Ukuziphatha Okuhlobisa Imfundiso KaNkulunkulu
Muva nje, abaphathi benkampane ethile eCaracas, eVenezuela, babhalela abadala nezinceku ezikhonzayo zebandla eliseduze loFakazi BakaJehova incwadi. Kuyo babhala ukuthi: “Siye samukela ukutusa okuhle kakhulu ngabantu abasenkolweni yenu ngokuqondene nokuphaphamela kwabo imithwalo yemfanelo nokwethembeka. Kungalesizathu manje sinibhalela. Ngenxa yokuntula kwethu kwamanje izisebenzi, sinesidingo esiphuthumayo sabantu ababili abangangena kulezikhundla ezilandelayo: omunye ozoba umshayeli nomunye ozoba umqondisi endaweni okugcinwa kuyo impahla. Singakwazisa kakhulu noma ikuphi ukwaziswa eningase nikunikeze ngokuqondene nothile ebandleni lakini noma kwelinye eliseduze. Asifuni ngempela ukuqasha izisebenzi ezingebona oFakazi. Sizani nisazise ngisho noma kungekho otholakalayo, njengoba sizolindela impendulo yenu ngaphambi kokuba senze noma isiphi isinqumo.”
Ngemva kokuthola incwadi ngaphansi komnyango weHholo LoMbuso, omunye wabadala bebandla wavakashela umnikazi walenkampane okukhulunywa ngayo. Lomnikazi wayeye wasebenzelana noFakazi BakaJehova iminyaka engu-15 futhi akakhumbuli eba nezinkinga ezingathi sína nabaqashwa bakhe abangoFakazi. Wabhekisela kubo njengezisebenzi ezizimisele, ezikwaziyo ukuthwala umthwalo wemfanelo, ezithembekile, nezikhuthele. Wabe esenezela: “Ngiyazi ukuthi anibavumeli abenzi bobubi, futhi niyabasusa ekuhlanganyeleni. Lokho kubonisa ukuthi ibandla lenu alifuni ukuzihlanganisa nabanjalo.”
Ukuziphatha okunjalo kuhlobisa imfundiso kaNkulunkulu. (Thithu 2:10) Kuwumphumela wesifiso esiqotho sokunamathela ngokuseduze ezimisweni zokuziphatha ezihlelwe eBhayibhelini.