Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 5/1 kk. 16-17
  • Ukusuka EThabori Ukuya Ekunqobeni!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukusuka EThabori Ukuya Ekunqobeni!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngokholo, UBbharaki Wangquzula Ibutho Elinamandla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • “Ngisukuma Njengomama Kwa-Israyeli”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Umholi Omusha Nabesifazane Ababili Abanesibindi
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Abesifazane Abanesindi
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 5/1 kk. 16-17

Imifanekiso Evela Ezweni Lesithembiso

Ukusuka EThabori Ukuya Ekunqobeni!

ZICABANGE usembhoshongweni ubheke phansi endaweni lapho kwakuphambana khona izindlela zasemlandweni! Ungawubona ngokoqobo umlando uqopheka.

Indawo yaseBhayibhelini ethiwa iMegido ingayifanela kangcono leyoncazelo, ngoba yayigxamalaze phezu kwezindlela ezibalulekile zohwebo nezempi. Nokho, ngaphesheya kwesiGodi saseJizreyeli kuphakeme iNtaba iThabori, nayo eyayengame iVia Maris, umzila odumile owawuya emadolobheni aseMqanseni Ovundile.a

Uma ubheka iThabori umi noma kuphi, uyomane nje uhlabeke umxhwele. (Qhathanisa noJeremiya 46:18.) IThabori iphakeme yodwa ngendlela enesithunzi kunakho konke okuyizungezile, njengoba isimo sayo sombhoxo sibonakala noma ngabe ukuphi. Yengame ithafa elendlaleke phambi kwayo ngaseningizimu, isiGodi esivundile saseJizreyeli, esixhumanisa ugu nesiGodi saseJordani.

Uma umi esiqongweni seThabori esithi asibe imbulunga, ungabheka eningizimu ngasemzini waseJizreyeli, ongakhumbuza ngokugabavula kukaJehu ngehhashi eya esigodlweni sika-Ahabi nangesiphelo sikaJezebeli esiyihlazo. (1 AmaKhosi 21:1; 2 AmKhosi 9:16-33) Eduze kukhona iMegido. Ngasentshonalanga ungabona iNtaba iKarmeli, lapho uEliya enza khona isivivinyo somlilo. (1 AmaKhosi, isahluko 18) Uma useThabori ungabona futhi lapho umfula iKishoni ugelezela khona olwandle, futhi amakhilomitha ayisishiyagalombili ukuya entshonalanga kukhona iNazaretha enyakatho-ntshonalanga emagqumeni aseGalile esezansi.

Kodwa ukukhuluma ngeThabori kukukhumbuza kuphi ukulandisa kweBhayibheli? Cishe lokho okuphathelene noDebora noBaraki. Ngesikhathi sabo, amaKhanani ngaphansi kweNkosi uJabini waseHarosheti ayecindezele amaIsrayeli iminyaka engu-20. Khona-ke umprofethikazi uDebora wagqugquzela uBaraki ukuba athathe isinyathelo. UBaraki, wavusa amaIsrayeli ayizinkulungwane eziyishumi, ikakhulukazi ezizweni zakwaNafetali nakwaZebuloni eGalile, futhi wawahlanganisela eThabori. Ayengahlomile ngokwanele, ngoba kwakungekho sihlangu namkhonto kwaIsrayeli.—AbaHluleli 5:7-17.

Ibutho lempi elesabekayo leza kubo. Ujenene kaJabini uSisera waletha amabutho amaKhanani ahlome agqiba esiGodini saseJizreyeli. Kumelwe ukuthi ayebonakala njengalamadoda ahlomile aboniswe emdwebweni oqoshwe odongeni ovela eGibithe ovezwe ekhasini elilandelayo, ngenhla ngakwesokudla. Izikhali zempi zaseGibithe zathonya lezo ezazisetshenziswa eKhanani, kuhlanganise nengxenye esabeka kunazo zonke yezikhali zikaSisera—izinqola zempi ezingu-900!

Lezozinqola zempi zamaKhanani zazingaba izindawo ezihambayo ezingokoqobo zokudubula. Umshayeli kungenzeka ukuthi wayebophele amatomu okhalweni lwakhe ukuze izandla zikhululeke ukuba abambe izikhali. Noma wayenganaka kuphela amahhashi agabavulayo kuyilapho lowo ogibele kanye naye esebenzisa izikhali. Lezinqola zempi zazinezipokwe ezisuka ezindenini zamasondo (hubs). Kumelwe ukuthi emadodeni kaBaraki ayebuka phansi eseThabori, lezinqola zempi ezihlangene ndawonye zazibonakala zesabeka futhi zingenakumiswa, zingenakunqotshwa.

Nokho, uJehova wayethembise uBaraki: “Ngiyakusondeza kuwe emfudlaneni iKishoni uSisera . . . nezinqola zakhe, nezinduna zakhe.” Ngomzuzu ofanele, amaIsrayeli atheleka evela ohlangothini lweThabori.—AbaHluleli 4:1-14.

Okwakubaluleke kakhulu kunokwethusa nje kwakuwusizo amaIsrayeli aluthola kuNkulunkulu wawo onamandla osezulwini. Kamuva kuDebora wahuba: “Kwaliwa ezulwini; izinkanyezi ezindleleni zazo zalwa noSisera. Umfudlana iKishoni wabakhukhula . . . Awu, mphefumulo wami, nyathela ngamandla.” (AbaHluleli 5:20, 21) Yebo, nakuba amaIsrayeli ayehlome ngezikhali ezimbalwa kodwa anesibindi awaxosha amaKhanani ahlomile, uNkulunkulu owanquma umphumela wangempela. Wabangela isikhukhula esinamandla esizumayo esiqwini somfula esomile, kanjalo emisa izinqola zempi ezisabekayo.

Ngezansi ubona ingxenye yomfula iKishoni. Esikhathini sezimvula, ungagcwala udle izindwani futhi uphendule yonke indawo ibe ubhuku. Ake uzibone ngamehlo engqondo izinqola zempi zamaKhanani zizama ukubaleka odakeni olunjalo. Amanzi agola izintethe akhukhula amanye amasosha ayebaleka noma izinqola, noma kokubili. Ukunqoba kukaIsrayeli kwafica ngisho noJenene uSisera owayeseshiye inqola yakhe, ebaleka enkundleni yempi ngezinyawo. Ngemva kokuba ebalekele etendeni lowesifazane uJayeli, lowesifazane wakhetha isikhathi esihle wasibulala lesisitha.—AbaHluleli 4:17-22.

Kanjalo, emlandweni kaIsrayeli kwambuleka isahluko esibalulekile nesokunqoba phambi kukaDebora nabanye abaningi okungenzeka ukuthi babebukele bemi phezulu eNtabeni iThabori.

[Umbhalo waphansi]

a Bheka ibalazwe nesithombe esikhulu, esicacile seThabori kuyiKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1990.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 16]

Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.

[Imithombo Yezithombe ekhasini 17]

Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.

Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.

Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela