Ukubambisana NeNdikimba Ebusayo Namuhla
“Iyakuyibeka phezu kwakho konke enakho.”—LUKA 12:44.
1. UKristu waqala ukubusa kumuphi uMbuso ngo-33 C.E., futhi ngayiphi indlela?
NGEPENTEKOSTE lika-33 C.E., uJesu Kristu, iNhloko yebandla, waqala ukubusa ngenkuthalo embusweni wezinceku zakhe ezigcotshwe ngomoya. Kanjani? Ngomoya ongcwele, ngezingelosi, nangendikimba ebusayo ebonakalayo. Njengoba umphostoli uPawulu abonisa, uNkulunkulu ‘wakhulula abagcotshiwe emandleni obumnyama wababeka embusweni weNdodana yothando lwakhe.’—Kolose 1:13-18; IzEnzo 2:33, 42; 15:2; Galathiya 2:1, 2; IsAmbulo 22:16.
2. Yimuphi uMbuso omkhudlwana uKristu aqala ukubusa kuwo ngo-1914?
2 Ekupheleni ‘kwezikhathi zabezizwe,’ uJehova wandisa igunya lokubusa kukaKristu, elidlulisela ngalé kwebandla lobuKristu. (Luka 21:24) Yebo, ngonyaka ka-1914, uNkulunkulu wanika iNdodana yakhe igunya lokubusa phezu ‘kwezizwe,’ “umbuso wezwe,” sonke isintu.—IHubo 2:6-8; IsAmbulo 11:15.
Zimiswa “Phezu Kwakho Konke Enakho”
3, 4. (a) Emfanekisweni kaJesu womina, ubani owayemelelwa umuntu wohlanga olukhulu? (b) Iziphi izenzakalo eziphathelene noMbuso ezenzeka ngo-1918 nango-1919?
3 Okuphawulekayo lapha umfanekiso kaJesu womuntu wohlanga olukhulu. (Luka 19:11-27) Ngaphambi kokuba aye ezweni elikude ayothatha umbuso, lomuntu wanika izinceku zakhe imali (omina) ezaziyosebenza ngayo. Lapho ebuya, lomuntu, omelela uKristu, wabiza “lezozinceku abeziniké imali ukuba azi ukuthi yileyo naleyo izuzeni ngokuhweba.” (Luka 19:15) Lokhu kwenzeka kanjani ngemva kokuba uJesu esethathe umbuso?
4 Ngo-1918 iNkosi uJesu Kristu ebekwe esihlalweni sobukhosi yathola iqembu elincane lamaKristu ngaphambili elalishiye amasonto eLobukholwa futhi elalimatasa linakekela izithakazelo zasemhlabeni zeNkosi yalo. Ngemva kokuzihlunga njengokungathi ngomlilo, uJesu wanika izinceku zakhe igunya elengeziwe ngo-1919. (Malaki 3:1-4; Luka 19:16-19) Wazimisa “phezu kwakho konke [a]nakho.”—Luka 12:42-44.
“Isabelo Sokudla Ngesikhathi Sakho”
5, 6. (a) Yisiphi isabelo esandisiwe umphathi kaKristu asithola? (b) Yiziphi iziprofetho okwakufanele zigcwaliseke ngemva kuka-1914, futhi isigaba somphathi sasiyohlanganyela kanjani ngenkuthalo ekugcwalisekeni kwazo?
5 INkosi ebusayo uJesu Kristu yanikeza isabelo esandisiwe kumphathi wayo, noma umphathi wendlu, emhlabeni. AmaKristu agcotshiwe kwakumelwe abe “amanxusa” kaNkulunkulu amelela inkosi ethweswe umqhele enikwe amandla okubusa phezu kwabo bonke abantu bomhlaba. (2 Korinte 5:20; Daniyeli 7:14) Umthwalo wabo wemfanelo ohlanganisa izici eziningi wawungasezukuba nje ukunika indikimba yabalindi abagcotshiwe bakaKristu “isabelo sabo sokudla ngesikhathi sakho.” (Luka 12:42) Manje kwase kufanele babe nengxenye yenkuthalo ekuphumeleliseni iziprofetho okwakufanele zigcwaliseke ngemva kokumiswa koMbuso ngo-1914.
6 Lokhu kwakusho ukuthi babeyokwenzani? Kwakusho ukusabalalisa ukushunyayelwa ‘kwalelivangeli lombuso ezweni lonke.’ (Mathewu 24:14) Ngaphezu kwalokho, kwakusho ukumemezela izigijimi ezinamandla zesahlulelo esimisweni esibi sikaSathane nakubasekeli baso. Lokhu kwaphumela ‘ekuzanyazanyisweni kwabezizwe.’ Kanjalo, “okunxanelekayo,” “ezinye izimvu” zikaKristu, kwaqala ukungena. (Hagayi 2:7; Johane 10:16) Kusukela ngo-1935 kuqhubeke, “isixuku esikhulu” saqala ukutheleka enhlanganweni kaJehova emhlabeni wonke. (IsAmbulo 7:9, 10) Lokhu kwadinga ukuthuthuka okuqhubekayo ekuhleleni. Ngolimi olungokomfanekiso, esikhundlehi samatshe kwakuzokuba yinsimbi, ithusi esikhundleni sokhuni, isiliva esikhundleni sensimbi, igolide esikhundleni sethusi. (Isaya 60:17) Konke lokhu kuye kwenzeka kusukela ngo-1919 ngaphansi kokuqondisa kwenkuthalo nokuseduze kukaJesu Kristu, ophathise isigaba sakhe senceku ethembekile neNdikimba yaso Ebusayo zonke izithakazelo zakhe zoMbuso zasemhlabeni, noma impahla yakhe.
7. Imithwalo yemfanelo eyengeziwe yomphathi yayihlanganisani?
7 Singakuqonda kalula ukuthi umthwalo wemfanelo owengeziwe odluliselwa encekwini yeNkosi, umphathi, noma umphathi wendlu wawuhilela imisebenzi emikhulu yokubhala nokuhlela. Ukudla okungokomoya kwakumelwe kukhishwe njalo ngesikhathi esifanele kuyiWatchtower. Ngo-1919 iGolden Age (umagazini ongumngane wayo kamuva owaba iConsolation, futhi kamuva waba iPhaphama!) yaqala ukusakazwa ukuze ivuse isithakazelo somphakathi, inezele ekwakheni “abendlu.” (Mathewu 24:45) Futhi eminyakeni edlule kuye kwakhiqizwa intilibathwa yezincwadi, izincwajana, namapheshana.
Ukulungisa Okuqhubekayo
8. Ekuqaleni amalungu eNdikimba Ebusayo ayehlanganiswa nani, futhi yikuphi ukukhulumela okwenziwa iWatchtower ka-1944?
8 Lapho sibheka emuva ‘kulesikhathi sokuphela,’ asimangali ngokuthi amalungu eNdikimba Ebusayo ekuqaleni ayehlanganiswa nabahleli beWatch Tower Society. (Daniyeli 12:4) Isihloko esithi “Ukulungisa OkungokwaseZulwini Namuhla,” esakhishwa kuyiWatchtower kaNovember 1, 1944, sathi: “Ngokunengqondo, labo ababephathiswe umsebenzi wokumemezela amaqiniso eBhayibheli ambuliwe babebhekwa njengendikimba ebusayo ekhethiwe yeNkosi ukuze baqondise bonke abafisa ukukhulekela uNkulunkulu ngomoya nangeqiniso futhi bamkhonze ngobunye ekusakazeni lamaqiniso embuliwe kwabanye abalambile nabomile.”
9. Yini iNdikimba Ebusayo kamuva eyabhekwa njengento eyodwa nayo, futhi ngani?
9 Kwakunezimfuneko ezingokomthetho ezihilelekile ekushicileleni omagazini nezinye izinsiza-kufundisa zeBhayibheli. Ngakho, iWatch Tower Bible and Tract Society yamiswa futhi yabhaliswa ngokomthetho embusweni wasePennsylvania, eU.S.A. Iminyaka eminingi, iNdikimba Ebusayo ebonakalayo yayibhekwa njengento eyodwa nebhodi yabaqondisi balenhlangano enamalungu ayisikhombisa eyamiselwa ukushicilela izinsiza-kufundisa zeBhayibheli ezazidingwa futhi zisetshenziswa abantu beNkosi emhlabeni wonke.
10, 11. Yikuphi ukuthuthukisa okwenzeka ngo-1944, futhi ikuphi ukukhulumela okwenziwa ngalokhu kuyiWatchtower?
10 Abaqondisi abayisikhombisa beNhlangano babengamaKristu athembekile. Kodwa indima yabo enhlanganweni engokomthetho yayingasikisela ukuthi izikhundla zabo eNdikimbeni Ebusayo zazingenxa yokukhethwa amalunga angokomthetho eWatch Tower Society. Ngaphezu kwalokho, ngokomthetho ubulungu obunjalo namalungelo okuvota ekuqaleni kwakunikezwa abathile kuphela ababenikela eNhlanganweni. Lelilungiselelo kwadingeka lishintshe. Lokhu kwenziwa emhlanganweni waminyaka yonke wenhlangano yasePennsylvania yeWatch Tower Society owaba ngo-October 2, 1944. Imithetho yeNhlangano yalungiswa ukuze ubulungu bungabe busaxhomeka esisekelweni esingokwezimali. Amalungu ayeyokhethwa phakathi kwezinceku zikaJehova ezithembekile, futhi lawa aye ahlanganisa nabaningi abakhonza isikhathi esigcwele endlunkulu yeNhlangano eBrooklyn, eNew York, nasemagatsheni ayo emhlabeni wonke.
11 Ibika ngalentuthuko, iWatchtower kaNovember 1, 1944, yathi: “Imali, njengoba imelelwe yiminikelo engokwezimali, akufanele inqume, eqinisweni kufanele ingasho lutho ngokuqondene nokugcwaliswa kwendikimba ebusayo yoFakazi BakaJehova emhlabeni. . . . Umoya ongcwele, amandla ayisiphekupheku avela kuJehova uNkulunkulu ngoKristu Jesu, yiwona okufanele unqume futhi ulawule kulendaba.”
Ihlukile Ebhodini Yabaqondisi
12. Yini ebonisa ukuthi uJehova wabusisa ukuthuthukisa okwakuqondiswa yiNdikimba Ebusayo?
12 Inqubekela phambili yomsebenzi wokushumayela phakathi namashumi eminyaka eyalandela ifakazela ukuthi uJehova wayibusisa lentuthuko ekuqondeni kweNdikimba Ebusayo. (IzAga 10:22) Phela, inani labamemezeli boMbuso emhlabeni wonke leqa lisuka kwabangaphansi kuka-130 000 ngo-1944 laya kwabangu-1 483 430 ngo-1970! Kodwa kwakusazoba khona intuthuko eyengeziwe.
13. (a) Kuze kube ngo-1971, sasiyini isimo ngokuqondene neNdikimba Ebusayo? (b) Yini eyenzeka emhlanganweni weNhlangano waminyaka yonke ngo-1971?
13 Kuze kube ngo-1971 abeNdikimba Ebusayo babesahlanganiswa namalungu ayisikhombisa ebhodi yabaqondisi yeWatch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. Umongameli weNhlangano wayenomthwalo wemfanelo oyinhloko wokwenza izinqumo ezithinta ukusebenza kwamagatsha eNhlangano emhlabeni wonke. Kodwa izinkulumo eziyingqopha-mlando zanikezwa emhlanganweni waminyaka yonke owaba ngo-October 1, 1971. Umongameli weNhlangano wakhuluma ngesihloko esithi “Ukuletha Indawo Engcwele Esimweni Esifanele,” futhi isekela likamongameli lakhuluma ngesihloko esithi “INdikimba Ebusayo Njengehlukile Enhlanganweni Engokomthetho.” Yimuphi umahluko okhona phakathi kweNdikimba Ebusayo nenhlangano engokomthetho?
14. Yimuphi umehluko okhona phakathi kwenhlangano engokomthetho neNdikimba Ebusayo?
14 Njengoba sekushiwo, iWatch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania inebhodi yabaqondisi enamalungu alinganiselwa kwayisikhombisa. Lamadoda angamaKristu azinikezele akhethwa ukuba akhonze iminyaka emithathu amalungu eNhlangano angengaphezu kuka-500, iningi lawo elingewona amaKristu agcotshiwe. Ngaphezu kwalokho, njengoba ukuba khona kwalenhlangano kungokomthetho kuphela, inendlunkulu yayo ezinze endaweni ethile, ingahlakazwa uKesari, okungukuthi, uMbuso. (Marku 12:17) Nokho, iNdikimba Ebusayo ayilona ithuluzi elingokomthetho. Amalungu ayo awakhethwa. Amiswa ngomoya ongcwele ngaphansi kokuqondisa kukaJehova uNkulunkulu noJesu Kristu. (Qhathanisa nezEnzo 20:28.) Ngaphezu kwalokho, labo abakha iNdikimba Ebusayo bangamadoda agcotshwe ngomoya angenayo indawo noma indlunkulu ezinze endaweni ethile.
15. Yikuphi ukukhulumela ngokuqondene nenhlangano okwenziwa kuyiNqabayokulinda kaMay 15, 1972, futhi yini engashiwo ngeNdikimba Ebusayo yosuku lwanamuhla?
15 Ngokuqondene nentuthuko enjalo ekuqondeni, INqabayokulinda kaMay 15, 1972, yathi: “Ngokujabulisayo oFakazi BakaJehova abangamaKristu bayazi futhi bayagomela ukuthi lena akuyona inhlangano yenkolo yomuntu oyedwa, kodwa ukuthi inendikimba ebusayo yamaKristu agcotshwe ngomoya.” INdikimba Ebusayo yesigaba senceku esigcotshiwe neyezigidi zabangane bayo abaphakathi kwezinye izimvu ibilokhu ikuhlonyiselwa ngokuqhubekayo ukunakekela isikhundla sayo sobubonisi.
16. Impahla kaKristu yasemhlabeni yanda kanjani kusukela ngo-1971, futhi iyiphi ingxenye yayo aye wayiphathisa isigaba senceku ethembekileyo neqondayo, emelelwa iNdikimba yayo Ebusayo, ukuba iyinakekele?
16 Impahla yasemhlabeni yeNkosi uJesu Kristu iye yaqhubeka yanda. Kusukela ngo-1971 inani loFakazi liye leqa lisuka ngaphansi kuka-1 600 000 laya enanini eliphakeme elingaphezu kuka-3 700 000 ngo-1989. Yeka ubufakazi besibusiso sikaNkulunkulu! (Isaya 60:22) Lokhu kwanda kuye kwenza kwadingeka ukuba kwandiswe izindawo endlunkulu yeNhlangano nasemagatsheni ayo, kanye nokwenza izindlela zokukhiqiza nezokusakaza zibe ezesimanje. Kuye kwaphumela ekwakhiweni kwamaHholo oMbuso amaningi namaHholo Omhlangano emhlabeni wonke. Sonke lesikhathi, neNdikimba Ebusayo iye yaqhubeka ithwala umthwalo wayo wemfanelo wokwengamela umsebenzi wokushumayela, ukukhiqiza izincwadi zokutadisha iBhayibheli, nokumisa ababonisi emagatsheni, ezigodini, ezifundeni, nasebamabandleni. Lezi yizithakazelo zoMbuso uKristu aye waziphathisa isigaba senceku ethembekile neqondayo, esimelelwa iNdikimba yaso Ebusayo, ukuba sizinakekele.
17. Yikuphi okunye ukuthuthuka okwenziwa emsebenzini wobubonisi ngo-1971, ngo-1974, nango-1976?
17 Indikimba ebusayo yekhulu leminyaka lokuqala yandiswa yaze yahlanganisa nababengebona abaphostoli bakaJesu. Lapho kunqunywa ngendaba yokusoka, leyondikimba ngokusobala yayisihlanganisa “abaphostoli namadoda amadala eJerusalema.” (IzEnzo 15:1, 2, NW) Ngokufanayo, iNdikimba Ebusayo yandiswa ngo-1971 nango-1974. Ukuze iwenze ube lula umsebenzi wayo wobubonisi, iNdikimba Ebusayo yahlela ukuba kube khona amakomiti amahlanu ayezoqala ukusebenza kusukela ngoJanuary 1, 1976. Ikomiti ngayinye yakhiwa amalungu asukela kwamathathu kuya kwayisithupha, wonke anezwi elilinganayo ezindabeni ezicatshangelwayo. Usihlalo wekomiti ngayinye ukhonza unyaka owodwa, futhi amalungu ngamanye eNdikimba Ebusayo akhonza kweyodwa yalamakomiti noma ngaphezulu. Ngayinye yalamakomiti amahlanu inakekela isici esithile ngokukhethekile sempahla kaKristu yasemhlabeni. Ikomiti yesithupha—iKomiti Kasihlalo, enamalungu ashintsha unyaka ngamunye, isingatha izinkinga eziphuthumayo.
Ukubambisana Ngenkuthalo NeNdikimba Ebusayo
18. INdikimba Ebusayo isebenza kanjani, futhi iyiphi enye indlela esingabonisa ngayo ukuthi sibambisene nayo?
18 Amakomiti eNdikimba Ebusayo aba nemihlangano masonto onke ukuze abukeze izindaba ezibalulekile, enze izinqumo ngemva kokucabangela ngomthandazo, futhi ahlele umsebenzi ongokwasezulwini wesikhathi esizayo. Njengoba kuphawuliwe ngaphambili, izEnzo isahluko 15 zibonisa ukuthi umbuzo onzima odinga ukuxazululwa wabhekiswa endikimbeni ebusayo yekhulu leminyaka lokuqala ukuze iwunakekele. Ngokufanayo namuhla, imibuzo ebalulekile ibhekiswa kuyo yonke iNdikimba Ebusayo, ehlangana kanye ngesonto noma kaningana uma kudingekile. Amalungu eNdikimba Ebusayo, njengamanje angu-12, afuna isiqondiso sikaJehova uNkulunkulu ngemiBhalo nangomthandazo. Enye indlela esibonisa ngayo ukubambisana kwethu neNdikimba Ebusayo iwukubakhumbula laba abamiswe ngokukhethekile emithandazweni yethu yansuku zonke.—Roma 12:12.
19. Iziyalo zeNdikimba Ebusayo zifinyelela kanjani emabandleni?
19 Iziyalo nezinqumo zeNdikimba Ebusayo zifinyelela kanjani emabandleni? Ngemva kokuba amalungu endikimba ebusayo yekhulu leminyaka lokuqala efinyelele isinqumo sawo ngosizo lomoya kaNkulunkulu, athumela incwadi emabandleni. (IzEnzo 15:22-29) Nokho, indlela eyinhloko namuhla ingezincwadi zobuKristu.
20. (a) Yikuphi okunye ukuthuthuka okungokwenhlangano okwenziwa ngo-1976? (b) AmaKomiti amaGatsha abambisana kanjani neNdikimba Ebusayo?
20 Kusukela ngoFebruary 1, 1976, igatsha ngalinye leWatch Tower Society liye laba neKomiti Yegatsha eyakhiwa amadoda afanelekayo amiswa iNdikimba Ebusayo. Njengabameleli beNdikimba Ebusayo bezwe noma bamazwe angaphansi kokuqondisa kwegatsha lawo, labazalwane kumelwe babe amadoda athembekile, nakholekile. Lokhu kusikhumbuza ngamadoda afanelekayo, esaba uNkulunkulu, athembekile asiza uMose ukuba ahlulele uIsrayeli wasendulo. (Eksodusi 18:17-26) Amalungu eKomiti Yegatsha asebenzisa iziyalo ezitholakala ngezincwadi zeNhlangano, ngomagazini, ngeNkonzo Yethu YoMbuso, nangezincwadi ezivamile nezincwadi ezikhethekile ezidingida izinkinga zaleyondawo. Amakomiti amagatsha agcina iNdikimba Ebusayo inolwazi ngentuthuko yomsebenzi ezweni ngalinye nangezinkinga ezingase ziphakeme. Imibiko enjalo evela emhlabeni wonke isiza iNdikimba Ebusayo ukuba inqume ukuthi yiziphi izihloko okumelwe zicatshangelwe ezincwadini zeNhlangano.
21. Ababonisi abajikelezayo bamiswa kanjani, futhi imisebenzi yabo ihlanganisani?
21 Ngaphansi kokuqondisa komoya ongcwele, amaKomiti amaGatsha atusa amadoda avuthiwe, afanelekayo ngokomoya ukuba akhonze njengababonisi bezifunda nabezigodi. Ngemva kokukhethwa ngokuqondile iNdikimba Ebusayo, akhonza njengababonisi abajikelezayo. Labazalwane bavakashela izifunda namabandla ukuze bawakhe ngokomoya futhi bawasize ukuba asebenzise iziyalo ezivela eNdikimbeni Ebusayo. (Qhathanisa nezEnzo 16:4; Roma 1:11, 12.) Ababonisi abajikelezayo baletha imibiko ehhovisi legatsha. Ngosizo lomoya ongcwele nangemiBhalo ephefumlelwe, bahlanganyela nabadala abakulezo zifunda ekutuseni abazalwane abafanelekayo ukuba bamiswe njengezinceku ezikhonzayo nanjengabadala yiNdikimba Ebusayo noma abameleli bayo.—Filipi 1:1; Thithu 1:5; qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 3:1-13; 4:14.
22. (a) Abadala bamabandla babambisana kanjani neNdikimba Ebusayo? (b) Yini efakazela ukuthi uJehova uyalibusisa lelilungiselelo elingokwasezulwini?
22 Ngemva kwalokho, labo abakha izindikimba zabadala ‘baziqaphela bona kanye nomhlambi wonke umoya ongcwele obabeke ukuba babe ngababonisi kuwo.’ (IzEnzo 20:28) Lababonisi bakufuna ngokwethembeka ukusebenzisa iziyalo ezitholakala kuJehova uNkulunkulu noJesu Kristu ngenceku ethembekileyo neqondayo nangeNdikimba yayo Ebusayo. UJehova uyalibusisa lelilungiselelo elingokwasezulwini, ngoba ‘amabandla ayaqiniswa ekukholweni, futhi ayanda ngobuningi imihla ngemihla.’—IzEnzo 16:5.
23. Ngokuqondene neNdikimba Ebusayo, yini okufanele sizimisele ukuyenza?
23 Yeka ukuthi kuhle kanjani ukuthi ngeNdikimba Ebusayo, uJehova uNkulunkulu neNkosi, uJesu Kristu, babonakalisa ukusekela abantu bakaNkulunkulu! (IHubo 94:14) Njengengxenye yenhlangano kaNkulunkulu, siyazuza ngabanye ekusekeleni okunjalo. (IHubo 145:14) Lokhu kufanele kuqinise ukuzimisela kwethu ukubambisana namalungiselelo kaNkulunkulu. Ngempela, sengathi ngaso sonke isikhathi singatholakala sibambisana neNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova njengoba siqhubekela phambili esikhathini lapho ‘umhlaba uyakugcwala khona ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.’—Isaya 11:9.
Amaphuzu Asemqoka Okukhunjulwa
◻ Yimiphi imithwalo yemfanelo eyengeziwe isigaba somphathi esayithola ngo-1919?
◻ Iminyaka eminingi, iNdikimba Ebusayo ebonakalayo yayibhekwa njengento eyodwa nani?
◻ Yikuphi ukuthuthuka okuqhubekayo okwenziwa ekumisweni kwamalungu eNdikimba Ebusayo?
◻ Iyiphi ingxenye yempahla yasemhlabeni kaKristu ayiphathise isigaba senceku neNdikimba yaso Ebusayo?
◻ Singabambisana kanjani neNdikimba Ebusayo?
[Izithombe ekhasini 16, 17]
Isendlunkulu yayo yomhlaba wonke eBrooklyn, eNew York, iNdikimba Ebusayo iqondisa umsebenzi wokunyathelisa nowokushumayela woFakazi BakaJehova emagatsheni angu-93 eWatch Tower Society
EJalimane
EJapane
ENingizimu Afrika
EBrazil