Indima Yamagunya Aphakeme
“[L]iyisikhonzi sikaNkulunkulu, kube-kuhle kuwe. Kepha uma wenza okubi, yesaba.”—ROMA 13:4.
1, 2. Abaningi kweLobukholwa baye bahileleka kanjani emisebenzini yokuvukela?
EMINYAKENI emibili edlule umhlangano wababhishobhi eLondon wabangela ukuba kubhalwe isihloko esazwakalisa intukuthelo kuyiNew York Post. Lomhlangano kwakuyiNgqungquthela yaseLambeth, okwakukhona kuwo ababhishobhi abangaphezu kuka-500 besonto laseSheshi. Lentukuthelo yabangelwa isinqumo esakhishwa yileyongqungquthela esizwakalisa ukubaqonda abantu “labo, ngemva kokusebenzisa zonke ezinye izindlela, abakhetha indlela yokulwa ngezikhali njengewukuphela kwendlela eyisa ekulungeni.”
2 LePost yathi lokhu, ngokomphumela, kwakuwukuvunyelwa kobuphekula. Nokho, labobabhishobhi babemane nje belandela ukuthambekela okukhulayo. Isimo sabo sengqondo sasingahlukile neze kuleso sompristi ongumKatolika eGhana owatusa impi yabashokobezi njengendlela esheshayo, eqinisekile, nephephile kunazo zonke yokukhulula iAfrika; noma kwesombhishobhi ongumWeseli waseAfrika owafunga ukuqhuba “impi yenkululeko zize zilime ziye etsheni”; noma kwesezithunywa zevangeli eziningi zeLobukholwa eziye zalwa ngokubambisana namavukela alwisana nohulumeni abamisiwe eAsia naseNingizimu Melika.
AmaKristu Eqiniso ‘Awamelani Negunya’
3, 4. (a) Iziphi izimiso ezephulwa amaKristu okuzisholo asekela ukuvukela? (b) Yini omunye umuntu ayithola ngoFakazi BakaJehova?
3 Ekhulwini lokuqala leminyaka, uJesu wathi ngabalandeli bakhe: ‘Abayona ingxenye yezwe, njengoba nami ngingeyona ingxenye yezwe.’ (Johane 17:14) Noma imuphi umKristu wokuzisholo osekela ukuvukela uyingxenye yezwe kakhulu. Akayena umlandeli kaJesu; futhi ‘akazithobi emagunyeni aphakeme.’ (Roma 13:1) Uyokwenza kahle ngokulalela isixwayiso somphostoli uPawulu sokuthi “omelana [“negunya,” NW] umelana nesimiso sikaNkulunkulu; kepha abamelana na[l]o bayakwamukeliswa ukulahlwa.”—Roma 13:2.
4 Ngokuphambene nabaningi kweLobukholwa, oFakazi BakaJehova abahlangene nobudlova bempi. Enye indoda eYurophu yakuthola lokhu. Iyabhala: “Lapho ngibona lokho inkolo nezombangazwe okuye kwakuveza, ngazinikezela ekuketuleni isimiso sezenhlalo esimisiwe. Ngazihlanganisa neqembu lamaphekula futhi ngathola ukuqeqeshwa ekusebenziseni zonke izinhlobo zezikhali; ngahlanganyela ekuphangeni okuningi ngezikhali. Ukuphila kwami kwakuhlala kusengozini. Njengoba isikhathi sasiqhubeka, kwaba sobala ukuthi sasilwa impi yokunqotshwa. Ngangiyindoda ekhungathekile, enqotshwa ukungabi nathemba ngokuphelele ekuphileni. Khona-ke uFakazi wangqongqoza kwami. Wangitshela ngoMbuso kaNkulunkulu. Ngiphikelela ngokuthi lokhu kwakungichithela isikhathi, ngasikisela ukuba umkami alalele. Wenza kanjalo, futhi kwaqaliswa isifundo seBhayibheli sasekhaya. Ekugcineni, ngavuma ukuba khona kulesosifundo. Angikwazi ukukuchaza ukukhululeka engazizwa nginakho ngokuqonda amandla aqhubezela isintu ebubini. Isithembiso soMbuso esimangalisayo siye sanginikeza ithemba elisekelayo nenjongo ekuphileni.”
5. Kungani amaKristu ehlala ezithoba ngokuthula emagunyeni aphakeme, futhi lokhu kuyohlala kunjalo kuze kube nini?
5 AmaKristu angamanxusa noma izithunywa zikaNkulunkulu noKristu. (Isaya 61:1, 2; 2 Korinte 5:20; Efesu 6:19, 20) Njengoba enjalo, ahlala engathathi-hlangothi ezimpini zalelizwe. Ngisho nakuba ezinye izimiso zezombangazwe zibonakala ziphumelela ngokwengeziwe ngokwezimali kunezinye, futhi ezinye zinikeza inkululeko eyengeziwe kunezinye, amaKristu awasekeli noma abheke esinye isimiso njengesiphakeme kunesinye. Ayazi ukuthi zonke izimiso aziphelele. ‘Kuyilungiselelo likaNkulunkulu’ ukuba lezimiso ziqhubeke zikhona kuze kube yilapho uMbuso wakhe ungenela. (Daniyeli 2:44) Ngakho, amaKristu ahlala ezithoba ngokuthula emagunyeni aphakeme kuyilapho ethuthukisa inhlalakahle yaphakade yabanye ngokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso.—Mathewu 24:14; 1 Petru 3:11, 12.
Ukulalela Umthetho
6. Kungani imithetho eminingi yabantu imihle ngisho nakuba “izwe lonke lisemandleni omubi”?
6 Ohulumeni bezizwe bamisa izimiso zemithetho, futhi eminingi yalemithetho mihle. Ingabe lokhu kumelwe kusimangaze, uma sibheka iqiniso lokuthi “izwe lonke lisemandleni omubi”? (1 Johane 5:19, NW) Cha. UJehova wanika ubaba wethu wokuqala, uAdamu, unembeza, futhi lomuzwa adalwa nawo wokulungile nokungalungile ubonakaliswa ngezindlela eziningi emithethweni yabantu. (Roma 2:13-16) UHammurabi, umniki-mthetho wasendulo waseBabiloni, wethula isimiso sakhe semithetho ngendlela elandelayo: “Ngalesosikhathi [ba]ngikhethela ukuthuthukisa inhlalakahle yabantu, mina, Hammurabi, inkosana ezinikele, eyesaba uNkulunkulu, ukubangela ukuba ukulunga kuchume ezweni, ukubhubhisa abonakele nababi, ukuze abanamandla bangacindezeli ababuthakathaka.”
7. Uma umuntu ephula umthetho, ubani onelungelo lokumjezisa, futhi ngani?
7 Ohulumeni abaningi bangathi injongo yemithetho yabo iyefana: eyokuthuthukisa inhlala-kahle yezakhamuzi nokuhleleka okuhle emphakathini. Ngakho, balahla izenzo ezimelene nenhlalo yomphakathi, njengokubulala nokweba, futhi babeka imithetho, njengejubane emgwaqweni nemithetho yokupaka. Noma ubani owephula umthetho wabo ngamabomu umelene negunya futhi ‘uzakwamukeliswa ukulahlwa.’ Ukulahlwa okuvela kubani? Hhayi kuNkulunkulu ngempela. Igama lesiGreki lapha elihunyushwe ngokuthi ukulahlwa lingabhekisela ezinqubweni zomphakathi kunokuba libhekisele ezahlulelweni ezikhishwa uJehova. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 6:7.) Uma umuntu enza ngokuphambene nomthetho, igunya eliphakeme linelungelo lokumjezisa.
8. Ibandla liyosabela kanjani uma ilungu lenza isenzo sobugebengu esingathi sína?
8 OFakazi BakaJehova banedumela elihle lokungamelani namagunya abantu. Uma kwenzeka ukuba umuntu ebandleni aphule umthetho, ibandla ngeke limsize ukuba abalekele ukujeziswa okungokomthetho. Uma noma ubani eba, ebulala, ehlambalaza, ekhohlisa ekukhokheni izintela, edlwengula, ekhwabanisa, esebenzisa izidakamizwa ezingekho emthethweni, noma nganoma iyiphi enye indlela emelana negunya elingokomthetho, uyobhekana nokujeziswa okuqinile okuvela ebandleni—futhi akumelwe azizwe eshushiswa lapho ejeziswa igunya lasemhlabeni.—1 Korinte 5:12, 13; 1 Petru 2:13-17, 20.
Into Yokwesatshwa
9. Imuphi umthombo wosizo amaKristu anawo ngokufanelekile uma esongelwa abantu abangenamthetho?
9 UPawulu uyaqhubeka nengxoxo yakhe ngamagunya aphakeme, ethi: “Ngokuba ababusi abesabeki kwabenza okuhle kodwa kwabenza okubi. Kepha uyathanda yini ukungesabi amandla ombuso na? Yenza okuhle, uyakubongwa yiwo.” (Roma 13:3) Akuwona amaKristu athembekile okumelwe esabe ukujeziswa igunya kodwa abenzi bokubi, labo abenza ‘izenzo ezimbi,’ izenzo zobugebengu. Lapho besongelwa ngabantu abanjalo abangena-mthetho, oFakazi BakaJehova bangase ngokufanelekile bamukele egunyeni ukuvikelwa amaphoyisa noma abezempi.—IzEnzo 23:12-22.
10. OFakazi BakaJehova baye bakuthola kanjani ‘ukubongwa’ okuvela egunyeni?
10 KumKristu ogcina umthetho wegunya eliphakeme, uPawulu uthi: “Uyakubongwa yiwo.” Njengesibonelo salokhu, ake ucabangele ezinye izincwadi ezamukelwa oFakazi BakaJehova eBrazil ngemva kwemihlangano yabo yesigodi. Evela esikhulwini somnyango wezemidlalo kamasipala yayithi: “Ukuziphatha kwenu okunokuthula kufanelwe ukutuswa kakhulu impela. Kuyaduduza ezweni lanamuhla elinezinkinga ukwazi ukuthi kusekhona abaningi kangaka abasakholelwa nabasakhulekela uNkulunkulu.” Evela kumqondisi wenkundla yezemidlalo kamasipala yayithi: “Naphezu kwenani elikhulu kakhulu lababekhona, akukho sehlakalo esabikwa esasiphazamisa lesosenzakalo, siyayibonga lenhlangano engenasici.” Evela ehhovisi lemeya yayithi: “Sithanda ukusebenzisa lelithuba ukuba sinihalalisele ngokuhleleka kwenu nokuziqoqa okuhle kakhulu, okwenzeka njalo, futhi sinifisela yonke impumelelo ezenzakalweni zesikhathi esizayo.”
11. Kungani ukushumayela izindaba ezinhle kungenakushiwo nganoma iyiphi indlela ukuthi kuyisenzo esibi?
11 Amazwi athi ‘isenzo esihle’ abhekisela ezenzweni zokulalela imithetho yamagunya aphakeme. Ngaphezu kwalokho, umsebenzi wethu wokushumayela, oyalwa uNkulunkulu, hhayi umuntu, awusona isenzo esibi—okuyiphuzu amagunya ezombangazwe okumelwe aliqaphele. Uwumsebenzi wasobala ophakamisa imfanelo yokuziphatha yalabo abasabelayo. Ngakho-ke, siyethemba ukuthi amagunya aphakeme ayolivikela ilungelo lethu lokushumayela kwabanye. UPawulu wanxusa amagunya ukuze amise ngokomthetho ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle. (IzEnzo 16:35-40; 25:8-12; Filipi 1:7) Muva nje, oFakazi BakaJehova ngokufanayo baye bafuna futhi bathola ukuqashelwa okungokomthetho komsebenzi wabo eMpumalanga Jalimane, eHungary, ePoland, eRomania, eBenin, naseMyanmar (eBurma).
‘Liyisikhonzi SikaNkulunkulu’
12-14. Amagunya aphakeme aye enza kanjani njengesikhonzi sikaNkulunkulu (a) ezikhathini zeBhayibheli? (b) ezikhathini zanamuhla?
12 Ekhuluma ngegunya lasemhlabeni, uPawulu uyaqhubeka: “[L]iyisikhonzi sikaNkulunkulu, kube-kuhle kuwe. Kepha uma wenza okubi, yesaba; ngokuba a[li]yiphatheli ize inkemba; ngokuba [li]yisikhonzi sikaNkulunkulu, umphindiseli wokwehlisela ulaka kowenza okubi.”—Roma 13:4.
13 Amagunya esizwe ngezinye izikhathi aye asebenza njengesikhonzi sikaNkulunkulu ngezindlela ezikhethekile. UKoresi wenza kanjalo lapho eyala amaJuda ukuba aphume eBabiloni ayokwakha kabusha indlu kaNkulunkulu. (Ezra 1:1-4; Isaya 44:28) UAritahishashita wayeyisikhonzi sikaNkulunkulu lapho ethumela uEzra nomnikelo wokwakha kabusha leyondlu futhi kamuva lapho ethuma uNehemiya ukuba ayokwakha kabusha izindonga zaseJerusalema. (Ezra 7:11-26; 8:25-30; Nehemiya 2:1-8) Igunya eliphakeme lamaRoma lasebenza kanjalo lapho lisindisa uPawulu esixukwini eJerusalema, limvikela phakathi nokuphukelwa umkhumbi, futhi lihlela ukuba abe nendlu yakhe siqu eRoma.—IzEnzo 21:31, 32; 28:7-10, 30, 31.
14 Ngokufanayo, amagunya asemhlabeni aye asebenza njengesikhonzi sikaNkulunkulu ezikhathini zanamuhla. Ngokwesibonelo, ngo-1959 iNkantolo Ephakeme yaseCanada yanquma ukuthi omunye woFakazi BakaJehova owayebekwe icala lokusakaza ukwazisa kokuvukela uhulumeni nokuhlambalazayo eQuebec wayengenacala—ngaleyondlela ivimbela ubandlululo lukamongameli waseQuebec wangalesosikhathi, uMaurice Duplessis.
15. Kungayiphi indlela evamile amagunya enza ngayo njengesikhonzi sikaNkulunkulu, futhi iliphi ilungelo lokhu okuwanikeza lona?
15 Ngaphezu kwalokho, ngendlela evamile, ohulumeni bezizwe basebenza njengezikhonzi zikaNkulunkulu ngokulondoloza ukuhleleka komphakathi kuze kube yilapho uMbuso kaNkulunkulu uthatha lowomthwalo wemfanelo. NgokukaPawulu, kuze kube manje igunya ‘liphethe inkemba,’ ebonisa ilungelo lalo lokukhipha isijeziso. Ngokuvamile, lokhu kuhlanganisa ukuvalelwa ejele noma ukuhlawuliswa. Kwamanye amazwe kungase futhi kuhlanganise nesijeziso sokufa.a Ngakolunye uhlangothi, izizwe eziningi ziye zakhetha ukungabi naso isijeziso sokufa, nalokho futhi kuyilungelo lazo.
16. (a) Njengoba igunya liyisikhonzi sikaNkulunkulu, yini ezinye zezinceku zikaNkulunkulu eziye zayibheka njengokufanelekile ukuyenza? (b) Luhlobo luni lomsebenzi umKristu angeke alwamukela, futhi ngani?
16 Iqiniso lokuthi amagunya aphakeme ayisikhonzi sikaNkulunkulu lichaza isizathu esenza uDaniyeli, amaHeberu amathathu, uNehemiya, noMoridekayi bakwazi ukwamukela izikhundla zomthwalo wemfanelo kohulumeni baseBabiloni nabasePheresiya. Ngaleyondlela babenganxusa egunyeni loMbuso ngokwenzuzo yabantu bakaNkulunkulu. (Nehemiya 1:11; Esteri 10:3; Daniyeli 2:48, 49; 6:1, 2) Namuhla amanye amaKristu nawo asebenza enkonzweni kahulumeni. Kodwa njengoba ehlukile ezweni, awazihlanganisi nezinhlangano zezombangazwe, afune isikhundla sezombangazwe, noma amukele izikhundla zokwenza izimiso ezinhlanganweni zombangazwe.
Isidingo Sokuba Nokholo
17. Yiziphi izimo ezingabangela abanye abangewona amaKristu ukuba bamelane negunya?
17 Nokho, kuthiwani uma igunya livumela ukonakala noma ngisho nokucindezela? Ingabe amaKristu kumelwe azame ukuketula lelogunya amise elibonakala lingcono? Nokho, ukungalungi nokonakala kukahulumeni akukusha neze. Ekhulwini lokuqala leminyaka, uMbuso wamaRoma wawusekela ukungalungi okunjengobugqila. Wawubekezelela ngisho neziphathimandla ezonakele. IBhayibheli likhuluma ngabathelisi ababekhohlisa, umahluleli ongalungile, nombusi wesifunda owayefuna ukufumbathiswa.—Luka 3:12, 13; 18:2-5; IzEnzo 24:26, 27.
18, 19. (a) AmaKristu asabela kanjani uma iziphathimandla zikahulumeni zisebenzisa kabi amandla noma zonakele? (b) AmaKristu aye akuthuthukisa kanjani ukuphila kwabantu ngabanye, njengoba kuboniswe yisazi-mlando nasebhokisini elingezansi?
18 AmaKristu ayengazama ukuphelisa ukusetshenziswa kabi kwamandla okunjalo emuva ngalesosikhathi, kodwa awazange. Ngokwesibonelo, uPawulu akazange ashumayele ukupheliswa kobugqila, futhi akazange atshele abanikazi bezigqila abangamaKristu ukuba bakhulule izigqila zabo. Kunalokho, weluleka izigqila nabanikazi bazo ukuba babonise uzwela lobuKristu lapho besebenzelana. (1 Korinte 7:20-24; Efesu 6:1-9; Filemoni 10-16; bheka futhi eyoku-1 Petru 2:18.) Ngokufanayo, amaKristu awazange ahileleke emsebenzini wokuvukela. Ayematasa kakhulu eshumayela “ivangeli lokuthula.” (IzEnzo 10:36) Ngo-66 C.E., ibutho lamaRoma lavimbezela iJerusalema lase lihoxa. Kunokuba ahlale nabavikeli balowomuzi abahlubukayo, amaKristu angamaHeberu ‘abalekela ezintabeni’ elalela isiqondiso sikaJesu.—Luka 21:20, 21.
19 AmaKristu okuqala ahlala nezinto njengoba zazinjalo futhi azama ukuthuthukisa ukuphila kwabantu ngabanye ngokubasiza ukuba balandele izimiso zeBhayibheli. Isazi-mlando uJohn Lord, encwadini yaso ethi The Old Roman World, sabhala: “Ukunqoba kweqiniso kobuKristu kwakubonakala ekwenzeni abavuma izimfundiso zabo babe abantu abahle, kunokuba buguqule izinhlangano, noma ohulumeni, noma imithetho okubonakala kuthandwa.” Ingabe amaKristu namuhla kumelwe enze ngokwehlukile?
Lapho Umbuso Ungayikusiza
20, 21. (a) Elinye igunya lasemhlabeni lahluleka kanjani ukwenza njengesikhonzi sikaNkulunkulu ngokwenzuzo enhle? (b) OFakazi BakaJehova kumelwe basabele kanjani lapho beshushiswa noMbuso ubambisene nakho?
20 NgoSeptember 1972, kwaqubuka ukushushiswa okunonya koFakazi BakaJehova kwelinye izwe maphakathi neAfrika. Izinkulungwane zaphangwa yonke impahla yazo futhi zaba izisulu zezinye izenzo zonya olukhulu, kuhlanganise ukushaywa, ukuhlushwa, nokubulawa. Ingabe igunya eliphakeme lafeza umsebenzi walo ukuze livikele oFakazi? Cha! Kunalokho, labukhuthaza lobobudlova, liphoqelela lamaKristu angenangozi ukuba abalekele emazweni angomakhelwane ukuze aphephe.
21 Ingabe oFakazi BakaJehova akumelwe yini bathukuthele bagane unwabu ngokumelene nabahluphi abanjalo? Cha. AmaKristu kumelwe akukhuthazelele ngesineke ukuhlukunyezwa okunjalo, enza ngokuzithoba elingisa uJesu: “Ehlushwa akasongelanga kepha wakunikela kuye owahlulela ngokulunga.” (1 Petru 2:23) Ayakhumbula ukuthi lapho uJesu eboshwa ensimini yaseGetsemane, wakhuza umfundi owamvikela ngenkemba, futhi kamuva watshela uPontiyu Pilatu: “Umbuso wami awusiwo owalelizwe. Uma umbuso wami ubungowalelizwe, izikhonzi zami zaziyakulwa ukuba nginganikezelwa kubaJuda. Kepha kalokhu umbuso wami awusiwo owalapha.”—Johane 18:36; Mathewu 26:52; Luka 22:50, 51.
22. Isiphi isibonelo esihle abanye oFakazi eAfrika abasibeka lapho beshushiswa kanzima?
22 Becabanga ngesibonelo sikaJesu, laboFakazi baseAfrika babenesibindi sokulandela iseluleko sikaPawulu: “Ningaphindiseli-muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke; uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke; ningaziphindiseli nina-bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi.” (Roma 12:17-19; qhathanisa namaHeberu 10:32-34.) Yeka isibonelo esishukumisayo ngathi sonke namuhla abafowethu baseAfrika abayiso! Ngisho nalapho igunya lenqaba ukwenza ngokuhloniphekile, amaKristu eqiniso awazishiyi izimiso zeBhayibheli.
23. Imiphi imibuzo esele okuzoxoxwa ngayo?
23 Nokho, yini amagunya aphakeme angayilindela kumaKristu? Futhi ingabe ikhona imingcele kulokho angase akufune ngokufanelekile? Lokhu kuzoxoxwa ngakho esihlokweni esilandelayo.
[Umbhalo waphansi]
a Isimiso soMthetho esinikezwe ngokwaphezulu kwaIsrayeli wasendulo sasihlanganisa nesijeziso sokufa ngezenzo ezinkulu zobugebengu.—Eksodusi 31:14; Levitikusi 18:29; 20:2-6; Numeri 35:30.
Ingabe Ungachaza?
◻ Iziphi ezinye izindlela umuntu ‘angamelana’ ngazo namagunya aphakeme?
◻ Liyini ‘ilungiselelo likaNkulunkulu’ ngokuqondene negunya likahulumeni?
◻ Kungayiphi indlela amagunya ‘esatshwa’?
◻ Ohulumeni babantu basebenza kanjani ‘njengezikhonzi zikaNkulunkulu’?
[Ibhokisi ekhasini 21]
Incwadi Evela Kumholi Wamaphoyisa
INCWADI enophawu oluthi “Inkonzo Yomphakathi Eyenzelwa Izwe LaseMinas Gerais” yafika ehhovisi legatsha leWatch Tower Society eBrazil. Yayivela kumholi wamaphoyisa wasedolobheni laseConquista. Ingabe kukhona okwakungalungile? Lencwadi mayichaze. Ithi:
“Mnumzane Othandekayo:
“Kuyinjabulo ukuba ngizethule kuwe ngalencwadi. Cishe sekuyiminyaka emithathu ngingumholi wamaphoyisa edolobheni laseConquista, eMinas Gerais. Emsebenzini, njalo ngizama ukuba ngolungile, kodwa ngangivame ukuthola izinkinga ekugcineni ukuthula ejele. Iziboshwa, nakuba zaziqeqeshiwe emisebenzini ethile, zaziyaluyaluza.
“Ezinyangeni ezimbalwa ezidlule, uMnumzane O—wafika edolobheni lakithi futhi wazethula njengomunye woFakazi BakaJehova. Waqala ukushumayela ngeBhayibheli kwezinye zeziboshwa, ezifundisa ukufunda nokubhala futhi ezibonisa izinto zempilo eziyisisekelo namakhono angokwenhlalo futhi ezitshela ngeBhayibheli Elingcwele. Indlela lomshumayeli ayesebenza ngayo yabonisa ukuzinikezela, uthando, nokuzinikela. Ngokushesha ukuziphatha kweziboshwa kwashintsha ngokuphawulekayo kwaba ngcono, okwabamangalisa kakhulu futhi kwabenza baba nokwazisa labo ababebukele.
“Ngenxa yalokho okwenzeka ejele lethu, ngifisa ukuyazisa ngokomthetho iWatch Tower Bible and Tract Society ngokwazisa kwethu umsebenzi omuhle owenziwa yilomshumayeli ohloniphekayo emphakathini wakithi.”
Ngokuphathelene negunya likahulumeni, umphostoli uPawulu wathi: “Yenza okuhle, uyakubongwa yi[lo].” (Roma 13:3) Lokhu kwaba yiqiniso ngempela esimweni esingenhla. Yeka ubufakazi bamandla okuguqula eZwi likaNkulunkulu bokuthi izindaba ezinhle zafeza ezinyangeni ezimbalwa lokho isimiso sokujezisa esasingeke sikwenze eminyakeni eminingi!—IHubo 19:7-9.