Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w89 8/1 k. 29
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amaphuzu Avelele Encwadi YesiLilo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-⁠25—IsiLilo
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Ingabe Ikhona Inzuzo Ekuhluphekeni?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • “Ngifaké Amazwi Ami Emlonyeni Wakho”
    UNkulunkulu Ukhuluma Nathi NgoJeremiya
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
w89 8/1 k. 29

Imibuzo Evela Kubafundi

◼ Kungani IsiLilo 4:10 sibiza omama abadla abantwana babo ngokuthi ‘abesifazane abahawukelayo’?

Echaza isimo samaJuda esisabisayo phakathi nokuvinjezelwa kweJerusalema iBabiloni ngo-607 B.C.E., uJeremiya wabhala: “Izandla zabesifazane abahawukelayo zapheka izingane zabo; zazingukudla kwabo ngokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.”—IsiLilo 4:10.

Emakhulwini eminyaka ngaphambili, uMose wayexwayise amaIsrayeli ngokuthi ikusasa lawo laliyophawulwa ‘yisibusiso’ noma ‘yisiqalekiso.’ Ayeyojabulela izibusiso uma egcina imiyalo kaNkulunkulu, kodwa ayeyozilethela ukuhlupheka uma ayezenqaba izindlela zakhe zokulunga. Omunye wemiphumela ebuhlungu wawuwukuthi amaIsrayeli ayeyophoqeleka ukuba adle abantwana bawo siqu. (Dutenoromi 28:1, 11-15, 54, 55; 30:1; Levitikusi 26:3-5, 29) Lokhu kwenzeka ngempela ngemva kokuba uJehova eyekelele lesizwe esingenalukholo, esingalaleli ezandleni zabaseBabiloni.

KusiLilo 4:10 umprofethi uJeremiya usebenzisa iqiniso elaziwa kahle lokuthi umama ngokwemvelo unenhliziyo enomusa, uyahawukela, futhi uyabavikela abantwana bakhe. (1 AmaKhosi 3:26, 27; 1 Thesalonika 2:7) Nakuba kunjalo, ukuntuleka kokudla eJerusalema elivinjezelwe kwakukukhulu nendlala ngenxa yalokho yayiphoqa kangangokuthi omama ngokuvamile ababengaba abahawukelayo bayibilisa futhi bayidla njengamazimu inzalo yabo.—Qhathanisa nesiLilo 2:20.

Isimo esifanayo saba khona ngemva kokuba amaJuda enqabe uMesiya, owayexwayise ngokuvinjezelwa okuzayo kweJerusalema. (Mathewu 23:37, 38; 24:15-19; Luka 21:20-24) Isazi-mlando uJosephus sachaza obunye bobuhlungu balokho kuvinjezelwa ngo-70 C.E.: “UMaria indodakazi kaEliyazare . . . wabulala indodana yakhe, wayeseyithosa wadla ingxenye eyodwa, eyifihla futhi eyonga esele.”—The Jewish War, ehunyushwe nguG. A. Williamson, isahluko 20, ikhasi 319.

Ngempela, ukulahla imithetho nezindlela zikaNkulunkulu akuyona inkambo yokuhlakanipha.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela