Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 8/15 kk. 15-20
  • Ukusebenza NoJehova Ngokwethembeka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukusebenza NoJehova Ngokwethembeka
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Sisebenzela Bani?
  • Abaphikisi Bayasebenza
  • Imisebenzi Engenamvuzo
  • Ukwenza “Imisebenzi Emihle” Namuhla
  • Umsebenzi Onokubaluleka Okukhulu Kakhulu
  • Ukusebenza Nebandla
  • Ukusebenza NoNkulunkulu​—Isizathu Sokujabula
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Isipho SikaNkulunkulu Somsebenzi Ezincekwini Zakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Bona Okuhle Ngomsebenzi Wakho Onzima
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • “Hambani Niyokwenza Abantu Bazo Zonke Izizwe Babe Abafundi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 8/15 kk. 15-20

Ukusebenza NoJehova Ngokwethembeka

“Nkulunkulu, ungifundisile kwasebusheni bami; ngizilandile izimangaliso zakho kuze kube-manje.”—IHUBO 71:17.

1. Kungani singathi umsebenzi uyisipho esivela kuJehova?

UMSEBENZI ungesinye sezipho zikaNkulunkulu kumuntu. Kubazali bethu bokuqala, uAdamu noEva, uJehova wathi: “Nigcwalise umhlaba, niwunqobe.” Leso kwakuyisabelo somsebenzi esiyinselele kodwa ababezokwazi ukusifeza. Umzamo ongokomzimba nongokwengqondo owawudingeka wawuzokwandisa injabulo yabo yokuphila, ngalé kwanoma yini eyayitholwa yizilwane ezazihlanganyela ikhaya labo eliwumhlaba.—Genesise 1:28.

2, 3. (a) Uye waba yini umsebenzi kwabaningi namuhla, futhi ngani? (b) Yiliphi ithuba lokwenza umsebenzi okhethekile esidinga ukulicabangela?

2 Ngisho nasesimweni sethu sokungapheleli, “umshikashika” ophumela ‘kokuhle’ “uyisipho sikaNkulunkulu,” njengoba indoda ehlakaniphile uSolomoni yabhala. (UmShumayeli 3:13) Umuntu usakudinga ukusebenzisa amakhono akhe engqondo nawomzimba. Ukungasebenzi kuyacindezela. Nokho, akuyona yonke imisebenzi emihle noma ebalulekile. Kwabaningi, umsebenzi uyisicefe, ubangelwa yisidingo sokuthola okokuziphilisa.

3 Nokho, kukhona umsebenzi ovuza ngempela sonke esimenyelwa ukuba sihlanganyele kuwo. Kodwa labo abahlanganyela kuwo banabaphikisi nezinkinga eziningi okumelwe bazinqobe. Kungani kubalulekile ukuba siwufeze lomsebenzi? Sikwenza kanjani lokho? Ngaphambi kokuphendula lemibuzo, okokuqala ake sicabangele lokhu:

Sisebenzela Bani?

4. Luhlobo luni lomsebenzi olwaletha injabulo nokwaneliseka kuJesu?

4 UJesu Kristu wathi: “Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngifeze umsebenzi wakhe.” (Johane 4:34) Ukusebenzela uJehova ngokwethembeka kwalethela uJesu injabulo enkulu nokwaneliseka. Kwamnika injongo ekuphileni, futhi ekupheleni kwenkonzo yakhe yeminyaka emithathu nengxenye, wayengasho ngeqiniso kuYise wasezulwini: “Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngifezé umsebenzi ongiphé wona ukuba ngiwenze.” (Johane 17:4) Njengoba nje ukudla okungokwenyama kuqinisa, kungokufanayo futhi nangomsebenzi onesici esingokomoya. UJesu wakugcizelela lokhu ngesinye isikhathi lapho eyala: “Ningasebenzeli ukudla okuphelayo kepha ukudla okuhlala kuze kube-ngukuphila okuphakade.” (Johane 6:27) Ngokuphambene, umsebenzi ongenazithelo ngokomoya uholela ekukhungathekeni nasekufeni.

5. Obani abaphikisa umsebenzi omuhle owenziwa uJesu, futhi ngani?

5 “UBaba usebenza kuze kube-manje, nami ngiyasebenza.” UJesu washo lamazwi kumaJuda ayemsola ngoba ephilise ngeSabatha umuntu owayeseneminyaka engu-38 egula. (Johane 5:5-17) Nakuba uJesu ayenza umsebenzi kaJehova, abaphikisi benkolo benqaba ukuvuma leloqiniso futhi benza konke okwakusemandleni abo ukuba bamvimbe. Ngani? Ngoba babengabakayise, uSathane uDeveli, lowo obelokhu ephikisa umsebenzi kaJehova. (Johane 8:44) Njengoba uSathane ‘engaziguqula ingelosi yokukhanya,’ esebenzisa “yonke inkohliso yokungalungi,” sidinga ukuqonda okungokomoya nokucabanga okuhle ukuze sibone lokho imisebenzi yakhe eyikho. Ngaphandle kwalokho, singazithola sisebenza ngokuphikisana noJehova.—2 Korinte 11:14; 2 Thesalonika 2:9, 10.

Abaphikisi Bayasebenza

6. Kungani izihlubuki ‘ziyizisebenzi ezikhohlisayo’? Fanekisa.

6 Abanye, njengabaphikisi abathile namuhla, basebenza ngokungathembeki njengamanxusa kaSathane ukuze balulaze ukholo lwamalungu asanda kuhlanganyela ebandla lobuKristu. (2 Korinte 11:13) Kunokuba bamane basebenzise iBhayibheli njengesisekelo sezimfundiso eziyiqiniso, bagxila ekuzameni ukujivaza iNew World Translation of the Holy Scriptures, njengokungathi oFakazi BakaJehova bancike ngokuphelele ekusekelweni yiyo. Kodwa akunjalo. Engxenyeni enkulu yalelikhulu leminyaka, oFakazi basebenzisa ngokuyinhloko iKing James Version, iDouay Version yamaRoma Katolika, kanye nanoma yiziphi ezinye izinguqulo ezazitholakala ngolimi lwabo, ukuze bafunde iqiniso ngoJehova nezinjongo zakhe. Futhi basebenzisa lezinguqulo ezindala ekumemezeleni iqiniso ngesimo sabafileyo, ubuhlobo phakathi kukaNkulunkulu neNdodana yakhe, nesizathu sokuba kube umhlambi omncane kuphela oya ezulwini. Abantu abaziyo bayaqaphela futhi ukuthi oFakazi BakaJehova bayaqhubeka besebenzisa izinguqulo eziningi zeBhayibheli emsebenzini wabo wokushumayela womhlaba wonke. Nokho, kusukela ngo-1961 baye bajabulela futhi ukusebenzisa iNew World Translation, nokuhunyushwa kwayo okuthuthukisiwe, okunembile nolimi olulula.

7. (a) Kungani uJesu ebaphika abaningi abathi banokholo kuye? (b) Kungani kubalulekile ukulalela iseluleko esikweyoku-1 Johane 4:1?

7 UJesu wathi uyophika abaningi abathi banokholo kuye. Wavuma ukuthi bangase baprofethe, bakhiphe amademoni, futhi ‘benze imisebenzi eminingi’ ngegama lakhe. Noma kunjalo, uthi lena imisebenzi ‘emibi.’ (Mathewu 7:21-23) Ngani? Ngoba abenzi intando kaYise osezulwini futhi bayize kuJehova uNkulunkulu. Imisebenzi engavamile namuhla, ngisho nebonakala imangalisa isengavela kumkhohlisi omkhulu, uSathane. Umphostoli uJohane, ebhala incwadi yakhe yokuqala kawonk’ uwonke eminyakeni engaphezu kwengu-60 ngemva kokufa nokuvuka kukaJesu, waluleka amaKristu ukuba ‘angakholwa yizo zonke izinkulumo eziphefumlelwe kodwa ahlole izinkulumo eziphefumlelwe ukuze abone ukuthi zivela kuNkulunkulu yini.’ Nathi sidinga ukwenza okufanayo.—1 Johane 4:1, NW.

Imisebenzi Engenamvuzo

8. Kumelwe sizizwe kanjani ngemisebenzi yenyama?

8 Ngisho noma singahilelekile emsebenzini olimazayo ngokomoya, imisebenzi yethu iyize uma iqhubeka inakekela izinkanuko zenyama enesono. Umphostoli uPetru wathi sichithé isikhathi esiningi ngokwanele senza “okuthandwa ngabezizwe . . . ngamanyala, nangezinkanuko, nangokudakwa, nangokuminza, nangokuxokozela, nangokukhonza izithombe okuyichilo.” (1 Petru 4:3, 4) Yebo, lokhu akusho ukuthi bonke abangamaKristu azinikezele manje bake bahlanganyela emisebenzini enjalo, kodwa kusho ukuthi isimo sengqondo salabo abakwenza lokho kumelwe ukuba sashintsha ngokushesha njengoba umbono wabo ongokomoya wawukhula. Izwe liyokhuluma ngokubahlambalaza ngenxa yokuguquka kwabo; okumelwe kulindeleke. Nokho, kumelwe bashintshe uma bezoba izisebenzi ezithembekile enkonzweni kaJehova.—1 Korinte 6:9-11.

9.Yini esiyifundayo kokuhlangenwe nakho kukaFakazi owaqala ukuziqeqeshela ukuba umculi weopera?

9 UJehova usiphe izipho eziningi ukuba sizijabulele, umculo ungesinye sazo. Nokho, njengoba “izwe lonke lisemandleni omubi,” uSathane uDeveli, ingabe lokhu akuzihlanganisi yini ezomculo? (1 Johane 5:19) Yebo, umculo ungaba ugibe oluyisinyenyela, njengoba uSylvana athola. Waba nethuba lokuqeqeshwa eFrance njengomculi weopera. “Ngangisenaso isifiso esinamandla sokukhonza uJehova,” echaza. “Ngangijabulela inkonzo yamaphayona asizayo futhi nganginethemba lokuvumelanisa lezizinto ezimbili ekuphileni kwami. Kodwa inkinga yokuqala okwakumelwe ngibhekane nayo ekuphishekeleni umsebenzi wami kwakuwukuziphatha okubi. Ekuqaleni, abangane bami bangibheka njengesithithithi uma ngingabalingisi enkulumweni yabo yokonakala nesibonelo. Kamuva, ukonakala engangiphakathi kwakho kwaqala ukungibulala imizwa, kwangenza ngazibekezelela izinto uJehova azizondayo. Omunye wothisha bami wayelokhu engikhuthaza ukuba ngenze ukucula kube inkolo yami, futhi ngafundiswa ukuba ngibe nobudlova esiteji futhi ngicabange ukuthi ngimkhulu kunabo bonke abanye. Konke lokhu kwangenza ngakhathazeka kakhulu. Ekugcineni, kwadingeka ngilungiselele umncintiswano okhethekile. Ngathandaza kuJehova ukuba enze kucace kimi ukuthi iyiphi indlela okumelwe ngiyithathe. Nakuba ngacula kahle futhi ngazizwa ngizethemba, ngangingekho phakathi kwalabo abakhethwa. Kamuva, ngasazi isizathu—imiphumela yayinqunywe ngasese esikhathini eside ngaphambi komncintiswano. Kodwa ngase nginayo impendulo esobala yomthandazo wami futhi nganquma ukuyeka iopera ukuze ngifundise ukucula ekhaya.” Kamuva lodade washada nomdala ebandleni lobuKristu, lapho bobabili manje bekhonza khona ngokwethembeka ekuthuthukiseni izithakazelo zoMbuso.

10. Uphetha ngokuthini ngamazwi kaJesu akuJohane 3:19-21?

10 UJesu wathi: “Yilowo nalowo owenza okubi uzonda ukukhanya, akezi ekukhanyeni ukuba imisebenzi yakhe ingasolwa.” Ngakolunye uhlangothi, “owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.” (Johane 3:19-21) Yeka isibusiso okuyiso ukusebenza ngokuvumelana nentando kaJehova nenjongo. Kodwa ukuze sikwenze ngokuphumelelayo, kumelwe ngaso sonke isikhathi sivumele imisebenzi yethu ihlolwe ngokuvumelana nezwi likaNkulunkulu. Asibadala neze kakhulu futhi akwephuzile neze kakhulu ukuba sishintshe indlela yethu yokuphila futhi samukele isimemo sokuba senze inkonzo kaJehova ebalulekile.

Ukwenza “Imisebenzi Emihle” Namuhla

11. Yini abaningi abayiphishekela ‘njengemisebenzi emihle,’ futhi kungani ingaholela ekukhungathekeni?

11 Umsebenzi obalulekile namuhla kumelwe ubonakalise ukuphuthuma kwezikhathi zethu. Abantu abaningi abaqotho bayavuma futhi bazigcina bematasa ngemisebenzi ngokuvamile echazwa ngokuthi “imisebenzi emihle,” eyenziwa ngenxa yenzuzo yesintu sisonke noma ngenxa yesizathu esisodwa ngokukhethekile. Nokho, yeka indlela loluhlobo lomsebenzi olungakhungathekisa ngayo! EBrithani, iCAFOD ([Catholic Fund for Overseas Development] Isikhwama SamaKatolika Sokuthuthukisa Phesheya Kwezilwandle), ibika ngomkhankaso wayo wokusiza endlaleni, yathi: “Eminyakeni emithathu edlule . . . kwaqongelelwa izigidi [zamaRandi] ngenjongo yokusiza. Kwasindiswa izinkulungwane zokuphila. Manje lokho kuphila sekusengozini futhi . . . Kodwa kungani? Konakeleni?” Iqhubeka nokulandisa kwayo, iCAFOD Journal ichaza ukuthi izinkinga esezinesikhathi eside azizange zixazululwe nokuthi “izinto ezidingeka kakhulu ekuthuthukiseni abantu ziye zasetshenziselwa ukuvuthela ingxabano [impi yombango].” Ngokungangabazeki, uye wayizwa imizwa enjengalena ivezwa izinhlangano zokusiza ezihileleke emsebenzini ofanayo.

12. Yini ewukuphela kwempendulo ezinkingeni ezibhekene nezwe namuhla?

12 Indlala iyinkinga ephuthumayo. Nokho, obani ababona usizi lwanamuhla lwendlala nempi njengolugcwalisa isiprofetho sikaJesu Kristu, bekhomba ekupheleni kwesimiso samanje sezinto? (Mathewu 24:3, 7) Obani abaye basakaza ubufakazi obuhlanganisa lezizenzakalo nokugibela kwabagibeli abane bamahhashi abafanekiswe ngokukhanyayo encwadini yeBhayibheli yesAmbulo, isahluko 6? Ngokuphikelela, oFakazi BakaJehova baye benza kanjalo ngokwethembeka kulomagazini. Ngani? Ukuze babonise ukuthi akukho emandleni omuntu ukuthaka noma yiliphi ikhambi elihlala njalo. Lokhu akusho ukuthi amaKristu awanandaba nezinkinga zezwe. Phinde. Anozwela futhi angenza konke okusemandleni awo ukuze adambise ukuhlupheka. Nokho, abhekana ngokoqobo neqiniso lokuthi ngaphandle kokungenela kwaphezulu, izinkinga zezwe azisoze zaxazululeka. Njengabampofu, lezinkinga ziyohlala zikhona uma nje uSathane esavunyelwe ukuba aqhubeke njengombusi walelizwe.—Marku 14:7; Johane 12:31.

Umsebenzi Onokubaluleka Okukhulu Kakhulu

13. Uyini umsebenzi ophuthuma kakhulu namuhla, futhi obani abawenzayo?

13 Isidingo esiphuthuma kunazo zonke namuhla siwukushumayela izindaba ezinhle zokuthi uMbuso kaJehova uNkulunkulu ngokushesha uzosusa bonke ohulumeni bezwe futhi ulethe ukukhululeka okulangazelelwa abantu abesaba uNkulunkulu. (Daniyeli 2:44; Mathewu 24:14) UJesu Kristu wenza ukushumayela ngoMbuso wasezulwini kwaba yinjongo yakhe eyinhloko ekuphileni, nakuba ukushumayela kwakhe kwakulinganiselwe ezweni lasePalestina. Namuhla, izinga lalokhu kushumayela lingelomhlaba wonke, njengoba nje uJesu athi kwakuyoba njalo. (Johane 14:12; IzEnzo 1:8) Ukuba nengxenye, ngisho nencane, emsebenzini kaNkulunkulu, kuyilungelo elingenakuqhathaniswa. Amadoda nabesifazane, abadala nabancane ngokufanayo, abake bangacabanga nakancane ngokuba abashumayeli bezindaba ezinhle baphambili emsebenzini wokushumayela ofezwa oFakazi BakaJehova namuhla. NjengoNowa nomkhaya wakhe, benza ngokwethembeka umsebenzi kaNkulunkulu ngaphansi kokuthunywa okuvela kuYe, ngakho-ke bawenza ngamandla aKhe, njengesandulela sokuphela kwalesimiso sezinto.—Filipi 4:13; Heberu 11:7.

14. Kukanjani ukushumayela kusindisa ukuphila futhi ngesikhathi esifanayo kuyisivikelo?

14 Umsebenzi wokufakaza woFakazi BakaJehova phakathi nalezinsuku zokugcina usindisa ukuphila kulabo abalalelayo futhi benze ngokuvumelana nezindaba ezinhle abazizwayo. (Roma 10:11-15) Uyisivikelo futhi kulabo abashumayelayo. Ngokuba nesithakazelo esiqotho ekusizeni abantu abanezinkinga ezinkulu kunezethu, ngeke sikhathazeke ngokweqile ngezinkinga esingaba nazo. Siyaqaphela ukuthi lelizwe lezindinganiso eziwohlokayo lifuna ukuba sivumelane nezindlela zalo. Ngakho ukugcwalisa izingqondo zethu ngemiqondo kaNkulunkulu phakathi nokushumayela kwethu kungaphezu kokuqinisa ukholo; kungokwezithakazelo zethu ezinhle kakhulu. Njengoba omunye uFakazi akubeka: “Uma ngingazami ukushintsha abantu engihlangana nabo, bangashintsha mina!”—Qhathanisa neyesi-2 Petru 2:7-9.

Ukusebenza Nebandla

15. Yimiphi imithwalo yemfanelo ephezu kwabelusi abangaphansi namuhla, futhi amalungu esilisa ebandla kumelwe azizwe kanjani ngokweyoku-1 Thimothewu 3:1?

15 Lapho abasanda kuthakazela beza ebandleni, beza ngaphansi kokunakekela kukaMalusi Omkhulu, uJehova uNkulunkulu, noMalusi wakhe oMuhle, uJesu Kristu. (IHubo 23:1; Johane 10:11) LabeLusi basezulwini lapha emhlabeni bamelelwa abelusi bomhlambi abangaphansi abathembekile, amadoda amiswe emabandleni. (1 Petru 5:2, 3) Ukuba semsebenzini onjalo kuyilungelo eliyigugu kulezinsuku zokugcina. Umsebenzi wabelusi uyasinda, njengoba ungahlanganisi nje kuphela ukuhola ekufundiseni ebandleni nasekushumayeleni kodwa futhi nokuvikela umhlambi kubaphangi abangokomoya nasekumukuleni kwesimo esinjengesiphepho sezwe esiphila kulo. Awukho umsebenzi obalulekile amalungu esilisa ebandla angalwela ukuwufinyelela ngaphezu kwalowo wokusiza ekunakekeleni inhlala-kahle engokomoya yamalungu ebandla lobuKristu elandayo.—1 Thimothewu 3:1; qhathanisa noIsaya 32:1, 2.

16. Kungaziphi izindlela abelusi abangamaKristu bethekelana?

16 Nokho, kumelwe singalokothi sikhohlwe ukuthi abelusi abanjalo bangabantu, abanobuntu obuhlukahlukene namaphutha afana nawomhlambi wonke. Nakuba omunye engase aphumelele ngamalengiso esicini esithile sokwalusa, iziphiwo zomunye ziyozuzisa ibandla ngendlela ehlukile. Imisebenzi yabo njengabadala abangamaKristu iyathekelana ukuze kuqiniswe ibandla. (1 Korinte 12:4, 5) Umoya wokuncintisana akumelwe nakancane ungene phakathi kwabo. Ndawonye basebenzela ukulondoloza nokuthuthukisa izithakazelo zoMbuso, “bephakamisa izandla ezithembekile” emthandazweni kuJehova, befuna isibusiso sakhe nesiqondiso kuzo zonke izingxoxo zabo nezinqumo.—1 Thimothewu 2:8.

17. (a) Yisiphi isibopho esinaso? (b) Yiziphi izinto okumelwe sizigweme uma sizofeza isibopho sethu ngokufanele?

17 Umsebenzi wokushumayela manje uba ngophuthuma ngokwengeziwe njengoba ukuphela kombuso kaSathane kusondela. Njengoba sineqiniso leZwi likaJehova uNkulunkulu, njengoFakazi bakhe, sinesibopho sokusakaza izindaba ezinhle ngawo wonke amathuba. Umsebenzi esinawo mningi ngokwanele ukuba usigcine simatasa, kuze kube sekupheleni. Akumelwe sizivumele ukuba siphambukiswe ukufuna injabulo kokutamasa, kokuziphatha okubi noma sisindwe ukuthanda izinto ezibonakalayo. Akumelwe sihileleke ekucabangeni kokuqagela, siphikisane ngamazwi, ngoba lokhu kungabonakala kungazuzisi futhi kudla isikhathi. (2 Thimothewu 2:14; Thithu 1:10; 3:9) Lapho abafundi bebuza uJesu, “Nkosi, usawubuyisela umbuso kuIsrayeli ngalesisikhathi na?” UJesu waqondisa kabusha ukucabanga kwabo emsebenzini owawukhona, ethi: “Nibe-ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube-sekugcineni komhlaba.” Lokho kuthunywa kusaqhubeka kuze kube yilolusuku.—IzEnzo 1:6-8.

18. Kungani ukusebenza noJehova kuvuza kangaka?

18 Ukusebenza noJehova, ukushumayela nebandla lakhe lomhlaba wonke namuhla, kuletha injabulo, ukwaneliseka, nenjongo yangempela ekuphileni kwethu. Kuyithuba lokuba umthandi kaJehova ngamunye abonakalise ukuzinikela nokwethembeka kuye. Lomsebenzi ngezici zawo eziningi awusoze waphindwa. Njengoba ithemba lokuphila okuphakade lingaphambili ngokukhanyayo, kwangathi singaqhubeka ngokwethembeka “sinikela inkonzo engcwele kuNkulunkulu ngokumesaba nangokuthuthumela,” kube udumo kuye nokusindiswa kwethu.—Heberu 12:28, NW.

Ithini Impendulo Yakho?

◻ UJesu wayithola kumuphi umsebenzi injabulo nokwaneliseka?

◻ Obani abaphikisana nomsebenzi kaJehova, futhi ngani?

◻ Iqhathaniseka kanjani “imisebenzi emihle” yezwe nokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaJehova?

[Isithombe ekhasini 18]

UJesu wathuma abafundi bakhe ukuba bahambe bashumayele

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela