Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 3/15 kk. 8-9
  • Isibonakaliso Sezinsuku Zokugcina

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isibonakaliso Sezinsuku Zokugcina
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uphawu Lokuphela Kwesimiso Sezinto
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • ‘Siyakuba Yini Isibonakaliso Sokuba-Khona Kwakho?’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Isibonakaliso Sezinsuku Zokugcina
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • “Ofundayo Makasebenzise Ukuqonda”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 3/15 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Isibonakaliso Sezinsuku Zokugcina

NJENGAMANJE kungoLwesibili ntambama. Njengoba uJesu ehlezi eNtabeni yeMinqumo, ebheke ithempeli ngezansi, uPetru, uAndreya, uJakobe noJohane beza kuye bebodwa. Bakhathazekile ngethempeli, njengoba uJesu ebesanda kubikezela ukuthi “akuyikushiywa lapha itshe phezu kwetshe.”

Kodwa ngokusobala banokuningi ngisho nangaphezulu ezingqondweni zabo njengoba besondela kuJesu. Emasontweni ambalwa ngaphambili, wayekhulume ‘ngokuba khona’ kwakhe, isikhathi ‘eyakwambulwa ngaso iNdodana yomuntu.’ Futhi esikhathini esiphambili, wayebatshele ‘ngesiphelo sesimiso sezinto.’ Ngakho abaphostoli bakulangazelela kakhulu ukwazi!

Bathi: ‘Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini [okuyophumela ekubhujisweni kweJerusalema nethempeli lalo], nesibonakaliso sokuba khona kwakho nesiphelo sesimiso sezinto siyakuba yini na?’ Eqinisweni, umbuzo wabo uyizingxenye ezintathu. Okokuqala, bafuna ukwazi ngesiphelo seJerusalema nethempeli lalo, bese kuba ngokuphathelene nokuba khona kukaJesu emandleni oMbuso, futhi ekugcineni bafune ukwazi ngesiphelo saso sonke isimiso sezinto.

Empendulweni yakhe ende, uJesu uphendula zontathu izingxenye zombuzo. Unikeza isibonakaliso esibonisa ukuthi kunini lapho isimiso sezinto sobuJuda sizophela khona; kodwa unikeza okwengeziwe. Unikeza nesibonakaliso esiqaphelisa abafundi bakhe besikhathi esizayo ukuthi baphila esikhathini sokuba khona kwakhe naseduze kwesiphelo saso sonke isimiso sezinto.

Njengoba iminyaka idlula, abaphostoli baqala ukubona ukugcwaliseka kwesiprofetho sikaJesu. Yebo, zona kanye izinto azibikezela ziqala ukwenzeka ngosuku lwabo. Ngakho, amaKristu aphila eminyakeni engu-37 kamuva, ngo-70 C.E. awazunywa ukubhujiswa kwesimiso sobuJuda nethempeli laso.

Nokho, ukuba khona kukaKristu nesiphelo sesimiso sezinto akwenzeki ngo-70 C.E. Ukuba khona kwakhe emandleni oMbuso kwenzeka kamuva kakhulu. Kodwa nini? Ukucatshangelwa kwesiprofetho sikaJesu kuyakwembula lokhu.

UJesu ubikezela ukuthi kuyakuba khona “izimpi namahemuhemu ezimpi.” “Isizwe siyakuvukela isizwe,” futhi kuyakuba khona ukuswelakala kokudla, ukuzamazama komhlaba nobici lwezifo. Abafundi bakhe bayozondwa futhi babulawe. Kuyovela abaprofethi bamanga futhi badukise abaningi. Kuyokwanda ukungabi-namthetho, futhi kuyophola uthando lwabaningi. Ngesikhathi esifanayo, izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ziyoshunyayelwa kuwo wonke umhlaba owakhiwe ukuze kube ubufakazi ezizweni zonke.

Nakuba isiprofetho sikaJesu sagcwaliseka ngezinga elincane ngaphambi kokubhujiswa kweJerusalema ngo-70 C.E., ukugcwaliseka kwaso okukhulu kwenzeka phakathi nesikhathi sokuba khona kwakhe nesesiphelo sesimiso sezinto. Ukubukezwa ngokucophelela kwezigameko zezwe kusukela ngo-1914 kwembula ukuthi isiprofetho sikaJesu esibalulekile besithola ukugcwaliseka kwaso okukhulu kusukela ngalowonyaka.

Enye ingxenye yesibonakaliso uJesu ayinikeza, ukuvela ‘kwamanyala encithakalo.’ Ngo-66 C.E. amanyala avela ‘eyizimpi’ zamaRoma ezahaqa iJerusalema futhi zadiliza udonga lwethempeli. “Amanyala” ama lapho kungafanele khona.

Ekugcwalisekeni okukhulu kwesibonakaliso, amanyala ayiNhlangano yeZizwe kanye nomlandeli wayo, iZizwe Ezihlangene. Lenhlangano yezwe yokuthula ibhekwa eLobukholwa njengemelele uMbuso kaNkulunkulu. Yeka indlela okunyanyisa ngayo! Ngakho-ke, ngokushesha, imibuso yezombangazwe ihlangene neUN kuzophendukela eLobukholwa (iJerusalema elingokomfuziselo) futhi zilichithe.

Ngakho uJesu wabikezela: “Kuyakuba-khona usizi olukhulu olungazange lube khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube-manje nolungasayikuba-khona.” Nakuba ukubhujiswa kweJerusalema ngo-70 C.E. kwakuwusizi olukhulu ngempela, kunabangaphezu kwesigidi okubikwa ukuthi babulawa, kwakungelona usizi olungaphezu kukaZamcolo womhlaba wonke wosuku lukaNowa. Ngakho ukugcwaliseka okukhulu kwalengxenye yesiprofetho sikaJesu kusazokwenzeka. Mathewu 24:2-22; 13:40, 49; Marku 13:3-20; Luka 21:7-24; 19:43, 44; 17:20-30; 2 Thimothewu 3:1-5.

◆ Yini ebangela abaphostoli ukuba babuze, kodwa ngokusobala yini enye abanayo ezingqondweni?

◆ Iyiphi ingxenye yesiprofetho sikaJesu eyagcwaliseka ngo-70 C.E., kodwa yini engazange yenzeke ngalesosikhathi?

◆ Kunini lapho isiprofetho sikaJesu sagcwaliseka khona kuqala, kodwa kunini lapho sigcwaliseka khona kakhulu?

◆ Ayini amanyala ekugcwalisekeni kwaso kokuqala nokokugcina?

◆ Kungani usizi olukhulu lungazange lugcwaliseke okokugcina lapho kubhujiswa iJerusalema?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela