“Ningadinwa Ukwenza Okuhle”
Amaphuzu Avelele avela Encwadini Yesibili KwabaseThesalonika
UKUKHATHALELA kukamphostoli uPawulu amaKristu asemzini waseThesalonika eMakedoniya kwamshukumisela ukuba abhale incwadi yakhe yesibili eya kuwo, cishe ngonyaka ka-51 C.E. Abanye ebandleni ngephutha babethi ukuba khona kukaJesu Kristu kwase kusondele. Mhlawumbe ngisho nencwadi ngephutha okwathiwa yalotshwa uPawulu yaqondwa njengeyayibonisa ukuthi “usuku [lukaJehova]” lwase lufikile.—2 Thesalonika 2:1, 2.
Ngakho ukucabanga kwabanye baseThesalonika kwakudinga ukulungiswa. Encwadini yakhe yesibili, uPawulu wabatusa ngokholo lwabo olukhulayo, uthando olwandayo, nokukhuthazela ngokwethembeka. Kodwa wabonisa futhi ukuthi ukuhlubuka kwakuyofika ngaphambi kokuba khona kukaJesu. Ngakho kwakunezikhathi ezinzima ngaphambili, futhi incwadi yomphostoli yayizobasiza ukuba balalele isiyalo sakhe: “Ningadinwa ukwenza okuhle.” (2 Thesalonika 3:13) Amazwi kaPawulu angasisiza ngendlela efanayo.
Ukwambulwa KukaKristu Nokuba-khona Kwakhe
UPawulu waqale wakhuluma ngokuphumula ekuhluphekeni. (1:1-12) Lokhu kwakuzofika “ekwambulweni kweNkosi uJesu, evela ezulwini, enezingelosi zamandla akhe.” Khona-ke ukubhujiswa kwaphakade kwakuyolethwa phezu kwalabo abangazilaleli izindaba ezinhle. Kuyaduduza ukukhumbula lokhu lapho sibhekene nokuhlupheka ezandleni zabashushisi.
Ngokulandelayo, uPawulu waveza ukuthi ‘umuntu ongenamthetho’ wayezokwambulwa ngaphambi kokuba-khona kukaKristu. (2:1-17) AbaseThesalonika kwakungamelwe bathuswe yinoma imuphi umbiko osikisela ukuthi kakade “usuku [lukaJehova]” lwase lufikile kubo. Okokuqala, kwakuzoba nokuhlubuka futhi kwakuzokwembulwa umuntu ongenamthetho. Ngemva kwalokho, uJesu wayezomqeda, enza kanjalo ekubonakalisweni kokuba khona kwaKhe. Okwangalesosikhathi, uPawulu wathandazela ukuba uNkulunkulu noKristu baduduze izinhliziyo zabaseThesalonika futhi ‘babaqinise emisebenzini yonke nasemazwini onke amahle.’
Ukusebenzelana Nabahamba Ngokungafanele
Phakathi kwamazwi kaPawulu alandelayo kwakuneziyalezo eziphathelene nokusebenzelana nabahamba ngokungafanele. (3:1-18) Wabonisa ukuthembela kwakhe ekutheni iNkosi yayizobaqinisa abaseThesalonika futhi ibalonde komubi, uSathane uDeveli. Kodwa kwakudingeka bathathe izinyathelo ngenxa yenzuzo yabo siqu engokomoya. Kwakumelwe bazehlukanise nabahamba ngokungafanele, labo ababezigaxa ezindabeni ezingathintene nabo futhi bengafuni ukusebenza. “Uma umuntu engathandi ukusebenza,” kusho uPawulu, “makangadli.” Abantu abanjalo kwakumelwe baphawulwe, futhi kwakungamelwe kudlelwane nabo, nakuba kwakumelwe balulekwe njengabazalwane. AmaKristu athembekile aseThesalonika kwakungamelwe ayeke ukwenza okulungile, futhi uPawulu wayefisa ukuthi umusa ongafanelekanga weNkosi uJesu Kristu ube nabo bonke.
Incwadi yesibili kaPawulu eya kwabaseThesalonika inikeza oFakazi BakaJehova isiqinisekiso sokuthi ukuphumula ekuhluphekeni kwabo kuyofika lapho uKristu nezingelosi zakhe beletha impindiselo kulabo abangazilaleli izindaba ezinhle. Kuqinisa ukholo futhi ukwazi ukuthi “umuntu ongenamthetho” (isigaba sabefundisi beLobukholwa) nayo yonke inkolo yamanga ngokushesha kuzoqedwa. Okwamanje, masilalele iseluleko sikaPawulu sokuba singadinwa ukwenza okuhle.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 23]
IZwi LikaJehova Liyakhawuleza: “Sikhulekeleni,” kubhala uPawulu, “ukuba izwi [likaJehova] likhawuleze [noma “ligijime”], lidunyiswe, njengalokhu kunjalo nakini.” (2 Thesalonika 3:1; Kingdom Interlinear) Ezinye izazi ziye zasikisela ukuthi umphostoli wayebhekisela kubagijimi abakhawulezayo emncintiswaneni. Nakuba lokhu kungaqinisekile, uPawulu wacela imithandazo yamaKristu aseThesalonika ukuze yena nezisebenzi ezikanye naye basakaze izwi leqiniso ngokuphuthuma nangaphandle kokuphazamiseka. Ngoba uNkulunkulu uyayiphendula imikhuleko enjalo, izwi lakhe “liyakhawuleza” njengoba izindaba ezinhle zishunyayelwa ngokuphuthumayo kulezinsuku zokugcina. Izwi likaJehova ‘liyadunyiswa’ futhi, laziswa ngokuphakeme abakholwayo ‘njengamandla kaNkulunkulu, kube-yinsindiso,’ njengoba kwakunjalo phakathi kwabaseThesalonika abalemukela. (Roma 1:16; 1 Thesalonika 2:13) Yeka ukuthi sijabula kanjani ngokuthi uNkulunkulu ubusisa abamemezeli boMbuso futhi wandisa izinhlu zabakhulekeli bakhe ngesivinini!—Isaya 60:22.