Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 11/15 kk. 8-9
  • Ukuphika Egcekeni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuphika Egcekeni
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuphika Kaningi Egcekeni
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • UPetru Uphika UJesu
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Wafunda Ukuthethelela ENkosini
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Wafunda Isifundo Sokuthethelela ENkosini Yakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 11/15 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Ukuphika Egcekeni

NGEMVA kokushiya uJesu ensimini yaseGetsemane futhi bebaleka ngokwesaba nabanye abaphostoli, uPetru noJohane bayama. Mhlawumbe bafica uJesu lapho eyiswa emzini ka-Anase. Lapho uAnase emthumela kumPristi Omkhulu uKayafase, uPetru noJohane balandela bekude, ngokusobala besenkingeni yokwesabela ukuphila kwabo nokukhathazeka okujulile ngalokho okuzokwenzeka eNkosini yabo.

Uma befika emzini omkhulu kaKayafase, uJohane uyaphumelela ukungena egcekeni, njengoba aziwa umpristi omkhulu. Nokho, uPetru ushiywa emi ngaphandle emnyango. Kodwa ngokushesha uJohane uyabuya futhi ukhuluma nencekukazi engumlindi-mnyango, futhi uPetru uyavunyelwa ukuba angene.

Njengamanje kumakhaza, futhi izikhonzi zendlu nezikhulu zompristi omkhulu zibase umlilo wamalahle. UPetru wotha kanye nazo ngesikhathi esalinde umphumela wokuthethwa kwecala likaJesu. Lapho, ekukhanyeni komlilo, umlindi-mnyango ongenise uPetru uyambukisisa. Uthi: “Nawe ubunoJesu waseGalile.”

Ecasulwe ukudalulwa, uPetru uphika phambi kwabo bonke ukuthi uyamazi uJesu. Uthi: “Angikwazi, yebo, angikuzwisisi okushoyo.”

Kulokho, uPetru uphumela ngaphandle eduze kwesango. Lapho, enye intombazane iyamphawula nayo futhi ithi kulabo abami lapho: “Lona ubenoJesu waseNazaretha.” UPetru uyaphinda futhi aphike, efunga: “Angimazi lowomuntu.”

UPetru uhlala egcekeni, ezama ukungabonakali ngangokunokwenzeka. Mhlawumbe kulomzuzu wethuswa ukukhala kweqhude ekuthatheni kokusa. Phakathi nalesosikhathi, ukuthethwa kwecala likaJesu kuyaqhubeka, ngokusobala kwenzelwa engxenyeni yendlu engaphezu kwegceke. Kungenzeka uPetru nabanye abalinde ngezansi bayababona ofakazi abahlukahlukene abalethwa ukuba bazofakaza bephuma bengena.

Cishe sekudlule ihora kusukela uPetru edalulwe njengowayekade enoJesu. Manje idlanzana labemi lapho liza kuye lithi: “Ngempela nawe ungomunye wabo, ngokuba ukukhuluma kwakho kuyakudalula.” Omunye waleliqembu uyisihlobo sikaMalkusi, uPetru ayenqume indlebe yakhe. Uthi: “Angikubonanga yini mina ensimini unaye na?”

UPetru ugomela ngamandla: “Angimazi lowomuntu.” Eqinisweni, ngokuthuka nokufunga ngalendaba, empeleni eziqalekisa yena siqu uma engakhulumi iqiniso, uzama ukubabonisa ukuthi bonke banephutha.

Lapho nje uPetru ephika okwesithathu, iqhude liyakhala. Futhi kulowomzuzu, uJesu lowo ngokusobala owayephumele obala emphemeni ongaphezu kwegceke, uyaphenduka ambheke. Ngokushesha, uPetru ukhumbula lokho uJesu akusho emahoreni ambalwa ngaphambili ekamelweni eliphezulu: “Lingakakhali kabili iqhude, uzakungiphika kathathu.” Esindwa umthwalo wesono sakhe, uPetru uphumela ngaphandle akhale kamunyu.

Kungenzeka kanjani lokhu? Ngemva kokuba ayeqiniseka kangaka ngokuqina kwakhe ngokomoya, kwenzeka kanjani ukuba uPetru aphike iNkosi yakhe kathathu izikhathi ezilandelana ngokushesha ngalendlela? Ngokungangabazeki izimo zimzumile uPetru. Iqiniso liyahlanekezelwa, futhi uJesu uvezwa njengeselelesi esibi. Okulungile kwenziwa kubonakale kungalungile, ongenacala wenziwa onecala. Ngakho-ke ngenxa yokucindezela kwalesikhathi, uPetru uyakhubeka. Masinyane umqondo wakhe ofanele wokwethembeka uyaphazamiseka. Uqhaqhazeliswa ukwesaba umuntu okuphumela osizini lwakhe. Sengathi lokho kungenzeke kithi! Mathewu 26:57, 58, 69-75; Marku 14:30, 53, 54, 66-72; Luka 22:54-62; Johane 18:15-18, 25-27.

▪ UPetru noJohane baphumelela kanjani ukungena egcekeni lompristi omkhulu?

▪ Ngesikhathi uPetru noJohane besegcekeni, kwenzekani endlini?

▪ Iqhude likhala kangaki, futhi uPetru uphika kangaki ukuthi uyamazi uKristu?

▪ Kusho ukuthini ukuthi uPetru uyathuka futhi afunge?

▪ Yini ebangela uPetru ukuba aphike ukuthi uyamazi uJesu?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela