“Zihloleni Nina Nibone Ukuba Nisekukholweni Yini”
Amaphuzu Avelele Encwadi YesiBili KwabaseKorinte
UMPHOSTOLI uPawulu wayekhathazekile ngamaKristu aseKorinte. Ayeyosibheka kanjani iseluleko ayewanikeze sona encwadini yakhe yokuqala? WayeseMakedoniya lapho uThithu efika nombiko omuhle wokuthi incwadi yayibadabukisile abaseKorinte yabenza baphenduka. Yeka ukuthi lokho kwamjabulisa kanjani uPawulu!—2 Korinte 7:8-13.
UPawulu wabhala eyesiBili KwabaseKorinte eseMakedoniya, mhlawumbe ngemva kwesigamu sonyaka ngo-55 C.E. Kulencwadi waxoxa ngezinyathelo ezithathwayo ukuze kugcinwe ibandla lihlanzekile, wakha isifiso sokunikelela amakholwa ayeswele eJudiya, futhi wavikela ubuphostoli bakhe. Okuningi kwalokho uPawulu akusho kungasisiza ukuba ‘sizihlole ukuthi sisekukholweni yini.’ (13:5) Ngakho-ke, yini esingayikhothoza kulencwadi?
Isikhonzi SikaNkulunkulu Wenduduzo
Umphostoli wabonisa ukuthi njengoba uNkulunkulu esiduduza kulo lonke usizi lwethu, kumelwe nathi siduduze abanye futhi sibathandazele. (1:1–2:11) Nakuba uPawulu nayekanye nabo babesekucindezelekeni okukhulu, uNkulunkulu wabasindisa. Nokho, abaseKorinte babengasiza ngokubathandazela, njengoba nathi kumelwe sibathandazele abanye abamukela ukholo lweqiniso. Kodwa kuthiwani ngomuntu owayeziphethe kabi okukhulunywe ngaye kweyoku-1 Korinte isahluko 5? Ngokusobala wayesusiwe kodwa wayesephenduka. Yeka ukuthi waduduzeka kanjani lapho abaseKorinte bemthethelela futhi bembuyisela ngothando phakathi kwabo.
Amazwi kaPawulu angakhulisa ukwazisa kwethu ngenkonzo yobuKristu, aqinise ukumela kwethu ukholo lweqiniso. (2:12–6:10) Phela, izikhonzi zesivumelwano esisha zinelungelo lokuba ‘sodwendweni lokunqoba’ oluholwa uNkulunkulu! UPawulu nezisebenzi ayekanye nazo babenenkonzo eyigugu ngenxa yomusa ababewubonisiwe. Njengabo, abagcotshiwe bosuku lwanamuhla banenkonzo yokubuyisana. Nokho, bonke oFakazi BakaJehova bacebisa abanye ngenkonzo yabo.
Phelelisa Ubungcwele Futhi Uphe
UPawulu usibonisa ukuthi izikhonzi ezingamaKristu kumelwe ziphelelise ubungcwele ekumesabeni uJehova. (6:11–7:16) Ukuze sime siqinile okholweni, kumelwe sigweme ukuboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, futhi sidinga ukuhlanjululwa ekungcoleni komoya nokwenyama. AbaseKorinte bathatha isinyathelo sokuhlambulula ngokususa ekuhlanganyeleni umenzi wobubi oziphethe kabi, futhi uPawulu wajabula ngokuthi incwadi yakhe yokuqala yayibadabukisile ukuba baphenduke kube ngukusindiswa.
Sifunda futhi nokuthi izikhonzi ezesaba uNkulunkulu ziyavuzwa ngokupha kwazo. (8:1–9:15) Ngokuqondene neminikelo “yabangcwele” ababeswele, uPawulu waphawula isibonelo esihle sabaseMakedoniya. Babephé ngokungaphezu kwamandla abo, futhi wayethemba ukubona uhlobo olufanayo lokupha kwabaseKorinte. Ukupha kwabo—nokwethu—kufanele kube okusuka enhliziyweni, ngoba “uNkulunkulu uyamthanda onikela ethokoza,” futhi ucebisa abantu bakhe ngalo lonke uhlobo lokupha.
UPawulu—Umphostoli Onakekelayo
Lapho sifeza noma yini enkonzweni kaJehova njengezikhonzi, masibonge yena, singazibongi thina ngokwethu. (10:1–12:13) Ngaphezu kwalokho, imiqondo engamanga singayichitha kuphela ngezikhali zomoya ‘ezinamandla ngoNkulunkulu.’ Umlando “wabaphostoli abaqhamileyo” ababezibonga phakathi kwabaseKorinte wawungasoze wafana nomlando kaPawulu wokubekezela njengesikhonzi sikaKristu. Nokho, ukuze angaziphakamisi kakhulu, uNkulunkulu akazange alisuse ‘iva lakhe enyameni’—mhlawumbe ubuthaka bamehlo akhe noma labo baphostoli bamanga. Kunalokho uPawulu wayengazibonga ngobuthakathaka bakhe ukuze “amandla kaKristu” ahlale phezu kwakhe njengethende. Njengendoda eyama iqinile okholweni, akazange asilele kubaphostoli abaqhamileyo. AbaseKorinte babebubonile ubufakazi bobuphostoli uPawulu ayebuvezile phakathi kwabo “ngokukhuthazela konke, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangemisebenzi yamandla.”
Njengesikhonzi nomphostoli, uPawulu wayekhathalela izithakazelo ezingokomoya zayekholwa nabo, njengoba nathi kumelwe sizikhathalele. (12:14–13:14) ‘Ngokujabula okukhulu wayengazinikela ngenxa yemiphefumulo yabo.’ Kodwa uPawulu wayesaba ukuthi ekufikeni kwakhe eKorinte, wayeyothola abanye abangaphendukile emisebenzini yenyama. Ngakho-ke, waluleka ukuba bonke bazihlole ukuba basekukholweni yini futhi wathandazela ukuba ‘bangenzi lutho olubi.’ Esiphethweni, wabakhuthaza ukuba bajabule, balungiswe futhi baduduzwe, babemqondo munye, futhi bahlale ngokuthula. Yeka iseluleko esihle nakithi!
Qhubekani Nihlola!
Kanjalo incwadi yesibili kaPawulu eyayiya kumaKristu aseKorinte isikisela izindlela ezihlukahlukene zokuhlola ukuthi sisekukholweni yini. Ngempela amazwi akhe kufanele asishukumisele ukuba siduduze abanye, njengoba noNkulunkulu esiduduza kulo lonke usizi lwethu. Lokho umphostoli akusho ngenkonzo yobuKristu kufanele kusibangele ukuba siyenze ngokwethembeka kuyilapho siphelelisa ubungcwele ngokwesaba uJehova.
Ukusebenzisa iseluleko sikaPawulu kungasenza siphe futhi sibe usizo ngokwengeziwe. Nokho, amazwi akhe kufanele asishukumisele ukuba sibonge uJehova, singazibongi thina. Kufanele akhulise ukukhathalela kwethu kothando esikholwa nabo. Futhi ngokuqinisekile lamaphuzu namanye akwabaseKorinte besiBili angasisiza ukuba ‘sizihlole noma sisekukholweni yini.’
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 26]
BONAKALISA INKAZIMULO KAJEHOVA: Lapho uMose ehla evela eNtabeni yaseSinayi nezibhebhe zobuFakazi, ubuso bakhe babukhazimula ngoba uNkulunkulu wayekhulume naye. (Eksodusi 34:29, 30) UPawulu wakhuluma ngalokhu wayesethi: “Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe-njengalowomfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.” (2 Korinte 3:7-18) Izibuko zesandla zasendulo zazenziwa ngensimbi enjengethusi elihlangene nethini noma ithusi futhi zazicwebezeliswa kakhulu ukuze zikhanye kahle ngaphandle. Njengezibuko, abagcotshiwe babonakalisa inkazimulo kaNkulunkulu ebakhanyisayo evela kuJesu Kristu, ‘ibaguqulela ngokuqhubekayo emfanekisweni’ ngeNdodana kaJehova ekhazimulayo. (2 Korinte 4:6; Efesu 5:1) Ngomoya ongcwele nangemiBhalo, uNkulunkulu udala kubo ‘ubuntu obusha,’ obuwukubonakaliswa kwezimfanelo zakhe uqobo. (Efesu 4:24; Kolose 3:10) Kungakhathaliseki ukuthi ithemba lethu elasezulwini noma elasemhlabeni, masibonise lobobuntu futhi silazise ilungelo lokubonakalisa inkazimulo kaNkulunkulu enkonzweni yethu.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 27]
‘IZIKHALI ZOKULUNGA’: Enye indlela uPawulu nayekanye nabo abazitusa ngayo njengezikhonzi zikaNkulunkulu ‘yayingezikhali zokulunga zesokunene nezesokhohlo.’ (2 Korinte 6:3-7) Isandla sokunene sasisetshenziselwa ukuphatha inkemba, kanti esokhohlo sasisetshenziselwa ukubamba isihlangu. Nakuba babehlaselwa nxazonke, uPawulu nezisebenzi ayekanye nazo babekuhlomele ukulwa impi engokomoya. Kwakulwiwa nabafundisi bamanga ‘nabaphostoli abaqhamileyo’ ukuze ibandla laseKorinte lingaphambukiswa ekuzinikeleni kuKristu. UPawulu akazange asebenzise izikhali zenyama enesono—ubuqili, ukukhohlisa, noma ukuphamba. (2 Korinte 10:8-10; 11:3, 12-14; 12:11, 16) Kunalokho, “izikhali” abazisebenzisa kwakungamasu alungile, noma afanele, okuqhubekisela phambili ukukhulekela kweqiniso naphezu kwakho konke ukuhlaselwa. OFakazi BakaJehova manje basebenzisa izikhali ezinjalo “zokulunga” ngenjongo efanayo.