Kungani Kumelwe Uthathe Inkolo Ngokungathi Sìna?
“UMUNTU ngeke aphile ngesinkwa sodwa.” (Mathewu 4:4, The New English Bible) Lamazwi avame ukucashunwa athinta isidingo somuntu leso abaningi abaye balahlekelwa umbono waso namuhla. Abonisa ukuthi sinengxenye engokomoya ekwakhiweni kwethu edinga ukwaneliswa. Yingakho lowo owakhuluma lawomazwi, uJesu Kristu, athi futhi: “Yeka indlela ababusiswe ngayo labo abaziyo ukuthi bayamdinga uNkulunkulu.”—Mathewu 5:3, NEB.
Inkolo kuphela engagcwalisa ‘isidingo’ esinaso ‘ngoNkulunkulu.’ Inkolo kuphela engaphendula imibuzo yethu eyisisekelo ngokuqondene nesiqalo, injongo nenhloso yokuphila. Futhi inkolo kuphela enganikeza injongo yangempela nesisekelo ekuphileni kwethu. Kodwa akuzona zonke izinkolo eziyokwenza konke lokhu. UJesu watshela owesifazane ongumSamariya: ‘Abakhulekeli beqiniso bayakukhulekela uBaba ngomoya nangeqiniso.’ (Johane 4:23, qhathanisa neNW.) Ukukhulekela “ngeqiniso” kusho okungaphezu kokulandela amasiko ahlonishwa ngoba esenesikhathi eside ekhona kanye nemicikilisho yesonto. Lezizinto zivame ukunikeza abalandeli okumane nje kuwumuzwa wenhlala-kahle wesikhashana, kuyilapho zibashiya belambile ngokomoya.
Ngokwesibonelo, uEdwin O. Reischauer, owayeyinxusa leU.S. eJapane, waphawula: “UbuShinto nobuBuddha kubantu abaningi kuyindaba yamasiko nemikhuba yawo kunokuba kube yizinkolelo ezinengqondo.” Kuyavunywa, abantu abaningi baseJapane kuyabanelisa ukwenza ngalendlela. Kodwa isivuno “sezinkolo ezintsha” eJapane sibonisa ukunganeliseki okwandayo ngenkolo engokwesiko.
“Izinkolo ezintsha” zithambekele ekugxileni kubaholi abanamandla angavamile—hhayi kuNkulunkulu. Abaningi balabaholi benkolo bazisholo ukuthi baphefumlelwe ngokwaphezulu. Kodwa izimfundiso zabo ngokuvamile zimane nje ziyingxubevange yemfundiso yobuBuddha, ubuShinto, nezinye izinkolelo—ezixutshwe kakhulu nefilosofi yomsunguli wazo. Ngokuvamile bakhanga abantu ngokubathembisa ukuphila okungcono nangokuzisholo ukuthi banamandla ayimfihlakalo noma okuphilisa. Kodwa ingabe izinkolo ezinjalo ziyabunikeza ubufakazi bokuthi zifundisa abalandeli bazo ukukhulekela “ngomoya nangeqiniso”? Phinde. Phakathi kokunye, izinkolelo zenkolo zithambekele ekufikeni zibuye zidlule ngokushesha. Isimo sazo sokuba njengemfashini asinikezi isizathu sokuzithatha ngokungathi sína.
Inkolo Okumelwe Ithathwe Ngokungathi Sína
Nokho, kunenkolo ebilokhu ikhona isikhathi eside kunanoma yiluphi olunye uhlobo lokukhulekela. Yinkolo efundiswa eBhayibhelini Elingcwele. IBhayibheli laqala ukubhalwa emakhulwini eminyaka acishe abe u-35 adlule, futhi eminye ‘yemilando’ elondolozwe ezahlukweni zalo zokuqala ihlehlela emuva eminyakeni engaphezu kweyinkulungwane ngemva kwalokho.a Liqukethe imibhalo egciniwe emidala kunayo yonke etholakalayo ekhuluma ngemvelaphi yenkolo. Lokho kukodwa kuyisizathu sokuba inkolo yeBhayibheli icatshangelwe ngokungathi sína.
IEncyclopedia Americana ithi ngeBhayibheli: “Ukukhanya kwalo ‘kuye kwaphumela emhlabeni wonke.’ Manje libhekwa njengegugu elingokwenkolo nelezindinganiso zokuziphatha elimfundiso yalo engaphelelwa isikhathi ibonakala iba yigugu ngisho nangaphezulu njengoba ithemba lempucuko yomhlaba landa.” Kodwa uma ngempela incwadi iyisiqondiso esikholekayo esiholela enkolweni yeqiniso, ingabe ubungeke ulindele ukuba isakazwe kakhulu kunazo zonke, itholakale kubo bonke abafuna iqiniso?
Kunjalo ngeBhayibheli. Liye lahunyushelwa ezilimini ezingu-1 928, lilonke noma izingxenye zalo, futhi liyincwadi esakazwa kakhulu emlandweni. Ngaphezu kwalokho, liye labonakala lingenamaphutha ngokomlando nangokwesayensi. Isayensi yemivubukulo nomlando kufakazela ukugcwaliseka okunembile kweziprofetho zeBhayibheli. Alihlangene nazo zonke izinhlobo zokusebenzisa imimoya kanye nokukholelwa ezimfihlakalweni nokukholelwa emandleni angavamile. Konke lokhu kuvumelana nokusho kwalo uqobo iBhayibheli ukuthi liphefumlelwe ngokwaphezulu.b—2 Thimothewu 3:16.
“Izithelo” Zenkolo Yeqiniso
Kodwa ingabe akulona yini iqiniso ukuthi izinkolo eziningi zithi zilandela iBhayibheli? Futhi ingabe imibango, ubutha nobuzenzisi akubonakali yini phakathi kwabaningi abathi bangamaKristu? Yebo, kodwa lesi akusona isizathu sokungalinaki iBhayibheli. UJesu Kristu ngokwakhe wabonisa ukuthi iningi lalabo ababezisholo ukuthi baqhuba ubuKristu babengeke bamukelwe uNkulunkulu. (Bheka uMathewu 7:13, 14, 21-23.) Khona-ke, umuntu wayeyokwazi kanjani ukubona labo abaqhuba inkolo yeqiniso efundiswa eBhayibhelini? UJesu waphendula: “Niyakubazi ngezithelo zabo. Kungakhiwa yini izithelo zomvini emeveni noma amakhiwane ekhakhasini na? Kanjalo yilowo nalowomuthi omuhle uthela izithelo ezinhle, kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi. Njalo-ke niyakubazi ngezithelo zabo.”—Mathewu 7:16, 17, 20.
Yebo, inkolo yeqiniso, kufanele ibe yithonya elinamandla lokwenza okuhle, iveza imiphumela enenzuzo phakathi kwabakhulekeli. Ngokwesibonelo, cabangela uAkinori, indoda engumJapane, ngamazwi akhe siqu, “owaba ngumoya wokuncintisana owenziwe samuntu.” Ngempumelelo wayifinyelela imigomo yakhe yokuba athweswe iziqu eyunivesithi ephambili nokuba athole umsebenzi efemini ehlonishwayo. Akazange asibone isizathu sokuba abe nenkolo ekuphileni kwakhe. Wayecabanga ukuthi ‘inkolo ingeyababuthakathaka abadinga ukusekelwa ekuphileni.’
Konke kwakuhamba kahle kwaze kwaba yilapho, ngenxa yokucindezeleka nokukhandleka, engenwa isifo esiyingozi. Intamo yakhe yasonteka, futhi isilevu sakhe “saqinisa” ngasehlombe lakwesobunxele. “Abangane” abaningi baka-Akinori basemsebenzini abazange babe induduzo ngesikhathi sakhe sokucindezeleka. (Qhathanisa nezAga 17:17.) Ngakho wacwila ophuzweni oludakayo futhi wacabanga ngisho nangokuzibulala.
Nokho, ngokuhamba kwesikhathi umka-Akinori waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngolunye usuku phakathi nengxoxo, wamtshela ngombhalo wabaseGalathiya 6:7, ofundeka kanje: “Lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.” Ethintwe yilamazwi, uAkinori wahlanganyela naye esifundweni, futhi lokho ayekufunda kwashintsha umbono wakhe ngenjongo yokuphila. Njengoba umbono ka-Akinori wawuya ukhanya, ukugula kwakhe okubangelwa ukucindezeleka kwaqala ukunyamalala! Njengoba isaga seBhayibheli sikubeka: “Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama.” (IzAga 14:30) Yebo, inkolo yeqiniso ithela izithelo ezinhle!
UToshiro ungenye indoda engumJapane eyabona indlela inkolo yeqiniso engaba ithonya ngayo lokwenza okuhle. Nakuba ayekholelwa ukuthi kubalulekile ukuqhuba inkolo ethile, akazange enze lutho ngakho. Isithakazelo sakhe sasigxiliswe ekuzuzeni indlu engeyakhe siqu. Nokho, ukufinyelela lowomgomo akuzange kumlethele ukwaneliseka ayekulindele. Ngaphezu kwalokho, njengoba ayebheka lapho esebenza khona, waphawula ukuthi kwakuvame imikhuba yokungathembeki nokuthi yayibangela ubudlelwane obubi babantu. UToshiro wanengwa yilokho ayekubona.
Ngolunye usuku umkakhe wamema umdala wasebandleni loFakazi BakaJehova elisendaweni yakubo ukuba avakashele umyeni wakhe. Ngokushesha uToshiro waqaphela ukuthi lomdala wayehlukile kubangane bakhe. Isizathu? Lomdala wayezisebenzisa ngobuqotho izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwakhe. Ehlatshwe umxhwele yilokhu, uToshiro wemukela isimemo sokutadisha iBhayibheli futhi waqala ukuphila ngokuvumelana nenkolo yeBhayibheli.
Siyakumema nawe ukuba ujwayelane noFakazi BakaJehova. “Izithelo” zabo zinikeza ubufakazi bokuthi bakhulekela “ngomoya nangeqiniso.” Bayazikhandla ukuze benze izimfundiso zeBhayibheli zisebenze ekuphileni kwabo. Futhi nakuba njengabantu ngabanye bengaphelele, njengeqembu babonisa indlela inkolo yeqiniso engaba ngayo amandla amakhulu angokomoya okwenza okuhle.
Ngesinye isikhathi abayizinkulungwane phakathi koFakazi babengajabule ngendlela yabo yokuphila. Kodwa ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli, iningi labo liye lakwazi ukwenza izinguquko eziphawulekayo. Ngokuhlakulela lokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi ‘izithelo zomoya,’ okungukuthi izimfanelo zothando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, ubumnene, ubuvi, ukholo, ububele nokuzithiba, baye basithola isihluthulelo senjabulo yomuntu siqu.—Galathiya 5:22, 23.
Izinzuzo Zaphakade Eziza Ngokuqhuba Inkolo Yeqiniso
Nokho, inkolo yeqiniso kumelwe yenze okungaphezu kokuguqula ubuntu noma ukudambisa izinkinga zomuntu siqu. Izinkinga zomhlaba wonke njengokungcola, usongo lwempi yenuzi, nokonakaliswa kwendawo ezungezile kusongela ukubhubhisa imbulunga yethu enhle. Izinkinga ezingokomnotho zivimbela injabulo nenhlala-kahle yabayizigidi. Ayikho inkolo engathathwa ngokungathi sína uma nje inganikezi ithemba lokuxazulula lezinkinga zomhlaba wonke.
Inkolo yeBhayibheli inikeza ithemba elinjalo. UNkulunkulu uthembisa ukuletha umhlaba omusha wokulunga ngaphansi kukahulumeni wasezulwini, noma “umbuso.” (Mathewu 6:9, 10; 2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:3, 4) LoMbuso uyikhambi lazo zonke izinkinga zesintu. Futhi ngokuqondene nokuhlala njalo kwezinzuzo ezinjalo zomhlaba wonke, iBhayibheli liyasiqinisekisa: “Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube-phakade.” Yebo, ukuphila okuphakade ngenjabulo kuyithemba lawo wonke amaKristu eqiniso! (1 Johane 2:17) Kodwa yilabo kuphela abaye bakuthatha ngokungathi sína ukuqhuba inkolo yeqiniso abayozuza kuloMbuso ozayo. Ngakho sikunxusa ukuba uqale ukutadisha iBhayibheli ngokungathi sína.c (Johane 17:3) Njengoba uqala ukuvumela ukukhanya kweZwi likaNkulunkulu kukhanye ekuphileni kwakho, uyoba nenjabulo enkulu njengoba ‘isidingo’ sakho ‘ngoNkulunkulu’ sigcwaliswa kancane kancane. Ngempela, uyothola izibusiso zaphakade ngoba uthathe inkolo—inkolo yeqiniso—ngokungathi sína.
[Imibhalo yaphansi]
a Ngokwesibonelo, bheka uGenesise 2:4; 5:1; 6:9.
b Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?, etholakala kubanyathelisi balomagazini.
c OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza kulokhu. Kungahlelwa isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala ngokuba uthintane nabanyathelisi balomagazini noma ibandla loFakazi BakaJehova elisemphakathini wakini.
[Isithombe ekhasini 5]
Ukutholakala kweBhayibheli ngezilimi ezingaphezu kuka-1 900 kuyavumelana nokusho kwalo ukuthi liphefumlelwe ngokwaphezulu
[Isithombe ekhasini 7]
Inkolo yeBhayibheli inikeza ithemba lezimo ezinokuthula emhlabeni wonke ngaphansi kukahulumeni wasezulwini