Imifanekiso Evela EZweni Lesithembiso
Isigodi Sase-Ela—Lapho UDavide Abulalela Khona Umdondoshiya!
ZIMBALWA izindaba zeBhayibheli ezivusa amadlingozi ukwedlula leyo echaza indlela ‘uDavide amahlula ngayo umFilisti,’ umdondoshiya uGoliyati, ‘ngendwayimana nangetshe.’ (1 Samuweli 17:50) Lokhu kwenzeka esiGodini sase-Ela.
Kodwa sikuphi lesosigodi, futhi sinjani? Ukwazi lokhu kuzokwenza ukwazi ukukubona ngeso lengqondo lokhu kunqoba okudumile kwensizwa eyayigcotshelwe ukuba yinkosi yakwaIsrayeli yesikhathi esizayo. Kamuva uNkulunkulu wenza isivumelwano sombuso noDavide esingasilethela izinzuzo ezihlala njalo, futhi lokhu kufanele kusinikeze isizathu esengeziwe sokufunda ngalokho okwenzeka esiGodini sase-Ela.
AmaFilisti ayehlala ngasogwini lwaseKhanani. AmaIsrayeli ayelawula izintaba zaseJudiya (eningizimu yeJerusalema). Nakho-ke—izitha ezweni eliphansi ukuya entshonalanga, nezinceku zikaNkulunkulu ezweni eliphakeme ukuya empumalanga. Phakathi kwabo yizwe elingahlalwa-muntu elibangwayo, amagquma asezansi abizwa ngokuthi iShephelah. AmaFilisti angamhlasela kanjani uIsrayeli? Indlela okwakunengqondo ukuhamba ngayo kwakungeyenyuka ngendlela yomfula owomile esuka empumalanga iye entshonalanga, eyinhloko kuyisiGodi sase-Ela. Lena yayisuka emathafeni aseduze kwemizi yaseGati nase-Ekroni, yenyuke inqamule iShephelah, iye ezintabeni eziseningizimu-ntshonalanga yeJerusalema neBetlehema cishe ngamakhilomitha angama-24. Umfanekiso (obonakala ngaseningizimu-mpumalanga) ubonisa ingenhla lalesigodi. Ekugcineni ubona izintaba zaseJudiya.a
Njengoba ubheke lesithombe, cabanga ngamaFilisti ehambe kulesigodi esiyithafa eza ezintabeni. Ukuze awamise, amaIsrayeli eza ngaseningizimu-ntshonalanga evela eJudiya. Lapha afika ajamelana. Ngani? “AmaFilisti ayemi entabeni ngalapha, uIsrayeli wayemi entabeni ngalapha; kwakukhona isigodi phakathi kwabo.”—1 Samuweli 17:3.
Nakuba singazi ukuthi kwenzeka kuphi ngempela kulesigodi, cabanga ngamaFilisti esegqumeni ezansi ngakwesokudla. Kungenzeka ukuthi amabutho kaSawule ayengaphesheya ngalé kwamasimu amnyama. Alikho ibutho elalifuna ukwehla, linqamule isigodi, lihlasele elinye endaweni yalo ephakeme, elondekile. Lokhu kujamelana kwaqhubeka isikhathi esingaphezu kwenyanga. Yini eyayingakuqeda?
Ukusa nokuhlwa ngakunye uGoliyati, iqhawe lamaFilisti elalingaphezu kwamamitha angu-2,7 ubude, wema esiGodini egcona ikamu likaSawule ukuze baqede indaba ngokulwa okukodwa. Kodwa akukho-mIsrayeli owalokotha wamphendula. Ekugcineni, kwafika umalusi osemusha othiwa uDavide evela eBetlehema ephathele abafowabo abasekamu ukudla. Wasabela kanjani kulenselele eyinhlamba? “Ngubani lowomFilisti ongasokile ukuba ayeyise impi kaNkulunkulu ophilayo na?” (1 Samuweli 17:4-30) Ngokusobala uDavide weyenombono ovezwe etekisini eliyisihloko loFakazi BakaJehova lika-1990: ‘Masibe nesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami.”’—Heberu 13:6, NW; IHubo 56:11; 118:6.
Lapho iNkosi uSawule izwa ukuthi lelibhungu, nakuba lingahlomile futhi lingayiqeqeshelwe impi, lizobhekana noGoliyati owesabekayo, yalivumela ukuba lisebenzise izikhali zayo. UDavide wenqaba, njengoba ayezimisele ukulwa nalomdondoshiya ngenduku yakhe yasekwaluseni, indwayimana yesikhumba, namatshe amahlanu awathola esigodini. Ayenjani lamatshe? Akunakwenzeka ukuthi kwakungamatshana alingana namagilebhisi noma iminqumo. Kuye kwatholakala amatshe ezindwayimana anobukhulu obusukela emasentimitheni ama-5 kuya kwayisi-8, ubukhulu obungangobewolintshi elincane. Umuntu osebenzisa indwayimana angajikijela itshe elingako ngejubane lamakhilomitha asukela e-160 kuya ema-240 ngehora.
Ngokungangabazeki ufundile ngokwenzeka lapho kulesosigodi, phambi kwawo womabili amabutho. UDavide wathi: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nengcula, kepha mina ngiza kuwe ngegama likaJehova-Sebawoti, uNkulunkulu wempi kaIsrayeli, oyeyisile.” UJehova wabe esemenza ukuba anqobe. Lelibhungu lajikijela itshe ngamandla kangangokuthi langena lashona ebunzini likaGoliyati, lambulala. Khona-ke lomalusi wabe esegijima eqonda kulomdondoshiya wamnquma ikhanda ngenkemba yawo siqu.—1 Samuweli 17:31-51.
Ekhuthazwe ukholo nokwethembela kukaDavide kuNkulunkulu, amaIsrayeli azihlasela izitha zawo eseziphele amandla, ezixosha zanqamula iShephelah futhi zibuyela eFilistiya.—1 Samuweli 17:52, 53.
Cabanga ngomsindo wenjabulo okumelwe ukuba wezwakala kwaJuda! Besezintabeni abantu bakaNkulunkulu babengabheka entshonalanga ezansi esiGodini sase-Ela naseShephelah, njengasesithombeni saso sanamuhla esingezansi esibonakala uma usendaweni eseduze neHebroni. Izimbali ezimhlophe zesihlahla somalimondi zinhle, kodwa ubuhle bokunqotshwa kwezitha zikaNkulunkulu kwakukuhle ngisho nangaphezulu. Abesifazane bamaIsrayeli babengasho ngokufanelekile bathi: “USawule ubulele izinkulungwane zakhe, kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi,” kuhlanganise nalowomdondoshiya awubulala esiGodini sase-Ela.—1 Samuweli 18:7.
[Umbhalo waphansi]
a Isithombe esikhulu esifana nalesi sikuyiKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1990, elibonisa lendawo nasebalazweni elisesembozweni.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 16]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.