Ukuphila NeNkonzo KaJesu
“Nempela Lo UbeyiNdodana KaNkulunkulu”
AKUKAPHELI isikhathi eside uJesu esesigxotsheni, lapho emini, kuvela ubumnyama obuyisimangaliso obuthatha amahora amathathu. Lokhu akubangelwa ukufiphala kwelanga, njengoba lokhu kwenzeka kuphela ngesikhathi senyanga entsha, futhi inyanga isuke igcwele ngesikhathi sePhasika. Ngaphezu kwalokho, ukufiphala kwelanga kuthatha imizuzu embalwa kuphela. Ngakho lobumnyama bunomsuka ongokwaphezulu! Cishe buyekisa labo abahleka uJesu usulu, bubangela ngisho nokubhuqa kwabo ukuba kuphele.
Uma kuwukuthi lesenzakalo esingavamile esithusayo senzeka ngaphambi kokuba esinye iselelesi sikhuze umngane waso futhi sicele ukuba uJesu asikhumbule, kungenzeka ukuthi yiso esisibangela ukuba siphenduke. Mhlawumbe kuphakathi nobumnyama lapho abesifazane abane, okuwukuthi, unina kaJesu nodadewabo uSalome, uMariya Magdalena, uMariya unina womphostoli uJakobe Omncane, besondela esigxotsheni sokuhlushwa. UJohane, umphostoli uJesu amthandayo, unabo lapho.
Yeka ukuthi inhliziyo kanina kaJesu ‘idabuka’ kanjani njengoba ebuka indodana ayeyinakekela futhi eyondla ilenga lapho isosizini! Nokho, uJesu akacabangi ngobuhlungu bakhe, kodwa ngenhlalakahle kanina. Ngomzamo omkhulu, ugebisela ikhanda lakhe ngakuJohane abese ethi kunina: “Mame, bheka indodana yakho.” Khona-ke, egebisela ikhanda lakhe ngakuMariya, uthi kuJohane: “Bheka unyoko.”
Ngalokho uJesu uphathisa umthwalo wokunakekelwa kukanina, lowo ngokusobala osengumfelokazi manje, kumfundi wakhe amthanda ngokukhethekile. Lokhu ukwenza ngoba amanye amadodana kaMariya kuze kube manje awakakubonakalisi ukukholelwa kuye. Ngakho ubeka isibonelo esihle sokungalungiseleli nje kuphela izidingo zikanina ezingokwenyama kodwa futhi nezingokomoya.
Cishe ngehora lesithathu ntambama, uJesu uthi: “Ngomile.” Khona-ke, ezwa ukuthi uYise usisusile isivikelo kuye njengokungathi kwakunjalo ngempela, ukuze ubuqotho bakhe buvivinywe ngokuphelele, umemeza ngezwi elikhulu: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?” Lapho bezwa lokhu, abanye abami eduze bayababaza: “Bheka, ubiza uEliya.” Ngokushesha omunye wabo uyagijima, esebenzisa ilula elicwiliswe ewayinini elibabayo lichonywe esihlokweni somhlanga, uyamnikeza ukuba aphuze. Kodwa abanye bathi: “Yekani, sibone uma uEliya eza ukumehlisa.”
Lapho uJesu enikezwa iwayini elibabayo, uyamemeza: “Kufeziwe.” Yebo, uqede konke uYise amthumele ukuba akwenze emhlabeni. Ekugcineni, uthi: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.” Ngalokho uJesu ubeka amandla akhe okuphila kuNkulunkulu enethemba lokuthi uNkulunkulu uyowabuyisela kuye futhi. Khona-ke ugobisa ikhanda lakhe abese efa.
Ngesikhathi uJesu efa, kuba nokuzamazama komhlaba okubi, kuqhekeze amadwala. Lokhu kuzamazama kunamandla kangangokuthi amathuna ngaphandle kweJerusalema ayavuleka, futhi izidumbu zikhafulelwa ngaphandle kwawo. Abadlulayo, ababona izidumbu ezikhishelwe ngaphandle, bangena emzini futhi bayakubika lokho.
Ngaphezu kwalokho, ngesikhathi uJesu efa, isihenqo esikhulu esihlukanisa iNgcwele neNgcwelengcwele ethempelini likaNkulunkulu sihlukana phakathi, kusuka phezulu kuya phansi. Ngokusobala lesihenqo esihlotshiswe kahle singamamitha angu-18 ukuphakama futhi sisinda kakhulu! Lesimangaliso esimangazayo asibonisi nje kuphela intukuthelo kaNkulunkulu ngokumelene nababulali beNdodana yaKhe kodwa sibonisa ukuthi ukungena eNgcwelengcwele, izulu ngokwalo, manje kwenziwa kube nokwenzeka ngokufa kukaJesu.
Nokho, lapho abantu bezwa ukuzamazama komhlaba futhi bebona izinto ezenzekayo, bafikelwa ukwesaba okukhulu. Induna yempi ephethe lapho ebulawa idumisa uNkulunkulu. “Nempela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu,” ibabaza. Ngokunokwenzeka ibikhona lapho kuxoxwa ngokusho kwakhe ukuthi uyindodana kaNkulunkulu ekuthethweni kwecala likaJesu phambi kukaPilatu. Futhi manje iyaqiniseka ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, yebo, ukuthi ngempela ungumuntu omkhulu kunabo bonke abake baba khona.
Abanye futhi banqotshwa yilezenzakalo eziyisimangaliso, futhi baqala ukuphindela emakhaya beshaya izifuba zabo, bebonisa usizi olukhulu nokudabuka. Abafundi besifazane bakaJesu abashukunyiswa ngokujulile yilezenzakalo eziqopha umlando babona lombukwane beqhelile. Nomphostoli uJohane ukhona. Mathewu 27:45-56; Marku 15:33-41; Luka 23:44-49; 2:34, 35; Johane 19:25-30.
◆ Kungani kungenakuba ukufiphala kwelanga okubangela ukuba kube mnyama amahora amathathu?
◆ Ngokushesha ngaphambi kokufa kwakhe, isiphi isibonelo esihle uJesu asinikeza labo abanabazali abagugile?
◆ Ikuphi okune kokugcina uJesu akushoyo ngaphambi kokuba afe?
◆ Yini eba umphumela wokuzamazama komhlaba, futhi yini efanekiselwa ukuhlukana phakathi kwesihenqo sethempeli?
◆ Izimangaliso ziyithinta kanjani induna yempi ephethe ekubulaweni kukaJesu?