Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 6/1 kk. 8-9
  • IPhasika Lokugcina LikaJesu Liseduze

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IPhasika Lokugcina LikaJesu Liseduze
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IPhasika Lokugcina LikaJesu Liseduze
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • IPhasika Lokugcina LikaJesu Liyasondela
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • ‘Lokhu Kumelwe Kube Isikhumbuzo Kini’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Ukukhumbula Izinsuku Zokugcina ZikaJesu Esemhlabeni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 6/1 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

IPhasika Lokugcina LikaJesu Liseduze

NJENGOBA uLwesibili, uNisan 11, lusondela ekupheleni, uJesu uqeda ukufundisa abaphostoli eNtabeni yemiNqumo. Yeka ukuthi bekuwusuku olumatasa nolunzima kangakanani! Manje, mhlawumbe lapho ephindela eBethaniya ukuyolala, utshela abaphostoli bakhe: “Niyazi ukuthi emva kwezinsuku ezimbili kuyiPhasika; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ukuba ibethelwe.”

Usuku olulandelayo, uLwesithathu, uNisan 12, uJesu ngokusobala uluchitha ephumule ngokuthula kanye nabaphostoli bakhe. Ngosuku olungaphambi kwalolo, ubesole obala abaholi benkolo, futhi uyaqaphela ukuthi bafuna ukumbulala. Ngakho ngoLwesithathu akazivezi obala, njengoba engafuni lutho oluzophazamisa ukugubha kwakhe iPhasika nabaphostoli bakhe ngokuhlwa okulandelayo.

Phakathi nalesikhathi, abapristi abakhulu namalunga esizwe babuthene egcekeni lompristi omkhulu, uKayafase. Bezizwa kabuhlungu ngenxa yokuhlaselwa uJesu ngosuku olwandulelayo, benza amacebo okumbamba ngobuqili futhi bambulale. Kodwa balokhu bethi: “Makungabi-ngomkhosi, funa kube-khona isiyaluyalu esizweni.” Besaba abantu, abamthandayo uJesu.

Ngesikhathi abaholi benkolo bebopha uzungu olubi lokubulala uJesu, bavakashelwa othile. Okubamangalisayo, ngomunye wabaphostoli bakaJesu uqobo, uJuda Iskariyothe, lowo uSathane afake kuye umqondo omubi wokukhaphela iNkosi yakhe! Yeka ukuthi bajabula kangakanani lapho uJuda ebabuza: “Niyakunginikani, ngimkhaphele kini, na?” Bavuma ngenjabulo ukukhokha izinhlamvu zesiliva ezingu-30, intengo yesigqila ngokwesivumelwano soMthetho kaMose. Kusukela ngalesosikhathi, uJuda ufuna ithuba elihle lokukhaphela uJesu kubo kungekho sixuku eduze.

UNisan 13 uqala ekushoneni kwelanga ngoLwesithathu. UJesu ufike ngoLwesihlanu evela eJeriko, ngakho lobu ubusuku besithupha nobokugcina abuchitha eBethaniya. Ngosuku olulandelayo, ngoLwesine, kuzodingeka kwenziwe amalungiselelo okugcina ePhasika, eliqala ekushoneni kwelanga, lapho kumelwe kuhlatshwe iwundlu lePhasika bese losiwa lilonke. Bazowugubhela kuphi lomkhosi, futhi obani abazokwenza amalungiselelo?

UJesu akayinikezanga imininingwane enjalo, mhlawumbe ukuze avimbele uJuda angabatsheli abapristi abakhulu ukuze bakwazi ukubamba uJesu phakathi nomkhosi wePhasika. Kodwa manje, ngokunokwenzeka ngemva nje kwemini ngoLwesine, uJesu uthuma uPetru noJohane besuka eBethaniya, ethi: “Hambani niye ukusilungisela iphasika ukuba sidle.”

Bayabuza: “Uthanda ukuba sikulungiselephi na?”

“Seningené emzini,” kuchaza uJesu, “niyakuhlangana nomuntu othwele imbiza yamanzi; mlandeleni, niye endlini angena kuyo, nize nithi kumninindlu: Uthi uMfundisi kuwe: Liphi ikamelo lokungenisa, lapho ngingadlela khona iphasika nabafundi bami, na? Lowo-ke uzakunikhombisa ikamelo elikhulu eliphezulu, elendlelweyo, lungiselani lapho.”

Ngokungangabazeki lomninindlu ngumfundi mhlawumbe osilindele isicelo sikaJesu sokusebenzisela indlu yakhe lesenzakalo esikhethekile. Kungakhathaliseki ukuthi yikuphi, lapho uPetru noJohane befika eJerusalema, bathola konke kunjengoba uJesu ekubikezele. Ngakho bobabili bayaqikelela ukuthi iwundlu lilungile nokuthi ayenziwa wonke amanye amalungiselelo okunakekela izidingo zabazogubha lomkhosi wePhasika abangu-13, uJesu nabaphostoli bakhe abangu-12. Mathewu 26:1-5, 14-19; Marku 14:1, 2, 10-16; Luka 22:1-13; Eksodusi 21:32.

◆ Yini ngokusobala uJesu ayenzayo ngoLwesithathu, futhi ngani?

◆ Umhlangano wani obanjelwa endlini yompristi omkhulu, futhi uJuda ubavakashela ngayiphi injongo abaholi benkolo?

◆ Obani uJesu abathumela eJerusalema ngoLwesine, futhi ngayiphi injongo?

◆ Yini laba abathunyiwe abayitholayo ephinda yembule amandla kaJesu amangalisayo?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela