Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 7/1 kk. 5-6
  • Ukusindisa Umhlaba Ekonakalisweni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukusindisa Umhlaba Ekonakalisweni
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukonakaliswa Komhlaba
  • Umhlaba Osindiswe Ekonakalisweni
  • Ingabe Ukuphela Kwezwe Kuseduze?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Umuntu Uwenzani Umhlaba?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ukusindiswa Komhlaba Kuseduze Kakhulu
    I-Phaphama!—1993
  • Umhlaba OyiPharadesi Ususondele!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 7/1 kk. 5-6

Ukusindisa Umhlaba Ekonakalisweni

NGAPHAMBILI emlandweni wesintu, uNkulunkulu wake wasindisa umhlaba ekonakalisweni abantu. Wenza kanjalo ngokusebenzisa uzamcolo wembulunga yonke ezinsukwini zikaNowa. Asinawo umlando wokuthi abantu babonakalisa indawo engokoqobo emuva ngalesosikhathi. Kodwa umhlaba wawonakaliswa ngenye indlela kangangokuthi uNkulunkulu wezwa isidingo sokuba athathe isinyathelo esibuhlungu kakhulu.

IBhayibheli liyabika: “Umhlaba wawonakele ebusweni bukaJehova; umhlaba wagcwala ubudlwangudlwangu. UNkulunkulu wabona ukuthi umhlaba wonakele, ngokuba inyama yonke yayonakalisile indlela yayo emhlabeni.” (Genesise 6:4, 11, 12) Yebo, osukwini lukaNowa uNkulunkulu wayebheka umhlaba njengowonakele ngenxa yobudlova nobubi besintu.

Ngokufanayo, lapho uIsrayeli wasendulo eqala ukuthatha iZwe Lesithembiso, uNkulunkulu waxwayisa: “Aniyikungcolisa izwe enikulo, ngokuba igazi liyalingcolisa izwe . . . Aniyikungcolisa izwe.” (Numeri 35:33, 34) Ngalokho, iKhanani labhujiswa ngenxa yecala legazi lezakhamuzi zalo. Isibonelo esibi salokhu kwakuwumkhuba wazo wokwenza imihlatshelo ngezingane konkulunkulu bazo.

Futhi abaseKhanani babeziphatha kabi ngokuyichilo, futhi nalokhu kwathinta umbono kaNkulunkulu ngalelozwe. Waxwayisa uIsrayeli: “Ningazingcolisi nangeyodwa yalezozinto [imikhuba yokuziphatha okubi], ngokuba ngazo zonke lezo zingcolile lezizizwe engizixosha phambi kwakho. Izwe lingcolile; . . . izwe lahlanza abantu balo.” (Levitikusi 18:24, 25) Ukuziphatha okubi nokuchitha igazi konakalisa iKhanani kangangokuthi uNkulunkulu wazibhubhisa izizwe zamaKhanani.

Ukonakaliswa Komhlaba

Kuthiwani ngosuku lwanamuhla? Asiphili yini nathi enkathini yobudlova, ukuchithwa kwegazi, nokuziphatha okubi okungalawuleki? Kungakhathaliseki ukuthi umuntu wenzani ukuze azame ukulungisa umonakalo awenzile emhlabeni ongokoqobo, akanakubavusa abalinganiselwa ezigidini eziyikhulu abaye bafa ezimpini zakhe phakathi nalelikhulu leminyaka; futhi akanakuzibuyisa izigidi ezibulewe izigebengu noma izisulu ezingenakubalwa ezidabukisayo ezifayo ngenxa yendlala. Ngokuqinisekile, akanakubuyisa izingane ezingazalwanga ezilinganiselwa ezigidini ezingu-40 kuya kwezingu-60 ezikuphila kwazo kuqedwa ngokukhishwa kwezisu unyaka ngamunye. Ingabe singakungabaza ukuthi izinto ezinjalo ziyawonakalisa umhlaba emehlweni kaNkulunkulu—kungasaphathwa ukonakaliswa kwawo ngokuziphatha okubi okwandé kangaka namuhla?

Ukucabanga kusitshela ukuthi uNkulunkulu kumelwe athathe isinyathelo ngokushesha ukuze asindise umhlaba emisebenzini yomuntu eyonakalisayo, nesiprofetho seBhayibheli siyakuqinisekisa lokhu. Kodwa yini ayoyenza? IBhayibheli lithi ‘uyobhubhisa ababhubhisa umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18; qhathanisa noMathewu 24:3-14.) Njengoba nje umninindawo exosha umqashi owonakalisayo, kanjalo uNkulunkulu “uyoxosha” labo abonakalisa indalo yakhe enhle, umhlaba.

IBhayibheli lithi: “Ababi bayakunqunywa ezweni, nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.” (IzAga 2:22) IBhayibheli libiza lesisinyathelo saphezulu esizayo ngokuthi iArmagedoni. (IsAmbulo 16:16) Futhi uJesu wasibiza ngokuthi “usizi olukhulu olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube-manje nolungasayikuba-khona.” (Mathewu 24:21) Siyoba sikhulu ngisho nangaphezu kukaZamcolo.

Ingabe leli ikhambi eleqisayo noma elingafanele? Cha, uNkulunkulu, njengoMdali womhlaba, unelungelo lokunquma ukuthi obani abayohlala kuwo. Futhi unelungelo lokubeka umuntu icala ngezenzo zakhe. Ngaphezu kwalokho, uma uNkulunkulu evumela umuntu ukuba aqhubeke nenkambo yakhe angasolwa, umhlaba uyokonakalela bonke, futhi ukuphila kuyoba nzima. Ngakolunye uhlangothi, ‘ngokubhubhisa ababhubhisa umhlaba,’ uNkulunkulu ulondolozela abantu abanokwazisa ifa lethu elingumhlaba. IBhayibheli liyathembisa: “Ngokuba abaqotho bayakuhlala ezweni, abapheleleyo basale kulo.”—IzAga 2:21.

Ngosizo lukaNkulunkulu, izigidi ziye zathola amandla okuzibonakalisa zingasoleki ngoba zifuna ukushiywa ukuze zijabulele indalo kaNkulunkulu. Futhi zilandela izindinganiso zikaNkulunkulu eziphakeme zokuziphatha futhi zigwema ubudlova necala legazi ngisho nangendlela engaqondile. Ngakho-ke, azibona abonakalisi bomhlaba ngalomqondo obalulekile.

Umhlaba Osindiswe Ekonakalisweni

Abanjalo manje banethemba elijabulisayo lokubona umhlaba uguqulwa esimweni sawo samanje uba yipharadesi elinempilo. Ingani ngisho nemizimba yabo iyohlanzwa, ikhucululwe imiphumela yesono eyonakalisayo. Incwadi yokugcina yeBhayibheli ichaza ilungiselelo likaNkulunkulu lokwenza konke lokhu kube nokwenzeka ‘njengomfula ongokomfanekiso wamanzi okuphila.’ Ohlangothini ngalunye lwalomfula, “kukhona umuthi wokuphila, uthela izithelo eziyishumi nambili, uthela izithelo zawo izinyanga ngezinyanga, namaqabunga omuthi angawokuphulukisa izizwe.”—IsAmbulo 22:1, 2.

Lombono ophefumlelwe uyisiqinisekiso sokuthi uNkulunkulu uyosindisa umhlaba nesintu esikuwo ekonakaleni. Ezinye iziprofetho zinikeza umbono wangaphambili walowomhlaba obuyiselwe. Ngokwesibonelo, cabanga ngombono osankondlo uIsaya awubona kusengaphambili: “Kuyakujabula ihlane nogwadule, kuthokoze uqwathule, lukhahlele njengentebe. Luyakukhahlela kahle, luthokoze, yebo, luthokoze, luhube.” (Isaya 35:1, 2) Ngalesosikhathi ngeke kube nezilwandle ezingcolile, umhlabathi ongaphezulu owonakele, noma umoya osemkhathini onobuthi.

Okubaluleké ngokwengeziwe ukuthi, umhlaba ngeke wonakaliswe ubudlova, ukuchithwa kwegazi, noma ukuziphatha okubi. Yilabo abahlonipha uNkulunkulu, izindinganiso zakhe, nendalo yakhe kuphela abayoba lapho. (IsAmbulo 21:7, 8) Manje lalela imiphumela ejabulisayo yazo zonke lezizinto: “[UNkulunkulu] azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile. . . . Bheka, ngenza konke kube-kusha.”—IsAmbulo 21:4, 5.

Yeka umphumela ojabulisayo! Yeka ukuthi sijabula kanjani ngokuthi uNkulunkulu ngokushesha ‘uzobhubhisa ababhubhisa umhlaba’! Futhi yeka indlela lezithembiso eziphefumlelwe ezisishukumisela ngayo ukuba sifune ukukhonza uNkulunkulu oyosindisa umhlaba ekonakalisweni futhi awenze ikhaya eliyipharadesi labantu abanhliziyo-zilungile!

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]

IBhayibheli lithi uNkulunkulu ‘uyobhubhisa ababhubhisa umhlaba.’—IsAmbulo 11:18

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela