Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w89 12/1 k. 3
  • Ingabe Ubuhle BukaNkulunkulu Buyakukhanga?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ubuhle BukaNkulunkulu Buyakukhanga?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izimfanelo ZikaNkulunkulu Eziyinhloko
  • Izinga Elimangalisayo Lobuhle BukaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Ubuhle BukaJehova Obuchichimayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • “Yeka Ukuthi Bukhulu Kangakanani Ubuhle Bakhe!”
    Sondela KuJehova
  • UJehova—Isibonelo Sobuhle Esizidlula Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
w89 12/1 k. 3

Ingabe Ubuhle BukaNkulunkulu Buyakukhanga?

INGABE unaye umngane oseduze kakhulu? Uma kunjalo, ingabe uke ucabange ngalokho okwakukhanga kulowomuntu? Ingabe kwakuyindlela abukeka ngayo? Ingabe kwakungenxa yokuthi naninesithakazelo ezintweni ezifanayo? Noma ingabe kwakuyizimfanelo ezijulile, njengomusa noma ukuhlakanipha? Um imfanelo eyaqinisa ubungane benu kwakuwubuhle, khona-ke ninobuhlobo obuyigugu ngempela. Ubuhle boqobo buyimvela kancane namuhla lapho, ikakhulukazi, abantu ‘bengakuthandi’ khona “okuhle.”—2 Thimothewu 3:3.

KumKristu, ubuhlobo obubaluleke kakhulu ekuphileni akubona obenziwa nomuntu kodwa obenziwa noNkulunkulu. Ngakho lapho ucabanga ngalobuhlobo, ingabe uye wacabanga ngokuthi: ‘Iyiphi ezimfanelweni zikaNkulunkulu engisondeza eduze kakhulu noNkulunkulu?’

Izimfanelo ZikaNkulunkulu Eziyinhloko

Eqinisweni, iBhayibheli lichaza izimfanelo zikaNkulunkulu eziningi ezivelele. Ngokuvamile ezine eziqokonyiswayo ziwuthando lwakhe, ukulunga kwakhe, ukuhlakanipha kwakhe, namandla akhe amakhulu. (Duteronomi 32:4; Jobe 12:13; IHubo 147:5; 1 Johane 4:8) Uma bekungadingeka sikhethe phakathi kwalezimfanelo ezine ezivelele, mhlawumbe singathi uthando lukaNkulunkulu yilona olwasikhanga ngokuyinhloko. Nokho, okuhlobene eduze nothando lwakhe ubuhle bakhe obudlula konke. Abalobi beBhayibheli babhala ngokucacile ngalokhu, futhi ubuhle obunjalo bungaletha abantu ebuhlotsheni obunempilo, nobuhle noMdali wabo.

Ngokwesibonelo, ngasekupheleni kwekhulu leminyaka lesithupha B.C.E., umprofethi uZakariya wazwakalisa lokhu kumangala ngoJehova: “Yeka ubukhulu bobuhle bakhe, futhi yeka ubukhulu bomusa wakhe!” (Zakariya 9:17, NW) Eminyakeni eminingi ngaphambi kukaZakariya, uIsaya wadumisa uNkulunkulu ngendlela efanayo lapho ebhala lokhu: “Ngiyakubonga umusa kaJehova, . . . nokuhle okuningi phezu kwendlu kaIsrayeli ayisebenzele khona.”—Isaya 63:7.

Emakhulwini eminyaka amathathu ngaphambili, iNkosi uDavide yayibhale ngendlela ethinta inhliziyo ngobuhle bukaNkulunkulu. UDavide wabhala ngokusekelwe kokuhlangenwe nakho, njengoba ayejabulele lobubuhle kukho konke ukuphila kwakhe. UNkulunkulu wayemuhle ngokwedlulele kuDavide, ikakhulukazi ngemva kwezono zakhe ezingathi sína ngokuqondene noBati-Sheba nendoda yakhe u-Uriya, lapho uNkulunkulu embonisa isihawu. (2 Samuweli 12:9, 13) KumaHubo 31:19, uDavide washo lokhu enokwazisa: “Yeka ubukhulu bomusa wakho [obagcinele, NW] wona abakwesabayo.”

Ingabe ubuhle bukaNkulunkulu ubazisa njengoba kwenza labo bakhulekeli bakhe basendulo? Uma kunjalo, uyojabulela “ukuthula kukaNkulunkulu” kwangempela “okudlula ukuqonda konke,” futhi uyoshukumiseleka ngokujulile ukuba wenze intando kaNkulunkulu ngazo zonke izikhathi. (Filipi 4:7) Ake sicabange manje okomzuzwana ngalokho ubuhle bukaNkulunkulu obukuhlanganisayo nendlela izinga labo elimangalisa ngayo. Lokhu ngokuqinisekile kuyojulisa ukumazisa kwethu uBaba wethu osezulwini onothando.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela