okuhlanzekile futhi onakekela abantwana bakhe ngokubacabangela.
Okuhlangenwe nakho okunjalo kuyaphindaphindwa izikhathi eziningi njengoba abantu belalela lokho iBhayibheli elikushoyo. Ukuphila kwabo kuthuthukiswa ngezindlela abaningi babo abangakaze bacabange ukuthi zingenzeka. Okubaluleke kakhulu, bazuza ubuhlobo noNkulunkulu, ukuze bakwazi ukuthandaza kuye ngobuqotho ‘njengoBaba wethu osezulwini.’ (Mathewu 6:9) Futhi bazuza ithemba eliqinisekile elingenakwephulwa lesikhathi esizayo njengoba bebona ubuqiniso bamazwi kaJesu: “Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.
Lolu uhlobo lokwaziswa oFakazi BakaJehova abafuna ukuxoxa ngalo lapho benza inkonzo yabo futhi bevakashela omakhelwane babo. Ngokunokwenzeka, bazophinde bakuvakashele maduze nje. Ingabe uyoba nomqondo ovuleke ngokwanele ukuba ubalalele?
[Isithombe ekhasini 7]
Owesifazane waseSamariya akazange avumele ubandlululo lumvimbele ukuba alalele uJesu. Ingabe unomqondo ovulekile ngokufanayo?