Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 11/15 k. 23
  • Yimani Niqine Enkululekweni YobuKristu!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yimani Niqine Enkululekweni YobuKristu!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UPawulu Uvikela Ubuphostoli Bakhe
  • Ulungisiswa Kanjani?
  • Yimani Niqine!
  • Incwadi KaPawulu KwabaseGalathiya—Isigijimi Sezindaba Ezinhle
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-48—KwabaseGalathiya
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Abantu Abakhululekile Kodwa Abanesibopho Sokulandisa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Yimelele Ngokuqinile Inkululeko Evela KuNkulunkulu!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 11/15 k. 23

Yimani Niqine Enkululekweni YobuKristu!

Amaphuzu Avelele Avela KweyabaseGalathiya

UJEHOVA unguNkulunkulu wenkululeko. (2 Korinte 3:17) INdodana yakhe, uJesu Kristu, yathi: “Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” (Johane 8:32) Futhi lapho elingisa uKristu, umphostoli uPawulu washumayela izindaba ezinhle zenkululeko.—Roma 6:18; 8:21.

Ngokumemezela lesosigijimi esinikeza inkululeko, uPawulu wamisa ibandla laseGalathiya (isifundazwe saseRoma esiseAsia Minor) phakathi nohambo lwakhe lokuqala lobuthunywa bevangeli (47-48 C.E.). AbaseGalathiya babazi ngesinqumo sendikimba ebusayo sokuthi ukusoka akudingeki kumaKristu. (IzEnzo 15:22-29) Kodwa abaphishekeli bobuJuda babefuna ukubagqilaza ngokuphikelela ukuthi kumelwe basokwe. Ngakho uPawulu wagcizelela inkululeko yobuKristu encwadini ayibhalela abaseGalathiya eseKorinte noma eAntiyokiya laseSiriya cishe ngo-50-52 C.E. Ngokwesibonelo, wathi: “UKristu wasikhulula ukuba sibe-nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.”—Galathiya 5:1.

UPawulu Uvikela Ubuphostoli Bakhe

UPawulu waqala ngokubonisa ukuthi ubuphostoli bakhe babuze “ngoJesu Kristu noNkulunkulu.” (1:1–2:14) Ngenxa yesambulo, uPawulu (enoBarnaba noThithu) waya eJerusalema ngokuphathelene nempikiswano yokusoka. Lapho uJakobe, uKhefase (uPetru), noJohane baqaphela ukuthi wayenikwe amandla okuba abe umphostoli kwabezizwe. Futhi lapho kamuva uPetru ehlukana nabakholwayo abangabeZizwe eAntiyokiya ngoba esaba amaKristu angamaJuda avela eJerusalema, uPawulu wamsola.

Ulungisiswa Kanjani?

Lowomphostoli futhi waveza iphuzu elinamandla lokuthi noma ubani angalungisiswa kuphela ngokuba nokholo kuJesu Kristu. (2:15–3:29) AbaseGalathiya bathola umoya kaNkulunkulu, hhayi ngenxa yemisebenzi yomthetho, kodwa ngenxa yokwamukela izindaba ezinhle ngokholo. Amadodana ka-Abrahama eqiniso anokholo, kodwa abantu ngabanye abazama ukuzibonakalisa belungile ‘ngemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso.’ Ngani? Ngoba ngeke bawugcine uMthetho ngokuphelele. Empeleni, uMthetho wenza iziphambeko zabonakala futhi ‘wawungumlayi wokuya kuKristu.’

Yimani Niqine!

Ngokufa kwakhe, uKristu ‘wakhulula labo abaphansi komthetho.’ Kodwa abalandeli bakhe kumelwe bame baqine enkululekweni yobuKristu. (4:1–6:18) Ngakho abaseGalathiya kwakudingeka bamelane nanoma ubani ozama ukubayenga ukuba bamukele ijoka lobugqila. Ngaphezu kwalokho, kwakungamelwe basebenzise kabi inkululeko yabo kodwa kwakumelwe bagweme “imisebenzi yenyama” futhi babonakalise izithelo zomoya kaNkulunkulu. Labo ababefuna ukubaletha ebugqilini boMthetho babefuna “ukubukeka enyameni,” bagweme ukushushiswa, futhi babe nesizathu sokuzibonga. Nokho, uPawulu wabonisa ukuthi ukusoka nokungasoki akusho lutho. Kunalokho, ‘isidalwa esisha esibalulekile.’ Wathandazela ukuba ukuthula nesihawu kube phezu kukaIsrayeli ongokomoya, labo balesosidalwa esisha.

Incwadi kaPawulu eya kwabaseGalathiya yabasiza ukuba bamelane nalabo ababefuna ukubagqilaza ngokomoya. Kwangathi nathi ingasisiza ukuba sibonakalise izithelo zomoya futhi sime siqine enkululekweni yobuKristu.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 23]

Izimpawu: “Mangingabe ngisakhathazwa-muntu,” kubhala uPawulu, “ngokuba ngiphethe emzimbeni wami izimpawu zikaJesu.” (Galathiya 6:17) Phakathi kwamanye amaqaba asendulo, izigqila zazifakwa uphawu ukuze zibonise ukuthi umninizo ungubani. Imiklamo ehlukahlukene yayishiselwa noma ibhalwe esikhunjeni sazo. Ngokungangabazeki, ukuphathwa kabi okuningi ngokwenyama okwenziwa emzimbeni kaPawulu ngenxa yenkonzo yakhe yobuKristu kwashiya izibazi ezithile, ezifakazela ukusho kwakhe ukuthi uyisigqila esithembekile sikaKristu, esashushiswa ngenxa yaKhe. (2 Korinte 11:23-27) Lezi kungenzeka kube “izimpawu” uPawulu ayebhekisela kuzo, noma kungenzeka wayecabanga ngokuphila ayekuphila njengomKristu, ebonakalisa izithelo zomoya kaNkulunkulu futhi efeza inkonzo yakhe.

[Isithombe]

Izigqila zamaRoma zaziphoqelekile ukuba zikhonze amakhosi azo, kodwa uPawulu wayeyisigqila sokuzithandela nesijabulayo sikaJesu Kristu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela