Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Iqiniso LeBhayibheli Linqoba Amasiko
AMASIKO angokwenkolo angagxila ngokujule kakhulu. Izigidi zinomuzwa wokuthi akulungile ukushintsha inkolo yakho. USawulu, owaba ngumphostoli uPawulu, ngokusobala wayezizwa ngendlela efanayo, njengoba athi: “Ngangishisekela kakhulu amasiko obaba [ukubedlula bonke ontanga yami].” Kodwa lapho eboniswa iqiniso, waguquka ebuJudeni futhi waba umKristu. (Galathiya 1:13-16, qhathanisa neNW.) Abaningi namuhla baye baqaphela ukuthi iqiniso leBhayibheli livela emthonjeni ophakeme kunamasiko. Phawula indlela iqiniso leBhayibheli elanqoba ngayo eItaly.
Owesifazane othile uyachaza: “Mina nodadewethu sakhulela emkhayeni omkhulu onamasiko obuKatolika amadala, futhi sasingamaKatolika azinikele kakhulu. Njengoba isikhathi siqhubeka, ngashada. Ngase ngishonelwa umyeni wami, futhi ngahlala ngedwa ngingumfelokazi nabantwana bami iminyaka eminingi. Umshana wami wayefundisa ikhathekizimu, futhi wayelokhu ebuza umfundisi imibuzo engokweBhayibheli, kodwa akazange azithole izimpendulo ezanelisayo.
“Ngenkathi ngivakashele edolobheni lakithi, ngathintana okokuqala noFakazi BakaJehova futhi ngamukela isifundo seBhayibheli. Bonke ababengabangane bami abangamaKatolika bangaphambili bangihleka usulu ngokutadisha iBhayibheli. Nokho, angizange ngiphele amandla. Ngokokuqala ngqá, ngaba neBhayibheli elithi mina, futhi akekho owayengangephuca lona. Udadewethu naye wamelela uJehova, futhi eminyakeni engaphansi kwemibili, sobabili sabhapathizwa.
“Ngakhala lapho ngihlukana okokuqala nesonto ngoba ngangesaba ukushiya amasiko ayeseneminyaka engu-76 egxiliswe kimi. Kodwa manje ngiyajabula ukuhamba ezindleleni zikaJehova nokwenza konke engingakwenza ukuze ngisize abanye ukuba baphume ebumnyameni obungokomoya!”—Qhathanisa neyoku-1 Petru 2:9.
Umgundi Wezinwele Ulungisa Ukucabanga Okunephutha
Umgundi wezinwele eJapane wayethanda ukukhuluma ngamademoni nangama-UFO (izinto ezindizayo ezingaqondakali) lapho egunda izinwele zamakhasimende. Nokho, ngemva kokuba eqale ukutadisha iBhayibheli waqaphela ukuthi lomkhuba uyingozi kangakanani. Ngakho kunalokho wamema amakhasimende akhe ukuba ahlanganyele naye esifundweni sakhe seBhayibheli. Wafakaza ngendalo emakhasimendeni asemancane. Isonto ngalinye waye-oda amaBhayibheli namakhophi encwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni kuFakazi owayemfundela ukuze akwazi ukuzihambisa emakhasimendeni akhe.
Nakuba engakabi nguFakazi, wahambisa amasethi angu-30 amaBhayibheli nencwadi ethi Ungaphila Phakade phakathi nonyaka wakhe wokuqala etadisha. Abantu abangaphezu kuka-25 baqala ukutadisha iBhayibheli ngenxa yokufakaza kwakhe ngokwethukela. Ngezinye izikhathi babeze bafike eshumini ababehlanganyela esifundweni sakhe seBhayibheli seqembu. Manje abayisikhombisa balabo ayefakaza kubo lapho ebancwela izinwele baye balungisa ukucabanga kwabo okunephutha futhi sebengoFakazi ababhapathiziwe BakaJehova!