Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 4/1 kk. 14-15
  • Ukubonakala KukaJesu Kaningi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubonakala KukaJesu Kaningi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okunye Ukubonakala
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • UJesu Ovusiwe Ubonakala Kwabaningi
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Endlini Ekhiyiwe
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • UJesu Uyaphila!
    IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 4/1 kk. 14-15

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Ukubonakala KukaJesu Kaningi

ABAFUNDI basakhathazekile. Abakuqondi okushiwo ithuna elingenalutho, futhi abayikholelwa imibiko yabesifazane. Ngakho kamuva ngeSonto, uKleyophase nomunye umfundi bayasuka eJerusalema baya e-Emawuse, okuyibanga elicishe libe amakhilomitha ayishumi nanye.

Endleleni, lapho besaxoxa ngezenzakalo zosuku, omunye umfokazi uhambisana nabo. “Zindaba zini lezi enikhuluma ngazo omunye nomunye nihamba na?” ebuza.

Abafundi bayama, ubuso babo bunyukubele, futhi uKleyophase uyaphendula: “Wena uyisihambi eJerusalema, ungoyedwa ongazazi izinto ezenzekileyo khona ngalezizinsuku na?”

“Zinto zini na?” ebuza.

“NgoJesu waseNazaretha,” bephendula. “Abapristi abakhulu nababusi bethu bamkhaphela ukunqunyelwa ukufa, baze bambethela [esigxotsheni sokuhlushwa, NW]. Thina-ke besethemba ukuthi nguye ozakuhlenga uIsrayeli.”

UKleyophase nomngane wakhe bachaza izenzakalo ezimangalisayo zosuku—umbiko ngombono ongaphezu kowemvelo wezingelosi nethuna elingenalutho—kodwa-ke bayakuvuma ukumangala kwabo ngokuqondene nencazelo yazo zonke lezinto. Lomfokazi uyakhuza: “O nina eningaqondiyo nenilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke abakushilo abaprofethi! UKristu ubengamelwe yini ukuhlupheka ngalokho, aze angene enkazimulweni yakhe na?” Khona-ke ubachazela izindinyana ezivela embhalweni ongcwele eziphathelene noKristu.

Ekugcineni bafika eduze kwase-Emawuse, futhi lomfokazi wenza sengathi uyadlula. Befuna ukuzwa okwengeziwe, labafundi bayanxusa: “Hlala nathi, ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula.” Ngakho uhlalela isidlo. Njengoba ethandaza futhi ehlephula isinkwa ebanikeza sona, bayaqaphela ukuthi ngempela unguJesu esemzimbeni obonakalayo wobuntu. Kodwa wabe uyanyamalala.

Manje bayaqonda ukuthi kukanjani lesosihambi sasazi okuningi kangaka! “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu,” bebuza, “lapho ekhuluma kithi endleleni, nalapho esivulela imibhalo, na?” Ngaphandle kokulibala, bayavuka futhi baphuthuma emuva eJerusalema, lapho bethola khona abaphostoli nalabo abahlangene nabo. Ngaphambi kokuba uKleyophase nomngane wakhe basho okuthile, abanye bayabika ngokujabula: “Impela iNkosi ivukile, ibonakele kuSimoni.” Khona-ke laba ababili balandisa indlela uJesu abonakale ngayo nakubo. Lokhu kwenza izikhathi ezine phakathi nosuku abonakale ngazo kwabahlukahlukene babafundi bakhe.

Ngisho nakuba iminyango ihluthulelwe ngenxa yokuthi abafundi besaba amaJuda, ngokushesha uJesu ubonakala okwesihlanu. Uma khona kanye phakathi kwabo futhi uthi: “Ukuthula makube-kinina.” Bayesaba, becabanga ukuthi babona umungcwi. Ngakho, echaza ukuthi akawona umungcwi, uJesu uthi: “Nikhathazekeleni na? Kuvelelani izizindlo ezinhliziyweni zenu na? Bhekani izandla zami nezinyawo zami ukuthi yimina uqobo; ngiphatheni, nibone, ngokuba [umungcwi] a[wu]nanyama namathambo, njengokuba ningibona nginakho.” Nakuba kunjalo, bayangabaza ukukholwa ngoba ukuba kwakhe ophilayo kubonakala kukuhle kakhulu ukuba kube iqiniso.

Ukuze abasize baqonde ukuthi ngempela unguJesu, uyabuza: “Ninakho ukudla lapha na?” Ngemva kokwamukela iqatha lenhlanzi eyosiwe nokulidla, uqala ukubafundisa, ethi: “Yiwo lawomazwi ami engawakhuluma kini ngisenani [ngaphambi kokufa kwami] okuthi: Kumelwe ukugcwaliseka konke okulotshwé ngami emthethweni kaMose, nakubaProfethi nasemaHutsheni.”

Eqhubeka nalokho, eqinisweni, okufana nesifundo seBhayibheli abaqhubela sona, uJesu uyafundisa: “Kulotshiwe kanje ukuthi uzakuhlupheka uKristu, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu, kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube-ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema. Nina-ke ningofakazi balezizinto.”

Ngesizathu esithile uTomase akekho kulomhlangano obalulekile wangeSonto kusihlwa. Ngakho ezinsukwini ezilandelayo, abanye bamtshela ngenjabulo: “Siyibonile iNkosi.”

“Uma ngingaboni ezandleni zayo inxeba lezipikili,” kuphika uTomase, “ngifake umunwe wami enxebeni lezipikili, ngifake isandla sami ohlangothini lwayo, angisoze ngakholwa.”

Nokho, ezinsukwini eziyisishiyagalombili kamuva abafundi bayaphinda bahlangane endlini. Kulokhu uTomase unabo. Nakuba iminyango ihluthulelwe, uJesu uphinde ame phakathi kwabo futhi athi: “Ukuthula makube-kinina.” Khona-ke, ephendukela kuTomase, uyammema: “Zisa lapha umunwe wakho, ubone izandla zami; zisa isandla sakho, usifake ohlangothini lwami; ungabi-ngongakholwayo kodwa okholwayo.”

“Nkosi yami, Nkulunkulu wami!” kubabaza uTomase.

“Ngokuba ungibonile, ukholiwe na?” kubuza uJesu. “Babusisiwe abakholwa bengabonanga.” Luka 24:11, 13-48; Johane 20:19-29.

◆ Yini ebuzwa umfokazi kubafundi ababili abasendleleni eya e-Emawuse?

◆ Yini umfokazi ayishoyo ebangela ukuba izinhliziyo zabafundi zivuthe ngaphakathi kwabo?

◆ Abafundi bathola kanjani ukuthi lomfokazi nguJesu?

◆ Lapho uKleyophase nomngane wakhe bebuyela eJerusalema, imuphi umbiko othakazelisayo abawuzwayo?

◆ UJesu ubonakala kanjani okwesihlanu kubafundi bakhe, futhi kwenzekani lapho?

◆ Kwenzekani ezinsukwini eziyisishiyagalombili ngemva kokubonakala kukaJesu kwesihlanu, futhi uTomase ekugcineni uqiniseka kanjani ukuthi uJesu uyaphila?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela