Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Waqala nini ukukhala umsindo wamacilongo ezingelosi eziyisikhombisa wesAmbulo?
KusAmbulo izahluko 8, 9, no-11, sifunda ngezingelosi eziyisikhombisa ezashaya amacilongo ayisikhombisa, zimemezela izinhlupho ezinkulu ezingxenyeni ezithile zesintu. Lawa amelela ukumenyezelwa kwezahlulelo zikaJehova eziye zasakazwa abantu bakaJehova phakathi nesikhathi sokuphela kusukela ngokuphawulekayo emhlanganweni waseCedar Point ka-1922.—Bheka IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!, izahluko 21 kuya ku-23 nesahluko 26.
Ukukhala kokuqala okune kwamacilongo kudalula isimo sokufa ngokomoya sengxenye ‘yomhlaba’ yeLobukholwa ‘neyolwandle,’ kanye nesimo esifadalele sabefundisi nobumnyama obungokomoya beLobukholwa.—IsAmbulo 8:7-12.
Umlando uyabonisa ukuthi eqinisweni ukudalulwa obala kwalamaqiniso kwaqala ngaphambi kuka-1922. Ngokwesibonelo, inkulumo ethi “Izigidi Eziphilayo Manje Zingase Zingafi,” eyanikezwa okokuqala ngo-1918 futhi yasakazwa ngesimo sencwajana ngo-1920, yakhuluma ngokwehluleka kweLobukholwa nangokuphela okusondelayo kwalelizwe. IGolden Age kaSeptember 29, 1920, yalidalula obala eLobukholwa njengesifebe, imbulu enamanga, nomkhohlisi wabantu.
Kungani-ke, incwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo ithi lamacilongo amane aqala ukushaywa kuphela emhlanganweni waseCedar Point ngo-1922? Kungoba kulapho lapho kwaphuma khona isimemezelo esithi “memezelani, memezelani, memezelani iNkosi noMbuso,” kufakwa umfutho omkhulu emsebenzini wokushumayela. IWatch Tower kaNovember 1, 1922, ithi: “Abangane . . . bakuthatha njengephuzu lomhlangano eliyisihluthulelo ukuthi ilungelo nomsebenzi wangempela wabagcotshiwe manje abasemhlabeni uwukumemezela ukuba khona kweNkosi, iNkosi yamakhosi enkulu, nokuthi umbuso wayo ufikile, nokuthi lena yinto ebaluleke kakhulu okumelwe bayenze.”
Kumelwe kuphawulwe futhi ukuthi nakuba zonke lezigijimi ezine zesahlulelo bezisakazwa oFakazi BakaJehova kusukela ngo-1922, ngasinye sathola umfutho onamandla ekwamukelweni kwamazwi esinqumo amane emihlanganweni eyaqhutshwa phakathi kuka-1922 no-1925. Kamuva kwasakazwa amashumi ezigidi amakhophi alamazwi esinqumo, edalula ngokuphumelelayo isimo seLobukholwa sokufa ngokomoya.—Bheka incwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo, ikhasi 133, isigaba 15.
Ukukhala kwamacilongo kokugcina okuthathu kuhilela “omaye.” (IsAmbulo 8:13) Kuhlukile ekukhaleni kwamacilongo okune kokuqala ngokuthi kuphathelene nezenzakalo ezithile. Ukukhala kwesihlanu kwecilongo kuhlangene nokukhululwa kwabantu bakaNkulunkulu “kwalasha” ngo-1919. Okwesithupha kuphathelene ‘nabakhwele amahhashi’ kanye nomkhankaso omkhulu wezizwe zonke wokushumayela owaqala ngo-1922. Okwesikhombisa kuhlangene nokuzalwa koMbuso kaNkulunkulu ngo-1914.—IsAmbulo 9:1-19; 11:15-19.
Ngasinye salezenzakalo saletha umaye kuSathane nasezweni lakhe. Ukukhululwa kwabagcotshiwe kwalasha wokungenzi lutho ngo-1919 kwezwisa abefundisi beLobukholwa ubuhlungu futhi kwabonisa ukulilahla kukaJehova ngokuphelele. Kusukela ngo-1922 kwehle kuze kube namuhla, impi yabakhwele amahhashi iye yalibulala eLobukholwa, ngomqondo ongokomoya, idalula isimo salo sokufa futhi ixwayisa ngokubhujiswa kwalo okuzayo. Futhi ngemva kokuzalwa koMbuso ngo-1914, uSathane waxoshwa ezulwini, ebangela inkathazo elimazayo esintwini. Ngokushesha uMbuso uzosusa umphakathi wesintu obonakala uzinzile uSathane aye wawakha (umhlaba), ukhukhule isintu esihlubukayo (ulwandle) eArmagedoni.—IsAmbulo 11:17–12:12; 21:1.
Emhlanganweni waseCedar Point ngo-1922, bonke “omaye” abathathu baba sobala kuwo wonke umhlaba. Umkhankaso wokushumayela owaqalwa ngalesosikhathi wenza kwakhanya ukuthi “isikhonyane” sasiphumile “kwalasha” futhi ukuhlasela ‘kwabakhwele amahhashi’ kwakuqhubeka. Futhi ubizo olushukumisayo lokumemezela iNkosi noMbuso lwalusekuvumelaneni okugcwele nokukhala kwecilongo lesikhombisa. IWatch Tower kaMarch 1, 1925, yachaza ukuthi izenzakalo zika-1914, 1919, no-1922 zazibikezelwe kusAmbulo isahluko 12. Lokhu kwakuwukuqondwa okujulile kokuzalwa koMbuso, futhi oFakazi BakaJehova bakumemezela ngokwethembeka. Ngaphezu kwalokho, ukumenyezelwa kwalokhu kwaziswa okushushisayo kwathola umfutho omkhulu ekwamukelweni nasekusakazweni okwalandela kwamazwi esinqumo anamandla phakathi nemihlangano eyaqhutshwa kusukela ngo-1926 kuya ku-1928.—Bheka incwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!, amakhasi 147, 149, 172.
Ngakho-ke, ukushaywa kwamacilongo ayisikhombisa kwaqala ngo-1922 futhi kwaqhubeka phakathi nawo-1920. Kusukela ngalesosikhathi, abantu bakaJehova baye babambisana ngesibindi nezingelosi ekutsheleni sonke isintu ukuthi eLobukholwa lifile ngokomoya, abefundisi balo bangabaholi abawile, nokuthi ngokushesha lona kanye nalo lonke lelizwe elonakele kuzobhujiswa.