Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 12/1 kk. 26-29
  • UJehova Uye Wanginikeza Amandla

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJehova Uye Wanginikeza Amandla
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuqala Kwezinkathazo
  • Ukuqala Kwempilo Entsha
  • Ukubekezela Kuletha Izinzuzo
  • Ukuba Nesibindi Phambi Kwababusi
  • Inkonzo Ekhethekile
  • Isabelo Esisha
  • Indlela Engazuza Ngayo Ekukhathaleleni KukaNkulunkulu
    I-Phaphama!—1995
  • ‘Ngiyoqombola Njengendluzele’
    I-Phaphama!—2006
  • Ukuthola Amandla Ebuthakathakeni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Ngiyabonga Ngokusekela KukaJehova Okuqinisekile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 12/1 kk. 26-29

UJehova Uye Wanginikeza Amandla

NJENGOBA ILANDISWA UEKUMBA OKOKA

NGAZALELWA emkhayeni “wamaKristu” ezweni eliPhakathi NeAfrika, futhi ngakhula nginothando ngoNkulunkulu. Ubaba wayengumshumayeli oshisekayo, futhi ngangivame ukuhamba naye lapho efundisa esontweni noma ezinkonzweni zemithandazo emakhaya abantu. Njengoba ngangibonakala ngingumfana ozinikele, abanye abashumayeli bangikhetha ukuba ngikhonze kanye nompristi eMiseni. Baze bangitshela ngisho nokuthi ngolunye usuku nami uqobo ngiyofundela ukuba umpristi.

Nokho, ebusuku ngangiwumculi nomdansi ophambili eqenjini lomculo wezinsimbi lasendaweni yakithi, iMatumba-Ngomo. Kulesosimo, ngahlanganyela nezinsizwa nezintombi zesigodi sakithi kulo lonke uhlobo lokuziphatha okubi. Kodwa ngangilokhu ngibheke phambili ekubeni nomfazi oyedwa futhi ekugcineni ngiye ezulwini ukuze ngiyohlala “nosanta.” Angizange ngisibone isidingo sokuhlanza ukuphila kwami ngoba, ngokwemfundiso yamaKatolika, izono zami zonke zazithethelelwa njalo ngoMgqibelo kusihlwa uma ngizivuma.

Ukuqala Kwezinkathazo

Ngo-1969, lapho ngifunda ekolishi, ngaqala ukuzwa izinhlungu emalungeni ami. Ngangingazi ukuthi zazibangelwa yini, kodwa ezinyangeni ezalandela, zaya ngokuya ziba zimbi. Abazali bami, naphezu kokuba ngamaKatolika adumile, banquma ukungiyisa ezinyangeni ezihlukahlukene, ezathi ngangithakathwe othile, kodwa zathi ngosizo lwemithandazo kanye nemithi yazo, ngangizosinda. Nokho, ngaqala ukuxhuga, futhi ngo-1970, ngangihamba kanzima, ngisho noma ngidondolozela. Kulelozinga, ngacabanga ukuthi ngokushesha ngangingasenakukwazi ukuhamba.

Ekugcineni ngoFebruary 1972 ubaba wanquma ukungiyisa esibhedlela eWembo Nyama. Ngahlala esibhedlela isikhathi eside kangangokuthi baqala ukungibiza ngokuthi ngingumnikazi wesibhedlela! Abantu babefika esibhedlela, belashwe, bahambe, bese kuthi kamuva babuyele enye inkinga, mina ngilokhu ngikhona! Ubaba kwakudingeka aye ekhaya ngenxa yesivuno serayisi, kodwa manje ngase ngishadile, nginabantwana ababili, futhi umkami othandekayo, nakuba ayeneminyaka engu-21 kuphela ubudala, wanginakekela futhi wafuna umsebenzi ukuze anakekele izidingo zethu.

Nokho, ngangikhathazeka kakhulu ngaso sonke lesimo. Ngineminyaka engu-24 ubudala, ngangiqhubekela phambili nokugula, kuyilapho abangane bami beqhubeka kahle, abaningi babo manje benemisebenzi emihle. Kimina kwabonakala sengathi kungaba ngcono kubo bonke abantu uma ngingazibulala. Ngakho-ke, ngabela izingane zami kanye nabafowethu konke enganginakho, ngaphandle kokubatshela engangikucabanga. Ngasala ngingenalutho ngaphandle kwehembe lami engangilithanda engangifuna ukungcwatshwa ngalo.

Ukuqala Kwempilo Entsha

Khona-ke omunye woFakazi BakaJehova walaliswa embhedeni owawuseduze kowami. Nakuba ayengaboni ngeso elilodwa futhi esengozini yokuvaleka nelinye, ngokushesha waqala ukufakaza kimi ngoJehova nangoMbuso ethathela eBhayibhelini. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, wahamba esibhedlela, kodwa wangidlulisela koFakazi abathile ababemvakashele. Ngemva kwezingxoxo ezengeziwe, nabo futhi kwadingeka bahambe, kodwa omunye wabo waqhubeka efunda nami ngokubhala izincwadi. Futhi wanginikeza izincwadi ezihlukahlukene zokutadisha iBhayibheli, engazifunda ngentokozo enkulu.

Ngalendlela ngathola ukudla okungokomoya, futhi ukucindezeleka kwami kwashintsha kancane kancane kwaba injabulo. Kwabonakala sengathi isonto lami lalingiphuzisa “okumuncu,” kodwa manje ngase ngithola amanzi okuphila ngesihle. Ngambonga uJehova ngokusuka enhliziyweni ngokungikhulula ezinkolelweni eziyize, njengoZiqu-zintathu, ukungafi komphefumulo, ukwesaba abafileyo, nokukhulekela okhokho.

Manje ngase ngifuna ukuhamba esibhedlela. Khona-ke ngezwa ukuthi imikhaya emibili yezikhonzi zesikhathi esigcwele yayizokwabelwa eWembo Nyama, ngakho-ke nganquma ukuhlala ize ifike. Yeka injabulo engaba nayo lapho ekugcineni befika ukuzongibona embhedeni wami wasesibhedlela! Manje ngakwazi ukuqhubeka nesifundo sami seBhayibheli nomuntu uqobo kunangeposi.

Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, ngababuza ukuthi babenayo yini imihlangano eHholo LoMbuso, njengoba ngangifunde komagazini. Ngomusa bangitshela ukuthi yonke imihlangano babeyiqhubela endlini encane okwakuhlala kuyo omunye wabo. Basho nokuthi babengakujabulela ukungiyisa lapho ngebhayisekili! Naphezu kobuhlungu obukhulu emgogodleni nasemalungeni ami, ngaba khona ngenjabulo kuyo yonke imihlangano. Lapho sengihlangabezana nezimfanelo, ngakwazi ngisho nokuletha umbiko inyanga ngayinye njengommemezeli ongabhapathiziwe, kusukela ngoApril 1974.

Ezinyangeni ezintathu kamuva, ngabonakalisa ukuzinikezela kwami kuJehova ngokucwiliswa emanzini. Ngafakaza ezisebenzini zasesibhedlela, ezigulini ezazilapho, nakubavangeli bamaProthestani ababevakasha, kanye nasemalungwini omkhaya wami—naphezu kokuphikisa kokuzimisela kwabasekhaya. Kulesisikhathi, ngafakaza lapho ngilele embhedeni wami noma ngisesihlalweni sabakhubazekile engasinikezwa esibhedlela kwaze kwaba yilapho sengithenge esami.

Ukubekezela Kuletha Izinzuzo

Naphezu kokuphikisa komkhaya wami, ngaqhubeka ngihamba endleleni kaJehova futhi ngabusiswa ngokucebile. Umkami walimelela iqiniso, futhi wabhapathizwa ngo-1975. Sanquma ukuhlala eKatako-Kombe, lapho kwase kunebandla elimisiwe kakade. Abazali bami bakhathazeka ngathi ngoba othile wayebatshele ukuthi bonke oFakazi babezobulawa ngo-1975. Lapho senqaba ukuyeka lenhlangano yethu, bayeka ukusithumelela ukudla, futhi saba nesidingo esikhulu sezinto ezibonakalayo. Ngikhumbula ukuthi ngesinye isikhathi indodana yethu encane yaphelelwa amandla ngenxa yendlala ngemva kokuba sihambe usuku nengxenye ngaphandle kokudla. Kodwa abafowethu abangamaKristu basilethela inhlanzi nempuphu. Kamuva, abazali bami baqala ukusisiza futhi, kodwa abafowethu abazange bayeke ukusinika usizo lwezinto ezibonakalayo.

NgoFebruary 1975 ingalo yami yesokunene yakhubazeka futhi yaqala ukuncipha nokuba buthakathaka. Kodwa ngalulondoloza ukholo lwami futhi ngangizimisele ukuqhubeka ngikhonza uJehova ngenjabulo. Ngiyajabula ukusho ukuthi kamuva ingalo yami yaba namandla futhi, futhi ngingayinyakazisa nanamuhla, okwenza ukuba ngikwazi ukuvula iBhayibheli lami nokusebenzisa izincwadi zeBhayibheli.

Ukuba Nesibindi Phambi Kwababusi

Ngo-1977 inxusa likahulumeni lasendaweni yakithi langimangalela phambi kwekhomishane yesifunda, eyayisanda kubopha iphayona elikhethekile ebandleni eliseduzane. Ngolunye usuku kwafika isosha kimi nesamanisi. Ngathandaza nomkhaya wami, ngakhuthaza ibandla, ngase ngihamba nalo. Ngosizo lomoya kaJehova, ngakwazi ukuphendula ngesibindi kulokho kumangalelwa, futhi ngemva kwengxoxo ende neziphathimandla zomphakathi nezempi, ngakhululwa kanye nephayona elikhethekile.

Ezinyangeni ezithile kamuva, ngabizwa elinye inxusa likahulumeni, nalapho futhi, ngosizo lukaJehova, ngakwazi ukuvikela izindaba ezinhle ngenjabulo nangesibindi. Ngaba nengxoxo ende nalomuntu, futhi ekupheleni kwayo, wangikhulula futhi wasiqhuba yena uqobo isihlalo sami sabakhubazekile wasikhiphela ngaphandle kwehhovisi lakhe. Khona-ke wayesekhulumela phansi ethi: “Ufike ekhaya lami ngalokhu kuhlwa.” Ngemva kokuvakasha kaningana, ngakwazi ukuqalisa isifundo seBhayibheli naye. Ekugcineni, ngaba nezifundo zasekhaya zeBhayibheli eziyisikhombisa nabantu abehlukene embusweni. Abaningi babo baba khona emihlanganweni yebandla eyayihlelwe endaweni yakithi.

Inkonzo Ekhethekile

Ngacela uJehova ukuba angisize, naphezu kokugula kwami, ngigcwalise isifungo sami sokumkhonza ngawo wonke amandla ami. Ngaphandle kokubhalisa ngokomthetho, ngazama ukuhlangabezana nezimfuneko zephayona elisizayo. UJehova wangisiza ukuba ngiphumelele, ngakho-ke ngenza isicelo salenkonzo sezinyanga zikaJune kuya kuOctober. Khona-ke iNhlangano yasamukela isicelo sami sokuba iphayona elivamile, futhi ngaqala lenkonzo ngoNovember 1976. NgoSeptember 1977 injabulo yami yaphelela lapho ngithola isabelo njengephayona elikhethekile ebandleni laseKatako-Kombe.

Ngakwazi kanjani ukufeza lokhu? Insimu ngayihlanganisa ngisesihlalweni sabakhubazekile ngosizo lomkami othandekayo nabafowethu ebandleni. Ngezinye izikhathi ngangihamba ngisho ngingedwa ngezinduku zabakhubazekile. Ngawa kanye noma kabili. Khona-ke ngangilinda, nginganyakazi phansi, kuze kube yilapho odlulayo engisiza khona ukuba ngivuke futhi anginikeze izinduku zami. Njalo ngangikhumbula ukuzimisela kwabaphostoli nabafundi bakaJesu. (IzEnzo 14:21, 22; Heberu 10:35-39) Isikhathi ngasinye engangiwa ngaso, ngangithandazela ukuba uJehova angangivumeli ukuba ngidumazeke, kodwa kunalokho, anginikeze amandla okuqhubeka ngimkhonza. Ngangisikhumbula njalo isithembiso esimangalisayo esilotshwe esiprofethweni sikaIsaya sokuthi “unyonga luyakutshekula njengendluzele.”—Isaya 35:6.

Lapho ngandisa khona inkonzo yami, yilapho ngangikwazi khona ukunqoba ukugogeka kwami okungokomzimba. Ngo-1978 ngaba nelungelo lokuba seSikoleni SeNkonzo SoMbuso eLubumbashi, okwakuhilela ukuhamba ingqikithi yamakhilomitha angu-2 000 ngeloli, umkhumbi, nesitimela. Ngempela, kuloluhambo uJehova wandisa izikhwepha zami. (Isaya 12:2; 40:29) Manje ngingahamba—ngobunzima obukhulu—ngisho nendawo engamamitha angu-100 ngaphandle kosizo lwezinduku zabakhubazekile. Ngiyaqiniseka ukuthi uJehova wawuzwa umthandazo wami emuva le ngo-1973 wokunginika amandla okumkhonza ngokuzimisela.

Isabelo Esisha

Ngo-1984, ngemva kweminyaka eyisikhombisa ngisebandleni laseKatako-Kombe, ngathola isabelo esisha sokusebenza nebandla laseLodja-Centre. Ngemva konyaka saqalisa isifundo sencwadi esisha endaweni eqhele ngamakhilomitha angu-12, futhi ngokushesha saqalisa esinye endaweni engamakhilomitha angu-30 ukusuka kuleso. Lesi samuva ngokushesha saqashelwa njengeqembu elingalodwa futhi ngo-1988 samukelwa njengebandla, lapho njengamanje ngikhonza khona njengomdala.

Ukuphayona kuye kwangiphatha kahle, kokubili ngokomoya nangokwenyama. Ngaphandle enkonzweni, ngisebenzisa izinduku zabakhubazekile, ngakwazi ukufeza ukunyakazisa umzimba okwatuswa odokotela. Manje nginamandla engeziwe kunalapho ngiqala ukuphayona, futhi isifiso sami siwukubekezela kulomsebenzi kuze kube sekupheleni. Ngishisekela ukubona indlela uJehova ayongisiza ngayo ukuba ‘ngitshekule njengendluzele’ ngesikhathi lapho ngingeke ngisabekezelela izinhlungu ezihlabayo zalesisifo.

Ngenhliziyo yami yonke, ngibonga uBaba wethu osezulwini, oye wanginikeza amandla, isibindi, nenkonzo yesikhathi esigcwele. Manje ngineminyaka engu-36 ubudala, futhi ngemva kweminyaka engu-11 ngisemsebenzini wobuphayona, ngithemba ukuqhubeka, kungakhathaliseki ukuthi ikusasa liphetheni. Ngizimisele ukusebenzisela onke amandla ami empilo ekwaziseni nasekudumiseni uNkulunkulu omkhulu uJehova.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela