Ukuchaza Umoya Ongcwele
UBUWAZI yini ukuthi umoya ongcwele uthinta ukuphila kwethu sonke? Futhi ingabe ubuqaphela yini ukuthi ungenza intuthuko enkulu ekuphileni kwakho? Lokhu kungase kukumangaze. Eqinisweni, ungase ubuze: ‘Ungubani noma uyini umoya ongcwele?’
Uma uyilungu lelinye lamasonto eLobukholwa, ngokunokwenzeka uye wamuzwa umfundisi ebhapathiza usana ethi “egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele.” (Mathewu 28:19) Lapho becelwa ukuba bachaze umoya ongcwele, abefundisi abaningi baphendula ngokushesha ngokuthi: ‘Umoya ongcwele ungumuntu wesithathu kaZiqu-zintathu, olinganayo ngazo zonke izindlela noNkulunkulu uBaba kanye neNkosi uJesu Kristu.’
Nokho, lombono wawungekho phakathi namakhulu eminyaka ambalwa okuqala eSikhathi sethu Esivamile. Ngokwesibonelo, cishe emakhulwini amathathu eminyaka ngemva kokufa kwabaphostoli bakaJesu Kristu, uGregory waseNazianzus wabhala: “Abanye bacabangela ukuthi [umoya ongcwele] ungamandla (energeia), abanye bathi isidalwa, abanye bathi uwuNkulunkulu, abanye abanakunquma ukuthi uyini phakathi kwalokhu.”
Namuhla, amasonto amaningi kweLobukholwa amukela umbono kaZiqu-zintathu womoya ongcwele. Kodwa ingabe yilokho iBhayibheli elikusekelayo? Noma ingabe kumane nje kuwumbono osekelwe esikweni? Eqinisweni, iBhayibheli alilokothi likhulume ngomoya ongcwele ngendlela elikhuluma ngayo ngoNkulunkulu noma ngoJesu. Ngokwesibonelo, eBhayibhelini, umoya ongcwele awunalo igama lawo siqu.
Ingabe lokho kumane nje kuwumniningwane ongabalulekile? Cha, amagama abalulekile eBhayibhelini. UNkulunkulu wagcizelela ukubaluleka kwegama lakhe siqu lapho ethi: “NginguJehova; yilo igama lami; angiyikunika omunye inkazimulo yami, nezithombe ezibaziweyo udumo lwami.” (Isaya 42:8) Ukubaluleka kwegama likaJesu Kristu kwagcizelelwa ngaphambi kokuzalwa kwakhe lapho ingelosi itshela uMariya: “Uyiqambe igama lokuthi uJesu.” (Luka 1:31) Uma libaluleke kangaka igama likaBaba neleNdodana, kungani umoya ongcwele ungenalo igama lawo siqu? Ngokuqinisekile, lomniningwane uwodwa kufanele wenze umuntu azibuze ukuthi ingabe umoya uyalingana yini ngempela noBaba kanye neNdodana.
ImiBhalo NoMoya Ongcwele
EmiBhalweni yesiHeberu, noma “iTestamente Elidala,” kukhulunywa ‘ngomoya ongcwele’ ‘nangomoya wami [kaNkulunkulu].’ (IHubo 51:11; Joweli 2:28, 29) Sifunda ukuthi umoya ongcwele ungagcwala kumuntu, wehlele phezu kwakhe, futhi umemboze. (Eksodusi 31:3; AbAhluleli 3:10; 6:34) Omunye womoya ongcwele kaNkulunkulu ungasuswa komunye umuntu futhi unikezwe omunye. (Numeri 11:17, 25) Umoya ongcwele ungasebenza phezu komuntu, umenze akwazi ukwenza izenzo ezingenakwenziwa umuntu.—AbAhluleli 14:6; 1 Samuweli 10:6.
Ngokunengqondo kungaphethwa ngokuthini ngokwezinkulumo ezinjalo? Ngokuqinisekile hhayi ngokuthi umoya ongcwele ungumuntu. Ingxenye yomuntu ingasuswa kanjani komunye umuntu inikezwe omunye? Ngaphezu kwalokho, abukho ubufakazi bokuthi lapho uJesu esemhlabeni, amaJuda athembekile ayebheka umoya ongcwele njengomuntu olingana noBaba. Ngokuqinisekile awazange awukhulekele umoya ongcwele. Kunalokho, ukukhulekela kwawo kwakuqondiswa kuJehova kuphela, Lowo uJesu ngokwakhe ambiza ngokuthi “uBaba” nangokuthi “uNkulunkulu wami.”—Johane 20:17.
Njengalokho okubizwa ngokuthi iTestamente Elidala, ingxenye yeBhayibheli ebizwa ngokuthi imiBhalo YamaKristu YesiGreki, noma “iTestamente Elisha,” ithi umoya ongcwele, ‘ungagcwala’ kumuntu noma ube “phezu” kwakhe. (IzEnzo 2:4; Luka 2:25-27) Umoya ongcwele ‘waphisanwa,’ ‘wathelwa phezu,’ futhi ‘wabiwa.’ (Luka 11:13; IzEnzo 10:45; Heberu 2:4) NgePentekoste lika-33 C.E., abafundi bamukela “omunye” womoya kaNkulunkulu. (IzEnzo 2:17, qhathanisa neNW.) ImiBhalo ikhuluma futhi ngokubhapathiza ngomoya ongcwele nangokugcoba ngawo.—Mathewu 3:11; IzEnzo 1:5; 10:38.
Izinkulumo ezinjalo zeBhayibheli zifakazela ukuthi umoya ongcwele awuyena umuntu. Lesisiphetho siqinisekiswa lapho sibona ukuthi umoya ongcwele ubalwa kanye nezinto ezingeyena umuntu. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi uStefanu ‘wayegcwele ukukholwa nomoya ongcwele.’ (IzEnzo 6:5) Futhi umphostoli uPawulu wazincoma njengesikhonzi sikaNkulunkulu ‘ngenhlanzeko, nangokwazi, nangokubekezela, nangobumnene, nangomoya ongcwele, nangothando olungazenzisi.’—2 Korinte 6:4-6.
Yiqiniso, ngezinye izikhathi iBhayibheli lenza umoya ongcwele ube samuntu. Ngokwesibonelo, uIsaya wathi izihlubuki ezithile ‘zadabukisa umoya ongcwele kaNkulunkulu.’ (Isaya 63:10) UPawulu wathi ‘ungadabukiswa.’ (Efesu 4:30) Futhi imiBhalo eminingi ithi umoya ongcwele uyafundisa, uyaqondisa, uyakhuluma, uyafakaza. (Johane 14:26; 16:13, 14; 1 Johane 5:7, 8) Kodwa iBhayibheli liyazenza nezinye izinto ezingaphili zibe samuntu, njengokuhlakanipha, ukufa, nesono. (IzAga 1:20; Roma 5:17, 21) Empeleni lena indlela ecacile imiBhalo ngezinye izikhathi echaza ngayo izindaba.
Namuhla, sikhuluma ngeBhayibheli ngendlela efanayo lapho sithi lisho okuthile noma lifundisa imfundiso ethile. Lapho sisebenzisa amazwi anjalo, sisuke singasho ukuthi iBhayibheli liwumuntu, akunjalo? Ngakho neBhayibheli alisho ukuthi umoya ongcwele ungumuntu lapho lisebenzisa amagama okufanisa.
Khona-ke, uyini umoya ongcwele? Awuyena umuntu. Kunalokho, ungamandla ayisiphekupheku kaNkulunkulu ngokwakhe, awasebenzisa ekufezeni intando yakhe. (Genesise 1:2) Kodwa umoya ongcwele ukuthinta kanjani ukuphila kwethu? Futhi thina ngokwethu singazuza kanjani kakhudlwana ekusebenzeni kwawo?