Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Lapho UKristu Efika Emandleni OMbuso
UJESU usenabaphostoli bakhe eNtabeni yemiNqumo. Ephendula isicelo sabo sesibonakaliso sokuba khona kwakhe nesokuphela kwesimiso sezinto, manje ubatshela owokugcina emifanekisweni emithathu elandelanayo. “Kepha nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo,” kuqala uJesu, “khona izakuhlala esihlaIweni sayo senkazimulo.”
Abantu abanakuzibona izingelosi zisenkazimulweni yazo yasezulwini. Ngakho ukufika kweNdodana yomuntu, uJesu Kristu, enezingelosi kumelwe kungabonakali emehlweni abantu. Lokhu kufika kwenzeka ngonyaka ka-1914. Kodwa ngayiphi injongo? UJesu uyachaza: “Kuzakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke, ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ahlukanisa izimvu nezimbuzi, imise izimvu ngakwesokunene sayo kepha izimbuzi ngakwesokhohlo.”
Echaza okuyokwenzeka kulabo abahlukaniselwe ngasohlangothi lomusa, uJesu uthi: “Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.” Izimvu ngeke zibuse noKristu ezulwini kodwa ziyodla ifa loMbuso ngomqondo wokuba izikhonzi zawo zasemhlabeni. ‘Ukusekelwa komhlaba’ kwenzeka lapho uAdamu noEva beqala ukuzala abantwana ababengase bazuze elungiselelweni likaNkulunkulu lokuhlenga isintu.
Kodwa kungani izimvu zihlukaniselwa ngasesandleni somusa seNkosi sokunene? “Ngokuba ngangilambile,” kuphendula iNkosi, “nangipha ukudla; ngangomile, nangiphuzisa; ngangingumfokazi, nangingenisa; ngangihamba-ze nangembathisa; ngangigula, nangihamba; ngangisetilongweni, neza kimi.”
Njengoba izimvu zisemhlabeni, zifuna ukwazi ukuthi zazingayenzela kanjani iNkosi yazo yasezulwini izenzo ezinhle kanjalo. Ziyabuza: “Nkosi, sakubona nini ulambile sakupha ukudla, noma womile sakuphuzisa, na? Sakubona nini ungumfokazi sakungenisa, noma uhamba-ze sakwembathisa, na? Sakubona nini ugula, noma usetilongweni, seza kuwe, na?”
“Ngiqinisile ngithi kini,” kuphendula iNkosi, “njengoba nikwenzile komunye walababafowethu abancane, nikwenzile kimi.” Abafowabo bakaKristu yilabo abasasele emhlabeni babangu-144 000 abayobusa kanye naye ezulwini. Futhi uJesu uthi, ukwenza okuhle kubo kuyefana nokwenza okuhle kuye.
Ngokulandelayo, iNkosi ikhuluma nezimbuzi. “Dedani kimi nina-baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe. Ngokuba ngangilambile, aningiphanga ukudla; ngangomile, aningiphuzisanga; ngangingumfokazi, aningingenisanga; ngihamba-ze aningembathisanga; ngigula, ngisetilongweni, aningilaphanga.”
Nokho, izimbuzi ziyakhononda: “Nkosi, sakubona nini ulambile, noma womile, noma ungumfokazi, noma uhamba-ze, noma ugula, noma usetilongweni, singakukhonzanga, na?” Izimbuzi zahlulelwa kabi ngesisekelo esifanayo naleso izimvu ezahlulelwa ngaso kahle. “Lokho eningakwenzanga komunye walaba abancinyane [babafowethu],” kuphendula uJesu, “anikwenzanga nakimi.”
Ngakho-ke ukuba khona kukaKristu emandleni oMbuso, ngaphambi nje kokuphela kwalesimiso esibi sezinto osizini olukhulu, kuyoba yisikhathi sokwahlulelwa. Izimbuzi ‘ziyakumuka, ziye ekubhujisweni okuphakade, kodwa abalungileyo [izimvu] baye ekuphileni okuphakade.’ Mathewu 25:31-46; IsAmbulo 14:1-3.
◆ Kungani ukuba khona kukaKristu kumelwe kungabonakali, futhi yimuphi umsebenzi awenzayo ngalesosikhathi?
◆ Kungamuphi umqondo izimvu zidla ifa loMbuso?
◆ Kwenzeka nini ‘ukusekelwa komhlaba,’ futhi kungani kungalesosikhathi?
◆ Yisiphi isisekelo abantu abahlulelwa ngaso njengezimvu noma njengezimbuzi?