Abamemezeli BoMbuso Bayabika
‘Iqiniso Liyakunikhulula’—Futhi Lilethe Injabulo
EBRITHANI, iqiniso leBhayibheli liye lakhulula abantu abangaphezu kwezi-113 000, futhi abengeziwe bamukela iqiniso nsuku zonke. Ngempela amazwi kaJesu ayagcwaliseka: “Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” (Johane 8:32) Lenkululeko iphumela enjabulweni, njengoba okuhlangenwe nakho okulandelayo okuvela eBrithani kubonisa.
◻ Ngenkathi uPenny esenkonzweni yendlu ngendlu, kulandisa ihhovisi legatsha, owesifazane osekhulile wamtshela ngokhahlo ukuthi, “Ngimatasatasa.” UPenny waphendula ngokuthi wayezobuya futhi. Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, ngesikhathi ayengavamile ukuvakasha ngaso, wayehambela abebengekho emakhaya futhi engahlosile wangena endlini efanayo. Lowesifazane osekhulile wavula umnyango futhi wamngenisa uPenny. “Bengazi ukuthi uzobuya,” washo, “futhi bengikulindele.” Baxoxa ngethemba loMbuso, futhi lowesifazane wathi wayethemba ukuthi lokho kuyoba iqiniso. Wayeneminyaka engama-79, futhi kwase kudlule iminyaka emithathu umyeni wakhe ashona. Wayengatholanga nduduzo esontweni lakhe futhi wayengasiboni isizathu sokuphila. Wayefuna ukufa. Kamuva, ngemva kokuba uPenny eqalise isifundo seBhayibheli naye, watshela uPenny ukuthi wayekade ecabanga ukuzibulala kodwa wayazi ukuthi akulungile. Wayethandaze kuNkulunkulu ecela ukuba amnikeze induduzo futhi amsize ukuba aphinde abe nethemba. Kancane kancane, njengoba ayetadisha, ukudumazeka kwakhe kwaphenduka ithemba, enokuqiniseka okujulile futhi ebonga kuJehova. Wabunqamula ubuhlobo bakhe bakho konke ukuphila kwesikhathi esidlule nesonto, wabhapathizwa eneminyaka engama-80 ubudala, futhi manje ukhonza njengommemezeli ovamile onentshiseko enkulu. Ngempela, iqiniso leZwi likaNkulunkulu liye lamkhulula futhi lamlethela injabulo enkulu.
◻ Iqiniso ngoMbuso kaNkulunkulu liletha inkululeko ebugqilini benkolo yamanga. Lingaguqula nobuntu bomuntu, futhi lolushintsho ngokuvamile luhlaba abanye umxhwele futhi lubasize ukuba babone iqiniso, njengoba okuhlangenwe nakho okulandelayo kubonisa.
Owesifazane osemusha wangqongqoza ekhaya likaFakazi futhi wacela isifundo seBhayibheli. Yini eyabangela lokhu? Abazali balo wesifazane babetadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, futhi umphumela okwaba nawo kubazali bakhe—ikakhulukazi kuyise—wawuphawuleka kakhulu futhi uhlaba umxhwele kangangokuthi indodakazi yakhe yamangala ngempela. Uyise, owayebhema ogwayi abangama-80 ngosuku, wayeka ukubhema ngokuphelele ngenkathi echazelwa ukuthi uJehova akakwamukeli. Cishe ngokushesha ngemva kwalokho waphindisela kubaqashi bakhe zonke izimpahla ayezebile esikhathini eside esidlule. Indodakazi yaba nomuzwa wokuthi noma yini eyayingathonya abazali bayo ngaleyondlela ngokuqinisekile kufanele icwaningisiswe. Manje abazali babhapathizwe, futhi indodakazi iba khona kuyo yonke imihlangano.
Iqiniso uJesu alimemezela laletha injabulo kulabo okukhulunywe ngabo ngenhla nakwabanye abangenakubalwa. Lingenza okufanayo nakunoma ubani owamukela iqiniso leBhayibheli futhi alisebenzise ekuphileni kwakhe.—IHubo 19:7, 8.