Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w89 12/15 kk. 8-9
  • Ukuqala Kosuku Olubucayi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuqala Kosuku Olubucayi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuqala Kosuku Olubucayi
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Usebenzisa Isihlahla Somkhiwane Ukuze Afundise Ngokholo
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Yilowo Nalowo Uyohlala Ngaphansi Komkhiwane Wakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Ukukhumbula Izinsuku Zokugcina ZikaJesu Esemhlabeni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
w89 12/15 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Ukuqala Kosuku Olubucayi

LAPHO uJesu ephuma eJerusalema ngoMsombuluko kusihlwa, uphindela eBethaniya emmangweni ongasempumalanga weNtaba yemiNqumo. Sekuphele izinsuku ezimbili zenkonzo yakhe yokugcina eJerusalema. Akungabazeki ukuthi uJesu ubuye achithe ubusuku enomngane wakhe uLazaru. Kusukela efikile evela eJeriko ngoLwesihlanu, lobu ubusuku bakhe besine eseBethaniya.

Manje, ngoLwesibili ekuseni, ngoNisan 11, yena nabafundi bakhe basendleleni futhi. Lolu lubonakala luwusuku olubucayi lwenkonzo kaJesu, olumatasa kakhulu kunezinye. Usuku lokugcina abonakala ngalo ethempelini. Futhi usuku lokugcina lwenkonzo yakhe yasobala ngaphambi kokuvivinywa nokubulawa kwakhe.

Bahamba endleleni efanayo phezu kweNtaba yemiNqumo belibangise eJerusalema. Ngakuleyondlela esuka eBethaniya, uPetru ubona umuthi oqalekiswe uJesu ngosuku olwandulelayo ekuseni. “Rabi, bheka,” ebabaza, “umkhiwane owuqalekisileyo ubunile.”

Kodwa uJesu uwubulaleleni lomuthi? Uyabonisa ukuthi kungani lapho eqhubeka ethi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa, ningangabazi, aniyikwenza okomkhiwane kuphela, kodwa noma nithi kulentaba [iNtaba yemiNqumo abami kuyo]: Nqukuleka, uphonseke elwandle, kuyakwenzeka; nakho konke eningakucela ngokukhuleka nikholwa niyakukwamukeliswa.”

Ngakho ngokubunisa umuthi, uJesu unikeza abafundi bakhe isifundo ngokwenza isibonelo ebonisa isidingo sokuba babe nokholo kuNkulunkulu. Njengoba esho: “Konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba-nakho.” Yeka isifundo esibalulekile sokuba basifunde, ikakhulukazi uma kubhekwa izilingo ezisabisayo ezizobehlela ngokushesha! Nokho, kusenokunye ukuhlangana phakathi kokubuna komkhiwane nokuqina kokholo.

Isizwe sakwaIsrayeli, njengalomkhiwane, sinokubonakala okukhohlisayo. Nakuba lesizwe sisebuhlotsheni besivumelwano noNkulunkulu futhi ngaphandle singase sibonakale silalela imiyalo yakhe, siye sazibonakalisa singenalo ukholo, singenazo izithelo ezinhle. Ngenxa yokuntula ukholo, senqaba ngisho nokwenqaba iNdodana kaNkulunkulu! Ngakho, ngokubunisa umkhiwane ongatheli, uJesu ubonisa ngokucacile ukuthi uyoba yini umphumela walesizwe esingenazithelo, esingenalukholo.

Ngokushesha, uJesu nabafundi bakhe bangena eJerusalema, futhi njengomkhuba wabo, baya ethempelini, lapho uJesu eqala khona ukufundisa. Abapristi abakhulu namalunga abantu, ngokungangabazeki becabanga ngesenzo sikaJesu ngosuku olwandulelayo ngokumelene nabashintsha imali, bayamlinga: “Lokhu ukwenza ngagunya lini na? Ngubani okuniké leligunya ukuze wenze lokhu na?”

Ephendula uJesu uthi: “Ngizakunibuza izwi libe-linye, nize ningiphendule; yikhona ngizakunitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini. Ukubhapathiza kukaJohane kwavela ezulwini noma kubantu na?”

Abapristi namalunga baqala ukubonisana ngokuthi bazophendula kanjani. “Uma sithi: Ezulwini, uzakuthi: Pho, anikholwanga nguye ngani na? Kepha uma sithi: Kubantu—besaba isixuku, ngokuba bonke bathi uJohane ungumprofethi impela.”

Abaholi abazi ukuthi baphendule bathini. Ngakho baphendula uJesu ngokuthi: “Asazi.”

UJesu, naye, uthi: “Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.” Mathewu 21:19-27; Marku 11:19-33; Luka 20:1-8.

◆ Yini ebalulekile ngoLwesibili, ngoNisan 11?

◆ Zifundo zini ezinikezwa uJesu lapho ebunisa umkhiwane?

◆ UJesu ubaphendula kanjani labo ababuza ukuthi akwenzayo ukwenza ngagunya lini?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela