Dumisa UJehova Ngengcebo Yakho
‘ANGICEBILE; ngisemncane futhi ngi- nezinto ezimbalwa kakhulu.’ ‘Angi- zange ngifunde kangako; yini engingayinika uJehova?’ ‘Ngikhubazeke kakhulu; uJehova kuyodingeka angixolele.’ ‘Sengikhulile ngeminyaka; sekwephuzile ngami ukuba ngibe nengcebo.’
Ingabe ufikelwa imicabango enjengalena njengoba ucabangela isihloko salendaba? Nokho, kungenzeka ukuthi ucebe ngaphezu kokuba ucabanga. Khumbula amazwi eNkosi uJesu ebandleni laseSmirna: “Ngiyakwazi ukuhlupheka kwakho nobumpofu bakho—kanti ucebile.” (IsAmbulo 2:9) UJesu ngaphambili eNtshumayelweni yaseNtabeni wayethe: “Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, . . . kepha zibekeleleni ingcebo ezulwini . . . Ngokuba lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba-khona lapho.” (Mathewu 6:19-21) Ingabe lamazwi eNkosi yethu ayakukhuthaza? Yebo, ungaba nokuthile uBaba wethu wasezulwini, uJehova, neNdodana yakhe akubheka njengokubaluleke kakhulu. Ake sihlole.
Ubuhle Bobusha—Amandla Nentshiseko
Osemusha engayinikela kanjani inkonzo ebalulekile kuJehova? IzAga 20:29 ziqinisekisa ukuthi abasebasha banengcebo enhle—amandla omzimba. Yeka ukuthi kuqabula kanjani ukubona osemusha onikela amandla akhe nobusha bakhe enkonzweni kaNkulunkulu wethu!
Ake sibuyele emuva nomlando siye ekuqaleni kwawo-1930 lapho intsha eningi yayizwa ngeqiniso eliqukethwe iBhayibheli. Omunye oneminyaka engu-16 ubudala waboleka kumngane wakhe incwadi eyinsiza-kufundisa yeBhayibheli ethi Creation, eyayinyatheliswa iWatch Tower Society. Ngenkathi efika esihlokweni esithi “The New Creation” futhi efunda ngokuzinikezela, wakwazi ayefuna ukukwenza ngokuphila kwakhe. Ngokushesha, wazinikela kuMdali ongumninimandla onke. Ngonyaka olandelayo wafunda enye incwadi, ethi Vindication (Incwadi Yokuqala), futhi wezwa ngethemba lokuhlanganyela ekulwelweni kwegama likaNkulunkulu nobukhosi bakhe. Lokhu kwaziswa kwambangela ukuba ayefisele kakhulu inkonzo yesikhathi esigcwele. Ngawo lowonyaka wafaka isicelo samalungelo obuphayona, futhi kuze kube namuhla uyaqhubeka esenkonzweni yesikhathi esigcwele. Nakuba iningi lababephila ngesikhathi sakhe manje seliqedile inkambo yalo yasemhlabeni, abaningi balabo abasasele basabonisa umoya wokuzinikela komphefumulo wonke kuBaba wethu wasezulwini.
Ingabe intsha engamaKristu namuhla iyayibonisa lemfanelo eyigugu? Ngokuqinisekile kunjalo! Imibiko yeYearbook ibonisa ukuthi abaningi njengamazolo manje bajoyina izinhlu zamaphayona. (IHubo 110:3) IPhilippines yabika ukuthi amaphesenti angu-13 awo wonke amaphayona avamile angaphansi kweminyaka engu-20 ubudala. Ingabe lokho kunjalo nakwezinye izindawo? Yebo, kunjalo. Ngokwesibonelo, ukuhlola eziqhingini ezincane zaseTrinidad naseTobago kwembula ukuthi kwabhaliswa amaphayona amasha angu-282 phakathi kukaSeptember 1, 1986, noSeptember 30, 1988. Kulelonani, abangu-48 babengaphansi kweminyaka engu-20 ubudala. Ingabe ungathanda ukuzwa omunye walaba?
Nangu uCharmaine Francis. Uthi: “Kusukela ngenkathi ngisewusana, abazali bami babekhuluma nami ngokukhonza uJehova nokuhlala ngithembekile kuye. Lapho abazali bami bengibuza ukuthi yini engangiyoyenza uma bevalelwa ejele ngenxa yokushumayela izindaba ezinhle, ngangithi, ‘Ngiyokhonza uJehova.’ Ngazinikezela ngineminyaka engu-13, futhi ngabhapathizwa lapho ngineminyaka engu-14. Kusukela ngemva kwalokho, ngawo wonke amaholide esikole, ngangihlanganyela enkonzweni yamaphayona asizayo. Ngo-1983 ngangenela inkonzo yamaphayona avamile. Ngonyaka wami wokuqala ngiphayona, ngajabulela ukusiza umama wekhaya ukuba abe yinceku kaJehova. Manje ngiqhuba izifundo zeBhayibheli eziyisishiyagalolunye. Esinye silungiselela ukubhapathizwa, futhi ezinye ezintathu ziba khona emihlanganweni.”
Manje-ke basha, anivumi yini ukuthi nani ninakho okuthile okuyigugu eningamdumisa ngakho uJehova? Ngempela ninakho! Ngisho nakuba kungenzeka ukuthi manje anikho enkonzweni yesikhathi esigcwele, ningamdumisa uJehova ngokwezimo zenu. Kungenzeka niseneminyaka eminingi yokufunda esanisalele. Nokho, ninethuba elihle lokudumisa uJehova kothisha benu nakwenifunda nabo. UChristian Kalloo, oneminyaka eyishumi ubudala, weza nencwadi ethi Life—How Did It Get Here—By Evolution or by Creation? esikoleni. Waba yini umphumela? Wahambisa eziyisikhombisa kulabo abanesithakazelo kuleyondaba. Wahambisa futhi eyodwa enkonzweni yendlu ngendlu. Nani ningenza okufanayo.—Qhathanisa noMathewu 21:15, 16.
UMfundisi Wethu Omkhulu Uyasifundisa
Umprofethi uIsaya wathi: “INkosi uJehova inginikele ulimi lwabafundi.” Wadumisa uJehova ngekhono lakhe lokhuluma. Futhi waloba isithembiso sikaJehova: “Umoya wami ophezu kwakho namazwi ami engiwabeké emlonyeni wakho akuyikusuka emlonyeni wakho, nasemlonyeni wenzalo yakho, nasemlonyeni wenzalo yenzalo yakho.” (Isaya 50:4; 59:21) Njengoba nje amadoda angafundile navamile aba abaphostoli bakaJesu futhi uNkulunkulu wawenza ahlakanipha ezindabeni ezingokomoya, kanjalo uJehova uye wenza abantu abavamile bahlakanipha namuhla.
IYearbook ka-1986 inokwaziswa okukhuthazayo kulabo abanemfundo encane noma abangazange balubhade esikoleni. Emazweni amaningi oFakazi BakaJehova bahlela amakilasi okufundisa ukuze kufundiswe abantu abadala ukufunda. Yeka indlela uJehova aye wababusisa ngayo abanjalo! Phakathi kuka-1962 no-1984 eNigeria, abantu abangu-19-238 bathuthuka kahle ekufundeni ukufunda nokubhala futhi manje bayakwazi ukuzifundela iBhayibheli nokufundela labo abafakaza kubo. Yeka isibusiso esicebile abaye baba naso! Omunye umzalwane waqhuba kahle kangangokuba waze waba umfundisi ekilasini lokufunda ebandleni akulo.
Cabangela futhi okuhlangenwe nakho kukaEzekiel Ovbiagele. Wayengakwazi ukufunda lapho ebhapathizwa ngo-1940. Ngemva kokufunda ukufunda, wathuthuka waze wafinyelela ezingeni lokuba abhalise njengephayona, futhi kamuva, ngo-1953, wamiswa njengombonisi ojikelezayo.
Akukho mingcele yeminyaka evimbela inqubo yokufunda. Abanye bangase bacaphune isaga esidala esithi: “Umuthi ugotshwa usemanzi!” Lokho kungaba yiqiniso ngemithi, kodwa abantu abayona imithi. Ngisho nabantu abadala bangakwazi futhi bayafunda uma befisa ngempela ukumazi uJehova nokumkhonza. Kungenzeka wazi abathile abaye benza njalo. Ngokwesibonelo uAlice Okon waseNigeria wakhuthazwa ukuba afunde iBhayibheli futhi afunde ngethemba elilinikezayo; wasabela kahle futhi walijabulela lelothemba elizayo. Eneminyaka yobudala engu-80, wayengemdala kakhulu ukuba afunde. Ingabe ucabanga ukuthi wenza inhliziyo kaJehova yajabula? Ucebile okholweni. IzAga 3:14 zisiqinisekisa ngokuthi ukuba nokuhlakanipha ‘kuyinzuzo kunenzuzo yesiliva, nokutholakalayo kukho kunegolide.’ Lapho umuntu ekwazi ukukhuluma iqiniso ngokuqondile, amazwi akhe aba “njengama-apula [egolide, NW ] asezitsheni zesiliva.”—IzAga 25:11; Kolose 3:16.
Bacebile Okholweni Nasemisebenzini Emihle Nakuba Bekhubazekile
Umuntu ozalwe ekhubazekile emzimbeni angase azizwe edumele njengoba ekhula futhi eqaphela isimo sakhe. Futhi kuyacindezela lapho umuntu eba isisulu sokukhubazeka esemdala. Ingabe isimo asiniki themba ngabanjalo? Cha, singavula ngisho nendlela eholela ekuphileni okuphakade.
Phakathi neMpi Yezwe I, uEdward Stead wayeqhuba ibhizinisi lokuqashisa ngamahhashi edolobheni elincane laseArvada, eWyoming, eU.S.A., futhi umkakhe wayephethe ihhotela elincane. Ngenxa yokuphathwa umkhuhlane waseSpain amandla akhe okumelana nezifo ancipha, futhi waba isisulu serheumatoid arthritis (isifo esibangela ubuhlungu nokuvuvuka kwamalunga), eyaqinisa amalunga akhe kangangokuthi umzimba wakhe wawumise okwesihlalo sabakhubazekile. Nakuba ayengakwazi ukuzisiza, wayesakwazi ukukhuluma, futhi ekwazi ukunyakazisa kancane izandla. Isikhathi esithile wayecabanga ukuzibulala. Khona-ke wathola iqiniso, futhi walamukela ngentshiseko.
Ekuqaleni wayehlala ngasemnyango wehhotela futhi akhulume nezivakashi ngokholo lwakhe olusha. Wayekwazi ukunyakazisa izandla ngokwanele ukuba akwazi ukuvula incwadi yeBhayibheli futhi abonise labo ababema balalele. Abanye ababeyazisa imizamo yakhe babembiza ngokuthi umfundisi okhubazekile. Ngokulandelayo, wanquma ukuthi wayengafakaza kwamanye amadolobha uma ayengase akhelwe okusandlwana okukhethekile elolini. Lokhu kwenziwa, futhi iminyaka eminingi waphayona ngalendlela engavamile, ehamba izinkulungwane zamamayela phakathi kweWyoming neTexas, ephelezelwa amaphayona asemasha amabili noma athathu ayemnakekela. Kukho konke ukuphila kwakhe, wayeyisikhuthazo esikhulu kubo bonke ababemazi.
Uma uzizwa udumele ngenxa yokukhubazeka okungokomzimba, siza ufunde ukulandisa okusemakhasini 22-5 eNqabayokulinda kaNovember 15, 1986. Wonke amadoda okukhulunywe ngawo lapho angabadala, abeluleki abangokomoya, abakufanelekelayo ukududuza abazalwane babo okungenzeka baphila kahle emzimbeni kodwa abadinga ukwakhiwa ngokomoya. Yeka ukuthi bacebe kangakanani emehlweni kaNkulunkulu!—1 Thimothewu 6:18.
UEsterleta Dick, oneminyaka engu-63 ubudala, useneminyaka engu-16 enguFakazi obhapathiziwe. Ngo-1978 waba impumputhe, kodwa ubelokhu ekhonza njengephayona elivamile eminyakeni emibili edlule. Kwenzeka kanjani lokhu? Nokho, makaziphendulele.
Uthi: “Ngolunye usuku udade osemusha oyiphayona wangibuza: ‘Dade Dick, uyayifinyelela njalo imigomo yakho njengephayona elisizayo. Kungani ungazami ukuba iphayona elivamile?’”
UEsterleta wayesaba ukuthi uzoba isithiyo kubazalwane, kodwa wakhumbula ukuthi umbonisi wesifunda wayekhuthaze inkonzo yamaphayona. Uthi: “Ngayiqalisa, futhi manje sengichithe iminyaka emibili enkonzweni yamaphayona, ngifakaza emigwaqweni futhi nginezimpindelo eziningi. Ngaphezu kwalokho, ngiqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya eziyisithupha. Kanjani? Ngaphambi kokuba ngiye kumninikhaya, ukwaziswa esiyokufunda ngikufundelwa ekhaya kanye nemiBhalo engacashuniwe, ukuze ngikwazi ukuba nokuthile engizokusho esifundweni. Abathathu babafundi bami beBhayibheli baba khona emihlanganweni kanye nami, futhi omunye ubhapathiziwe.
Noma Ubani ‘Angagcwalisa Isandla Sakhe’ Ngesipho
Ingabe ukunikela kugcina emkhakheni ongokomoya kuphela? Cha. Lapho iNkosi uDavide yasendulo yenza amalungiselelo okwakhiwa kwethempeli, yabuza: “Ubani osebenza ngokuzithandela ukuze agcwalise isandla sakhe namuhla ngesipho sikaJehova?” (1 IziKronike 29:5, NW) Noma ubani angakwenza. Ngokufanayo namuhla, bebadala noma bebancane, benempilo enhle noma bengenayo, abaningi bafisa ukunikela ngokuzithandela ngezinto ezibonakalayo ukuze kuqhutshekiselwe phambili izithakazelo zoMbuso. Ingenziwa ngehhovisi legatsha lalapho umuntu ekhona noma ngebandla ahlanganyela kulo. Ngalendlela noma ubani, ngokwamandla akhe, angasiza ekubhekaneni nezindleko zokuqikelela ukuthi izindaba ezinhle ziyashunyayelwa kuwo wonke umhlaba owakhiwe. Kuyilungelo.—2 Korinte 9:8-12.
Okubaluleke nangaphezulu, unayo ingcebo engokomoya ongamdumisa ngayo uJehova. Intsha inamandla nobusha. Abangafundile bangafunda ukunikela kuJehova isithelo sezindebe zabo. Abakhubazekile bangakwazi futhi baye bathuthuka olwazini, ekuhlakanipheni, nasekuqondeni, kangangokuthi abaningi ababanga nje abadumisi bakaJehova besikhathi esigcwele kodwa futhi baye baba abeluleki nabelusi ebandleni lobuKristu. Ingabe awucebile kunalokho obukucabanga? Ngakho, dumisa uJehova ngengcebo yakho.—Heberu 13:15, 16.