Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 1/15 k. 21
  • “Lokhu Kungumzimba Wami”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Lokhu Kungumzimba Wami”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Yenzani Lokhu Ukuze Ningikhumbule’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • ISidlo SeNkosi Sisho Lukhulu Kuwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Isidlo SeNkosi Sakusihlwa—Umkhosi Odumisa UNkulunkulu
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Kungani Kufanele Sigubhe ISidlo SeNkosi Sakusihlwa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 1/15 k. 21

“Lokhu Kungumzimba Wami”

“THABATHANI nidle; lokhu kungumzimba wami.” (Mathewu 26:26)

Ngalamazwi, uJesu Kristu wadlulisela kubaphostoli bakhe isinkwa esingenamvubelo lapho emisa iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Kodwa wayesho ukuthini ngamazwi athi: “Lokhu kungumzimba wami”?

IMPENDULO kulombuzo ibalulekile kumaRoma Katolika, njengoba amazwi kaJesu akha isisekelo semfundiso yokuguquka kwesinkwa sibe umzimba kaJesu. Ngokwalenkolelo, lapho amaKatolika egubha iMisa futhi egwinya isinkwa esingenamvubelo, siphenduka umzimba kaKristu ongokoqobo, noma inyama. Ngakho-ke, aphikisana ngokunamandla neNew World Translation of the Holy Scriptures, ehumusha amazwi kaJesu kanje: “Thathani, nidle. Lokhu kusho umzimba wami.” Lendlela yokuhumusha isikisela ukuthi isinkwa sasiwuphawu lwenyama kaJesu, hhayi inyama ngokwayo. Iyiphi inguqulo edlulisela umqondo oqondile?

Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “kungu-” noma “kusho” elithi e·stinʹ. Ngokuyisisekelo lisho ukuthi “kungu-,” kepha futhi lingasho “ukumelela, ukubonisa.” Iyiphi incazelo engcono kulomongo?

Okuphawulekayo umbhalo waphansi okuMathewu 26:26 ngolimi lweSpanish othi La Sagrada Escritura, Texto y comentario por Profesores de la Compañia de Jesús, Nuevo Testamento I (UmBhalo Ongcwele, Ingcaphuno Nokukhulumela Koprofesa Benhlangano kaJesu, ITestamente Elisha). Uthi: “Inguqulo, ngomqondo wohlelo lolimi, ingahunyushwa ngokufanayo ngokuthi bonisa noma fanekisela njengoba elithi kungu—lisho ukufana okungokoqobo. Njengezibonelo lapho incazelo isho ukufanekisela, uGenesise 41:26; Hezekeli 5:5; Daniyeli 7:17; Luka 8:11; Mathewu 13:38; 16:18; Galathiya 4:24; IsAmbulo 1:20 zingaphawulwa. Incazelo ethi kungu- ([ngomqondo wa-] kufana na-) iyabonakala, njengoba kungabonakala ezincwadini zezimfundiso, ngaphandle kokungathekisa, noma ukufanekisa, nangendlela futhi iSonto Lokuqala elaliqonda ngayo lomusho.’

Njengoba lenguqulo yamaRoma Katolika ibonisa ngokusobala, ngokohlelo lolimi amazwi kaJesu ayengase aqondakale nganoma iyiphi yalezindlela. Eqinisweni, igama lesiGreki elithi e·stinʹ lihunyushwe ngokuthi “incazelo ya-” kwenye indawo kuyiNew Jerusalem Bible yamaKatolika. (Mathewu 12:7) Iliphi igama umhumushi okufanele alikhethe kuMathewu 26:26? Njengoba uJesu ayesaphila emzimbeni ophelele lapho ekhuluma amazwi alowombhalo, isinkwa asinikeza abalandeli bakhe sasingenakuba inyama yakhe engokoqobo. Ngaphezu kwalokho, umzimba wakhe wobuntu ophelele wanikelwa njengomhlatshelo wesihlengo. (Kolose 1:21-23) Ngakho-ke, ukuhunyushwa okungcono kakhulu kwalelivesi yilokhu: “Lokhu kusho umzimba wami.” Isinkwa esingenamvubelo safanekisela umzimba kaJesu, owawusuzonikelwa ngenxa yesintu.

Ngisho noma iBhayibheli lakho siqu linomusho othi “Lokhu kungumzimba wami,” akudingeki udideke. UJesu wayevamile ukusebenzisa ulimi olufanayo. Lapho ethi “Mina ngiyisango” nalapho ethi: “Mina ngingumvini owonawona,” akekho owaqonda ukuthi wayeyisango elingokoqobo noma umvini ongokoqobo. (Johane 10:7; 15:1) Futhi lapho ngokweNew Jerusalem Bible, edlulisela indebe yewayini kubafundi bakhe futhi ethi: “Lendebe iyisivumelwano esisha,” akekho owacabanga ukuthi indebe yayiyisivumelwano esisha ngokoqobo. (Luka 22:20) Ngokufanayo, lapho ethi isinkwa ‘sasiwumzimba’ wakhe, kumelwe siqonde ukuthi isinkwa ‘sasisho’ noma sasifanekisela, umzimba wakhe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela