UMthetho Wegolide—Uyini?
“BHEKA! Angibahluphi omakhelwane bami. Ngokwami ukubona, bangenza abakuthandayo. Kodwa, yiqiniso, uma bengaba sebunzimeni, ngingenza okusemandleni ami ukuze ngisize.” Ingabe nawe unalowo mbono? Lapho kuvela izinhlekelele, izenzo zomusa nezokuzidela zingase zibe ziningi, ngokuvamile okuyinto emangaza abantu abaningi. Kodwa ingabe lokhu kwanele?
Uma ungumzali, ngokungangabazeki ubayalile abantwana bakho ukuba bagweme ukusukela izingane abadlala nazo. Abaningi bethu banezibazi abazithola ebusheni babo ezibonisa ukuthi ukungasinaki leso siqondiso kunemivuzo yako. Yebo, sikufundile ukuhlakanipha komthetho wokuziphatha owacaciswa isazi sefilosofi saseMpumalanga uConfucius: “Ongafuni ukuba kwenziwe kuwe, musa ukukwenza kwabanye.” Nokho, ingabe uyaqaphela ukuthi lena kumane nje kuyinguqulo esezingeni eliphansi, yokungenzi yalokho okwaziwa ngokuthi uMthetho Wegolide?
Umthetho Wokwenza
NgokweWebster’s New Collegiate Dictionary, “umthetho wegolide” uchazwa ngokuthi “umthetho wokuziphatha okufanele obhekisela ku[Mathewu] 7:12 naku[Luka] 6:31 futhi othi umuntu kufanele enze kwabanye njengoba engathanda ukuba abanye benze kuye.” Bheka ebhokisini elisezansi kulelikhasi bese ucabangela izindlela ezihlukahlukene izinguqulo zeBhayibheli zikaMathewu isahluko 7, ivesi 12 ezikuvumela ngayo ukuhlakanipha kwalesimiso esiqondisayo ukuba kukhanye ngazo.
Siza uphawule ukuthi nakuba amazwi ehluka enguqulweni ngayinye, umthetho usesimweni sokwenza. Futhi-ke, njengoba uJesu abonisa ngaphambili eNtshumayelweni yaseNtabeni: “Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa. Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uzakuvulelwa.” (Mathewu 7:7, 8) Ukucela, ukufuna, ukungqongqotha, konke kuyizenzo okumelwe zenziwe. UJesu waqhubeka, “ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo.”—Mathewu 7:12.
IBhayibheli libonisa ukuthi abafundi bakaJesu nabo bakugcizelela ukuphila ngawo lomthetho. (Roma 15:2; 1 Petru 3:11; 3 Johane 11) Nokho, ngokudabukisayo isimo samanje sobuhlobo babantu sifakazela ukuthi, ngokuvamile, abantu abawulandeli, kungakhathaliseki ukuthi bangamaKristu ngegama noma cha. Ingabe lokhu kusho ukuthi lomthetho wokuziphatha okufanele awusasebenzi? Ingabe mhlawumbe usuyisidala?
[Ibhokisi ekhasini 3]
“Yenza kwabanye abantu konke ongathanda ukuba bakwenze kuwe.”—The Holy Bible, ehunyushwe nguR. A. Knox.
“Phatha abanye abantu ngendlela efana nsé naleyo ongathanda ukuba bakuphathe ngayo.”—The New Testament in Modern English, kaJ. B. Phillips.
“Noma yini ofisa ukuba abanye bayenze kuwe futhi bakwenzele yona, nawe yenze kubo futhi ubenzele yona kanjalo.”—The Amplified New Testament.
“Yenzela abanye konke ofuna bakwenzele khona.”—The New Testament in the Language of Today, kaW. F. Beck.
“Khona, ngazo zonke izindlela phatha omakhelwane bakho ngendlela ongafisa ukuba bakuphathe ngayo.”—The Four Gospels, ehunyushwe nguE. V. Rieu.
“Kumelwe usebenzelane nabanye ngendlela ongathanda ukuba basebenzelane ngayo nawe.”—The New Testament, kaC. B. Williams.