Ungayithola Ingcebo Ebaluleke Ngaphezu Kwegolide!
AMAQINISO aseBhayibhelini angafaniswa negolide, isiliva, noma amanye amagugu afihliweyo. Nakuba kungenzeka ukuthi awukaze umbe igolide elingokoqobo noma isiliva, ngokunokwenzeka uyaqaphela ukuthi ukwenza kanjalo kudinga umsebenzi omkhulu onzima nokuphikelela. Futhi ngokuvamile lowo ombayo uhlangabezana nokudumazeka.
Nokho, ukudumazeka okunjalo akubi bikho lapho ufuna amagugu afihliwe eBhayibhelini. Phawula lesiqinisekiso esikhuthazayo: “Uma ukufuna njengesiliva, ukuphenya njengamagugu afihliweyo, khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu.” (IzAga 2:4, 5) Kodwa kumelwe uphenye.
“Phenyisisa, Ubone”
“Phenyisisa, ubone ukuthi akuveli-mprofethi eGalile.” Lesi kwakuyiseluleko abaFarisi abathile abangamaJuda bekhulu lokuqala leminyaka abasinikeza uNikodemu, naye owayengumFarisi. “Phenyisisa, ubone.” Ngempela, iseluleko esihle. Kwakungenzeka ukuphenyisisa futhi kutholakale iqiniso—okuthile okubaluleke kakhulu kunegolide.
Nokho, kulesosimo ngokukhethekile, labo abanikeza iseluleko sokuthi “phenyisisa, ubone” bahluleka ukwenza kanjalo. Kanjani?
Abapristi abakhulu nabaFarisi babethumele izikhonzi ukuba ziyobopha uJesu Kristu. Zihlatshwe umxhwele kakhulu yindlela yakhe yokufundisa, izikhonzi zabuya zilambatha. Ngakho-ke, abaFarisi bazibuza: “Kanti nani nidukisiwe na?” UNikodemu wakhuluma ngokucacile futhi wathi: “Konje umthetho wakithi uyamlahla yini umuntu ungakamuzwa kuqala, uze wazi akwenzayo, na?” Lamazwi ashukumisela iseluleko sokuthi “phenyisisa, ubone.”—Johane 7:32, 45-52.
Abapristi nabaFarisi babehluleke kanjani? Babengazi noma abavumanga ukuthi nakuba uJesu akhuliselwa eGalile, wazalelwa eBetlehema. Umprofethi uMika wayebikezele: “Ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe [Betlehema], ozakuba-ngumbusi kwaIsrayeli.” (Mika 5:2) Ngakho lawomadoda ayehola ahluleka ukuphenyisisa futhi abone izimfanelo zikaJesu njengomprofethi, lowo owayezoba umbusi kwaIsrayeli. Lokhu kwaholela emiphumeleni ewusizi, futhi kubonisa indlela okubaluleke ngayo ukuphenyisisa futhi uthole iqiniso eliphelele ngezinto. Kodwa ngokuvamile iqiniso libhekwa kanjani?
Iqiniso Liye Lonakaliswa
“Iqiniso elimsulwa, njengegolide elihlanzekile, liye latholwa lingakufanelekele ukusakazwa, ngoba abantu baye bathola ukuthi kulula kakhulu ukonakalisa iqiniso kunokuba bazihlanze bona ngokwabo,” kusho umbhali wekhulu le-19 leminyaka. Yeka indlela lamazwi angagwegwesi ngayo namuhla ngokuphathelene nenkundla yezwe engokwenkolo! Umbangeli walokhu konakaliswa kweqiniso ‘uyise wamanga,’ uSathane uDeveli. (Johane 8:44; IsAmbulo 12:9) Usebenzisa inkolo yamanga ukuze onakalise izimfundiso zeqiniso emibuzweni ebalulekile enjengalena: Ungubani uNkulunkulu? UJesu uhlobene kanjani naye? Siyini isiphetho somhlaba nesintu?
Abapristi nabaFarisi babengaliphenyisisa futhi balithole iqiniso. Babengathola ingcebo ebaluleke kakhulu kunegolide. Yebo, babengathola iqiniso eliphelele ngoJesu ‘ngokumuzwa futhi bazi lokho ayekwenza,’ njengoba uNikodemu asikisela. Uma babeqotho ekwenzeni lokhu, ngokungangabazeki uJesu ngabe wabachazela izinto, njengoba enza kubafundi bakhe. (Marku 4:34) Kodwa singalitholaphi iqiniso elimsulwa namuhla? Empeleni, ingabe sikhona isiqinisekiso esithile sokuthi singaliphenyisisa ngokuphumelelayo futhi silithole iqiniso eliphelele?
[Isithombe ekhasini 4]
Abaholi benkolo babengathola iqiniso eliphelele ngoJesu ‘ngokumuzwa’